Qaphela Inhlebo Elimazayo!
“Lapho amazwi emaningi khona, akuphuthi ukuphambeka; obamba umlomo wakhe uhlakaniphile.”—IZAGA 10:19.
1. Inhlebo yenzondo, noma ukunyundela kungonakalisa kanjani?
AKUKHO lutho olungashintsha ushevu obulalayo ube isiphuzo esinempilo. Ukuhleba kwenzondo, noma ukunyundela, kuye kwafaniswa kahle noshevu, okungase futhi kulahlekisele umuntu oqotho igama lakhe elihle. Imbongi engumRoma uJuvenal yabiza ukunyundela ngokuthi “yilowoshevu omubi kunabo bonke.” Futhi umqambi wemidlalo oyiNgisi uWilliam Shakespeare wenza ukuba omunye wabadlali bakhe asho lamazwi: “Ongebela igama lami elihle ungiphanga okuthile okungenakumcebisa futhi ungenza ngibe mpofu ngempela.”
2. Imiphi imibuzo edinga ukucatshangelwa?
2 Kodwa iyini ngempela inhlebo? Ingahluka kanjani ekunyundeleni? Kungani kufanele siqaphele inhlebo elimazayo? Futhi lokhu kungenziwa kanjani?
Indlela Okuhlukene Ngayo
3. Uyini umehluko phakathi kokuhleba nokunyundela?
3 Inhlebo “iyinkulumo engelutho, engelona iqiniso ngaso sonke isikhathi, ngabanye abantu nangezindaba zabo.” ‘Iyinkulumo noma umbhalo ovamile nongelutho.’ Njengoba sonke sinesithakazelo kubantu, ngezinye izikhathi sisho izinto ezinhle, ezakhayo ngabanye. Ukunyundela kuhlukile. ‘Kuwumbiko ongamanga ohloselwe ukulimaza igama elihle nedumela lomunye.’ Inkulumo enjalo ngokuvamile ingeyenzondo futhi iphambene nobuKristu.
4. Ngokomunye umlobi, ukunyundela kungaqala kanjani, futhi kusukelaphi?
4 Inhlebo engalimazi ingase iphenduke ukunyundela okuyingozi. Umlobi uArthur Mee wathi: “Ngokuvamile ukunyundela okulimaza umuntu, futhi okungase kone idumela lakhe, kuqala ngokuhleba, mhlawumbe ukuhleba okusuka entweni engeyimbi kangako ekuqaleni njengenkulumo eyize. Kungobunye bobubi obukhulu kunabo bonke emhlabeni, kodwa ngokuvamile kuvela ekungazini. Sikuthola ngokuyinhloko phakathi kwalabo abanokuncane kakhulu abangakwenza, futhi abangenanjongo ekhethekile ekuphileni.”
5. Uyini umongo weseluleko sikaPawulu esikweyoku-1 Thimothewu 5:11-15?
5 Njengoba inkulumo engelutho ingase iholele ekunyundeleni, umphostoli uPawulu wakhuluma ngokumelene nezinhlebi ezithile. Ngemva kokukhuluma ngabafelokazi abafaneleka ukuba basizwe yibandla, wabhala: “Abafelokazi abasha ubenqabe; ngokuba uma sebetamasile bedela uKristu, . . . Futhi-ke bafunda nokuvilapha, bezula izindlu ngezindlu, bengavilaphi kuphela, kepha behleba, bezigaxa ngokungekwabo, bekhuluma okungafanele. Ngakho-ke ngithanda ukuba abafelokazi abasha bagane, bazale abantwana, baphathe indlu yabo, bangasiniki isitha ithuba lokuthuka. Ngokuba nakalokhu abanye sebechezukele kuSathane.”—1 Thimothewu 5:11-15.
6. Yini okufanele yenziwe ukuze kunqotshwe ubuthakathaka bomuntu siqu bokuthanda uhlobo lokuhleba olungaholela ekunyundeleni?
