UKubaneka Kokukhanya—Okukhulu Nokuncane (Ingxenye 2)
“Ekukhanyeni kwakho siyakubona ukukhanya.”—IHUBO 36:9.
1. Imuphi umzamo wokuqala owenziwa ukuze kuqondwe ukusetshenziswa kwezimpawu encwadini yesAmbulo?
INCWADI yeBhayibheli yesAmbulo iye yavusa isithakazelo samaKristu kusukela ezikhathini zakuqala. Inikeza isibonelo esihle sendlela ukukhanya kweqiniso okuqhubeka ngayo kukhanya. Ngo-1917, abantu bakaJehova banyathelisa incazelo yesAmbulo encwadini ethi The Finished Mystery. Yadalula abaholi benkolo beLobukholwa nabezombangazwe ngokungesabi, kodwa eziningi zezincazelo zayo zazithathwe emithonjeni ehlukahlukene. Nakuba kunjalo, i-Finished Mystery yasiza ekuhloleni ukuthembela kwabaFundi BeBhayibheli emzileni obonakalayo uJehova ayewusebenzisa.
2. Isihloko esithi “Ukuzalwa Kwesizwe” sanikeza kuphi ukukhanya ngokuphathelene nencwadi yesAmbulo?
2 Ukubaneka kokukhanya okuphawulekayo kwanyazima ngokuphathelene nencwadi yesAmbulo lapho kukhishwa isihloko esithi “Ukuzalwa Kwesizwe” ku-Watch Tower ka-March 1, 1925. Kwakucatshangwa ukuthi isAmbulo isahluko 12 sasichaza impi phakathi kweRoma lobuqaba neRoma lobupapa, umntwana wesilisa emelela ubupapa. Kodwa lesosihloko sabonisa ukuthi isAmbulo 11:15-18 sasihlobene nencazelo yesahluko 12, sibonisa ukuthi iphathelene nokuzalwa koMbuso kaNkulunkulu.
3. Iziphi izincwadi ezanikeza ukukhanya okwandisiwe ngokuphathelene nesAmbulo?
3 Konke lokhu kwaholela encazelweni ecace kakhudlwana yesAmbulo eyavela lapho kukhishwa incwadi ethi Light, eyayiyimiqulu emibili, ngo-1930. Okunye futhi ukulungisa okuthuthukisiwe kwavela kwethi “Babylon the Great Has Fallen!” God’s Kingdom Rules! (1963) nethi “Then Is Finished the Mystery of God” (1969). Nokho, kwakusenokuningi okwakumelwe kufundwe ngokuphathelene nencwadi yesAmbulo engokwesiprofetho. Yebo, ukukhanya okukhazimula ngokwengeziwe kwakhanya ngokuphathelene nayo ngo-1988, ngencwadi ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! Kungase kushiwo ukuthi isihluthulelo salokhu kukhanyiselwa okuqhubekayo siyiqiniso lokuthi isiprofetho sesAmbulo sisebenza “osukwini lweNkosi,” olwaqala ngo-1914. (IsAmbulo 1:10) Ngakho-ke incwadi yesAmbulo yayizoqondwa ngokucace kakhudlwana njengoba lolosuku luqhubeka.
“Amandla Aphakeme” Ayacaciswa
4, 5. (a) AbaFundi BeBhayibheli babeyibheka kanjani eyabaseRoma 13:1? (b) Yini kamuva eyaqondwa njengombono ongokomBhalo ngokuphathelene ‘namandla aphakeme’?
