Qhubekani Nikufuna njengokungathi Amagugu Afihliweyo
YEKA ukuthi angangenakuqhathaniswa kanjani amatshe ayigugu okuhlakanipha atholakala eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli! Lamatshe ayigugu embula injongo yaphezulu futhi abeke amathemba avusa amadlingozi phambi kwethu. Anikeza induduzo futhi asibonise indlela esingamthokozisa ngayo uNkulunkulu. (Roma 15:4) Lamatshe ayigugu ayasisiza futhi ukuba senze ngokuhlakanipha ekusebenzelaneni kwethu nabanye. Ngempela, ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu kuyasisiza ukuba sihambe ‘endleleni yokuphila’ ngokwaneliseka nenjabulo.—IHubo 16:11; 119:105.
Njengoba ziziningi izinzuzo zokuhlakanipha, kufanele sikwazise kakhulu. “Onke amazwi omlomo wami asekulungeni,” kusho ukuhlakanipha okwenziwe samuntu. “Akukho okuyisigwegwe nokuphambeneyo kuwo. Aqondile onke koqondayo; alungile kothola ukwazi. Yamukelani ukufundisa kwami kunesiliva, nokwazi kunegolide elikhethekileyo. Ngokuba ukuhlakanipha kuhle kunamarubi, nakho konke okungafiswa akunakulinganiswa nakho.”—IzAga 8:8-11.
Kungani Kumelwe Siqhubeke Sikufuna?
Ngokuvamile, ukufuna amagugu, igolide, noma isiliva eligqitshiwe akubi nempumelelo. Lokhu akufanele kube njalo ngokufuna ukuhlakanipha kokwesaba uNkulunkulu. Kodwa singaphumelela kanjani kulokhu kufuna? Phela, impumelelo ixhomeke ekutheni siwulangazelela kakhulu kangakanani lomcebo futhi siyosebenza kanzima kangakanani ukuze siwuthole. Uma siqaphela inzuzo yawo yangempela, siyowazisa kunazo zonke ezinye izinto eziyigugu. Kakade, “kungcono kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide; yebo, ukuzuza ukuqonda nga kukhethwa kunesiliva.”—IzAga 16:16.
IzAga 2:1-6 ziyakhuthaza: “Ndodana yami, uma wamukela amazwi ami, uzibekelele imiyalo yami, ukuze ubeke indlebe yakho ekuhlakanipheni, uthobisele ekuqondeni inhliziyo yakho, yebo, uma ukhala ngengqondo, uzwakalisa izwi lakho ngokuqonda, uma ukufuna njengesiliva, ukuphenya njengamagugu afihliweyo, khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, ufumane ukumazi uNkulunkulu. Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.”
Njengoba imicebo egqitshiwe ifihlekile, kudingeka ukuba ifunwe. Lapho bemba, abanye badela isikhathi sokuzijabulisa, ukudla, nokulala. Kodwa umzamo onjalo ubhekwa njengofanelekile lapho umcebo utholakala. Sidinga ukwenza ukuzidela okufanayo ukuze sifune ukuhlakanipha kukaNkulunkulu. Njengoba ukufuna imicebo egqitshiwe kudinga ukumba okukhathazayo, ngokufanayo nokufuna ukuhlakanipha kudinga ukukhuthazela. Akwanele ukumane nje uphenye iBhayibheli nezincwadi zobuKristu. Kudingeka isikhathi, ukucwaninga, nokuzindla ukuze sithole amatshe ayigugu angokomoya. Kodwa yeka intokozo esiba nayo lapho sizuza ukuqonda imiBhalo!Nehemiya 8:13.
Ukufuna Amagugu Okuphumelelayo
Yebo, injabulo itholakala ngokumba eZwini likaNkulunkulu nangokuthola amatshe ayigugu okuhlakanipha. (IzAga 3:13-18) Kulokho, siyobe sihlakaniphile uma sakha umtapo wezincwadi omuhle womuntu siqu noma womkhaya. Kodwa kufanele uqukatheni? Ngaphandle kwesichazamazwi esihle, oFakazi BakaJehova bakuthola kuwusizo ukuba nezinguqulo ezihlukahlukene zemiBhalo, kanye nezincwadi zeBhayibheli zobuKristu, kuhlanganise namakhophi aminyaka yonke eNqabayokulinda nawephephabhuku elingumngane wayo iPhaphama! Yiqiniso, umtapo wezincwadi kumelwe usetshenziswe ngokufanele ukuze usisize njengabafuni bamagugu.
Ekufuneni kwethu ukuhlakanipha, singabheka isihloko nezingxenye zemiBhalo zeWatch Tower Publications Index noma izikhombo ezingemva kwezincwadi noma imiqulu yomagazini beWatch Tower Society. Lawa ngamathuluzi ayisisekelo okufuna ukuhlakanipha kokwesaba uNkulunkulu. Eqinisweni, anjengebalazwe elingasiholela lapho ‘kunamagugu afihliweyo’ okuhlakanipha kokwesaba uNkulunkulu. (IzAga 2:4) Uma singenazo ezinye izincwadi ezidingekile ekucwaningeni, zingase zitholakale eHholo LoMbuso lendawo loFakazi BakaJehova.
