‘Izindebe Zeqiniso Ziyohlala Kuze Kube Phakade’
NJENGOMLILO omncane ongathungela lonke ihlathi ulibhubhise, lungonakalisa ukuphila komuntu konke. Lungagcwala ubuthi, kodwa futhi lungaba ‘ngumuthi wokuphila.’ (IzAga 15:4) Ukufa nokuphila kusemandleni alo. (IzAga 18:21) Linamandla kangako leli lungu elincane elingawubeka amabala wonke umzimba, ulimi lwethu. (Jakobe 3:5-9) Siyobe sihlakaniphile uma siqapha ulimi.
Engxenyeni yesibili yesahluko 12 sencwadi yeBhayibheli yezAga, iNkosi uSolomoni yakwa-Israyeli wasendulo inikeza iseluleko esiwusizo ekuqapheni inkulumo yethu. Isebenzisa izaga ezimfushane kodwa ezisebenzayo, le nkosi ehlakaniphile ibonisa ukuthi amazwi akhulunyiwe anemiphumela futhi ambula lukhulu ngezimfanelo zalowo owakhulumayo. Iseluleko sikaSolomoni esiphefumulelwe sibalulekile kunoma ubani ofisa ‘ukubeka umlindi engame umnyango wezindebe zakhe.’—IHubo 141:3.
‘Iseqo Esiwugibe’
USolomoni uthi: “Umuntu omubi ubanjwa yiseqo sezindebe, kodwa olungile uyaphuma osizini.” (IzAga 12:13) Ukuqamba amanga kuyiseqo sezindebe esiba ugibe olubulalayo kulowo owaqambayo. (IsAmbulo 21:8) Ukungathembeki kungase kubonakale kuyindlela elula yokubalekela isijeziso noma yokuphuma esimweni esingajabulisi. Kodwa amanga okuqala awavamile yini ukuholela kwamanye amanga? Njengomuntu oqala ukugembula ngemadlana encane obe esehuhekela ekubhejeni ngemali ethé xaxa njengoba ezama ukubuyisa imali emlahlekele, umuntu oqamba amanga uzithola esesotakwini.
Iseqo sezindebe sibuye sibe ugibe ngokuthi oqamba amanga kwabanye angagcina eqamba amanga kuye ngokwakhe. Ngokwesibonelo, kulula ukuba umuntu oqamba amanga azitshele ukuthi unolwazi futhi uhlakaniphe ngempela, ebe eqinisweni enolwazi oluncane kakhulu. Ngaleyo ndlela uqala ukuphila ukuphila kokuzikhohlisa. Ngempela, “wenzé ngobushelelezi obukhulu emehlweni akhe ukuba athole isiphambeko sakhe ukuze asizonde.” (IHubo 36:2) Akuve kuba ugibe ukuqamba amanga! Ngakolunye uhlangothi, umuntu olungile ngeke azifake enkingeni enjalo. Ngisho noma ecindezelekile ngeke abalekele olimini olunamanga.
‘Isithelo Esanelisayo’
Umphostoli uPawulu waxwayisa wathi: “Ningadukiswa: UNkulunkulu akayena owokuhlekwa usulu. Ngoba noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi.” (Galathiya 6:7) Lesi simiso sisebenza enkulumweni yethu nasezenzweni zethu. USolomoni uthi: “Umuntu waneliswa okuhle okuvela esithelweni somlomo wakhe, futhi isenzo sezandla zakhe umuntu siyobuyela kuye.”—IzAga 12:14.
Umlomo “okhuluma ukuhlakanipha” uthela isithelo esanelisayo. (IHubo 37:30) Ukuze umuntu ahlakaniphe udinga ulwazi, futhi akekho umuntu onalo lonke ulwazi. Wonke umuntu udinga ukulalela iseluleko esihle futhi asilandele. “Indlela yoyisiwula ilungile emehlweni akhe,” kusho inkosi yakwa-Israyeli, “kodwa olalela iseluleko uhlakaniphile.”—IzAga 12:15.