6 Njengoba uPawulu abhala ngaphansi kokuphefumlelwa kwaphezulu, wayengakhulumi amazwi angalungile ngalabo besifazane. Lokho akusho kufanele kucatshangelwe ngokungathi sína kakhulu. Akekho owesifazane owesaba uNkulunkulu ofuna ‘ukuchezukela kuSathane.’ Nokho, kuthiwani uma owesifazane ongumKristu ethola ukuthi unobuthakathaka bokuthanda uhlobo lwenkulumo engabangela ukuba abe necala lokunyundela? Khona-ke kufanele asilalele ngokuzithoba iseluleko sikaPawulu: “Nabesifazane mababe nesizotha, abangahlebi.” Futhi wathi: “Nabesifazane abadala baziphathe ngokufanele abangcwele, bangabi-ngabahlebi.” (1 Thimothewu 3:11; Thithu 2:3) Nabazalwane kufanele basisebenzise ngokungathi sína lesoseluleko esihlakaniphile.
7. NgokomBhalo, kungani ubungathi sonke kufanele sikulawule lokho esikushoyo?
7 Yiqiniso, ngezinye izikhathi sonke siyakhuluma ngabanye abantu, ngokuhlangenwe nakho kwabo enkonzweni, njalonjalo. Nokho, masingalokothi ‘sihlale sihlebe umfowethu.’ (IHubo 50:19, 20) Ngempela, kuwukuhlakanipha ukungakhulumi kakhulu ngoba “lapho amazwi emaningi khona, akuphuthi ukuphambeka; obamba umlomo wakhe uhlakaniphile.” (IzAga 10:19) Ngakho-ke kufanele sikugweme ukuhleba, ngisho noma kungabonakali kulimaza. Asikho isidingo sokukhuluma ngabanye abantu ngaso sonke isikhathi, njengoba sinezindaba ezinhle esingakhetha kuzo uma sicabanga ngezinto ezilungileyo, ezimhlophe, ezithandekayo, ezitusekayo, nezibongekayo.—Filipi 4:8.
Indlela Ukuhleba Okungaba Ukunyundela Ngayo
8. Kungani kungekhona okungalungile ngaso sonke isikhathi ukukhuluma ngamaKristu esikanye nawo?
8 Akukho-ngozi ekukhulumeli ngenkonzo yasensimini nangeminye imisebenzi yokwesaba uNkulunkulu yalabo esikholwa nabo uma siqinisile futhi kamuva ingabibikho into elimazayo kulokho esikushilo. Eqinisweni, amazwi aqondile aloluhlobo angase abakhuthaze abanye. (Qhathanisa nezEnzo 15:30-33.) Amanye amaKristu akhuluma ngendoda eyayisikhulile ethembekile uGayu, umphostoli uJohane ayibhalela lokhu: “Sithandwa, wenza okuthembekileyo ngalokho okwenzele abazalwane nokuba bengabafo abafakazele uthando lwakho phambi kwebandla.” (3 Johane 5, 6) Ngakho akukhona okungalungile ngaso sonke isikhathi ukukhuluma ngamaKristu esikholwa nawo.
9. (a) Inkulumo engelutho ingaphenduka kanjani ibe ukunyundelwa kwabaqotho? (b) Imiphi imibuzo esingase sizibuze yona ngokufanelekile?
9 Nokho, inkulumo engelutho ingaphenduka ukunyundela abaqotho uma singenela ezindabeni zabo zomuntu siqu, singabaza izisusa zabo, noma sibangela izinsolo ngokuziphatha kwabo. Singase sizijwayeze ukuzibuza imibuzo, enjengokuthi: Ingabe inkulumo yami iyolonakalisa idumela lomunye umuntu? Ingabe lokhu engikushoyo kuyiqiniso? (IsAmbulo 21:8) Ingabe bengiyosho okufanayo phambi kwakhe? Ingabe kuyotshala ukungezwani ebandleni? Ingabe amazwi ami angabangela ukuba alahlekelwe amalungelo enkonzo? Ingabe kungenzeka ukuthi kukhona umhawu enhliziyweni yami? (Galathiya 5:25, 26; Thithu 3:3) Ingabe isithelo samazwi ami siyoba sihle noma siyoba sibi? (Mathewu 7:17-20) Ingabe ngangingasho izinto ezifanayo ngabaphostoli? (2 Korinte 10:10-12; 3 Johane 9, 10) Ingabe inkulumo enjalo iyabafanela labo abahlonipha uJehova?
