Bazali—Finyelelani Inhliziyo Yomntwana Wenu Kusukela Ebuntwaneni
“Nibondle [abantwana benu] ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.”—EFESU 6:4.
1. Yini eyenzeka phakathi nesikhathi esinzima kakhulu ekuphileni kukaJesu?
UJESU KRISTU nabafundi bakhe babesendleleni beya eJerusalema. Esikhathini esingeside ngaphambili, ezikhathini ezimbili ezihlukene, uJesu wayetshele abafundi bakhe ukuthi wayezobhekana nezinhlupheko eziningi futhi abulawe kulowomuzi. (Marku 8:31; 9:31) Phakathi nalesikhathi esinzima kakhulu kuJesu, ukulandisa kweBhayibheli kuthi: “[Abantu] baletha kuye nabantwanyana ukuba abaphathe.”—Luka 18:15.
2. (a) Ngokunokwenzeka kungani abafundi bazama ukuxosha abantu? (b) UJesu wasabela kanjani kulesosimo?
2 Kwaba nakuphi ukusabela kulokhu? Nokho, abafundi bathethisa abantu futhi bazama ukubaxosha, ngokungangabazeki bekholelwa ukuthi babenzela uJesu umusa ngokumvikela ekuphazanyisweni okungadingekile nokucindezeleka. Kodwa uJesu wabathukuthelela abafundi bakhe, ethi: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, . . . Wabagona, wababusisa.” (Marku 10:13-16) Yebo, naphezu kwakho konke lokho okumelwe ukuba kwakusengqondweni nasenhliziyweni yakhe, uJesu waba nesikhathi sezinsana.
Siyini Isifundo Kubazali?
3. Isiphi isifundo okufanele sifundwe abazali kulesisehlakalo?
3 Isifundo kubazali esitholakala kulokhu kufanele kube yilesi: Naphezu kwanoma iziphi ezinye izibopho eninazo noma izinkathazo enibhekane nazo, ukuba nesikhathi nabantwana benu kudinga ukuba kuze kuqala. Isikhathi enisisebenzisa ndawonye siyonikeza ithuba lokugxilisa izimiso ezingokomoya eziyovikela izinhliziyo zabantwana benu futhi zibabeke enkambweni efanelekile. (Duteronomi 6:4-9; IzAga 4:23-27) UEvnike noLowisi, unina noninakhulu kaThimothewu, baba nesikhathi sokumnikeza imfundo eyathinta inhliziyo yakhe encane neyabumba ukuphila kwakhe wakhula waba inceku kaNkulunkulu ezinikele.—2 Thimothewu 1:5; 3:15.
4. Bayigugu kangakanani abantwana, futhi abazali kufanele babonise kanjani ukuthi bayabazisa?
4 Abazali abangamaKristu abanakuyekelela abantwana uJehova uNkulunkulu abanikeze bona. Yebo, abantwana bayisipho esiyigugu esivela kuJehova. (IHubo 127:3) Ngakho yibani nesikhathi nabo—finyelelani izinhliziyo zabo—njengoba nje unina noninakhulu kaThimothewu babeka isibonelo. Akufanele nje kuphela ukuba nibe nesikhathi nixoxa nabantwana benu ngokuziphatha kwabo futhi nibayala kodwa nidinga futhi ukudla nabo, ukufunda nabo, ukudlala nabo, ukubasiza ukuba balungele ukulala ebusuku. Sonke lesikhathi enisisebenzisa nabantwana benu sibalulekile.
5. Nikeza isibonelo sikababa oyedwa owabonisa ukwazisa ngemithwalo yakhe yemfanelo yobuzali.
5 Usomabhizinisi odumile waseJapane owaba ngomunye woFakazi BakaJehova waliqaphela leliqiniso. Ngaphansi kwesihloko esithi, “Umqondisi Omkhulu WeJNR Uyayeka Ukuze Abe Nomkhaya,” iMainichi Daily News kaFebruary 10, 1986, yabika: “Umqondisi omkhulu weJapanese National Railways (JNR) wakhetha ukuyeka umsebenzi kunokuhlukana nomkhaya wakhe . . . uTamura uthi, Ùmsebenzi wokuba umqondisi-jikelele ungenziwa yinoma ubani. Kodwa yimina kuphela engiwubaba wezingane zami.’” Ingabe nawe ubheka imithwalo yakho yemfanelo yobuzali ngokungathi sina kanjalo?
