Hlwanyela Ukulunga, Uvune Umusa KaNkulunkulu Wothando
“UYAHLUPHEKA nokuhlupheka omela umfokazi, kepha ozonda ukunika isibambiso ulondekile.” (IzAga 11:15) Yeka ukuthi lesi saga esifingqiwe sikukhuthaza ngokugculisa kangakanani ukuthatha isinyathelo ngomuzwa womthwalo wemfanelo! Ngokusayina ufakazele umuntu oboleke imali ukuthi uzoyibuyisa kanti kungenzeka angayibuyisi uzidonsela amanzi ngomsele. Gwema ukunika isibambiso, ungangeni ezingibeni zezimali.
Kusobala ukuthi isimiso esisebenza lapha yilesi: “Noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi.” (Galathiya 6:7) Umprofethi uHoseya wathi: “Zihlwanyeleleni ngokulunga, niyakuvuna ngomusa.” (Hoseya 10:12) Yebo, hlwanyela ukulunga ngokwenza izinto ngendlela kaNkulunkulu, uvune umusa wakhe wothando. Isebenzisa lesi simiso ngokuphindaphindiwe, iNkosi uSolomoni yakwa-Israyeli ikhuthaza ngokuqinile isinyathelo esifanele, inkulumo eqondile nokuthambekela okufanele. Ukuhlolisisa amazwi ayo ahlakaniphile kuzosikhuthaza ngempela ukuba sizihlwanyelele imbewu ngokulunga.—IzAga 11:15-31.
Hlwanyela ‘Ukuthandeka,’ Uvune “Udumo”
Inkosi ehlakaniphile ithi: “Owesifazane othandekayo uzuza udumo; kodwa omashiqela, bona, bazuza ingcebo.” (IzAga 11:16, NW) Leli vesi libonisa umehluko phakathi kodumo oluhlala njalo olungase lutholwe owesifazane othandekayo,“owesifazane onomusa,” nengcebo yesikhashana etholwa umashiqela.—IBhayibheli lesiZulu elivamile.
Umuntu angakuthola kanjani ukuthandeka okumlethela udumo? USolomoni weluleka: ‘Londa ukuhlakanipha okusebenzayo kanye nekhono lokucabanga, kuyoba yinto ethandekayo entanyeni yakho.’ (IzAga 3:21, 22, NW) Nomhubi wakhuluma ‘ngokuthandeka okuthululelwa ezindebeni zenkosi.’ (IHubo 45:1, 2, NW) Yebo, ukuhlakanipha okusebenzayo, ikhono lokucabanga, nokusebenzisa kahle ulimi kwenza umuntu abe yigugu futhi athandeke nakakhulu. Kunjalo ngempela ngowesifazane onokuqonda. U-Abigayili, umkaNabali oyisiwula, ungesinye sezibonelo. “Wayehlakaniphile, ebukeka emuhle,” futhi iNkosi uDavide yamtusa ‘ngokuhlakanipha’ kwakhe.—1 Samuweli 25:3, 33.
Owesifazane owesaba uNkulunkulu nothandeka ngokweqiniso uyoluthola nakanjani udumo. Abanye bayokhuluma kahle ngaye. Uma eshadile, uyozitholela udumo kumyeni wakhe. Empeleni, uyolethela wonke umkhaya udumo. Futhi udumo lwakhe alulona olwesikhashana. “Igama elihle likhethekile kunengcebo enkulu, nomusa kunesiliva negolide.” (IzAga 22:1) Igama elihle azakhela lona noNkulunkulu linenzuzo ehlala njalo.
Kungokuphambene ngomashiqela, ‘umuntu ononya.’ (IzAga 11:16, New International Version) Umashiqela ubalwa nabantu ababi nalabo abayizitha zabakhulekeli bakaJehova. (Jobe 6:23; 27:13, NW) Umuntu onjalo ‘akambeki uNkulunkulu phambi kwakhe.’ (IHubo 54:3) Ngokucindezela nokusizakala ngabantu abangenacala ukuze kuzuze yena, umuntu onjalo ‘anganqwabelanisa isiliva njengothuli.’ (Jobe 27:16) Kodwa liyoba linye, alale angaphinde avuke, futhi noma yinini lapho evula amehlo akhe kungenzeka uyobe uyalibuka uyaligcina. (Jobe 27:19) Ngaleso sikhathi, yonke ingcebo nempumelelo yakhe kuyoba yize.—Luka 12:16-21.
