UNkulunkulu NoKristu Bababheka Kanjani Abesifazane?
SINGAWUTHOLA kanjani umbono ophelele wendlela uJehova uNkulunkulu ababheka ngayo abesifazane? Enye indlela ingokuhlola isimo sengqondo nokuziphatha kukaJesu Kristu, ‘ongumfanekiso kaNkulunkulu ongabonakali’ futhi owuveza ngomqondo ophelele umbono kaNkulunkulu kulezi zindaba. (Kolose 1:15) Indlela uJesu ayesebenzelana ngayo nabesifazane ngosuku lwakhe ibonisa ukuthi uJehova noJesu bayabahlonipha abesifazane futhi abavumelani nhlobo nokucindezelwa kwabo okuvame kangaka emazweni amaningi namuhla.
Ngokwesibonelo, cabanga ngesikhathi uJesu exoxa nowesifazane emthonjeni. Ukulandisa kweVangeli likaJohane kuthi: “Kweza owesifazane waseSamariya ezokukha amanzi. UJesu wathi kuye: ‘Ngiphuzise.’” UJesu wayezimisele ukuxoxa nowesifazane ongumSamariya obala, nakuba amaJuda amaningi ayengasebenzelani namaSamariya. Ngokwe-International Standard Bible Encyclopedia, kumaJuda “ukuxoxa nowesifazane endaweni esobala kwakuyihlazo ngokukhethekile.” Kodwa uJesu waphatha abesifazane ngenhlonipho nangokucabangela futhi wayengabacwasi abantu ngokohlanga noma ngokobulili. Ngokuphambene nalokho, uJesu wayekhuluma nowesifazane ongumSamariya lapho eqala ukuziveza ngokusobala ukuthi unguMesiya.—Johane 4:7-9, 25, 26.
Ngesinye isikhathi kwasondela kuJesu owesifazane okwase kuphele iminyaka engu-12 enomopho obangela amahloni futhi oqeda amandla. Lapho emthinta, waphulukiswa ngaleso sikhathi. “UJesu waphenduka, futhi embona, wathi: ‘Yima isibindi, ndodakazi; ukholo lwakho lukuphilisile.’” (Mathewu 9:22) NgokoMthetho KaMose, owesifazane okulesi simo kwakungafanele abe phakathi kwesixuku, ingasaphathwa eyokuthinta abanye abantu. Kodwa uJesu akazange amthethise. Kunalokho, wamduduza ngobubele futhi wambiza ‘ngendodakazi.’ Yeka indlela lawo mazwi okumelwe ukuba amduduza ngayo! Futhi yeka indlela okumelwe ukuba uJesu wajabula ngayo ngokumphulukisa!
Ngemva kokuvuswa kukaJesu ekufeni, waqale wabonakala kuMariya Magdalena nakomunye wabafundi bakhe, iBhayibheli elimbiza ngokuthi ‘omunye uMariya.’ UJesu wayengabonakala kuPetru, uJohane noma komunye wabafundi bakhe besilisa kuqala. Kunalokho, wahlonipha abesifazane ngokubavumela ukuba babe ofakazi bokuzibonela bokuqala bokuvuswa kwakhe. Ingelosi yabayala ukuba bayotshela abafundi bakaJesu besilisa ngalesi senzakalo esimangalisayo. UJesu wathi kulaba besifazane: “Hambani niyobikela abafowethu.” (Mathewu 28:1, 5-10) Ngokuqinisekile uJesu wayengathonywa imibono yokucwasa eyayivame kumaJuda osuku lwakhe, owawuthi abesifazane abakufanelekele ukuba ofakazi emacaleni omthetho.
Ngakho, esikhundleni sokucwasa abesifazane noma ukukhuthaza ukucindezelwa kwabo abesilisa nganoma iyiphi indlela, uJesu wabonisa ukuthi wayebahlonipha futhi ebazisa abesifazane. Ukuphathwa kwabesifazane ngobudlova kwakungahambisani nhlobo nalokho uJesu akufundisa, kanti singaqiniseka ngokuthi isimo sakhe sengqondo sasiyiveza ngokuphelele indlela uYise, uJehova, azibheka ngayo izinto.