Isizathu Sokuba Kudingeke Imizamo Ekhethekile Manje
6. Kungani kunzima kangaka ukukhulisa abantwana ngendlela efanele namuhla?
6 Cishe akukaze nanini emlandweni wesintu kube nzima kangaka ukukhulisa abantwana ngendlela efundiswa iZwi likaNkulunkulu, “ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.” (Efesu 6:4) Isizathu salokhu ukuthi siphila “ezinsukwini zokugcina,” futhi uSathane namademoni akhe babangela umaye omkhulu ngoba bathukuthele, bazi ukuthi banesikhathi esifushane kuphela esibasalele. (2 Thimothewu 3:1-5; IsAmbulo 12:7-12) Ngakho, imizamo yabazali yokukhulisa abantwana babo ngendlela yokwesaba uNkulunkulu ishafiswa “umoya” ongokomfanekiso obuswa uSathane. ‘Lowomoya,’ noma umoya wobugovu nokungalaleli, ugcwele yonke indawo njengomoya ongokoqobo esiwuphefumulayo.—Efesu 2:2.
7, 8. (a) Yini engalethwa ithelevishini ekhaya, nokho yini eyenziwa abazali abaningi? (b) Kungani ukusebenzisa ithelevishini njengomzanyana kuwukudebesela umthwalo wemfanelo wobuzali okudabukisayo?
7 Ithelevishini, ikakhulukazi, iletha ‘lomoya wezwe’ ‘lomoya’ obulalayo ekhaya. (1 Korinte 2:12) Eqinisweni lokho okubonakala kuthelevishini ngokuvamile kugqugquzelwa kakhulu iqembu elinamandla lokuziphatha okubi nobungqingili lomkhakha wezokuzijabulisa. (Roma 1:24-32) Abantwana bakho bathonyeka kalula ekucabangeni kokungamesabi uNkulunkulu nasekungcoleni kokuziphatha okuboniswayo, njengoba nje benjalo nasekungcoleni komoya ongokoqobo. Kodwa benzani abazali abaningi?
8 Basebenzisa ithelevishini njengomzanyana. Batshela abantwana babo ukuthi “hhayi manje, s’thandwa. Ngimatasa. Hamba uyobukela ithelevishini.” Umsakazi wethelevishini odumile uthi lawa “amazwi akhulunywa ngokuvame kakhulu emikhayeni eminingi yabaseMelika.” Nokho, ukuthumela abantwana ukuba bayobukela noma yini okungenzeka ibukiswa kuthelevishini, eqinisweni, kuyafana nokubadedela ukuba bazenzele umathanda. (IzAga 29:15) Kuhlanganisa ukudebeselela okudabukisayo imithwalo yemfanelo yobuzali. Njengoba lomsakazi aphawula ngokuqondene nokukhulisa abantwana: “Lomsebenzi wobuzali udla isikhathi futhi uwumthwalo wemfanelo omkhulu futhi awunakuthumela omunye ukuba akwenzele wona, hhayi ngisho nethelevishini.”
9. Ikuphi ukungcola abantwana abadinga ukuvikelwa kakhulu kukho?
9 Nokho, ngenxa yokucindezela kwezikhathi esiphila kuzo, ungase uthambekele ukuba, njengoba kwenza abafundi, ubuyisele abantwana eceleni ukuze unakekele okungase kucatshangelwe njengezindaba ezibaluleke kakhulu. Kodwa yini ebaluleke kakhulu kunabantwana bakho? Ukuphila kwabo okungokomoya kusengozini! Ungase ukhumbule ukuthi lapho kwenzeka ingozi yenuzi eChernobyl eSoviet Union ngo-1986, abantwana basuswa kulesifunda ukuze bavikelwe ekungcoleni. Ngokufanayo, ukuze uvikele impilo engokomoya yabantwana bakho, udinga ukubavikela ‘emoyeni’ walelizwe obulalayo, ngokuvamile okhishwa ithelevishini.—IzAga 13:20.