Yeka isifundo esibalulekile esifundiswa yizAga 11:16! Ngokusivezela ngamafuphi ukuthi ukuthandeka nobushiqela ngakunye kwenza umuntu avuneni, inkosi yakwa-Israyeli isikhuthaza ukuba sihlwanyele ukulunga.
“Umusa Wothando” Uletha Imivuzo
Efundisa esinye futhi isifundo ekuphilisaneni nabantu, uSolomoni uthi: “Umuntu onomusa wothando uwuphatha ngendlela enomvuzo umphefumulo wakhe, kodwa umuntu onesihluku ulethela umzimba wakhe ukucwaswa.” (IzAga 11:17, NW) Esinye isazi sithi: “Iphuzu lalesi saga liwukuthi indlela umuntu aphatha ngayo abanye, kahle noma kabi, imlethela imiphumela asuke engayihlosile noma engayilindele.” Cabanga ngentokazi okuthiwa uLisa.a Nakuba enezinhloso ezinhle, njalo ufika sesidlulile isikhathi ebesibekiwe. Akuyona into engavamile ukuba ephuze ngemizuzu engu-30 noma ngaphezulu lapho ehlele ukuhlangana nabanye abamemezeli boMbuso ukuze bayoshumayela. ULisa akaziphathi ngendlela enomvuzo. Angabasola yini abanye uma becikeka ukulahlekelwa yisikhathi esibalulekile, bavele bayeke ukuhlela ukwenza izinto naye?
Umuntu ongawamukeli amaphutha—ofuna ukufinyelela izindinganiso eziphakeme ngokweqile—naye unesihluku kuye siqu. Njengoba ehlale ezama ukufinyelela imigomo engenakufinyeleleka, uzibizela ukutubeka nokudumazeka. Ngakolunye uhlangothi, siziphatha ngendlela enomvuzo lapho sizibekela imigomo engokoqobo nenengqondo. Mhlawumbe asisheshi njengabanye ukuqonda izinto. Noma kungenzeka sikhinyabezwa ukugula noma ukuguga. Masingalokothi sizithukuthelele ngenxa yentuthuko yethu engokomoya, kodwa ngaso sonke isikhathi masiqhubeke sibonisa ukuba nengqondo ekubhekaneni nokulinganiselwa kwethu. Siyajabula lapho ‘senza konke okusemandleni ethu’ ngokwalokho esikwaziyo ukukwenza.—2 Thimothewu 2:15; Filipi 4:5.
Iqhubeka ichaza indlela umuntu olungile azizuzisa ngayo kuyilapho umuntu onesihluku ezilimaza, inkosi ehlakaniphile ithi: “Omubi uthola inkokhelo yamanga, kodwa ohlwanyela ukulunga, uthola umvuzo weqiniso. Okumela ngokuqinile ukulunga uyothola ukuphila, kodwa oxoshana nokubi uzibizela ukufa. Abanezinhliziyo eziyizigwegwe bayinto enengekayo kuJehova, kodwa abanendlela engasoleki bayamjabulisa. Ngisho noma isandla singaba kwesinye isandla, umuntu omubi ngeke ayekwe angajeziswa; kodwa inzalo yabalungile iyophunyuka nakanjani.”—IzAga 11:18-21.
Ngezindlela ezihlukahlukene, la mavesi agcizelela leli phuzu eliyisisekelo: Hlwanyela ukulunga, uvune umvuzo wako. Omubi angase ancame ukukhohlisa noma ukugembula ukuze athole okuthile engakukhokhelanga. Njengoba inkokhelo enjalo ingeyamanga, angase athole ukudumala. Umuntu osebenza ngobuqotho uletha inzuzo yeqiniso ngoba ulondekile. Njengoba amukelwa nguNkulunkulu, ongasoleki uyothola ukuphila. Kodwa kuyomhambela kanjani umuntu omubi? “Ngisho noma isandla singaba kwesinye isandla” ekwakheni amacebo okukhohlisa, omubi ngeke angajeziswa. (IzAga 2:21, 22) Yeka isikhuthazo esihle sokuhlwanyela ukulunga!