10, 11. NgokweHubo 15:1, 3, yini esingeke siyenze uma sifisa ukuba izivakashi zikaNkulunkulu?
10 Libhekisela kulabo abahlonipha uNkulunkulu, iHubo 15:1 liyabuza: “Jehova, ngubani oyakuhlala etendeni lakho na? Ngubani oyakwakha entabeni yakho engcwele na?” Ngokuqondene nomuntu onjalo, umhubi uDavide uyaphendula: “Ongahlebi ngolimi lwakhe, ongamoni umngane wakhe, nongamhlazi umakhelwane wakhe.” (IHubo 15:3) Lapha igama elithi “ongahlebi” livela esenzweni sesiHeberu esisho “ukuhamba ngezinyawo” futhi kanjalo “ukuhambahamba.” AmaIsrayeli ayalwa: “Ungahambahambi usakaza inhlebo kubantu bakini.” (Levitikusi 19:16, New International Version) Noma ubani ‘ohambahamba esakaza inhlebo’ akasona isivakashi nomngane kaNkulunkulu.
11 Abangane bakaNkulunkulu abenzi lutho olubi kubangane babo futhi ngeke bazilalele, noma bazamukele njengeziyiqiniso, noma yiziphi izindaba ezihlazisayo ngabantu abaqotho ababajwayele. Kunokuba sisakaze izindaba ezingamanga ngalabo esikholwa nabo futhi sinezele ezihlambeni ezimbi asebenazo kakade ngenxa yalabo abangamesabi uNkulunkulu, kufanele sikhulume kahle ngabo. Ngeke nanini sifune ukwandisa umthwalo wabafowethu nodadewethu abathembekile ngokukhuluma izinto ezihlazisayo ngabo.
Lapho Kuphakama Izinkinga
12. IzEnzo 15:36-41 zingasisiza kanjani uma silingelwa ukuba sihlebe ngothile esingezwani naye?
12 Ngenxa yokungapheleli, singase silingeke ukuba sikhulume kabi ngomuntu esiye saba nokungezwani okukhulu naye. Kodwa cabanga ngalokho okwenzeka lapho umphostoli uPawulu esezoqalisa uhambo lwakhe lwesibili lwezithunywa zevangeli. Nakuba uBarnaba ayezimisele ukuba bahambe noMarku, uPawulu akazange avume, ‘ngoba [uMarku] wabashiya ePhamfiliya, akaze aya nabo emsebenzini.’ Ngaphezu kwalokho, “kwalandela ukuphikisana okukhulu,” base behlukana. UBarnaba wathatha uMarku baya eKhupro, kanti uPawulu wathatha uSila bahamba naye badabula iSiriya neKhilikhiya. (IzEnzo 15:36-41) Kamuva, ufa olwaluphakathi kukaPawulu, uBarnaba, noMarku ngokusobala lwavaleka, ngoba uMarku wayenalomphostoli eRoma, futhi uPawulu wakhuluma kahle ngaye. (Kolose 4:10) Ngisho nakuba kwakube khona ukungezwani, abukho ubufakazi bokuthi lawomaKristu ayeye ahambahamba ehlebana phakathi kwabanye akholwa nabo.
13. Kungaphansi kwaziphi izimo ezazihilela uPetru lapho uPawulu amelana khona nesilingo sokuhleba ngomKristu akanye naye?
13 UPawulu futhi wamelana nesilingo sokuba awele ekuhlebeni okulimazayo lapho esola uKhefase (uPetru), owayebe namahloni okudla namakholwa abeZizwe futhi ahlale nawo ngenxa yokuba khona kwamaKristu athile angamaJuda avela eJerusalema. Kunokuba akhulume ngoPetru engekho, uPawulu ‘wamelana naye ubuso nobuso,’ ekhuluma “phambi kwabo bonke.” (Galathiya 2:11-14) UPetru naye akazange ahlebe ngowayemsola. Eqinisweni, kamuva wabhekisela kuye ngokuthi ‘umzalwane wethu othandekayo uPawulu.’ (2 Petru 3:15) Ngakho ngisho noma esikholwa naye edinga ukuba alungiswe, lokho akunikezi saba sokumhleba. Kunezizathu ezinhle kakhulu zokuqaphela inkulumo enjalo nokumelana nesilingo sokusakaza inhlebo elimazayo.
Kungani Kudingeka Siqaphele?
14. Siyini isizathu esiyinhloko sokungayilaleli noma sokungayisakazi inhlebo elimazayo?
14 Isizathu esiyinhloko sokuthi kungani kungafanele silalele inhlebo elimazayo noma sihlanganyele ekuyisakazeni siwukuthi sifuna ukujabulisa uJehova, okulahlayo ukunyundela. Njengoba kuphawuliwe, indlela uNkulunkulu abheka ngayo inkulumo enjalo yenziwa yacaca lapho amaIsrayeli eyalwa: “Ungahambahambi ucetheza phakathi kwabantu bakho, ungamelani nokuphila komakhelwane wakho; nginguJehova.” (Levitikusi 19:16) Khona-ke, ukuze sijabulele umusa waphezulu akumelwe sinyundele noma ubani okungenzeka sikhulume ngaye ezingxoxweni zethu.
15. Ubani umnyundeli wokuqala, futhi yimuphi umphumela ukuhileleka enhlebweni elimazayo okungaba nawo ebuhlotsheni bethu noNkulunkulu?
15 Esinye isizathu sokuba singahileleki enhlebweni elimazayo siwukuthi lokho kungaholela ekulingiseni uSathane, umnyundeli kaJehova omkhulu. Lesitha esikhulu sikaNkulunkulu salinikezwa ngokufanelekile igama elithi “Develi” (ngesiGreki, di·aʹbo·los), elisho “umnyundeli.” Lapho uEva elalela inkulumo kaSathane enyundela uNkulunkulu futhi enza ngokuvumelana nayo, abantu bokuqala ababili bahlukaniswa noMngane wabo ongcono kakhulu. (Genesise 3:1-24) Masingalokothi sizivumele ukuba sinqotshwe amacebo kaSathane futhi sihileleke enkulumweni elimazayo esenza singamukeleki ngokwaphezulu futhi, ngalesosizathu, engasehlukanisa noMngane wethu ongcono kakhulu, uJehova uNkulunkulu.
16. Umnyundeli ‘ubahlukanisa’ kanjani “abahlobo”?
16 Akufanele sizilalele izinhlebi ezinenzondo, ngoba zehlukanisa abangane. Ngokuvamile, abanyundeli bayeqisa, bayayisonta indaba, bakhuluma amanga, bakha izintaba ezinkulu zamazwi athukuthelisayo. Kunokuba bakhulume nomuntu ubuso nobuso, bayamhleba. Ngokuvamile kudaleka izinsolo ezingenasisekelo. Kanjalo, ‘umncethezi wahlukanisa abahlobo.’—IzAga 16:28.
17. Kungani kufanele siqaphele ukuba singahileleki kakhulu enhlebweni engelutho?
17 Kufanele siqaphele ukuba singahileleki ngokujulile ngisho nasekuhlebeni okungelutho. Ngani? Ngoba izwi elingahloselwe ukulimaza muntu lingase libe buhlungu lapho liphindaphindwa. Lingase lihlotshiswe noma lisontwe kuze kube yilapho lonakalisa khona idumela lomuntu owesaba uNkulunkulu, limlahlekisele igama lakhe elihle. Uma lokho kwenzeka, ubungazizwa kanjani uma kunguwena oqalise leyondaba noma oyidlulisile? Abantu bangase bakubheke njengomuntu ongase abangele ubuhlungu, futhi ngalesosizathu bangase bangabe besafuna ukuba nawe.—Qhathanisa nezAga 20:19.