10. Imiphi eminye imithombo ‘yomoya’ obulalayo eyingozi kubantwana, futhi isiphi isibonelo seBhayibheli esibonisa lokhu?
10 Nokho, kukhona eminye imithombo ‘yomoya’ obulalayo, engabulala izimiso zokuziphatha futhi yenze buthuntu izingqondo zentsha. Ukujwayelana okungafanele nabantwana bomakhelwane nasesikoleni nakho futhi kungaminyanisa amaqiniso eBhayibheli atshalwe ezinhliziyweni ezithambileyo. (1 Korinte 15:33) Isifundo singatholakala endodakazini kaJakobe encane uDina, owayevame ‘ukuphuma ayobona amadodakazi alelozwe’ futhi, njengomphumela, woniwa enye yezinsizwa. (Genesise 34:1, 2) Abantwana badinga ukufundiswa kahle nokuqeqeshwa ukuze bagweme izihibe zokuziphatha zezwe elonakele kakhulu namuhla ukudlula lokho elaliyikho ngalesosikhathi.
Kungani Kufanele Ubaqeqeshe Kusukela Ebuntwaneni?
11. (a) Ukuqeqesha kobuzali kufanele kuqale nini? (b) Imiphi imiphumela emihle engalindelwa?
11 Kodwa ukuqeqesha kobuzali kufanele kuqale nini? IBhayibheli lithi uThimothewu wathola ukuqeqeshwa kwakhe “kusukela ebuntwaneni.” (2 Thimothewu 3:15) Ngokuthakazelisayo, igama lesiGreki elisetshenziswe lapha, elithi breʹphos, ngokuvamile lisetshenziselwa ingane engakazalwa, njengakuLuka 1:41, 44. Lapho kuthiwa umntwana uJohane wagxuma esesizalweni sikanina. Kodwa elithi breʹphos liyasetshenziswa futhi kubantwana bamaIsrayeli ababesanda kuzalwa abakuphila kwabo kwakusongelwa eGibithe ngesikhathi uMose azalwa ngaso. (IzEnzo 7:19, 20) Endabeni kaThimothewu, leligama ngokucacile libhekisela osaneni oluncane, noma ingane, hhayi nje umntwana osekhulakhulile kuphela. UThimothewu wathola imfundo evela emiBhalweni engcwele kusukela emuva lapho inkumbulo yakhe ingafinyelela khona, kusukela esikhathini lapho eseyingane. Futhi yeka ukuthi kwaba namiphi imiphumela emihle! (Filipi 2:19-22) Nokho, ingabe abantwana abasanda kuzalwa bangazuza ngempela kulokho kufundiswa okushesha kangaka?
12. (a) Izinsana eziningi zingase ziqale nini ukuzwisisa imifanekiso nokwaziswa? (b) Abazali kufanele baqale nini futhi kanjani ukunikeza imfundo engokomoya kubantwana babo?
12 “Esinye sezenzakalo ezijabulisa kakhulu kuwo wonke umkhakha ophathelene nokusebenza kwengqondo siwukuqonda kwethu okusha ikhono elikhulu lengane lokufunda,” kwabika uDkt. Edward Zigler uprofesa waseYunivesithi yaseYale, ngo-1984. Eqinisweni, umagazini iHealth uthi: “Abantwana abasesesizalweni bangakwazi ukubona, ukuzwa, ukunambitha—futhi ‘bezwe’ imizwelo, kusikisela ukucwaninga okusha.” Ngokusobala, abazali abanakuqala ngokushesha kakhulu ukufundisa abantwana babo. (Duteronomi 31:12) Bangaqala ngokubonisa izingane zabo izithombe ezisezincwadini nokuzixoxela izindaba. “Iminyaka ebucayi,” kusho uMasaru Ibuka, umlobi wencwadi ethi Kindergarten Is Too Late, “iminyaka esukela ekuzalweni kuya kwemithathu.” Lokhu kungenxa yokuthi ingqondo yomntwana ithambile, yamukela ukwaziswa kalula, njengoba kufakazelwa ukubamba ngokushesha kosana ulimi olusha. Uprofesa waseYunivesithi yaseNew York ophathelene nemfundo yeminyaka yokuqala yobuntwana wathi “abazali kufanele baqale ukufundisa abantwana ukufunda lapho nje bebaletha ekhaya bevela esibhedlela”!