Ubuhle Bangempela Konengqondo
USolomoni uyaqhubeka: “Njengendandatho yegolide empumulweni yengulube, unjalo owesifazane omuhle ongenangqondo.” (IzAga 11:22) Izindandatho zasekhaleni zaziyindlela yokuhloba ethandwayo ngezikhathi zeBhayibheli. Indandatho yegolide eyayifakwa eceleni ekhaleni noma phakathi kwezimbobo zekhala yayiyigugu lokuhloba elalisheshe libonakale kowesifazane. Yeka indlela umhlobiso omuhle kanjalo owawungenakufaneleka ngayo ekhaleni lengulube! Kungokufanayo nangomuntu obukeka emuhle ngaphandle kodwa ‘engenangqondo.’ Ukuhloba kwakhe kumane nje akumzuzisi, kungakhathaliseki ukuthi ungowesifazane noma owesilisa. Akubukeki—akukhangi nhlobo.
Kuyavunywa, kungokwemvelo ukukhathalela indlela esibukeka ngayo kwabanye. Kodwa kungani kufanele sikhathazeke ngokweqile noma singaneliseki ngobuso noma ukuma kwethu? Izici eziningi zokubukeka kwethu asinakwenza lutho ngazo. Futhi ukubukeka komzimba akuyona into ebaluleke kunazo zonke. Akulona yini iqiniso ukuthi iningi labantu esibathandayo nesibahloniphayo libukeka ngendlela evamile? Ukukhanga ngokomzimba akusona isihluthulelo senjabulo. Okubaluleke kakhulu ubuhle bangaphakathi bezimfanelo zokuhlonipha uNkulunkulu ezihlala njalo. Kwangathi-ke singaba nengqondo, sihlakulele izimfanelo ezinjalo.
“Umphefumulo Ophanayo Uyakukhuluphaliswa”
INkosi uSolomoni ithi: “Isifiso sabalungileyo singokuhle kuphela; ithemba lababi lilulaka.” Ibonisa ukuthi lokhu kwenzeka kanjani, iyanezela: “Ukhona ohlakazayo; nokho uyenezelwa kakhulu; kepha ogodla kunokufaneleyo [ubangela] ukuswela kuphela.”—IzAga 11:23, 24.
Njengoba sisakaza ulwazi lweZwi likaNkulunkulu ngenkuthalo—silunika abanye—siyakuthuthukisa ngempela ukuqonda kwethu “ububanzi nobude nokuphakama nokujula” kwalo. (Efesu 3:18) Ngakolunye uhlangothi, oyeka ulwazi lwakhe luhlale lungasebenzi usengozini yokulahlekelwa yilokho anakho. Yebo, “lowo ohlwanyela kancane uyovuna kancane futhi; nalowo ohlwanyela kakhulu uyovuna kakhulu futhi.”—2 Korinte 9:6.
Inkosi iyaqhubeka: “Umphefumulo ophanayo uyakukhuluphaliswa [wenziwe uchume]; ophuzisayo uyakuphuziswa naye.” (IzAga 11:25) Uma sisebenzisa isikhathi nezinto zethu ezibonakalayo ngokungagodli ukuze sithuthukise ukukhulekela kweqiniso, uJehova ujabula kakhulu ngathi. (Heberu 13:15, 16) ‘Uyovula amafasitele asezulwini, asithululele isibusiso kunokwaneleyo.’ (Malaki 3:10) Bheka nje ukuchuma okungokomoya kwezinceku zakhe namuhla!
Enikeza esinye futhi isibonelo sezifiso ezingafani zabalungileyo nababi, uSolomoni uthi: “Ogodla amabele, abantu bayamqalekisa, kepha isibusiso siyakuba sekhanda lothengisa ngawo.” (IzAga 11:26) Ukuthenga impahla eningi lapho amanani ephansi bese uyigodla kuze kube yilapho intuleka leyo mpahla futhi amanani esemba eqolo kungayiletha inzuzo. Nakuba ingaba khona inzuzo yokunciphisa ukusetshenziswa kwempahla egciniwe, abantu ngokuvamile bambheka kabi umuntu owenza kanjalo ngenxa yobugovu bakhe. Ngakolunye uhlangothi, okugwemayo ukwenza inzuzo enkulu esimweni esiphuthumayo bayamthanda abantu.
Isikhuthaza ukuba siqhubeke sifisa okuhle, noma okulungile, inkosi yakwa-Israyeli ithi: “Ofuna okuhle ufuna okwamukelekayo, kepha ofuna okubi, kuyakumehlela. Owethemba ingcebo yakhe uyakuwa, kepha abalungileyo bayakuhluma njengamaqabunga aluhlaza.”—IzAga 11:27, 28.