4 Ukubaneka kokukhanya okukhazimulayo kwabonakala ngo-1962 ngokuphathelene neyabaseRoma 13:1, ethi: “Yonke imiphefumulo mayizithobe phansi kwamandla aphakeme [‘amagunya aphakeme,’ INguqulo Yezwe Elisha].” (King James Version) AbaFundi BeBhayibheli bokuqala babeqonda ukuthi “amandla aphakeme” okukhulunywa ngawo lapho ayebhekisela kuziphathimandla zezwe. Babeqonda lombhalo njengosho ukuthi uma umKristu ayebuthwe ngesikhathi sempi, wayeyophoqeleleka ukuba agqoke inyufomu, agaxe isibhamu, futhi angene ezinhlwini zempi, ezindaweni zokukanisa. Babenomuzwa wokuthi njengoba umKristu engenakumbulala umakhelwane wakhe, wayeyophoqeleleka ukuba adubule emoyeni uma kuvela isimo esibi kakhulu.a
5 INqabayokulinda ka-May 15 neka-June 1, 1963 (ngesiNgisi, November 15 no-December 1, 1962), yanikeza ukukhanya okucacile ngokuphathelene nalendaba lapho ikhulumela amazwi kaJesu akuMathewu 22:21: “Buyiselani izinto zikaKesari kuKesari, kodwa izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu.” Amazwi abaphostoli atholakala kuzEnzo 5:29 ayefaneleka: “Kumelwe silalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.” AmaKristu ayazithoba kuKesari—“amandla aphakeme”—uma nje lokhu kungadingi ukuba umKristu enze ngokuphambene nomthetho kaNkulunkulu. Kwaqondwa ukuthi ukuzithoba kuKesari kulinganiselwe, akuphelele. AmaKristu abuyisela kuKesari lokho kuphela okungangqubuzani nezimfuneko zikaNkulunkulu. Yeka ukuthi kwakwenelisa kanjani ukuthola ukuqonda okucacile kulendaba!
Ukubaneka Kokukhanya Ngokuphathelene Nezindaba Ezingokwenhlangano
6. (a) Ukuze kugwenywe isigaba esibusayo sabefundisi esivamile kweLobukholwa, isiphi isimiso esamukelwa? (b) Yini ekugcineni eyaqondwa njengendlela efanele yokukhethwa kwalabo abaqondisayo ebandleni?
6 Kwakunombuzo wokuthi obani okufanele bakhonze njengabadala namadiyakoni emabandleni. Ukuze kugwenywe isigaba esibusayo sabefundisi esivamile kweLobukholwa, kwaphethwa ngokuthi laba kumelwe bakhethwe ngokwentando yeningi ngevoti yamalungu ebandla ngalinye. Kodwa ukukhanya okwandayo okwakuku-Nqabayokulinda yesiNgisi ka-September 1 neka-October 15, 1932, kwabonisa ukuthi imiBhalo ayilisekeli ilungiselelo labadala abakhethiwe. Ngakho laba bathathelwa indawo ikomiti yenkonzo, futhi umqondisi wenkonzo wayekhethwa iNhlangano.
7. Ukubaneka kokukhanya kwaphumela kuyiphi intuthuko ngokuphathelene nendlela yokumiswa kwezinceku ebandleni?
7 INqabayokulinda yesiNgisi ka-June 1 neka-June 15, 1938, yayiqukethe ukubaneka kokukhanya okubonisa ukuthi izinceku ebandleni kwakungamelwe zikhethwe, kodwa kwakumelwe zimiswe, okungukuthi, zimiswe ngendlela engokwasezulwini. Ngo-1971 okunye ukubaneka kokukhanya kwabonisa ukuthi ibandla ngalinye kwakungamelwe liqondiswe inceku eyodwa nje yebandla. Kunalokho, ngalinye kufanele libe nendikimba yabadala, noma ababonisi, ababelwe iNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova. Ngakho ngokukhanya okwandayo eminyakeni engaba ngu-40, kwaba sobala ukuthi abadala kanye namadiyakoni, manje aziwa ngokuthi izinceku ezikhonzayo, kufanele bamiswe “isigqila esikholekile nesiqondayo,” ngeNdikimba yaso Ebusayo. (Mathewu 24:45-47) Lokhu kwakuvumelana nalokho okwenzeka ezikhathini zabaphostoli. Amadoda anjengoThimothewu noThithu amiswa njengababonisi indikimba ebusayo yekhulu lokuqala. (1 Thimothewu 3:1-7; 5:22; Thithu 1:5-9) Konke lokhu kuwukugcwaliseka okuphawulekayo kuka-Isaya 60:17: “Esikhundleni sethusi ngiyakuletha igolide, nasesikhundleni sensimbi ngiyakuletha isiliva; esikhundleni somuthi ithusi, nasesikhundleni samatshe insimbi, ngibeke ukuthula kube-ngababonisi bakho, nokulunga kube-ngababusi bakho.”
8. (a) Iyiphi intuthuko iqiniso elandayo elayiletha ngokuphathelene nendlela iNhlangano eyayisebenza ngayo? (b) Imaphi amakomiti eNdikimba Ebusayo, futhi ziyini izindima zawo ezihlukahlukene zemisebenzi noma ukuqondisa?