13. Yini ebonisa ikhono lezinsana lokufunda?
13 Umama waseCanada ubhala ngokuphathelene nekhono lomntanakhe lokufunda: “Ngolunye usuku ngangifundela indodana yami, uShaun eneminyaka emine nengxenye ubudala, indaba encwadini ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. Njengoba ngihlaba ikhefu, ngamangala ukuthola ukuthi waqala ukuqhubeka nendaba, izwi nezwi, njengoba ivela encwadini Yezindaba ZeBhayibheli. . . . Ngazama enye indaba nenye ngemva kwalokho, futhi uye wazibamba zonke ngekhanda. . . . Eqinisweni, ubambe ngekhanda izwi ngezwi, izindaba ezingama-33 zokuqala, kuhlanganise namagama alukhuni ezindawo nawabantu.”a
14. (a) Obani abangamangazwa ikhono lezinsana? (b) Kufanele ube yini umgomo wabazali abangamaKristu? (c) Yini abantwana okudingeka balungiselelwe yona, futhi ngani?
14 Labo abajwayelene nekhono lezinsana lokufunda abamangazwa izigigaba ezinjalo. “Umhlaba ngabe ugcwele izihlakaniphi ezivelele njengoEinstein, uShakespeare, uBeethoven noLeonardo da Vinci ukuba safundisa abantwana abancane esikhundleni sasebekhulile,” kusho uDkt. Glenn Doman, umqondisi weThe Institutes for the Achievement of Human Potential. Yebo, umgomo wabazali abangamaKristu awukhona ukuveza izihlakaniphi ezivelele, kodwa ukufinyelela izinhliziyo zabantwana babo ukuze bangalokothi bayeke ukukhonza uNkulunkulu. (IzAga 22:6) Imizamo enjalo idinga ukwenziwa esikhathini eside ngaphambi kokuba ingane ingene isikole, ukuze ilungiselelwe izilingo eyobhekana nazo lapho. Ngokwesibonelo, izimiso zezinkulisa, ziqhakambisa amaphathi osuku lokuzalwa namaholide angaba ajabulisayo kubantwana. Ngakho umntwana udinga ukuqonda isizathu sokuthi kungani izinceku zikaJehova zingahlanganyeli. Ngaphandle kwalokho angase akhule abe nenzondo ngenkolo yabazali bakhe.
Indlela Yokufinyelela Inhliziyo Yomntwana
15, 16. Yini engasetshenziswa abazali ukuze ibasize bafinyelele inhliziyo yomntanabo, futhi lamalungiselelo angasetshenziswa kanjani ngokuphumelelayo?
15 Ukuze basize abazali bafinyelele inhliziyo yomntwana wabo, oFakazi BakaJehova baye balungiselela izincwadi ezinjengethi Ukulalela UMfundisi oMkhulu. Lencwadi ikhuluma ngamaphathi nendlela angaba ngayo “ngenkulu injabulo” esahlukweni sayo esithi “Amadoda Amabili Agubha Izinsuku Zokuzalwa.” Nokho lesisahluko siyachaza ukuthi amaphathi amabili ezinsuku zokuzalwa okuwukuphela kwawo eBhayibhelini agujwa amaqaba, ayengamkhulekeli uJehova, nokuthi ephathini ngayinye ‘kwanqunywa ikhanda lothile.’ (Marku 6:17-29; Genesise 40:20-22) Ungakusebenzisa kanjani lokhu kwaziswa ukuze ufinyelele inhliziyo yomntanakho?
16 Ungasebenzisa indlela ekhangayo esencwadini UMfundisi oMkhulu ngokuthi: “Manje siyazi ukuthi yonke into eseBhayibhelini ikhona ngesizathu.” Khona-ke buza: “Ngakho, ungathi uNkulunkulu usitshelani ngamadili ezinsuku zokuzalwa?” Kanjalo umntanakho uyasizwa ukuba acabange ngalendaba futhi afinyelele izinqumo ezifanele. Ngaphandle kwencwadi ethi UMfundisi oMkhulu, kuye kwalungiselelwa ezinye izincwadi ukuze zisetshenziswe abazali, kuhlanganise nethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli nochungechunge lwezihloko “Ukuphila NeNkonzo KaJesu” oluye lwakhishwa kumagazini ngamunye weNqabayokulinda kusukela ngoApril 1985. Ingabe ubuzisebenzisa yini lezihloko ekuzifundiseni wena nabantwana bakho?
