Chapter 18
Ingabe Uthembekile ENkosini Entsha Yomhlaba?
1. Lapho uJesu eza njengeNkosi ngo-33 C.E., isixuku sasabela kanjani?
NGONISANI 9, ka-33 C.E., uJesu Kristu waziveza kumaJuda njengeNkosi yawo, uMesiya obikezelwe. Njengoba ayehla eNtabeni yemiNqumo eya ngaseJerusalema, abafundi abaningi bajabula futhi badumisa uNkulunkulu ngenxa yemisebenzi yamandla eyayenziwe uJesu. (Luka 19:37, 38; Zakariya 9:9) Kodwa ingabe babeyozibonakalisa bethembekile kuLowo abamhalalisela njengeNkosi? Ukwethembeka kwabo kwavivinywa ngokushesha.
2. (a) Abantu abaningi namuhla basabela kanjani esazisweni sokuthi uKristu uyiNkosi entsha yomhlaba? (b) Kodwa imiphi imibuzo edinga ukucatshangelwa ngokungathi sína?
2 Kusukela ngo-1914 uJesu Kristu okhazinyulisiwe obusa esezulwini uye walethwa kuso sonke isintu njengeNkosi entsha yomhlaba. Amathemba okuphila ngaphansi kukahulumeni osezandleni zikaKristu, onekhambi loqobo ezinkingeni zesintu, aye abangela abantu bezizwe zonke ukuba bajabule. Kodwa ingabe bayothembeka? Kuthiwani ngathi ngabanye?
UMBHALO WENKOSI NGOKWAYO WOKWETHEMBEKA
3. (a) Kungani uJesu ngokwakhe kubhekiselwa kuye ‘njengothembekile’ kaJehova? (b) Kuyini ukwethembeka?
3 UJesu Kristu uye wanikeza ubufakazi obanele bokuthi ukwethembeka kwakhe kuJehova, uMbusi weNdawo Yonke, kungokungazamazami. Kubhekiselwa kuye ngokufanelekile emiBhalweni ‘njengothembekileyo’ (“ongcwele”) kaJehova. (IHubo 16:10; IzEnzo 2:24-27) Igama lesiHeberu elisho ‘ukwethembeka’ elisetshenziswe lapha linomqondo wokuba nomusa wothando. Akukhona okuthile okubandayo, okumane kusekelwe nje emthethweni noma ukwahlulela, kodwa okushukunyiswa nawuthando nokwazisa.—Qhathanisa neHubo 40:8; Johane 14:31.
4, 5. (a) Ukwethembeka kukaJesu kwaboniswa kanjani ezulwini, ngemva kokuhlubuka kukaSathane? (b) Lokho kwethembeka kwaboniswa kanjani futhi nasemhlabeni?
4 Ezulwini, lapho uSathane eqala ukuzifunela udumo olungolukaNkulunkulu kuphela nalapho ezinye zezingelosi zilahla indawo yazo efanelekile enhlanganweni kaJehova engokwasezulwini, iNdodana kaNkulunkulu eyizibulo ayizange ilingise umoya wazo. Kwakungenakwenzeka ngaye ukwenza kanjalo! Ukuzinikezela kwayo kokuzidela ekufezeni intando kaYise kwakukukhulu kangangokuthi, leNdodana ethembekile yashiya inkazimulo yayo yasezulwini, yaba umuntu yazithoba kwaze kwaba sekufeni esigxotsheni sokuhlushwa. Ngothando, yaqiniseka ukuba, ngokwayo kungabi nalutho olubikezelwe imiBhalo ngayo olwalungeke lugcwaliseke.—Filipi 2:5-8; Luka 24:44-48.
5 Ngesikhathi uJesu esesemhlabeni, uSathane waletha ukucindezela okukhulu kuye ukuba amphambukise emsebenzini uNkulunkulu ayemnikeze wona ukuba awenze—ukuze, uma kunokwenzeka, amhuhele ekubeni enze okuthile okwakuyobangela ukuba uNkulunkulu ngokwakhe aphike iNdodana yakhe. Wakhuthaza uJesu ukuba enze izinto ezaziyomnikeza udumo namandla—kodwa njengengxenye yezwe elibuswa uSathane. UJesu wenqaba, ecaphuna imiBhalo eNgcwele njengomqondisi wakhe. (Mathewu 4:1-10) UJesu wayenamakhono avelele futhi wawasebenzisa kahle, kodwa njalo ngokuvumelana nentando kaYise. Wazigcina ematasa ekwenzeni umsebenzi uNkulunkulu ayemthumele ukuba awenze. (Johane 7:16-18; 8:28, 29; 14:10) Yeka isibonelo esihle sokwethembeka!