8 Enye indaba yayiphathelene nokusebenza kwe-Watch Tower Society. Eminyakeni eminingi iNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova yayifana nebhodi labaqondisi be-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, futhi izindaba zazisingathwa ngokuyinhloko umongameli wayo. Njengoba kubonisiwe ku-Yearbook of Jehovah’s Witnesses ka-1977 (amakhasi 258-9), ngo-1976 iNdikimba Ebusayo yaqala ukusebenza namakomiti ayisithupha, ngayinye yabelwe ukunakekela izici ezithile zomsebenzi womhlaba wonke. IKomiti Yezisebenzi inakekela izindaba zezisebenzi, kuhlanganise nezithakazelo zabo bonke abakhonza emkhayeni waseBethel emhlabeni wonke. IKomiti Yokunyathelisa isingatha zonke izindaba ezingaphathelene nezinto ezingokomoya nezindaba ezingokomthetho, ezinjengezakhiwo nokunyathelisa. IKomiti Yenkonzo igxila emsebenzini wokufakaza futhi iqondisa ababonisi abajikelezayo, amaphayona, nemisebenzi yabamemezeli bebandla. IKomiti Yokufundisa inakekela imihlangano yebandla, imihlangano ekhethekile yosuku olulodwa, imihlangano yesifunda, nemihlangano yesigodi neyezizwe kanye nezikole ezihlukahlukene zemfundo engokomoya yabantu bakaNkulunkulu. IKomiti Yokubhala iqondisa ukulungiselelwa nokuhunyushwa kwezincwadi ngazo zonke izindlela, iqikelela ukuthi konke kuyavumelana nemiBhalo. IKomiti Kasihlalo inakekela izingozi nezinye izindaba eziphuthumayo.b Futhi ngawo-1970, amahhovisi egatsha e-Watch Tower Society aqala ukuqondiswa ikomiti esikhundleni sombonisi.
Ukukhanya Okuphathelene Nokuziphatha KobuKristu
9. Ukukhanya kweqiniso kwabuthinta kanjani ubuhlobo bamaKristu kohulumeni bezwe?
9 Ukubaneka okuningi kokukhanya kuye kwaba okuphathelene nokuziphatha kobuKristu. Ngokwesibonelo, cabangela indaba yokungathathi-hlangothi. Ukubaneka kokukhanya okukhazimula ngokuphawulekayo kwanyazima ngokuphathelene nalendaba esihlokweni esithi “Ukungathathi-hlangothi” esavela ku-Nqabayokulinda yesiNgisi ka-November 1, 1939. Yeka ukuthi sasifike ngesikhathi kanjani, sifika ngemva nje kokuqala kweMpi Yezwe II! Lesisihloko sachaza ukungathathi-hlangothi futhi sabonisa ukuthi amaKristu akumelwe ahileleke ezindabeni zezombangazwe noma ezimpini eziphakathi kwezizwe. (Mika 4:3, 5; Johane 17:14, 16) Lesi isici esiyimbangela yokuzondwa kwawo izizwe zonke. (Mathewu 24:9) Izimpi zika-Israyeli wasendulo azisona isandulela salokho okwakuzokwenziwa amaKristu, njengoba uJesu ekwenza kucace kuMathewu 26:52. Ngaphezu kwalokho, akukho nesisodwa isizwe sezombangazwe namuhla esiwumbuso ongokwasezulwini, esibuswa uNkulunkulu, njengoba kwakunjalo ku-Israyeli wasendulo.
10. Yini eyembulwa ukubaneka kokukhanya ngokuphathelene nendlela amaKristu okufanele abheke ngayo igazi?
10 Ukukhanya kwanyazima futhi ngokuphathelene nobungcwele begazi. Abanye abaFundi BeBhayibheli babecabanga ukuthi ukwenqatshelwa kokudla igazi, kuzEnzo 15:28, 29, kwakulinganiselwe kumaKristu angamaJuda. Nokho, izEnzo 21:25 zibonisa ukuthi ezikhathini zabaphostoli lomyalo wawusetshenziswa futhi nakulabo bezizwe ababa amakholwa. Ngakho ubungcwele begazi busebenza kuwo wonke amaKristu, njengoba kwaboniswa ku-Nqabayokulinda yesiNgisi ka-July 1, 1945. Lokho akusho nje ukwenqaba ukudla igazi lezilwane, njengakumasoseji enziwe ngegazi, kodwa nokudeda egazini labantu, njengasendabeni yokumpontshelwa igazi.
