Ukuhlakanipha KukaJehova Kubonakala Endalweni
“Izimfanelo zakhe ezingabonakali . . . ziqondakala ngezinto ezenziwe.”—ROMA 1:20.
1. Ukuhlakanipha kwezwe kuye kwaba naliphi ithonya kubantu abaningi namuhla?
ABANTU balisebenzisa budedengu igama elithi “ukuhlakanipha.” Abanye bathi umuntu uhlakaniphile ngoba nje efunde kakhulu. Nokho, labo okuthiwa ongqondongqondo baleli zwe abanaso isiqondiso esingasethemba sokuthola injongo yangempela yokuphila. Kunalokho, labo abavuma ukuthonywa abantu abanjalo bagcina ‘bejikijeleka ngapha nangapha sengathi bajikijelwa amagagasi futhi bayiswa lé nalé yiyo yonke imimoya yemfundiso.’—Efe. 4:14.
2, 3. (a) Kungani kunguJehova “yedwa ohlakaniphileyo”? (b) Ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu kuhluke kanjani kokwezwe?
2 Yeka ukuthi kuhluke kanjani ngalabo abathola ukuhlakanipha kweqiniso okuvela kuJehova uNkulunkulu! IBhayibheli lisitshela ukuthi uJehova “nguye yedwa ohlakaniphileyo.” (Roma 16:27) Wazi konke ngendawo yonke, ukuthi yakheke kanjani kanye nomlando wayo. Imithetho yemvelo—abantu abathembele kuyo lapho becwaninga—yonke imiswe uJehova. Ngakho, izinto ezisungulwe umuntu noma lokho okubhekwa njengolwazi olunzulu lwefilosofi yabantu akumhlabi umxhwele. “Ukuhlakanipha kwaleli zwe kungubuwula kuNkulunkulu.”—1 Kor. 3:19.
3 IBhayibheli lisitshela ukuthi uJehova “unikeza” izinceku zakhe “ukuhlakanipha.” (IzAga 2:6) Ngokungafani namafilosofi abantu, ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu kuyasebenza. Kugcizelela ukubaluleka kokucabanga ngendlela ehluzekile futhi kusekelwe olwazini nasekuqondeni okunembile. (Funda uJakobe 3:17.) Umphostoli uPawulu wababaza ukuhlakanipha kukaJehova futhi wabhala: “O ukujula kwengcebo nokuhlakanipha nolwazi lukaNkulunkulu! Yeka ukuthi zingezingaphenyeki kanjani izahlulelo zakhe nokuthi zingezingenakuthungathwa kanjani izindlela zakhe!” (Roma 11:33) Ngenxa yokuthi uJehova uhlakaniphe ngaphezu kwabo bonke abantu, siyaqiniseka ukuthi imithetho yakhe isibonisa indlela engcono kakhulu yokuphila. Kakade, ukwazi ngaphezu kwanoma ubani omunye lokho esikudingayo ukuze sijabule.—IzAga 3:5, 6.
UJesu—“Isisebenzi Esiyingcweti”
4. Iyiphi indlela eyodwa esingakubona ngayo ukuhlakanipha kukaJehova?
4 Ukuhlakanipha kukaJehova nezinye izimfanelo zakhe ezingenakuqhathaniswa kungabonakala ezintweni azenzile. (Funda amaRoma 1:20.) Kusukela ezintweni ezincane kakhulu kuya kwezinkulu kakhulu, izinto uJehova azenzile zembula izici zobuntu bakhe. Nomaphi lapho sibheka khona—emazulwini phezulu noma emhlabeni phansi—sibona ubufakazi obuningi bokuthi kunoMdali ohlakaniphe kakhulu nonothando. Singafunda okuningi ngaye ngokubhekisisa izinto azidalile.—IHu. 19:1; Isaya 40:26.
5, 6. (a) Ngaphandle kukaJehova, ubani omunye owayehilelekile ekudaleni? (b) Yini esizoxoxa ngayo, futhi ngani?
5 UJehova wayengeyedwa lapho ‘edala amazulu nomhlaba.’ (Gen. 1:1) IBhayibheli libonisa ukuthi kusasele isikhathi eside ngaphambi kokuba aqale ukudala indalo ebonakalayo, wadala umuntu womoya adala ngaye “zonke ezinye izinto.” Leso sidalwa somoya yiNdodana yakhe ezelwe yodwa, “izibulo layo yonke indalo.” Kamuva saphila emhlabeni, saziwa ngokuthi uJesu. (Kol. 1:15-17) NjengoJehova, uJesu naye uhlakaniphile. Eqinisweni, encwadini yezAga isahluko 8 uchazwa njengokuhlakanipha okwenziwe samuntu. Leso sahluko seBhayibheli sibiza uJesu nangokuthi “isisebenzi esiyingcweti” sikaNkulunkulu.—IzAga 8:12, 22-31.