18. Ukuhleba kungamenza kanjani umuntu abe umqambimanga?
18 Esinye isizathu sokuqapha siwukuthi inhlebo elimazayo ingakwenza umqambimanga. “Amazwi omncethezi anjengesibiliboco: ayehlela kokuphakathi komuntu.” (IzAga 26:22) Kuthiwani uma ugwinya amanga bese uwaphinda? Nokho, ngisho noma ucabanga ukuthi lawomanga ayiqiniso, uqamba amanga lapho uwasakaza. Lapho lawomanga embulwa, ungase ubhekwe njengomqambimanga. Ingabe uyafuna ukuba lokho kwenzeke? UNkulunkulu akababheki yini abafundisi bamanga njengabanecala ngenxa yamanga angokwenkolo? Yebo, futhi ubabheka njengabanecala abanyundeli abanamanga. UJesu waxwayisa: “Wonke amazwi ayize abantu abawakhulumayo bayakulandisa ngawo ngosuku lokwahlulela; ngokuba uyakuthethwa icala ngamazwi akho siqu, futhi liyakukulahla ngamazwi akho siqu.” (Mathewu 12:36, 37, Byington) Njengoba ‘kuyilowo nalowo phakathi kwethu eyoziphendulela kuNkulunkulu,’ ingabe ungafuna ukuba akulahle njengomnyundeli onamanga?—Roma 14:12.
19. Kungani kungase kuthiwe inhlebo elimazayo ingaba ebulalayo?
19 Esinye futhi isizathu sokungayandisi inhlebo elimazayo siwukuthi ingaba ngebulalayo. Yebo, ingaba ngebulalayo, ibhubhise idumela elihle lomuntu ongenacala. Ezinye izindimi ‘ziyizinkemba ezibukhali,’ futhi amazwi ahlabayo anjengemicibisholo ecibishelwa kongenacala ngokuzumayo. UDavide wathandaza: “[Jehova] ngisithe esigungwini sababi, nasesixukwini sabenza okubi, abalola ulimi lwabo njengenkemba, bakhombe imicibisholo yabo engamazwi ababayo ukuba bamdubule ongenacala ngasesitha, bamdubule ngokuzuma bengesabi.” (IHubo 64:2-4) Ingabe ungafuna ukuba necala ngokusho izinto ezimbi kanjalo ngomunye umuntu aze azizwe ephoqelekile ukuba athandaze kuNkulunkulu acele impumuzo, njengoba kwenza umhubi? Ingabe uyafuna ukuba necala lalokho okufana nokubulala?
20. (a) Ngokuqondene nebandla likaNkulunkulu, yini engenzeka kumnyundeli ongaphenduki? (b) Ikuphi ukuqapha abadala okufanele bakusebenzise ngokuqondene nokuhleba nokunyundela?
20 Ukunyundela kungaholela ekuxoshweni enhlanganweni kaNkulunkulu; umnyundeli angase asuswe ekuhlanganyeleni, mhlawumbe njengomqambimanga ongaphenduki. Nokho, isinyathelo esinjalo akufanele sithathwe kulabo abanecala lokuhleba okungasho lutho. Abadala kufanele bahlole izindaba ngobuqotho, bahlukanise ngokucacile phakathi kokuhleba okuvamile nokunyundela okubi. Ukuze asuswe ekuhlanganyeleni, umenzi wobubi kufanele abe umnyundeli onenzondo, ongaphenduki. Abadala abagunyaziwe ukuba basuse ekuhlanganyeleni noma ubani ngenxa yokuhleba okuvamile okushukunyiswa isithakazelo sobuntu kodwa kungewona amanga noma ingozi. Izindaba akufanele zikhuliswe zidlule izinga elifanele, futhi kumelwe kube nofakazi abanobufakazi obuqand’ ikhanda obufakazela ukuthi ukunyundela kuhileleké ngokungangabazeki. (1 Thimothewu 5:19) Abanyundeli abangaphenduki baxoshwa ngokuyinhloko ukuze kuqedwe ukuhleba okunenzondo, futhi ibandla lingonakaliswa yisono. (1 Korinte 5:6-8, 13) Kodwa abadala akufanele baphamazele kangangokuba baze baxoshe umuntu ngezizathu ezingekho ngokomBhalo. Ngomthandazo nangeseluleko, ngokuvamile bayokwazi ukusiza lowomuntu ukuba aphenduke, axolise noma anxephezele ngenye indlela, futhi enze intuthuko eqhubekela ekulawuleni ulimi lwakhe.
