Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w96 12/15 k. 32
  • Izinzuzo Zokuba Nenhliziyo Ezolile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izinzuzo Zokuba Nenhliziyo Ezolile
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
w96 12/15 k. 32

Izinzuzo Zokuba Nenhliziyo Ezolile

SEKUYISIKHATHI eside isayensi yezokwelapha yanamuhla yazi ukuthi intukuthelo engalawulwa inomphumela olimazayo emzimbeni womuntu. Eminyakeni engaphezu kweyikhulu edlule, i-Journal of the American Medical Association (JAMA) yathi: “Umuntu ubulawa intukuthelo, bese kuthiwa, mhlawumbe, ubenenhliziyo ebuthaka, engakwazanga ukumelana nokucindezeleka okubangelwe isimo sakhe sengqondo. Kubonakala sengathi akekho ocabanga ukuthi lokho kwakuwumphumela wochungechunge olude lokuthukuthela okunjalo, okuyikhona okuye kwabangela lobo buthakathaka.”

Amazwi angenhla awabamangazi abafundi beZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. Emakhulwini angaba ngu-29 ngaphambi kokuba i-JAMA ikhulume ngezingozi zokuthukuthela, iNkosi uSolomoni yaphefumulelwa ukuba ibhale: “Inhliziyo ezolileyo ingukuphila kwenyama.” (IzAga 14:30) Lamazwi aseyiqiniso nanamuhla.

Ngokugcina isimo esizolile, sigwema izifo eziningi ngokuvamile ezihlobene nokucindezeleka, njengomfutho ophakeme wegazi, ubuhlungu bekhanda, nezinkinga zokuphefumula. Nokho, ngaphezu kwempilo enhle, ubuhlobo bethu nabanye buyothuthuka uma silwela ‘ukupheza ukuthukuthela; siyeka ulaka.’ (IHubo 37:8) Abantu bamane badonsekela kuJesu ngenxa yobumnene bakhe nokubakhathalela ngokusuka enhliziyweni. (Marku 6:31-34) Nathi siyoba umthombo wokuqabuleka kwabanye uma sihlakulela inhliziyo ezolile.—Mathewu 11:28-30.

    Zulu Publications (1975-2027)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela