-
“Ubusisiwe Umuntu Othola Ukuhlakanipha”INqabayokulinda—2001 | Mashi 15
-
-
‘Kuyamemeza’
Isahluko 8 sezAga siqala ngombuzo-mbumbulu: “Ukuhlakanipha akumemezi yini, nokuqonda akukhiphi izwi lakho na?”a Yebo, ukuhlakanipha nokuqonda kulokhu kumemeza, kodwa hhayi njengowesifazane oziphethe kabi oma ezindaweni ezimnyama ahlebele omusha ohamba yedwa futhi ongahlakaniphile amazwi okuyenga. (IzAga 7:12) “Kumi esiqongweni sezindawo eziphakemeyo, ngasendleleni phakathi kwemikhondo. Ngaseceleni kwamasango, ngasekungeneni komuzi, lapho kungenwa ngeminyango, kuyamemeza.” (IzAga 8:1-3) Izwi elikhulu nelinesibindi lokuhlakanipha licacile futhi lizwakala kahle ezindaweni zomphakathi—emasangweni, ezimpambanweni zemigwaqo nasekungeneni komuzi. Abantu bangalizwa kalula lelo zwi, basabele.
Ubani ongaphika ukuthi ukuhlakanipha kokuhlonipha uNkulunkulu okuseZwini likaNkulunkulu eliphefumulelwe, iBhayibheli, kuyatholakala cishe kuwo wonke umuntu emhlabeni ofisa ukukuthola? I-World Book Encyclopedia ithi, “iBhayibheli liyincwadi efundwa kakhulu kunazo zonke emlandweni.” Iyanezela: “Amakhophi eBhayibheli aye asakazwa maningi kunanoma awayiphi enye incwadi. IBhayibheli futhi liye lahunyushwa kaningi, lahunyushelwa ezilimini eziningi, kunanoma iyiphi enye incwadi.” Njengoba iBhayibheli eliphelele noma eliyizingxenye litholakala ngezilimi ezinkulu neziyimixhantela ezingaphezu kuka-2 100, abantu abangaphezu kwamaphesenti angu-90 emkhayeni wesintu bayakwazi ukuthola okungenani ingxenye yeZwi likaNkulunkulu ngolimi lwabo.
OFakazi BakaJehova bamemezela obala umyalezo weBhayibheli kuyo yonke indawo. Emazweni angu-235, bashumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ngentshiseko, befundisa abantu amaqiniso aseZwini likaNkulunkulu. Omagazini babo abasekelwe eBhayibhelini, INqabayokulinda, enyatheliswa ngezilimi ezingu-140, ne-Phaphama!, enyatheliswa ngezilimi ezingu-83, basakazwa ngamakhophi angaphezu kwezigidi ezingu-20 ngamunye. Ukuhlakanipha kumemeza ngempela ezindaweni zomphakathi!
-
-
“Ubusisiwe Umuntu Othola Ukuhlakanipha”INqabayokulinda—2001 | Mashi 15
-
-
a Igama lesiHeberu elisho “ukuhlakanipha” lisebulilini besifazane. Ngakho, ezinye izinguqulo zisebenzisa isabizwana sesifazane lapho zikhuluma ngokuhlakanipha.
-