6 Ngakho, indalo ebonakalayo yembula ukuhlakanipha kukaJehova nokweSisebenzi sakhe Esiyingcweti, uJesu. Inezifundo ezibalulekile esingazithola kuyo. Ake sibhekisise izibonelo ezine zezinto ezidaliwe ezichazwe kuyizAga 30:24-28 ngokuthi “zihlakaniphile ngokomzwelo wemvelo.”a
Isifundo Sokukhuthala
7, 8. Imaphi amaqiniso akuthakazelisayo ngentuthwane?
7 Kunezifundo esingazithola lapho sibheka indlela ngisho ‘nezinto ezincane kunazo zonke emhlabeni’ eziklanywe nezisebenza ngayo. Ngokwesibonelo, cabanga ngokuhlakanipha okungokwemvelo kwentuthwane.—Funda izAga 30:24, 25.
8 Kunezintuthwane eziningi ezisebenza kanzima ngaphezu nangaphansi komhlaba. Abanye abacwaningi bakholelwa ukuthi inani lazo liphinda elabantu izikhathi ezingaba ngu-200 000. Izintuthwane zihlelwe njengesizwe, futhi eziningi zalezi zizwe zinamaqembu amathathu: onomthebe, amadoda nezisebenzi. Iqembu ngalinye lineqhaza ekunakekeleni izidingo zesizwe. Olunye uhlobo lwentuthwane yaseNingizimu Melika ekha amaqabunga lungase lubizwe ngokuthi umlimi oyingcweti. Ukuze ithole isivuno esihle kakhulu, le ntuthwane ivundisa izingadi zayo zamakhowe, iwatshale kabusha futhi iwathene. Abacwaningi baye bathola ukuthi lo “mlimi” uzikhandla ngokuvumelana nomthamo wokudla odingwa isizwe sakubo.b
9, 10. Singayilingisa kanjani inkuthalo yentuthwane?
9 Singafunda okuthile ezintuthwaneni. Zisifundisa ukuthi kudingeka sikhuthale uma sifuna ukuthola umvuzo omuhle. IBhayibheli lithi: “Yana entuthwaneni, vila ndini; bheka izindlela zayo uhlakaniphe. Nakuba ingenamlawuli nasikhulu nambusi, ilungisa ukudla kwayo ehlobo; ibutha ukudla kwayo ngesikhathi sokuvuna.” (IzAga 6:6-8) Bobabili uJehova neSisebenzi sakhe Esiyingcweti, uJesu, bakhuthele. UJesu wathi: “UBaba ulokhu esebenza kuze kube manje, nami ngiyasebenza.”—Joh. 5:17.
10 Njengabalingisi bakaNkulunkulu nabakaKristu, nathi kufanele sikhuthale. Kungakhathaliseki ukuthi sinasiphi isabelo enhlanganweni kaNkulunkulu, sonke kufanele sibe “nokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi.” (1 Kor. 15:58) Ngakho-ke, senza kahle ngokulalela iseluleko umphostoli uPawulu asinikeza amaKristu aseRoma: “Ningavilaphi emsebenzini wenu. Vuthani emoyeni. Yibani izigqila zikaJehova.” (Roma 12:11) Imizamo yethu yokwenza intando kaJehova ayilona ize, ngoba iBhayibheli liyasiqinisekisa: “UNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa kulo igama lakhe.”—Heb. 6:10.
Ukuvikelwa Ezingozini Ezingokomoya
11. Chaza ezinye zezici zembila.
11 Imbila ingesinye isidalwa esincane uma iqhathaniswa nezinye esingafunda kuso izifundo ezibalulekile. (Funda izAga 30:26.) Icishe ifane nonogwaja omkhulu kodwa inamadlebe amancane ayizindilingana nezigqamfana zemilenze. Lesi silwanyana sihlala ematsheni. Amehlo embila abukhali awusizo kakhulu kuyo, futhi imigodi nemifantu esemadwaleni ehlala kuyo iyindawo ephephile ebalekela kuyo uma ibona izilwane eziyingozi. Izimbila ziklanyelwe ukuba ziphile ndawonye, futhi lokho kuba yisivikelo, kuzisize nokuba zifudumale ebusika.c
12, 13. Iziphi izifundo esingazifunda embileni?
12 Yini esingayifunda embileni? Okokuqala, phawula ukuthi lesi silwanyana asizichayi engozini. Kunalokho, sisebenzisa amehlo aso abukhali ukuze sizibone zisekude izilwane eziyingozi, futhi sihlala siseduze kwemigodi nemifantu esingabalekela kuyo. Nathi kudingeka sibe namehlo abukhali ngokomoya ukuze sikwazi ukubona izingozi ezikuleli zwe likaSathane. Umphostoli uPetru weluleka amaKristu: “Hlalani nisangulukile, qaphani. Isitha senu, uDeveli, sihambahamba njengengonyama ebhongayo, efuna engamshwabadela.” (1 Pet. 5:8) Lapho esemhlabeni, uJesu wahlala esangulukile, eqaphe yonke imizamo kaSathane yokwephula ubuqotho bakhe. (Math. 4:1-11) Wabekela abalandeli bakhe isibonelo esihle!