6. Kungayiphi indlela umvuzo owanikezwa uJesu udinga ukwethembeka kithina?
6 Ngenxa yokuthembeka kukaJesu okuqinisekisiwe, uJehova wamvusa kwabafileyo, “wamphakamisa kakhulu, wamnika igama eliphezu kwamagama onke, ukuze kuthi ngegama likaJesu amadolo onke aguqe, . . . nezilimi zonke zivume ngokuthi UJESU KRISTU UYINKOSI, kube-yinkazimulo kuNkulunkulu uYise.” (Filipi 2:9-11) Leligama “eliphezu kwamagama onke” limelele amandla negunya elinikezwe uJesu ukuze agcwalise intando kaJehova. ‘Ukuguqa ngamadolo’ kuye kusho ukuqaphela isikhundla sakhe nokuzithoba egunyeni lakhe. Kuhlanganisa ukuzithoba ngokwethembeka kuyena njengeNkosi.
UTHANDO LOKWETHEMBEKA KWABAGCOTSHIWEYO BAKAJEHOVA
7. Kungokuqondene naziphi izinto abalandeli bakaJesu bevivinywa ukwethembeka kwabo?
7 Iqiniso lokuthi, ngemva kokwenyukela kwakhe ezulwini, uJesu wayengasenakubonakala ngamehlo enyama laliyophumela ekuvivinyweni kokwethembeka kwabalandeli bakhe okuhlola inhliziyo. Ingabe babeyophila ngezimiso ayebafundise zona? Ingabe babeyozigcina behlukile ezweni? Ingabe babeyobahlonipha labo umoya ongcwele owawubanikeze umthwalo wemfanelo wokwengamela? Ingabe babeyowenza ngomphefumulo wonke umsebenzi ayebabele wona?
8. Yini eyafanekiselwa uthando lokwethembeka phakathi kukaJonathani noDavide?
8 Ngesikhathi esifanele “ezinye izimvu” kwakuyodingeka zihlanganiswe ‘nomhlambi omncane’ wezindlalifa zoMbuso wasezulwini. Ingabe zaziyosazisa ngempela isikhundla ezisabelwe ngokuqondene noKristu njengeNkosi nakomunye nomunye? Amaqiniso abonisa ukuthi kuye kwaba nothando lwangempela komunye nomunye kubo bonke abayingxenye ‘yomhlambi munye’ ngaphansi kukaJesu Kristu. Lokhu kwafanekiselwa uthando olungenakunqamuka, nolungapheli lukaJonathani, indodana yeNkosi uSawule, ngoDavide. Ngemva kokubona ukuzinikela okuphelele kukaDavide kuJehova nokuthembela kwakhe kuNkulunkulu ngokubulala uGoliyati, uJonathani wathinteka ngokujulile futhi “inhliziyo kaJonathani yanamathela enhliziyeni kaDavide, uJonathani wamthanda ngenhliziyo yakhe.” Uthando lwakhe aluzange lunciphe uma kuba sobala ukuthi uJehova wayezonikeza uDavide ubukhosi hhayi uJonathani. UJonathani waze ngisho wafaka ukuphila kwakhe engozini ngokuphindaphindiwe ngenxa kaDavide.—1 Samuweli 17:45-47; 18:1; 23:16, 17.
9. Ukwethembeka okufanayo kwaboniswa kanjani ngabangewona amaIsrayeli abakhonza empini kaDavide?
9 Ngaphandle kukaJonathani, kwakunabanye abangewona amaIsrayeli abazihlanganisa noDavide. Babengewona amasosha okuqashwa kodwa bengamadoda anesibindi ayeqhutshwa ukuzinikela kuDavide njengogcotshiweyo kaJehova. AmaKhereti, amaPheleti nababeyizakhamuzi zomuzi wamaFilisti waseGati babephakathi kwabo. Banamathela ngokwethembeka kuDavide lapho indodana yakhe uAbisalomu izama ukweba ngokukhohlisa izinhliziyo zabantu bakwaIsrayeli. Naphezu kokuqhama kuka-Abisalomu nobuqili bakhe, laba abazange baholelwe enkambweni yobumbuka ngenxa yokukhuluma kwakhe okushelelayo.—2 Samuweli 15:6, 10, 18-22.