Ingabe Kuwukunyundela?
21. Kunokuba uhlebe ngomenzi wobubi, yini okufanele uyenze?
21 Isaga esihlakaniphile sithi: “Ohamba encetheza uyembula izimfihlakalo, kepha othembekile emoyeni uyayisibekela indaba.” (IzAga 11:13) Ingabe lokhu kusho ukuthi uma wazi ukuthi othile uhileleke ngasese esonweni esingathi sína, kuyoba ukunyundela ukukhuluma ngakho? Cha. Yiqiniso, akufanele uhlebe ngaleyondaba. Kufanele ukhulume nalowomenzi wobubi, umnxuse ukuba afune usizo lwabadala. (Jakobe 5:13-18) Uma engakwenzi lokhu esikhathini eside ngokwanele, ukukhathalela ukuhlanzeka kwebandla kufanele kukushukumisele ukuba ubike indaba kwabadala.—Levitikusi 5:1.
22. Kungani singathi eyoku-1 Korinte 1:11 ayikugunyazi ukuhleba?
22 Umbiko onjalo ungase uphumele ekuyalweni komenzi wobubi, futhi ngeke kubonakale kujabulisa. Noma kunjalo, umuntu oqeqeshwe isiyalo uvuna isithelo sokulunga. (Heberu 12:11) Isenzo esingalungile kufanele sembulelwe labo abamiselwe ukuba basingathe izindaba ezinjalo, hhayi izinhlebi ezingase zixoxe ngaso. UPawulu watshela amaKristu aseKorinte: “Ngitsheliwe ngani-bazalwane bami ngabendlu kaKlowe ukuthi kukhona ukuphikisana phakathi kwenu.” (1 Korinte 1:11) Ingabe amalungu aleyondlu ayehleba ngakholwa nabo? Cha, kodwa kwabikwa kumdala onomthwalo wemfanelo owayengakwazi ukuthatha izinyathelo zokusiza labo ababedinga usizo ukuze babuyele endleleni yokuphila.
23. Imuphi umbuzo osazocatshangelwa?
23 Uma sisiza umuntu ukuba aqaphele ukuba angahileleki enhlebweni elimazayo, senza okuzuzisa yena. Isaga esihlakaniphile sithi: “Olinda umlomo wakhe ugcina ukuphila kwakhe; okhamisa izindebe zakhe uyakuba-nencithakalo.” (IzAga 13:3) Khona-ke, ngokusobala kunezizathu ezinhle zokuqaphela inhlebo elimazayo nokunyundela okubi. Nokho, inhlebo elimazayo ingaqedwa kanjani? Isihloko esilandelayo sizosho.
Zithini Izimpendulo Zakho?
◻ Uyini umehluko phakathi kokuhleba okungelutho nokunyundela?
◻ Ukuhleba kungaba kanjani ukunyundela?
◻ Ziyini ezinye izizathu zokuqaphela inhlebo elimazayo?
◻ Kungani ukunyundela kungahilelekile lapho sibika isenzo esibi somunye umuntu?
[Isithombe ekhasini 14]
Qiniseka ukuthi awulokothi ube necala lokudubula umuntu emhlane ngokuhleba ngaye