Ingabe Kufanele Ube Onethezekile?
CISHE abantu abaningi banomuzwa wokuthi kuyinto enhle ukubhekwa njengomuntu okhululekile, ozolile. Nokho, ngokuvamile le mfanelo ingase iphenduke “isikhubekiso.” IBhayibheli lithi: “Nokunganaki kweziwula kuyakubabhubhisa.” (IzAga 1:32) Kusho ukuthini lokho?
Ezinye izinguqulo zeBhayibheli zichaza igama lesiHeberu eliwumsuka ngamazwi anjengokuthi “ukuzithela ngabandayo” (American Standard Version), “ukuyekelela” (The New American Bible), nokuthi “ukudebesela.” (The New English Bible) Kulo mqondo ukunethezeka kuhlotshaniswa nobuvila nokunganaki futhi kanjalo nobuwula.
Ekhulwini lokuqala, amaKristu ebandleni laseLawodikeya ayekuthalalisa noma engakushayi mkhuba ukushiyeka kwawo ngokomoya. Ngokuzethemba ayezishaya isifuba ethi “asidingi lutho nhlobo.” UJesu Kristu waweluleka, ethi mawavuselele intshiseko yawo yobuKristu.—IsAmbulo 3:14-19.
Ukungagqizi qakala kwakuyisici esivelele sabantu bosuku lukaNowa. Babexakaniswe yizinto ezivamile zokuphila, “bedla futhi bephuza, amadoda eshada futhi abesifazane bendiswa . . . , futhi abanakanga kwaze kwafika isikhukhula, sabakhukhula bonke.” UJesu wabe esenezela: “Kuyoba njalo nokuba khona kweNdodana yomuntu.”—Mathewu 24:37-39.
Iziprofetho zeBhayibheli ezigcwalisekile zibonisa ukuthi siphila phakathi “nokuba khona kweNdodana yomuntu,” uJesu Kristu. Kwangathi singelokothe sidebesele, sizithele ngabandayo, siyekelele—sibe abanethezekile ngomqondo ongafanele.—Luka 21:29-36.