Incazelo Yesaga
Kungani Uncenga Ukwanga Kwesitha?
INDODA ehlakaniphile ephefumlelwe ngokwaphezulu yaphawula kanje: “Amanxeba othandayo athembekile, kepha ukwanga kwesitha kuyachichima.” (IzAga 27:6) Kumelwe aqondakale kanjani lamazwi?
Umuntu okuthandayo angakubangela inxeba elingokomfanekiso ngendlela eqotho. Angakuyala enothando enhliziyweni yakhe ngethemba lokukusiza. Akudingeki umncenge umngane weqiniso ngosizo olunjalo noma ngisho nangokusolwa uma ukudinga. Futhi yeka ukuthi uhlakaniphe kanjani uma wamukela ukuyala okudingekile ngokubonga, ukugxekwa okwakhayo, ngisho nokusolwa okudingekile!
Nokho, uma ufuna othile okuzondayo akwenzele into elungile, kumelwe umncenge. Ngani? Ngoba inzondo yakhe ngokuvamile ngeke imenze akwange. Kunalokho, uyothambekela ngasekukuphatheni ngendlela enonya. Noma yimuphi umusa angakubonisa wona ungatholakala kuyena kuphela ngobunzima obukhulu nangokuncenga okukhulu okumelwe ukwenze.
Okuthakazelisayo kuleliphuzu ngomunye wemifanekiso kaJesu Kristu. Wake wakhuluma ngomfelokazi owazuza ukwahlulela ngokulunga kumahluleli owayengamesabi uNkulunkulu noma engahloniphi muntu. Waphumelela kanjani? Umahluleli waqiniseka ukuba lona wesifazane athole impumuzo ayeyifuna kuphela ngoba wayelokhu emncenga. UJesu wasebenzisa lomfanekiso ukuze agcizelele kubafundi bakhe isidingo sokuba ‘bakhuleke njalo, bangadangali.’—Luka 18:1-8.
Kukanjani Abalungileyo Banda Kuyilapho Ababi Bebhubha?
IzAga 28:28 zithi: “Lapho ababi bevuka, umuntu uyacasha, kepha ngokubhubha kwabo abalungileyo bayanda.” Kuba yiqiniso kanjani lokhu?
Ababi ‘bangavuka’ ngamandla, mhlawumbe njengababusi abanokhahlo. Esikhathini esinjalo, umuntu olungileyo uyacasha. Angenza kanjalo ngenxa yokwesaba ukucindezela kwabo. Futhi angayekelani? Kuyiqiniso ukuthi “lapho umuntu ebusa omunye kub[a]-ngukulimala kwakhe.”—UmShumayeli 8:9.
Nokho, lapho ababi bebhubha, abantu abalungileyo “bayanda.” Kanjani? Ngokusobala ngokuthi abalungileyo babe sebephuma ekucasheni futhi bavele obala. Ngalendlela bayachuma futhi babonakale sengathi bandile ngenani ngoba singasekho isidingo sokuba bazifihle. Uma-ke abalungileyo bengabusa, bangabajezisa abenzi bobubi futhi bathuthukise ukuziphatha okulungileyo. Nalokho futhi kungaba nomphumela wokunciphisa inani labantu abangalungile kwande abalungileyo.—Qhathanisa nezAga 28:12; 29:2.
Labo abaqotho ngokushesha bazobona ababi bebhubha emhlabeni kolusondela ngokushesha “usuku lolaka lukaJehova.” Ngakho-ke, funa ukulunga nokuthobeka ngokuvumelana nezindinganiso zaphezulu, futhi ungalondolozelwa ezweni elisha likaNkulunkulu, lapho abalungileyo beyokwanda khona ngempela.—Zefaniya 2:2, 3; 2 Petru 3:11-13.