Olungileyo Uzuza Imiphefumulo
Ebonisa indlela izenzo zobuwula ezibangela ngayo imiphumela emibi, uSolomoni uthi: “Noma ubani olethela indlu yakhe ukucwaswa, uyothola umoya.” (IzAga 11:29a, NW) Ukona kuka-Akani ‘kwamlethela isigcwagcwa,’ wakhandwa ngamatshe yena nomndeni wakhe bafa. (Joshuwa, isahluko 7) Namuhla, inhloko yomkhaya wamaKristu nabanye emkhayeni wayo bangase bahileleke ekwenzeni okubi okungaphumela ekususweni kwabo ekuhlanganyeleni nebandla lobuKristu. Ngokungayilandeli imiyalo kaNkulunkulu nangokubekezelela ububi obungathi sína emkhayeni wayo, indoda ilethela indlu yayo ukucwaswa. Yona mhlawumbe nabanye emkhayeni wayo bayayekiswa ukuzihlanganisa namaKristu njengabenzi bobubi abangaphenduki. (1 Korinte 5:11-13) Futhi iyotholani? Umoya wodwa—uwangala noma into engenanzuzo.
Leli vesi liyaqhubeka: “Nesiwula siyakuba yinceku yonenhliziyo ehlakaniphileyo.” (IzAga 11:29b) Njengoba umuntu oyisiwula engenakho ukuhlakanipha okusebenzayo, akanakuphathiswa umthwalo omkhulu wemfanelo. Ngaphezu kwalokho, ukungaziqondisi kahle izindaba zakhe siqu kungase kumenze abophezeleke komunye umuntu. Lona ongahlakaniphile angaba “yinceku yonenhliziyo ehlakaniphileyo.” Kusobala-ke ukuthi kubalulekile ukuba sisebenzise ukwahlulela okuhle nokuhlakanipha okusebenzayo kukho konke esikwenzayo.
Inkosi ehlakaniphile iyasiqinisekisa: “Isithelo solungileyo singumuthi wokuphila, nohlakaniphileyo uyazuza imiphefumulo.” (IzAga 11:30) Kwenzeka kanjani lokhu? Ngenkulumo nangokuziphatha kwakhe, umuntu olungileyo uyabondla ngokomoya abanye. Bayakhuthazeka ukukhonza uJehova futhi bangase bagcine bethole ukuphila okuthenjiswe nguNkulunkulu.
‘Isoni Siyovuzwa Nakakhulu’
Yeka ukuthi lezi zaga osekukhulunywe ngazo zisikhuthaza ngendlela ekholisa kangakanani ukuba sihlwanyele ukulunga! Ephinda esebenzisa ngenye indlela isimiso esithi “noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi,” uSolomoni uthi: “Bheka, olungileyo uyavuzwa emhlabeni; kakhulu kangakanani omubi nesoni.”—IzAga 11:31.
Ngisho noma umuntu olungileyo enza umzamo wokwenza okulungile, ngezinye izikhathi uyona. (UmShumayeli 7:20) Futhi ‘uyovuzwa’ ngokuthola isiyalo ngenxa yamaphutha akhe. Kodwa kuthiwani ngomuntu omubi oyikhetha ngamabomu inkambo embi futhi angenzi mzamo wokuguqukela endleleni yobuqotho? Ingabe akafanelwe “umvuzo” omkhulu nakakhulu—isiyalo esinzima? Umphostoli uPetru wabhala: “Uma umuntu olungileyo esindiswa kanzima, uyobonakalaphi umuntu ongamhloniphi uNkulunkulu nesoni?” (1 Petru 4:18) Ngakho-ke, masizimisele ngaso sonke isikhathi ukuzihlwanyelela imbewu ngokulunga.
[Umbhalo waphansi]
a Kusetshenziswe elinye igama lapha.
[Isithombe ekhasini 28]
‘Ukuthandeka’ kwalethela u-Abigayili “udumo”
[Izithombe ekhasini 30]
‘Omubi uthola inkokhelo yamanga, olungileyo athole umvuzo weqiniso’
[Isithombe ekhasini 31]
‘Hlwanyela kakhulu, uvune kakhulu’