Abesifazane Ngaphansi Kokunakekelwa Kwaphezulu
“Akukho ndawo eMedithera yasendulo noma eMpumalanga Eseduze abesifazane ababenikezwa kuyo inkululeko abayijabulelayo emphakathini wanamuhla waseNtshonalanga. Okwakuvame kakhulu kwakuwukuthi abesifazane babengaphansi kwamadoda, njengoba nje nezigqila zazingaphansi kwabakhululekileyo, nezingane zingaphansi kwabantu abadala. . . . Izingane zabafana zazaziswa kakhulu kunezamantombazane, futhi ngezinye izikhathi abantwana abangamantombazane babeshiywa dengwane ukuze bafe.” Yileyo ndlela isichazamazwi esithile seBhayibheli esichaza ngayo isimo sengqondo esasandile ngokuqondene nabesifazane ezikhathini zasendulo. Ezimweni eziningi, babebekwa cishe ezingeni elifanayo nezigqila.
IBhayibheli lalotshwa ngesikhathi lapho amasiko ayeveza khona lesi simo sengqondo. Noma kunjalo, umthetho waphezulu olotshwe eBhayibhelini wawubonisa inhlonipho ejulile ngabesifazane, okwakuphambene ngokuphelele nesimo sengqondo semiphakathi eminingi yasendulo.
Ukukhathalela kukaJehova inhlalakahle yabesifazane kubonakala ngokucacile ezenzakalweni eziningi lapho athatha khona isinyathelo ngenxa yabesifazane ababemkhulekela. Wangenela kabili ukuze avikele umka-Abrahama omuhle, uSara, ukuba angadlwengulwa. (Genesise 12:14-20; 20:1-7) UNkulunkulu wabonisa umusa kumkaJakobe owayengathandwa kakhulu, uLeya, ‘ngokuvula isibeletho sakhe,’ ukuze azale indodana. (Genesise 29:31, 32) Lapho ababelethisi ababili bakwa-Israyeli abesaba uNkulunkulu bedela ukuphila kwabo ukuze bavikele abantwana bamaHebheru abangabafana ekubulaweni kwezinsana eGibhithe, uJehova wabonisa ukwazisa kwakhe ‘ngokubapha imikhaya.’ (Eksodusi 1:17, 20, 21) Waphendula nomthandazo oqotho kaHana. (1 Samuweli 1:10, 20) Futhi lapho umfelokazi womprofethi ebhekene nomuntu ayemkweleta owayesefuna ukuthatha izingane zakhe azenze izigqila ukuze asule isikweleti, uJehova akazange amshiye. Ngothando, uNkulunkulu wanika umprofethi u-Elisha amandla okwandisa amafutha alona wesifazane ukuze akwazi ukukhokha isikweleti sakhe futhi asale namafutha anele okondla umkhaya wakhe. Kanjalo wakwazi ukulonda umkhaya wakhe nesithunzi sakhe.—Eksodusi 22:22, 23; 2 AmaKhosi 4:1-7.
Abaprofethi bakulahla ngokuphindaphindiwe ukuxhashazwa kwabesifazane noma ukuphathwa kwabo ngobudlova. Ekhulumela uJehova, umprofethi uJeremiya watshela ama-Israyeli: “Yenzani ubulungisa nokulunga, nikhulule ophangwayo esandleni somphambi; ningahlukumezi noma yimuphi umfokazi, intandane noma umfelokazi. Ningenzi budlova kubo. Futhi ningachithi gazi elingenacala kule ndawo.” (Jeremiya 22:2, 3) Kamuva, abacebile nabanamandla kwa-Israyeli balahlwa ngenxa yokuthi babexoshe abesifazane emizini yabo, baphatha kabi abantwana babo. (Mika 2:9) UNkulunkulu wobulungisa uyakubona futhi ukubheka njengento embi ukuhlupheka okunjalo kwabesifazane nabantwana babo.
“Umfazi Onekhono”
Umbono ofanelekayo ngomfazi onekhono wethulwa umlobi wasendulo wencwadi yezAga. Njengoba le ncazelo enhle yendima nesikhundla sowesifazane yafakwa eZwini likaJehova, singaqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uyavumelana nayo. Owesifazane onjalo, owayengacindezelwa noma abhekwe njengophansi, uyaziswa, uyahlonishwa futhi uyethenjwa.