11. Yini eyaqondwa ngokuphathelene nombono womKristu ngokusetshenziswa kukagwayi?
11 Ngenxa yokukhanya okwandisiwe, imikhuba ekuqaleni eyayimane nje ingemukelwa kamuva yasingathwa ngesisindo esifanele. Isibonelo salokhu sasiphathelene nokusetshenziswa kukagwayi. Kuyi-Zion’s Watch Tower ka-August 1, 1895, uMfoweth’ uRussell waqondisa ukunakekela kweyoku-1 Korinte 10:31 neyesi-2 Korinte 7:1 wayesebhala: “Angiboni ukuthi ukusebenzisa ugwayi kwanoma imuphi umKristu kungamkhazimulisa kanjani uNkulunkulu, noma kumzuzise kanjani umKristu ngokwakhe.” Kusukela ngo-1973 kwaqondwa ngokucacile ukuthi akekho umuntu osebenzisa ugwayi ongaba omunye woFakazi BakaJehova. Ngo-1976 kwacaciswa ukuthi akekho uFakazi ongase aqashwe emsebenzini wokugembula futhi aqhubeke esebandleni.
Okunye Ukulungisa
12. (a) Yini eyembulwa ukubaneka kokukhanya ngokuphathelene nenani lezihluthulelo zoMbuso ezanikezwa uPetru? (b) Zaziyini izimo lapho uPetru esebenzisa isihluthulelo ngasinye?
12 Kuye futhi kwaba nokukhanya okwandisiwe enanini lezihluthulelo ezingokomfanekiso uJesu azinikeza uPetru. AbaFundi BeBhayibheli babenombono wokuthi uPetru wamukela izihluthulelo ezimbili ezavulela abantu indlela yokuba izindlalifa zoMbuso—esinye singesamaJuda, esasetshenziswa ngePentekoste lika-33 C.E., kanti esinye singesabeZizwe, esasetshenziswa okokuqala ngo-36 C.E. lapho uPetru eshumayeza uKorneliyu. (IzEnzo 2:14-41; 10:34-48) Ngokuhamba kwesikhathi, kwaqondwa ukuthi kwakuneqembu lesithathu elihilelekile—amaSamariya. UPetru wasebenzisa isihluthulelo sesibili lapho ewavulela ithuba loMbuso. (IzEnzo 8:14-17) Ngakho, isihluthulelo sesithathu sasetshenziswa lapho uPetru eshumayeza uKorneliyu.—INqabayokulinda ka-April 1, 1980, amakhasi 15-21, 25 (ngesiNgisi, October 1, 1979, amakhasi 16-22, 26).
13. Yini eyembulwa ukubaneka kokukhanya ngokuphathelene nezibaya zezimvu okukhulunywe ngazo kuJohane isahluko 10?
13 Komunye umsebe wokukhanya, kwaqondwa ukuthi uJesu akazange nje abhekisele ezibayeni ezimbili zezimvu kodwa kwezintathu. (Johane, isahluko 10) Lezi (1) kwakuyisibaya sezimvu samaJuda uJohane uMbhapathizi ayengumlindimnyango kuso, (2) isibaya sezindlalifa zoMbuso ezigcotshiwe, (3) nesibaya ‘sezinye izimvu,’ ezinethemba lasemhlabeni.—Johane 10:2, 3, 15, 16; INqabayokulinda ka-August 1, 1984, amakhasi 10-20 (ngesiNgisi, February 15, 1984, amakhasi 10-20).
14. Ukukhanya okwandisiwe kwazicacisa kanjani izindaba ngokuphathelene nokuqala kweJubili elingokomfanekiso?
14 Ukuqondwa kweJubili elingokomfanekiso nakho kwathola ukucaciswa okuthile. Ngaphansi koMthetho, yonke iminyaka yama-50 yayiyiJubili elikhulu, izinto ezazibuyiselwa ngayo kubaninizo bangaphambili. (Levitikusi 25:10) Kwase kuyisikhathi eside kuqondwa ukuthi lokhu kwakufanekisela ukuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane. Nokho, ezikhathini zamuva nje kwaqondwa ukuthi eqinisweni iJubili elingokomfanekiso laqala ngePentekoste lika-33 C.E., lapho labo abamukela umoya ongcwele owathululwa bekhululwa ebugqileni besivumelwano soMthetho kaMose.—INqabayokulinda ka-January 1, 1987, amakhasi 18-28.