10. (a) Ubuhlobo obuseduze phakathi kukaKristu, insali egcotshiwe ‘nezinye izimvu’ buboniswe kanjani kumaHubo 45? (b) Kungayiphi ingqondo ‘izintombi ezingabangane ezingena [ngayo] endlini yeNkosi’?
10 Enye incazelo ejabulisayo yobuhlobo phakathi kukaKristu, insali egcotshiwe “nezinye izimvu” itholakala kumaHubo 45. Lokhu akusikho nje ukuthi kuyinkondlo enhle kodwa kuyisiprofetho soMbuso wobuMesiya—uNkulunkulu ngokwakhe ‘eyisihlalo sobukhosi,’ okungukuthi, isisekelo nensika yobukhosi bukaJesu. (IHubo 45:1-7; Heberu 1:8, 9) Umhubi uchaza umlobokazi kaKristu, “indodakazi yenkosi,” elethwa eNkosini ngosuku lomshado wayo. Kanye nayo kukhona “izintombi ezingabangane.” Zingobani? Ziyilabo abalangazelela ukuba izikhonzi zasemhlabeni zoMbuso kaNkulunkulu. “Ngokujabula nangokwethaba” zihambisana nesigaba ‘somlobokazi’ kuze kube yilapho owokugcina waso ehlanganiswa noKristu ezulwini. Kanye nalaba balesigaba, ‘bangena endlini yeNkosi,’ hhayi ngokwenyukela ezulwini, kodwa ngokuzinikela enkonzweni yeNkosi. Ingabe nawe uye waba yingxenye yalowomthimba ojabulayo?—IHubo 45:13-15.
UKWETHEMBEKA KUDINGANI KITHINA?
11. Iziphi izimo ezisibeka ovivinyweni ngokuqondene ‘nokungabi yingxenye yezwe’?
11 Izimo ezingenakubalwa ekuphileni ziyabonisa ukuthi siluhlobo luni lwabantu. Ingabe sikholelwa ngempela eMbusweni kaJehova wobuMesiya? Ingabe ungokoqobo kithi? UJesu wathi abalandeli bakhe beqiniso ‘babengeke babe yingxenye yezwe.’ Ingabe kunjalo ngawe?—Johane 17:15, 16.
12. Ngisho nakuba singaphelele, kungaziphi ezinye izindlela esinganikeza ngazo ubufakazi bokwethembeka?
12 Ngokuqondene nathi thina bantu abangaphelele, ukwethembeka akufuni ukuba siphelele. Kodwa kudinga ukuba sigweme ukweqa imiyalo yeBhayibheli ngamabomu, kungakhathaliseki noma abanye abantu bayasibona noma cha. Kuyosishukumisela ukuba sizame ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli ngokugcwele, kunokuba sibone ukuthi singasondela kangakanani ezindleleni zezwe. Kuyosibangela ukuba sihlakulele inzondo yangempela ngokubi.—IHubo 97:10.
13. Ukwethembeka kuyosivikela kanjani ezinkulumweni ezishelelayo zezihlubuki?
13 Uma sikuzonda ngempela okubi, ngeke sivumele usikisiki lokwazi lusihuhele ukuba sisondele kukho. Ukuba nosikisiki lokwazi ngokuphila kwabantu abaziphatha kabi ngokobulili kungaholela umuntu enhlekeleleni. (IzAga 7:6-23) Ngokufanayo futhi, inhlekelele engokomoya ingase ifikele labo okuthi ngenxa yosikisiki lokwazi bathenge futhi bafunde izincwadi ezikhishwa izihlubuki, abantu abaye balahla uJehova nenhlangano yakhe base ‘beshaya’ ngamazwi ababekade behlanganyela nabo. (Mathewu 24:48-51) IzAga 11:9 ziyaxwayisa: “Ngomlomo umuntu ongenaNkulunkulu [isihlubuki] ubulala umakhelwane wakhe.” Kodwa ukwethembeka kuyosivikela ukuze singadukiswa ukukhuluma kwabo okushelelayo.—2 Johane 8-11.