13 Enye indlela esingaqapha ngayo iwukusebenzisa isivikelo esingokomoya esisilungiselelwa uJehova. Akufanele sikudebeselele ukutadisha iZwi likaNkulunkulu nokuya emihlanganweni yobuKristu. (Luka 4:4; Heb. 10:24, 25) Ngaphezu kwalokho, njengoba nje imbila iphila kahle uma ihlala nezinye, nathi kudingeka sisondelane namanye amaKristu ukuze sikwazi “ukukhuthazana.” (Roma 1:12) Ngokusebenzisa lesi sivikelo esivela kuJehova, sibonisa ukuthi siyavumelana nomhubi uDavide, owabhala: “UJehova uyidwala lami nesiphephelo sami noMenzi wendlela yami yokuphunyuka. UNkulunkulu wami uyidwala lami. Ngizophephela kuye.”—IHu. 18:2.
Ukuphikelela Naphezu Kokuphikiswa
14. Nakuba iqhwagi elilodwa lingesona isimanga, yini engase ishiwo lapho esemaningi?
14 Izinkumbi nazo zingasifundisa okuthile. Kungenzeka ukuthi iqhwagi elingaba amasentimitha amahlanu alisona isimanga, kodwa uma esemaningi amangalisa ngempela. (Funda izAga 30:27.) Izinkumbi zaziwa ngokuthi zidla kakhulu futhi zingayiqothula ngesikhashana nje insimu elungele ukuvunwa. IBhayibheli lifanisa umsindo woswebezane lwezinambuzane, ohlanganisa nowezinkumbi, nokuduma kwezinqola zempi nokwamalangabi omlilo eshwabadela izinhlanga. (Joweli 2:3, 5) Abantu baye bashisa imililo ukuze bavimbe izinkumbi, kodwa ngokuvamile lokhu akuphumeleli. Kungani? Lezo ezifayo ziyawucisha umlilo, bese lezi ezinye ziqhubekela phambili. Nakuba zingenayo inkosi noma umholi, izinkumbi zisebenza kuhle kwebutho elihlelwe kahle, zinqobe noma isiphi isithiyo.d—Joweli 2:25.
15, 16. Abamemezeli boMbuso banamuhla bafana kanjani nezinkumbi?
15 Umprofethi uJoweli waqhathanisa umsebenzi wabantu bakaJehova nalokho okwenziwa izinkumbi. Wabhala: “Bagijima njengamadoda anamandla. Bakhuphukela odongeni njengamadoda empi. Bahamba kube yilowo nalowo ngezindlela zakhe, abaziguquli izindlela zabo. Abasunduzani. Balokhu behamba njengendoda enamandla endleleni yayo; uma kwenzeka abanye bewa phakathi kweminsalo, abanye abaphambuki endleleni.”—Joweli 2:7, 8.
16 Yeka ukuthi lesi siprofetho sibachaza kahle kanjani abamemezeli boMbuso kaNkulunkulu banamuhla! Alukho ‘udonga’ lokuphikiswa oluye lwakwazi ukumisa umsebenzi wabo wokushumayela. Kunalokho, balingisa uJesu owaphikelela ekwenzeni intando kaNkulunkulu naphezu kokudelelwa abaningi. (Isaya 53:3) Yiqiniso, amanye amaKristu ‘aye awa phakathi kweminsalo’ efela ukholo lwawo. Noma kunjalo, umsebenzi wokushumayela uye waqhubeka, futhi inani labamemezeli boMbuso liyaqhubeka landa. Eqinisweni, ukushushiswa ngokuvamile kuye kwasiza ekusakazeni izindaba ezinhle kubantu ababengeke basizwe isigijimi soMbuso. (IzE. 8:1, 4) Enkonzweni yakho, ingabe uye wabonisa ukuphikelela okufana nokwezinkumbi—ngisho nalapho abantu bengakunaki noma bekuphikisa?—Heb. 10:39.