Ukukhanya Okwandisiwe Ekusetshenzisweni Kwamagama
15. Kwanikezwa kuphi ukukhanya ngokuphathelene nokusetshenziswa kwegama elithi “icebo”?
15 “UMshumayeli wafuna ukuthola amazwi enamisayo afanele ukulotshwa, amazwi eqiniso.” (UmShumayeli 12:10) Lamazwi angase asetshenziswe kahle kulendaba esixoxa ngayo, ngoba ukukhanya akuzange nje kukhanye ezindabeni ezibalulekile kuphela njengemfundiso nokuziphatha kodwa futhi nasekusetshenzisweni kwamagama obuKristu nezincazelo zawo ezinembile. Ngokwesibonelo, phakathi kwabaFundi BeBhayibheli, enye yezincwadi ezazithandwa kakhulu kwakuwumqulu wokuqala we-Studies in the Scriptures, owawunesihloko esithi The Divine Plan of the Ages. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi, kwaqashelwa ukuthi iZwi likaNkulunkulu likhuluma ngabantu kuphela njengabenza amacebo. (IzAga 19:21) ImiBhalo ayikhulumi neze ngoJehova njengowenza icebo. Akudingeki enze icebo. Kungakhathaliseki ukuthi yini ayijongayo uyaqiniseka ukuthi izophumelela ngenxa yokuhlakanipha kwakhe namandla okungenasiphelo, njengoba nje sifunda kweyabase-Efesu 1:9, 10: “Kungokuvumelana nesihle sakhe asijonga kuye ngokwakhe ukuba kube nesimiso sokuqondisa lapho kugcwala isilinganiso sezikhathi ezimisiwe.” Ngakho kancane kancane kwaqondwa ukuthi igama elithi “injongo” liyigama elifaneleke kakhulu lapho kubhekiselwa kuJehova.
16. Yini kancane kancane okwaqondwa ukuthi yayiyincazelo enembile kaLuka 2:14?
16 Kwase kuba indaba yokuqonda ngokucace kakhudlwana uLuka 2:14. Ngokwe-King James Version, ufundeka kanje: “Inkazimulo kuNkulunkulu ezindaweni eziphakeme ukuzedlula zonke, nokuthula emhlabeni, nokuthakazelelwa kwabantu.” Kwaqondwa ukuthi lokhu kwakungavezi umqondo onembile, ngoba ukuthakazelelwa uNkulunkulu akuboniswa kwababi. Ngakho-ke oFakazi babheka lokhu njengendaba yokuthula kubantu ababethakazelelwa uNkulunkulu. Ngakho baqhubeka bebhekisela kulabo ababenesithakazelo eBhayibhelini njengabantu abathakazelelwayo. Kodwa ngalesosikhathi kwaqondwa ukuthi lokho okwakuhilelekile kwakungekhona ukuthakazelelwa kwabantu, kodwa ukuthakazelelwa uNkulunkulu. Ngakho, umbhalo waphansi we-New World Translation of the Holy Scriptures—With References kuLuka 2:14 ukhuluma ‘ngabantu abamukelwa nguye [uNkulunkulu].’ Wonke amaKristu aphila ngokuvumelana nesithembiso sawo esifungelwe sokuzinikezela athakazelelwa uNkulunkulu.
17, 18. Yini uJehova ayoyilwela, futhi yini ayoyingcwelisa?
17 Ngokufanayo, sekuyisikhathi eside oFakazi bekhuluma ngokulwelwa kwegama likaJehova. Kodwa ingabe uSathane wangabaza igama likaJehova? Ngokuphathelene naleyondaba, ingabe noma iliphi lamanxusa kaSathane liye lenza kanjalo, njengokungathi uJehova lalingamfanele lelogama? Cha, akunjalo neze. Kwakungelona igama likaJehova elabekelwa inselele nelalidinga ukulwelwa. Yingakho izincwadi zamuva ze-Watch Tower Society zingakhulumi ngokulwelwa kwegama lakhe. Zikhuluma ngokulwelwa kobukhosi bukaJehova nangokungcweliswa kwegama likaJehova. Lokhu kuvumelana nalokho uJesu asitshela ukuba sikuthandazele: “Malingcweliswe igama lakho.” (Mathewu 6:9) Ngokuphindaphindiwe, uJehova wathi wayezolingcwelisa igama lakhe, ama-Israyeli ayengazange alibekele inselele kodwa ayelingcolisile.—Hezekeli 20:9, 14, 22; 36:23.