Manje, ake sibonise ukufuna amagugu okuphumelelayo. Ekufundeni kwethu iBhayibheli, singase sizibuze ukuthi uJuda Iskariyothe wafa kanjani ngemva kokukhaphela uJesu Kristu. UMathewu 27:5 uthi uJuda “wamuka, waziphanyeka.” Kodwa izEnzo 1:18 zithi: “Wawa ngekhanda, waqhuma phakathi, nezibilini zakhe zonke zachitheka.” Ngakho uJuda wafa kanjani? Impendulo ingatholakala ngokubheka izinhlu zalemibhalo kwesithi “Scripture Index” encwadini i-Insight on the Scriptures. Iyasitshela: “Kubonakala sengathi uMathewu ukhuluma ngendlela yokuzama ukuzibulala, lapho izEnzo zichaza umphumela. Uma sihlanganisa lokhu kulandisa okubili, kuyakhanya ukuthi uJuda wazama ukuziphanyeka eweni elithile, kodwa intambo noma igatsha lomuthi laphuka kangangokuba wawela phansi futhi waqhuma emadwaleni angaphansi. Ukuhlolwa kwesimo sendawo ezungeze iJerusalema kwenza isenzakalo esinjalo samukeleke.” (Umqulu 2, ikhasi 130) Mayelana nencwadi i-Insight on the Scriptures, siza ubheke ikhasi 10 lalomagazini.
Ukusebenzisa iconcordance kusisiza ukuba sithole imibhalo yeBhayibheli. Yiqiniso, lapho sixoxa ngombhalo, kufanele siphawule umongo. Ukubonisa lokhu, ake sicabangele iHubo 144:12-14. Lamavesi amelela abantu abathile bethi: Àmadodana ethu anjengezithombo, amadodakazi ethu anjengamatshe amagumbi abaziwe njengendlela yokwakhiwa kwezindlu zamakhosi, izingobo zethu zigcwele, izimvu zethu zizala ngezinkulungwane, izinkomo zethu zithweswe kakhulu kungekho ephunzayo.’ (Qhathanisa neNW.) Singase sicabange ukuthi lamazwi abhekisela kubantu bakaNkulunkulu, kodwa umongo uyabonisa ukuthi akunjalo. Evesini 11, umhubi uDavide unxusa ukukhululwa kubantu abakhuluma amanga. Babeqhosha ngamadodana, amadodakazi, izimvu, nezinkomo zabo. Ngokwevesi 15, abenzi bobubi abanjalo bathi: “Babusisiwe abantu abanjalo.” Nokho, ngokuphambene, uDavide wathi: “Babusisiwe abantu abaNkulunkulu wabo unguJehova.
Amatshe Ayigugu Angokomoya Ayinala!
Ngokuqinisekile injabulo itholakala ngokufunwa okuphumelelayo kokuhlakanipha. Futhi amatshe ayigugu angokomoya angatholakala ngokucwaninga, ahlanganisa izimpendulo ezanelisayo emibuzweni yeBhayibheli. Yeka izimpendulo esizitholayo uma siqhubeka sifuna! Ngokwesibonelo, uKayini wamtholaphi umkakhe? INqabayokulinda (kaMarch 15, 1982) yathi: “IBhayibheli lisitshela ukuthi u-Adamu no-Eva babenabantwana abaningi, bengebabili [uKayini no-Abela] nje kuphela. ‘Izinsuku zika-Adamu emva kokuzala uSeti [enye indodana] zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili; wazala amadodana namadodakazi.’ (Gen. 5:4) Unalokho kwaziswa, ubungathi uKayini wamtholaphi umkakhe? Yebo, kumelwe ukuba washada nomunye wodadewabo. Namuhla lokhu kungaba ingozi kunoma ibaphi abantwana abazalwe abazali abahlobene eduze kanjalo. Kodwa eduze nasekuqaleni komlando womuntu, lapho isintu sasisasondele kakhulu ekupheleleni, kwakungeyona inkinga.”
Ake sithi sifunda incwadi yeBhayibheli yezAga. Uma siphawula okushiwo kuzAga 1:7, singase sizibuze: ‘Kuyini “ukumesaba uJehova”?’ Ukucwaninga kungase kusiholele kuyiNqabayokulinda kaMay 15, 1987, eyathi: “Ukwesaba ngentobeko, ukuhlonipha ngokujulile, nokwesaba okunempilo ukumenyelisa ngoba siyawazisa umusa wakhe wothando nobuhle bakhe. Ùkumesaba uJehova’ kusho ukuqaphela ukuthi unguMahluleli oPhakeme noMninimandla onke, onelungelo namandla okuletha isijeziso noma ukufa kulabo abangamlaleli. Kusho futhi ukukhonza uNkulunkulu ngokwethembeka, ukuthembela kuye ngokuphelele, nokuzonda okubi emehlweni akhe.”
Qhubekani Niphenya!
INqabayokulinda inyatheliselwa ukuba isize abafuni bokuhlakanipha abazimisele ukuba bathole amatshe ayigugu angokomoya angenakuqhathaniswa. Sonke sidinga ukuhlakanipha nokuqonda iZwi likaNkulunkulu. IzAga 4:7, 8 zithi: “Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu: Zuza ukuhlakanipha; yebo, ngakho konke okutholileyo zuza ukuhlakanipha. Kukhulise, kuyakukuphakamisa; kuyakukudumisa, lapho ukugona.”
Singathola injabulo yeqiniso kuphela ngokuzuza ukuqonda imiBhalo nokusebenzisa ukuhlakanipha ngendlela efanele. Yebo, uJehova uNkulunkulu singamthokozisa kuphela ngokusebenzisa ukuhlakanipha kokwesaba uNkulunkulu. Ngakho ungavumeli lutho lukuvimbele ukuba ufune ukuhlakanipha njengokungathi amagugu afihliweyo.
[Izithombe ekhasini 4, 5]
Ukufuna amagugu agqitshiwe kudinga ukumba okukhathazayo. Akufanele yini sikhuthazele ekufuneni kwethu ukuhlakanipha kokwesaba uNkulunkulu?