-
Khuluma ‘Okwakhayo’“Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
-
-
OKWENZA KUDINGEKE SIQAPHE ESIKUSHOYO
4, 5. Ezinye izaga zeBhayibheli ziwachaza kanjani amandla amazwi?
4 Isizathu sokuqala esibalulekile sokuqapha esikushoyo ukuthi amazwi anamandla. IzAga 15:4 zithi: “Ukuzola kolimi kungumuthi wokuphila, kodwa ukuhlanekezela kwalo kusho ukuphuka emoyeni.”a Njengoba nje amanzi evuselela isihlahla esibunile, nenkulumo emnandi neqabulayo iyawuqabula umoya wabayizwayo. Ngakolunye uhlangothi, amazwi asontekile olumi olubi angachoboza umoya wabanye. Ngempela, amazwi esiwashoyo anamandla okulimaza noma okwelapha.—IzAga 18:21.
-
-
Khuluma ‘Okwakhayo’“Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
-
-
a Igama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi “ukuhlanekezela” encwadini yezAga 15:4 lingasho “ukugwegwa, ukuphendukezelwa.”
-