Umnakekeli Wengadi Oyingcweti
INTUTHWANE yaseNingizimu Melika ekha amaqabunga imangalisa izazi zezinto eziphilayo ngamasu ayo okunakekela ingadi ayinkimbinkimbi. Ukuze sithole ukudla, lesi sinambuzane esincane sikha izicucwana zamaqabunga bese siqongelela imvithi esehlathini siyifake esidlekeni sayo esingaphansi komhlaba. Lentuthwane ibe isigaya lezi zicucwana zibe inkafunkafu ukuze ivundise ingadi yayo enesikhunta. Lomukhi wamaqabunga ukwazi ngokwemvelo ukugcina izinga lokushisa nelomswakama elifanele esitshalweni sakhe ukuze athole imiphumela ephambili. Ukuze avule indawo entsha, uthutha lezi zicucwana ezitshalweni ezihlumayo aziyise engadini entsha. Lentuthwane ekha amaqabunga isifunde ngisho nekhono lokuthena ukuze yandise isikhunta. Abacwaningi baseWales baye baqaphela ukuthi lomlimi onekhono uvumelanisa imizamo yakhe nezidingo zokudla esidlekeni, kanjalo onge isikhathi namandla.
Ukunakekela ingadi kuhilela umsebenzi onzima, futhi intuthwane ekha amaqabunga iyamangalisa kulesi sici. Yingakho iBhayibheli lithi: “Yana entuthwaneni, vilandini, ubone izindlela zayo, uhlakaniphe, yona ethi ingenamahluleli, nambonisi, nambusi, ilungisa nokho ehlobo isinkwa sayo, ibuthe ngesikhathi sokuvuna ukudla kwayo.” (IzAga 6:6-8) Ngempela, ukuhlakanipha okungokwemvelo kwentuthwane ekha amaqabunga kufakazela ukuhlakanipha koMdali wayo, uJehova uNkulunkulu.—IzAga 30:24, 25.