“Bambelelani Kokuhle”
17. Kungani izinyawo zesigcilikisha zikwazi ukubambelela ezindaweni ezibushelelezi?
17 Isigcilikisha esincane sibonakala singenandaba nomthetho wamandla adonsela phansi. (Funda izAga 30:28.) Empeleni, ikhono lalesi silwanyana lokucaca ngokushesha ezindongeni ngisho nasophahleni lwangaphakathi olubushelelezi kodwa singawi limangaza ososayensi. Isigcilikisha sikwenza kanjani lokhu? Asisebenzisi umoya noma uhlobo oluthile lwenomfi ukuze sibambelele. Kunalokho, ngaphansi kozwani ngalunye kunemifingqo enezinkulungwane zeziboya. Ngasinye salezi ziboya sinamakhulu emicwana enezihloko ezimise okwamasosi. Amangqamuzana ale micwana akhipha amandla anele ukuthwala isisindo sesigcilikisha—ngisho nalapho sihamba sibheke phezulu endaweni eyingilazi! Behlatshwe umxhwele yileli khono lesigcilikisha, abacwaningi bathi kungase kwenziwe imikhiqizo eyenziwe yafana nezinyawo zesigcilikisha engase isetshenziswe njengengcina enamandla kakhulu.e
18. Singaqinisekisa kanjani ukuthi ‘sibambelela kokuhle’ ngaso sonke isikhathi?
18 Yini esingayifunda esigcilikisheni? IBhayibheli liyasiyala: “Yenyanyani okubi, bambelelani kokuhle.” (Roma 12:9) Amathonya onakalisayo avamile ezweni likaSathane angasenza siyeke ukubambelela ezimisweni zikaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, ukuzihlanganisa nalabo abanganamatheli emithethweni kaNkulunkulu—kungaba sesikoleni noma emsebenzini noma ohlotsheni oluthile lokuzijabulisa okungqubuzana nemithetho kaNkulunkulu—kungase kwenze buthaka ukuzimisela kwethu ukwenza okuhle. Ungakuvumeli lokho ukuba kwenzeke kuwe! IZwi likaNkulunkulu liyasixwayisa: “Ungabi ohlakaniphile emehlweni akho.” (IzAga 3:7) Kunalokho, lalela isiyalo esihlakaniphile uMose asinika abantu bakaNkulunkulu esikhathini sasendulo: “Kufanele umesabe uJehova uNkulunkulu wakho. Nguye okufanele umkhonze, futhi kufanele unamathele kuye.” (Dut. 10:20) Ngokunamathela kuJehova, siyobe silingisa uJesu, okwathiwa ngaye: “Wathanda ukulunga, wazonda ukweqa umthetho.”—Heb. 1:9.
Izifundo Esizithola Endalweni
19. (a) Yiziphi izimfanelo zikaJehova wena ozibona endalweni? (b) Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kungasizuzisa kanjani?
19 Njengoba sesibonile, izimfanelo zikaJehova zibonakala ngokucacile ezintweni azenzile, futhi sithola izifundo ezibalulekile endalweni yakhe. Lapho siyihlola ngokwengeziwe indalo kaJehova, kusimangalisa nakakhulu ukuhlakanipha kwakhe. Ukunaka ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kuyojulisa injabulo yethu manje futhi kusilonde esikhathini esizayo. (UmSh. 7:12) Yebo, siyozibonela mathupha ukuba yiqiniso kwesiqinisekiso esitholakala kuyizAga 3:13, 18: “Uyajabula umuntu othole ukuhlakanipha, nomuntu othola ukuqonda. Kungumuthi wokuphila kulabo abakubambayo, futhi labo abakubamba bakuqinise kuyothiwa bayajabula.”
[Imibhalo yaphansi]
a Intsha ikakhulu ingase ikujabulele ukubheka izikhombo ezisemibhalweni yaphansi ehambisana nesibonelo ngasinye bese kuthi lapho lesi sihloko sesifundwa eSifundweni Se-Nqabayokulinda sebandla, ihlanganyele nathi lokho ekuthole ngenkathi icwaninga.
b Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngentuthwane ekha amaqabunga, bheka i-Phaphama! ka-March 22, 1997, ikhasi 31 neka-June 08, 2002, ikhasi 18.
c Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngembila, bheka i-Phaphama! ka-September 8, 1990, amakhasi 15-16.
d Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngeqhwagi, bheka i-Phaphama! yesiNgisi, ka-October 22, 1976, ikhasi 11.
e Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngesigcilikisha, bheka i-Phaphama! ka-April 2008, ikhasi 26.
Uyakhumbula?
Yisiphi isifundo esiwusizo esisithola . . .
• entuthwaneni?
• embileni?
• ezinkumbini?
• esigcilikisheni?
[Isithombe ekhasini 16]
Ingabe ukhuthele njengentuthwane ekha amaqabunga?
[Izithombe ekhasini 17]
Imbila ivikelwa ukuhlala nezinye. Ingabe nawe wenza okufanayo?
[Izithombe ekhasini 18]
Izikhonzi ezingamaKristu ziphikelela njengezinkumbi
[Isithombe ekhasini 18]
Njengoba nje isigcilikisha sibambelela ezindaweni ezibushelelezi, amaKristu abambelela kokuhle
[Umthombo]
Stockbyte/Getty Images