14. (a) Iyiphi enye yezindlela ezibaluleke kakhulu esingabonisa ngayo ukwethembeka kwethu kuKristu njengeNkosi? (b) Kungani lomsebenzi ubaluleke kangaka?
14 Enye yezindlela ezibaluleke kakhulu esingabonisa ngazo ukwethembeka iwukuba siwenze ngomphefumulo wonke umsebenzi uJesu awufundisa abafundi bakhe ukuba bawenze. Yena siqu wabeka isibonelo ngokuhamba imizi nemizana, eshumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Luka 8:1) UJesu wabikezela lokho amaKristu eqiniso ayezobe ekwenza namuhla uma ethi: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa kuwo wonke umhlaba owakhiwe kube ubufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” (Mathewu 24:14, NW) Kungokushumayela lezindaba ezinhle impikiswano yoMbuso elethwa ngakho kubantu yonke indawo ukuze bakwazi ukuzenzela isinqumo somuntu siqu. Ngokuqondene nesixuku esikhulu lesosinqumo siyoholela ekulondolozweni phakathi nosizi olukhulu. (IsAmbulo 7:9, 10) Ingabe uhlanganyela ngokwethembeka kulomsebenzi ophuthumayo?
15. (a) IHubo 145:10-13 lithi abathembekileyo bakaJehova bayokhuluma ngani? (b) Lokho kusebenza kanjani kithi?
15 Esikhathini eside esidlule umhubi uDavide waloba: “Yonke imisebenzi yakho [Jehova] iyakukudumisa, abangcwele bakho bakubonge. Ngenkazimulo yombuso wakho bayakukhuluma, bashumayele ngamandla akho ukuba babazise abantwana babantu izenzo zakho zamandla nenkazimulo yobukhosi bombuso wakho. Umbuso wakho ungumbuso kuze kube-phakade; ubukhosi bakho busezizukulwaneni ngezizukulwane.” (IHubo 145:10-13) Lobobukhosi manje sebuyaqhubeka ngoMbuso wobuMesiya ezandleni ezithembekile zikaJesu Kristu, futhi sibonisa ukwethembeka kwethu kokubili kuNkulunkulu nakuKristu ngokukhuluma ngokukhululekile nangentshiseko ngawo.
16. Ukwethembeka kufanele kulithonye kanjani izinga esihlanganyela ngalo ekushumayeleni ngoMbuso nesisusa esikwenza ngaso?
16 Ikuphi ukubaluleka ekuphileni kwakho oye wakunikeza lomsebenzi wokufakaza ngoMbuso? Ingabe ngempela uwubeka ngaphambi kweminye iminako? Lokho wena ngokwakho okwenzayo kungase kube ngaphezu noma kube ngaphansi kwalokho abanye abakwenzayo. Izimo zabantu ngabanye ziyehlukana. Kodwa sonke singazuza ngokuzibuza imibuzo enjengalena: ‘Ingabe ingxenye yami ibonisa umuzwa nje wokubopheka, umnikelo wokugcina icala? Ingabe ngiwubheka njengemfuneko nje yokusinda? Noma ingabe uthando ngoJehova, ukuzinikela eNkosini yakhe yobuMesiya nokukhathalela koqobo ngabanye abantu kungishukumisela ukuba ngiwunikeze indawo yokuqala ukuze ezinye izithakazelo ekuphileni kwami zakhelwe kuwo?’ Ukwethembeka kuyosishukumisela ukuba sifune izindlela zokubonisa ukuthi lomsebenzi kithina ubaluleke njengoba unjalo eNkosini yethu.
17. Obani uJesu ‘ayokhuluma ukuthula’ kubo uma ebhubhisa ababi?
17 Ngokushesha Lowo owahalaliselwa ngenjabulo njengeNkosi ngabafundi bakhe lapho engena eJerusalema ngo-33 C.E. uyobhubhisa bonke abaphika ubukhosi bukaJehova njengoba bubonakaliswa ngeNkosi yaKhe yobuMesiya. Kodwa ‘uyokhuluma ukuthula’ ‘esixukwini esikhulu’ sabantu abavela kuzo zonke izizwe abaye balingisa isibonelo sakhe sokwethembeka. Ingabe uyoba phakathi kwabo?—Zakariya 9:10; Efesu 4:20-24.