17. Ikuphi ukusikisela okuwusizo okunikezwa abazali lapha?
17 Udinga ukufunda indaba ngayinye ngokuyiphindaphinda nomntanakho, ehlanganisa izinselele nezimo ayobhekana nazo esikoleni. Yenza umntanakho azi ukuthi nobabili niyolandisa kuJehova. (Roma 14:12) Qokomisa izinto ezinhle uJehova asenzela zona, kanjalo ushukumisele inhliziyo encane yomntanakho ukuba ifune ukuthokozisa uJehova. (IzEnzo 14:17) Yenza izikhathi zokufunda zibe izikhathi ezijabulisayo. Abantwana bayazithanda izindaba, ngakho sebenzela ngempela ekudluliseleni imfundo ngendlela ephilayo eyofinyelela inhliziyo yomntanakho. Imikhaya eminingi iphuthelwa ithuba elimangalisayo lezikhathi ezinjalo ngokwehluleka ukudla ndawonye njalo. Ingabe nidla ndawonye njengomkhaya? Uma kungenjalo, ingabe ungasilungisa yini lesimo?—Qhathanisa nezEnzo 2:42, 46, 47.
18, 19. (a) Abazali kufanele bakuhlele kanjani ukufundiswa kwabantwana babo, futhi yini engenakugcizelelwa ngokweqile? (b) Yiziphi izici eziyisibonelo sanamuhla zokuqeqesha kobuzali ezihlaba umxhwele, futhi yini okholelwa ukuthi ingaba umphumela uma umzali ezisebenzisa?
18 Isimiso sokufunda kufanele sifanelaniswe nobudala bomntwana. Ngakho ngokuphathelene nomntwana, osikhathi sakhe sokugxilisa ingqondo silinganiselwe, yiba nezikhathi ezimfushane eziningana nsuku zonke. Khona-ke, ngokuqhubekayo, zikhulise futhi wandise nezindaba. Ukubaluleka kokuba nezikhathi ezivamile zokufundisa abantabakho akunakugcizelelwa ngokweqile. (Genesise 18:19; Duteronomi 11:18-21) Omunye ubaba, manje oseneminyaka engaphezu kwama-70 ubudala, wabeka isibonelo esihle ekukhuliseni indodana yakhe, leyo manje engumdala ongumKristu. Eminyakeni edlule wachaza isimiso sakhe, ethi:
19 “Lapho umfana wethu cishe enonyaka ubudala ngaqala ukumxoxela izindaba zeBhayibheli ngesikhathi sokulala, ngizilandisa ngendlela ekhulisiwe nekhangayo ukuze ngenze umfanekiso okhanyayo. Ngokushesha nje lapho eqala ukukhuluma ngonyaka wakhe wesibili sasiguqa eceleni kombhede wakhe futhi ngenze ukuba angilingise, asho ÙMthandazo WeNkosi’ umusho nomusho ngemva kwami. . . . Lapho eneminyaka emithathu ngaqala ukuba nesifundo seBhayibheli sasikhathi sonke naye . . . Wayebheka encwadini yakhe, ephinda amazwi emva kwami. Kanjalo wakwazi ukuphumisela amagama kahle futhi wafunda ngisho nokuphumisela amagama alukhuni. . . . Ukusiza ekwenzeni amaqiniso eBhayibheli agxile ngokujulile enhliziyweni yakhe, lapho eneminyaka emithathu saqala ukuba afunde ngekhanda amavesi alula eBhayibheli. Ngesikhathi eya enkulisa wayesazi cishe amavesi angama-30, futhi ngoSeptember odlule lapho eqala isigaba sokuqala esikoleni wayesebambe ngekhanda imibhalo engama-70. . . . Ngaphambi kokuba umfana wethu ayolala ngangimcela ukuba aphinde eminye yemibhalo yakhe. Ngokufanayo lapho evuka ekuseni ngokuvamile usho ngekhanda imibhalo embalwa yeBhayibheli njengengxenye yokubingelela kwakhe kosuku.”