“Umfazi onekhono” wezAga isahluko 31 uyisisebenzi esikhuthele. Uyazikhandla kunoma yini “izandla zakhe eziyijabulelayo” futhi wenza nomsebenzi wokuhweba kanye nokudayisa izindawo. Ubona insimu ayithenge. Wenza izingubo zangaphansi futhi azithengise. Unika amadoda angabahwebi amabhande. Ukhuthele emisebenzini yakhe. Ngaphezu kwalokho, amazwi akhe okuhlakanipha kanye nomusa wakhe wothando kwaziswa kakhulu. Ngenxa yalokho, umyeni wakhe namadodana bayamazisa, futhi okubaluleke kakhulu, noJehova uyamazisa.
Abesifazane akufanele babe yizisulu zokucindezelwa amadoda abaxhaphazayo, abaphatha kabi, noma abahlukumeza nganoma iyiphi indlela. Kunalokho, owesifazane oshadile kufanele abe “umsizi” ojabulayo nonekhono kumyeni wakhe.—Genesise 2:18.
Ukubazisa
Lapho ebhalela amadoda angamaKristu ngendlela okufanele aphathe ngayo omkawo, umlobi ophefumulelwe uPetru wakhuthaza amadoda ukuba alingise isimo sengqondo sikaJehova noJesu Kristu. Wabhala: “Nina madoda, qhubekani . . . nibazisa.” (1 Petru 3:7) Ukwazisa umuntu kusho ukumthanda nokumhlonipha ngempela. Ngakho, indoda eyazisa umkayo ayimlulazi, imjivaze noma imphathe ngobudlova. Kunalokho, ibonisa ngamazwi nangezenzo—obala nangasese—ukuthi iyamazisa futhi iyamthanda.
Uma umuntu emazisa umkakhe ngokuqinisekile lokho kunezela enjabulweni yomshado. Cabangela isibonelo sikaCarlos noCecilia. Esikhathini esithile njengoba beshadile, babezithola belwa njalo ngaphandle kokufinyelela isiphetho ngalezo zingxabano. Ngezinye izikhathi, babegcina bengasakhulumisani. Babengazi ukuthi bazixazulule kanjani izinkinga zabo. Indoda yayinolaka; inkosikazi yayingeneliseki futhi izazisa. Kodwa lapho beqala ukufunda iBhayibheli futhi besebenzisa lokho ababekufunda, isimo saqala ukuthuthuka. UCecilia uthi: “Ngiyaqaphela ukuthi izimfundiso zikaJesu nesibonelo asishiyela sona ziye zashintsha ubuntu bami nobomyeni wami. Ngenxa yesibonelo sikaJesu, sengithobekile futhi senginokuqonda okungcono. Ngifunde ukufuna usizo lukaJehova ngomthandazo, njengoba kwenza uJesu. UCarlos usefunde ukuba nesineke nokuzithiba—azise umkakhe njengoba uJehova efuna.”
Lokhu akusho ukuthi awekho amaphutha emshadweni wabo. Eminyakeni yamuva nje baye babhekana nezinkinga ezinkulu—uCarlos waphelelwa umsebenzi futhi kwadingeka ukuba ahlinzwe ngenxa yomdlavuza. Kodwa, lezi zinkinga aziziwohlozanga izibopho zabo zomshado, eziye zaqina kakhudlwana.
Selokhu isintu sazuza ukungapheleli, abesifazane emiphakathini eminingi baye baphathwa ngendlela engenanhlonipho. Baye baxhashazwa ngokomzimba, ngokwengqondo nangokobulili. Kodwa akuyona indlela uJehova ayehlose ukuba baphathwe ngayo. Umlando weBhayibheli ubonisa ngokucacile ukuthi kungakhathaliseki ukuthi imiphi imibono eyandile emphakathini, bonke abesifazane kufanele baziswe futhi bahlonishwe. Kuyilungelo abalinikwe uNkulunkulu.
[Isithombe ekhasini 4, 5]
Owesifazane ongumSamariya
[Isithombe ekhasini 4, 5]
Owesifazane ogulayo
[Isithombe ekhasini 4, 5]
UMariya Magdalena
[Isithombe ekhasini 6]
UJehova wavikela uSara kabili
[Isithombe ekhasini 7]
Umshado kaCarlos noCecilia wawusengcupheni
[Isithombe ekhasini 7]
UCarlos noCecilia namuhla