UJehova usinikeza iseluleko esinengqondo ngeZwi lakhe nangenhlangano yakhe, esebenzisa izincwadi ezilungiselelwa “inceku ethembekileyo neqondayo.” (Mathewu 24:45; 2 Thimothewu 3:16) Akuve kuwubuwula ukwenqaba iseluleko esihle siphikelele senze izinto ngendlela yethu! ‘Kumelwe sisheshe ukuzwa’ lapho uJehova, “Yena ofundisa abantu ulwazi,” eseluleka ngomzila wakhe wokuxhumana nathi.—Jakobe 1:19; IHubo 94:10.
Abantu abahlakaniphile nabayiziwula benzenjani lapho bethukwa noma begxekwa ngokungafanele? USolomoni uyaphendula: “Ngumuntu oyisiwula owenza inkathazo yakhe yaziwe ngalo lolo suku, kodwa onokuqonda uyalimboza ihlazo.”—IzAga 12:16.
Lapho oyisiwula ecasulwa uyashesha ukuphendula ngentukuthelo—“ngalo lolo suku.” Kodwa umuntu onokuqonda uthandazela umoya kaNkulunkulu ukuze akwazi ukuzithiba. Uzinika isikhathi sokuzindla ngeseluleko seZwi likaNkulunkulu futhi acabange ngokwazisa ngamazwi kaJesu, athi: “Noma ubani okushaya ngempama esihlathini sesokunene, mphendulele nesinye futhi.” (Mathewu 5:39) Ngenxa yokuthi akafisi ‘ukubuyisela muntu okubi ngokubi,’ umuntu onokuqonda unqanda izindebe zakhe zingakhulumi ngokuphahluka. (Roma 12:17) Uma nathi semboza noma iliphi ihlazo esingahlangana nalo, singayigwema ingxabano eyengeziwe.
‘Ulimi Oluphulukisayo’
Iseqo sezindebe singenza umonakalo omkhulu lapho kuqulwa icala. Inkosi yakwa-Israyeli ithi: “Okhuluma ukwethembeka uyokhuluma okulungile, kodwa ufakazi wamanga, inkohliso.” (IzAga 12:17) Ufakazi oqinisile ukhuluma ukwethembeka ngoba ubufakazi bakhe buthembekile. Amazwi akhe anomthelela ekugcinweni kobulungisa. Ngakolunye uhlangothi, ufakazi wamanga ugcwele inkohliso futhi ukhuthaza ukuhlanekezelwa kobulungisa.
“Kukhona ophahluka njengokuhlaba kwenkemba, kodwa ulimi lwabahlakaniphile lungukuphulukisa.” (IzAga 12:18) Amazwi angase ahlabe njengenkemba, abulale ubungane futhi asuse uthuthuva. Noma, angase ajabulise abe mnandi, alondoloze ubungane. Ayini amazwi okwedelela, ukuklabalasa, ukugxeka okungapheli nokwethuka umuntu uma engekona ukuhlaba okubangela amanxeba ajulile angokomzwelo? Akuve kukuhle ukuba noma ikuphi ukushelela kolimi okungenzeka sikwenze kule ndaba sikulungise ngamazwi aphulukisayo okuxolisa okuqotho!
Kulezi zikhathi ezinzima esiphila kuzo, akumangalisi ukuthi abaningi “baphukile enhliziyweni” futhi “banomoya ochobozekile.” (IHubo 34:18) Lapho ‘sikhuluma ngokududuzayo nemiphefumulo ecindezelekile’ futhi ‘sisekela ababuthakathaka,’ sisuke singasebenzisi yini amandla aphulukisayo amazwi akhulunywayo? (1 Thesalonika 5:14) Ngempela, amazwi ozwela angayikhuthaza intsha elwa nokucindezela kontanga okulimazayo. Amazwi anokucabangela angaqinisekisa asebekhulile ukuthi bayadingeka futhi bayathandwa. Amazwi omusa angalwenza luqhakaze ngempela usuku lwalabo abagulayo. Ngisho nokusolwa kulula ukukwamukela uma kunikezwa “ngomoya wobumnene.” (Galathiya 6:1) Futhi aluve luphulukisa ulimi lwalowo olusebenzisa ukutshela abalalelayo izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu!
