Abazwibi Basemadwaleni Asezintabeni
OGWINI olusentshonalanga yoLwandle Olufile kwakunomuzi wamandulo nehlane elizungezile obizwa ngokuthi i-Eni-gedi. Izikhala zezintaba ezinamadwala zakulendawo namawa kwenza ikhaya elikahle lembuzi yasendle yaseZweni Lesithembiso, efana nalezi esizibona lapha.
Lesi sidalwa esinamasondo abambelelayo siphakathi kwezimanga zendalo eyizilwane. Ake sivule iBhayibheli sisibukisise kahle lesi silwane esikhangayo.
“Izintaba Eziphakemeyo Ngezezimbuzi Zasendle”
Wahuba kanjalo umhubi. (IHubo 104:18) Izimbuzi zasendle zikulungele kahle ukuhlala ezindaweni eziphakeme! Ziyashesha, zihamba endaweni emazombezombe ngokukhulu ukuzethemba nejubane. Ngokwengxenye lokhu kubangelwa ukwakheka kwezinselo zazo. Izinselo zingavuleka njengoba zithwele umzimba wembuzi, okwenza lesi silwane sikwazi ukubambelela siqinise lapho simile noma sihamba edwaleni eliwumngcingo.
Izimbuzi zasendle zikwazi ukuzimelela ngendlela engavamile. Zingagxuma ibanga elide futhi zihlale onqenqemeni lwedwala olunendawo encane kakhulu ukuba yenele amasondo azo amane. Isazi sesayensi yezinto eziphilayo uDouglas Chadwick sake sabukela imbuzi yasendle yolunye uhlobo isebenzisa ukuzimelela kwayo ukuze igweme ukubambeka edwaleni elaliwumngcingo kakhulu ukuba ikwazi ukuphenduka. Uthi: “Ngemva kokuthi nhlá idwala elilandeleyo elingamafidi angu-400 [amamitha angu-120] ngezansi, imbuzi yabe isizimelela ngamasondo angaphambili odongeni lwedwala yabe isiphakamisa ngesineke isinqe sayo ikhanda layo libheke phansi njengokungathi ishaya ungqimphothwe. Njengoba ngangibambe umoya, lembuzi yaqhubeka amasondo angemuva aze ahlala phansi yayisibheka lapho ibiqhamuke ngakhona.” (National Geographic) Akumangalisi ukuthi izimbuzi zasendle zibizwa ngokuthi “abazwibi basemadwaleni asezintabeni”!
‘Uyazi Yini Ukuthi Izimbuzi Zasendle Zizala Nini?’
Izimbuzi zasendle ziyizidalwa ezinamahloni kabi. Zikhetha ukuphila ngokuzehlukanisa nabantu. Ngempela, abantu bakuthola kunzima ukusondela eduze ngokwanele ukuze bazibuke endaweni yazo endle. Ngakho, uMnikazi ‘wezilwane zasezintabeni eziyizinkulungwane’ wayengayibuza kufanele indoda enguJobe: ‘Uyasazi yini isikhathi sokuzala kwezimbuzi zasendle?’—IHubo 50:10, qhathanisa ne-NW; Jobe 39:1.
Umzwelo ongokwemvelo ewuphiwe uNkulunkulu utshela imbuzi yasendle yensikazi lapho sekuyisikhathi sokuzala. Icinga indawo ephephile izalele khona izinyane elilodwa noma amabili, ngokuvamile ekupheleni kuka-May noma ngo-June. Amazinyane asanda kuzalwa afunda ukuzihambela ezinsukwini ezimbalwa nje.
‘Uyindluzelekazi Ethandekayo Nembuzi Yasendle Enhle’
Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yanxusa amadoda: “Uthokoze ngomfazi wobusha bakho. Uyindluzelekazi [ethandekayo] negogokazi [“imbuzi yasendle,” NW] elihle.” (IzAga 5:18, 19) Ngalokhu kwakungaqondiwe ukwehlisa abesifazane. Ngokusobala, uSolomoni wayebhekisela ebuhleni, ukuphiqilika, kanye nezinye izimfanelo ezivelele zalezi zilwane.
Imbuzi yasendle iphakathi ‘kwemiphefumulo ephilayo’ engenakubalwa enikeza ubufakazi bokuhlakanipha koMdali. (Genesise 1:24, 25, qhathanisa ne-NW.) Asijabuli yini ngokuthi uNkulunkulu uye wasizungeza ngezidalwa eziningi kangaka ezikhangayo?
[Umthombo Wesithombe ekhasini 24]
Courtesy of Athens University