20. Yini okufanele ihlanganiswe esimisweni sokufundisa, futhi umntwana angayijabulela kanjani inkonzo yendlu ngendlu?
20 Isimiso esinjalo sesifundo esiqhubekayo, kuhlanganise nesibonelo esifanele sobuzali nokusetshenziswa kwesiyalo esingaguquguquki, siyonikeza umntanakho isiqalo ekuphileni ayohlala njalo ebonga ngaso. (IzAga 22:15; 23:13, 14) Ingxenye ebalulekile yesimiso kufanele kube ukumqeqeshela inkonzo yasobala kusukela esemncane. Yenze ibe okuhlangenwe nakho okujabulisayo ngokulungiselela umntanakho ukuba abe nengxenye enenjongo. Ubaba ophawulwe ngenhla, waqhubeka wathi ngendodana yakhe: “Ikhono lakhe lokucaphuna imiBhalo limenza abe ngophumelela kakhulu enkonzweni yendlu ngendlu, ngoba abaninikhaya abaningi bayamangala futhi abanakusenqaba isipho somagazini beBhayibheli abanikeza bona. Uye wahlanganyela kulenkonzo yobuKristu kusukela eneminyaka emithathu ubudala, futhi manje [eminyakeni eyi-6 ubudala] ngokuvamile uphumelela kakhulu ekuhambiseni izincwadi zeBhayibheli kubantu ukudlula mina nomkami.”—Phaphama! August 22, 1965, amakhasi 3-4.
21. (a) Isiphi isipho esihle kakhulu kunazo zonke abazali abangasishiyela abantababo? (b) Isiphi isiyalo esinikezwa abazali, futhi yini bonke abazali abanabantwana abasebancane okufanele babe nayo?
21 Ngokuqinisekile, abazali abangamaKristu banefa elimangalisayo, ulwazi ngoJehova, ukuba balishiyele abantwana babo futhi kanye nalo amathemba okuphila okungenasiphelo, ukuthula, nenjabulo ezweni elisha elikhazimulayo. (IzAga 3:1-6, 13-18; 13:22) Ngaphezu kwakho konke, yakha ukuqiniseka ngesimo esingokoqobo salelokusasa elihle ezinhliziyweni zabantwana bakho abasebancane, kanye nesifiso sokukhonza uJehova. Yenza ukukhulekela kweqiniso kube okuhlangenwe nakho okungokwemvelo nokujabulisayo kubo. (1 Thimothewu 1:11) Gxilisa ukuthembela kuJehova kusukela ebuntwaneni. Futhi ungalokothi, cha, ungalokothi, udebeselele izikhathi zokufunda zasikhathi sonke nabo! Mazize kuqala kunakho konke, uhlolisisa ngokuqhubekayo ukwaziswa okudingwa abantwana bakho nendlela ongafinyelela ngayo izinhliziyo zabo kangcono ngakho. USathane nezwe lakhe bayoqikelela ukuba uzibone umatasa futhi ucindezelekile. Kodwa khumbula isibonelo sikaJesu! Ungalokothi ube matasa kakhulu ukuba ube nesifundo sasikhathi sonke nabantwana bakho!
[Umbhalo waphansi]
a Esikhathini eside ngaphambi kokuba akwazi ukufunda, wayefunde lezozindaba ngokumane nje alalele amakhasethi aqoshiwe alencwadi.
Ungaphendula Kanjani?
◻ Ibuphi ubufakazi beBhayibheli obubonisa ukuthi abazali kufanele banakekele izidingo zabantwana babo kuqala?
◻ Kungani imizamo ekhethekile ngabazali idingeka manje ekuvikeleni abantwana babo?
◻ Kungani kubaluleke kangaka ukuba abantwana baqeqeshwe kusukela ebuntwaneni?
◻ Ikuphi okunye ukusikisela okuwusizo kubazali ekufinyeleleni inhliziyo yomntanabo?
◻ Yini okufanele abazali abangamaKristu bangalokothi bayidebeselele?
[Isithombe ekhasini 12]
Ukuqeqesha kobuzali akunakuqala ngokushesha kakhulu