‘Udebe Oluhlalayo’
Esebenzisa igama elithi “udebe” ngendlela efanayo nelithi “ulimi,” uSolomoni uthi: “Wudebe lweqiniso oluyomiswa luqine kuze kube phakade, kodwa ulimi lwamanga luyohlala umzuzwana nje.” (IzAga 12:19) Amazwi athi “udebe lweqiniso” asebunyeni ngesiHebheru futhi anencazelo ejule kakhulu kunokuthi nje inkulumo eyiqiniso. “Asikisela izimfanelo ezinjengokuhlala isikhathi eside nokwethembeka,” kusho enye incwadi. “Inkulumo enale mfanelo iyohlala . . . phakade ngoba iyotholakala ithembekile, ngokungafani nolimi oluqamba amanga . . . olungase lukhohlise okwesikhashana kodwa lungeke lwama lapho luvivinywa.”
“Inkohliso isenhliziyweni yalabo abaceba okubi,” kusho le nkosi ehlakaniphile, “kodwa labo abajonga ukuthula banenjabulo.” Iyanezela: “Akukho lutho olulimazayo oluyokwehlela olungileyo, kodwa ngababi ngokuqinisekile abayogcwaliswa ngenhlekelele.”—IzAga 12:20, 21.
Akukho okunye okungabangelwa abaceba okubi ngaphandle kobuhlungu nokuhlupheka. Ngakolunye uhlangothi, abeluleki abanokuthula bavuna ukwaneliseka ngokwenza okulungile. Bajabulela nokubona imiphumela emihle. Okubaluleke nakakhulu, bajabulela ukwamukelwa uNkulunkulu, ngoba “izindebe zamanga ziyinto enengekayo kuJehova, kodwa abenza ngokwethembeka bayamjabulisa.”—IzAga 12:22.
‘Inkulumo Esibekela Ulwazi’
Ichaza omunye umehluko phakathi komuntu owaqaphelayo amazwi akhe nongawaqapheli, inkosi yakwa-Israyeli ithi: “Umuntu onokuqonda usibekela ulwazi, kodwa yinhliziyo yabayiziphukuphuku ememeza ubuwula.”—IzAga 12:23.
Umuntu onokuqonda uyazi ukuthi kunini lapho kumelwe akhulume khona nalapho kungamelwe khona. Usibekela ulwazi ngokuzinqanda angakuvezi ngokubukisa lokho akwaziyo. Lokhu akusho ukuthi ngaso sonke isikhathi uyalufihla ulwazi lwakhe. Kunalokho, uluveza ngokuqonda. Ngokuphambene, oyisiphukuphuku uyashesha ukukhuluma abenze baziwe ubuwula bakhe. Ngakho, amazwi ethu mawabe mbalwa nolimi lwethu lukugweme ukuzigabisa.
Eqhubeka nokuqhathanisa, uSolomoni uveza iphuzu elinamandla ngokuqondene nokukhuthala nobuvila. Uthi: “Yisandla sabakhuthele esiyobusa, kodwa isandla esenqenayo siyokwenziswa umsebenzi ophoqelelwe.” (IzAga 12:24) Ukusebenza kanzima kungabangela intuthuko nokuzimela ngokwezimali, ubuvila bubangele ukugqilazeka. Esinye isazi sithi: “Ngokuhamba kwesikhathi umuntu oyivila uyoba isigqila sokhuthele.”
‘Izwi Elibangela Injabulo’
INkosi uSolomoni iphindela endabeni yenkulumo ngendlela ebonisa ukusiqonda kahle isimo sabantu. Ithi: “Ukukhathazeka enhliziyweni yomuntu okuyoyibangela ukuba ibhocobale, kodwa yizwi elihle eliyenza ijabule.”—IzAga 12:25.
Kuningi ukukhathazeka nezinkathazo ezingabangela ukuba inhliziyo yesindwe ukudabuka. Okudingekayo ukuze lo mthwalo ube lula futhi inhliziyo ijabule yizwi elihle lesikhuthazo elivela kumuntu oqondayo. Kodwa abanye bangakwazi kanjani ukujula kokukhathazeka okusenhliziyweni yethu uma singakhulumi ngakho? Yebo, uma sicindezelekile, kudingeka sithulule isifuba kumuntu onobubele ongase asize. Ngaphezu kwalokho, ukukubeka ngamazwi lokho esikuzwayo kuyabunciphisa ubuhlungu benhliziyo. Ngakho, kuhle ukuthulula isifuba kumngane womshado, kumzali, noma kumngane onozwela nofanelekayo ngokomoya.
Yimaphi amazwi esikhuthazo angcono ukwedlula lawo atholakala eBhayibhelini? Kumelwe sisondele kuNkulunkulu ngokuzindla ngokwazisa ngeZwi lakhe eliphefumulelwe. Ukuzindla okunjalo kungayiletha ngempela injabulo enhliziyweni ekhathazekile nokukhanya emehlweni adabukile. Umhubi uyakufakazela lokhu, ethi: “Umthetho kaJehova uphelele, ubuyisa umphefumulo. Isikhumbuzo sikaJehova sithembekile, sihlakaniphisa ongenalwazi. Imiyalo evela kuJehova iqotho, ibangela inhliziyo ukuba ijabule; umyalo kaJehova uhlanzekile, ukhanyisa amehlo.”—IHubo 19:7, 8.
Indlela Enomvuzo
Iveza umehluko phakathi kwendlela yabaqotho neyababi, inkosi yakwa-Israyeli ithi: “Olungileyo uhlola idlelo lakhe, kodwa indlela yababi ibabangela ukuba bazulazule.” (IzAga 12:26) Olungile uyaliqaphela idlelo lakhe—abangane abakhethayo. Ubakhetha ngokuhlakanipha, elwela ukugwema abangane abayingozi. Akunjalo ngababi, abasenqabayo iseluleko baphike inkani. Ngenxa yokuthi badukisiwe, bayazulazula.
Ngokulandelayo iNkosi uSolomoni iwuveza ngenye futhi indlela umehluko phakathi komuntu owenqenayo nokhuthele. “Ukwenqena ngeke kumvusele umuntu izinyamazane, kodwa okhuthele ungumcebo oyigugu womuntu.” (IzAga 12:27) Umuntu owenqenayo—“ivila”—‘akayivusi,’ noma “akayosi,” inyamazane. (New International Version) Ngempela, akakwazi ukuqeda akuqalayo. Ngakolunye uhlangothi, ukukhuthala kuyinto yinye nomcebo.
Ubuvila bulimaza kangangokuthi umphostoli uPawulu wakuthola kudingekile ukuba abhalele amaKristu ayekanye nawo aseThesalonika futhi alungise abathile ‘ababehamba ngokungahlelekile’—bengasebenzi nhlobo kodwa bezigaxa kokungabathinti. Abantu abanjalo babewumthwalo osindayo kwabanye. Ngakho wabeluleka obala, ebayala ukuba ‘basebenze bethule ukuze badle ukudla abazizuzele kona.’ UPawulu wayala abanye ebandleni wathi, uma laba bengasithathi lesi seluleko esiqinile, mabahoxe kubo—babagweme, ngokusobala ezindabeni zokuzijabulisa.—2 Thesalonika 3:6-12.
Kumelwe singagcini ngokulalela iseluleko sikaSolomoni esiphathelene nokukhuthala kodwa silalele nesokusebenzisa ulimi lwethu ngendlela efanele. Masilwele ukusebenzisa lelo lungu lethu elincane ukuze sibangele ukuphulukiswa nokujabula njengoba sigwema iseqo sezindebe futhi silandela inkambo yobuqotho. USolomoni uyasiqinisekisa ngokuthi “endleleni yokulunga kukhona ukuphila, futhi ukuhamba endleleni yako kusho ukungabikho kokufa.”—IzAga 12:28.
[Izithombe ekhasini 27]
“Olalela iseluleko uhlakaniphile”
[Izithombe ekhasini 28]
“Ulimi lwabahlakaniphile lungukuphulukisa”
[Isithombe ekhasini 29]
Ukuthulula isifuba kumngane omethembayo kungakunika induduzo
[Isithombe ekhasini 30]
Ukuzindla ngeZwi likaNkulunkulu ngokwazisa kungabangela ukuba inhliziyo ijabule