18 Ngokuthakazelisayo, ngo-1971, incwadi ethi “The Nations Shall Know That I Am Jehovah”—How? yenza lomehluko: “UJesu Kristu ulwela . . . ukulwelwa kobuKhosi bukaJehova bendawo yonke nokukhazimuliswa kwegama likaJehova.” (Amakhasi 364-5) Ngo-1973, ethi God’s Kingdom of a Thousand Years Has Approached yathi: “‘Usizi olukhulu’ oluzayo luyisikhathi sokuba uNkulunkulu uMninimandla onke uJehova alwele ubukhosi bakhe bendawo yonke futhi angcwelise igama lakhe elifanele.” (Ikhasi 409) Khona-ke, ngo-1975, ethi Man’s Salvation Out Of World Distress at Hand! yathi: “Isenzakalo esikhulu ukuzedlula zonke emlandweni wendawo yonke siyobe-ke sesifeziwe, ukulwelwa kobukhosi bukaJehova bendawo yonke nokungcweliswa kwegama lakhe elingcwele.”—Ikhasi 281.
19, 20. Singakubonisa kanjani ukwazisa kwethu ngokubaneka kokukhanya okungokomoya?
19 Yeka ukuthi abantu bakaJehova babusiswe kanjani ngokuthamela konke lokhu kukhanya okungokomoya! Ngokuphambene ngokuphelele, okubonisa ubumnyama obungokomoya abaholi beLobukholwa abazithola bekukho yilamazwi ashiwo umfundisi othile: “Kungani kunesono? Kungani kunokuhlupheka? Kungani kunodeveli? Lena imibuzo engifuna ukuyibuza iNkosi lapho ngifika ezulwini.” Kodwa oFakazi BakaJehova bangamtshela ukuthi kungani: Ngenxa yempikiswano yokufaneleka kobukhosi bukaJehova nempikiswano yokuthi izidalwa ezingabantu zingakwazi yini ukulondoloza ubuqotho kuNkulunkulu naphezu kokuphikisa kukaDeveli.
20 Eminyakeni eminingi edlule, ukubaneka kokukhanya okukhulu nokuncane bekulokhu kukhanyisa indlela yezinceku zikaJehova ezizinikezele. Lokhu bekugcwalisa imibhalo enjengeHubo 97:11 nezAga 4:18. Kodwa masingalokothi sikhohlwe ukuthi ukuhamba ekukhanyeni kusho ukuba nokwazisa ngokukhanya okwandisiwe nokuphila ngokuvumelana nakho. Njengoba sesibonile, lokhukukhanya okwandisiwe kuhilela kokubili ukuziphatha kwethu nokuthunywa kwethu kokushumayela.
[Imibhalo yaphansi]
a Isabela kulombono, i-Watch Tower ka-June 1 neka-June 15, 1929, yachaza “amandla aphakeme” ngokuthi uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu. Kwakuyilombono ngokuyinhloko owalungiswa ngo-1962.
b INqabayokulinda ka-April 15, 1992, yamemezela ukuthi abazalwane abakhethiwe ikakhulukazi ‘bezinye izimvu’ bababelwa ukuba basize amakomiti eNdikimba Ebusayo, ngokufanelana namaNethini osuku luka-Ezra.—Johane 10:16; Ezra 2:58.
Uyakhumbula?
◻ Ikuphi ukukhanya okuye kwanikezwa ngokuphathelene nokuzithoba ‘emandleni aphakeme’?
◻ Ukubaneka kokukhanya kuye kwaphumela kuyiphi intuthuko engokwenhlangano?
◻ Ukukhanya okwandisiwe kuye kwakuthinta kanjani ukuziphatha kobuKristu?
◻ Ikuphi ukulungisa okuye kwabangelwa ukukhanya okungokomoya ekuqondeni kwethu amaphuzu athile angokomBhalo?
[Umthombo Wesithombe ekhasini 25]
Keys on page 24: Drawing based on photo taken in Cooper-Hewitt, National Design Museum, Smithsonian Institution