“Amacebo Akho Ayokuma Aqine”
ENGOMENI ayiqamba, umhubi uDavide wathandaza: “O Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekile impela, ufake ngaphakathi kimi umoya omusha, ogxilile. Buyisela kimi ukwethaba kwensindiso yakho, kwangathi ungangisekela impela ngomoya ovumayo.” (IHubo 51:10, 12) Ngemva kwesono sakhe noBhati-sheba, uDavide owayesephendukile wancenga uJehova uNkulunkulu lapha ukuba ahlanze inhliziyo yakhe futhi afake kuye umoya, noma ukuthambekela kwengqondo, wokwenza okulungile.
Ingabe uJehova uyidala ngokoqobo inhliziyo entsha ngaphakathi kithi, aze asifake umoya omusha futhi ovumayo? Noma ingabe inhliziyo ehlanzekile iyinto okufanele silwele ukuba nayo futhi siyilondoloze? “UJehova ungumhloli wezinhliziyo,” kodwa uzihilela ngezinga elingakanani kulokho okwenzeka ngaphakathi kithi? (IzAga 17:3; Jeremiya 17:10) Ukuthonya kangakanani ukuphila kwethu, izisusa nezenzo zethu?
Esebenzisa igama likaNkulunkulu izikhathi ezingu-8, amavesi okuqala angu-9 ezAga isahluko 16 asibonisa indlela esingenza ngayo ukuphila kwethu kulawulwe nguNkulunkulu ukuze ‘amacebo ethu ame aqine.’ (IzAga 16:3) Amavesi 10 kuya ku-15 agxila emthwalweni wemfanelo wenkosi noma umbusi.
“Ukuhlelwa Kwezinto Ezisenhliziyweni”—Zihlelwa Ngubani?
IzAga 16:1a zithi: “Ukuhlelwa kwezinto ezisenhliziyweni kungokomuntu wasemhlabeni.” Kusobala ukuthi kungumthwalo wethu wemfanelo ‘ukuhlela izinto ezisenhliziyweni.’ UJehova akayilungiseleli ngokuyisimangaliso inhliziyo yethu noma asinike umoya ovumayo. Kudingeka thina senze umzamo wokuzuza ulwazi olunembile lweZwi lakhe, iBhayibheli, sizindle ngalokho esikufundayo, futhi sivumelanise imicabango yethu neyakhe.—IzAga 2:10, 11.
Nokho, isicelo sikaDavide sokuba abe ‘nenhliziyo ehlanzekile’ kanye ‘nomoya omusha’ sibonisa ukuthi wayekuqaphela ukuthambekela kwakhe esonweni nokuthi wayedinga usizo lukaNkulunkulu ukuze ahlanze inhliziyo yakhe. Njengoba singaphelele, singase silingeke ukuba sihileleke ‘emisebenzini yenyama.’ (Galathiya 5:19-21) Sidinga usizo lukaJehova ukuze “[sibulale] amalungu emizimba [yethu] asemhlabeni ngokuqondene nobufebe, ukungcola, isifiso sobulili, isifiso esilimazayo, nokuhaha.” (Kolose 3:5) Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba sithandazele usizo lwakhe ukuze sigweme ukuwela ezilingweni futhi sisuse ukuthambekela kwesono ezinhliziyweni zethu!
Singabasiza yini abanye ‘ekuhlelweni’ kwezinhliziyo zabo? IBhayibheli lithi: “Kukhona ophahluka njengokuhlaba kwenkemba, kodwa ulimi lwabahlakaniphile lungukuphulukisa.” (IzAga 12:18) Kunini lapho ulimi lwethu luphulukisa khona? Yilapho kuphela “impendulo yolimi ivela kuJehova,” okungukuthi, lapho sikhuluma amazwi eqiniso anembile.—IzAga 16:1b.
“Inhliziyo ikhohlisa ngaphezu kwanoma yini enye futhi yenza ngokuphelelwa yithemba,” kusho iBhayibheli. (Jeremiya 17:9) Inhliziyo yethu engokomfanekiso ithambekele ekuzithetheleleni nasekuzikhohliseni. Ixwayisa ngale ngozi, inkosi yakwa-Israyeli wasendulo, uSolomoni, ithi: “Zonke izindlela zomuntu zihlanzekile emehlweni akhe, kodwa uJehova ulinganisa imimoya.”—IzAga 16:2.
Ukuzithanda kungasenza sithethelele iziphambeko zethu, sifihle izici ezimbi ebuntwini bethu futhi sishalazele ububi bethu. Nokho, uJehova akanakukhohliswa. Ulinganisa imimoya. Umoya womuntu uwukuthambekela okuvelele kwengqondo yakhe futhi uhlobene nenhliziyo. Ngokwengxenye enkulu, ukukhula kwawo kuxhomeke kulokho okwenzeka enhliziyweni engokomfanekiso, okuhlanganisa izinto ezinjengemicabango, imizwelo nezisusa zethu. Umoya yiwona olinganiswa “umhloli wezinhliziyo,” futhi izahlulelo zakhe azenzeleli noma zikhethe. Siyobe sihlakaniphile uma siqapha umoya wethu.
“Gingqela Imisebenzi Yakho KuJehova”
Ukwenza amacebo kuhilela inqubo yokucabanga—umsebenzi owenziwa yinhliziyo yethu. Ngokuvamile izenzo zilandela amacebo. Ingabe siyophumelela kwesikwenzayo? USolomoni uthi: “Gingqela imisebenzi yakho kuJehova khona-ke amacebo akho ayokuma aqine.” (IzAga 16:3) Ukugingqela imisebenzi yethu kuJehova kusho ukuthembela kuye, ukuncika kuye, ukuzibophezela kuye—njengokungathi sisusa umthwalo emahlombe ethu siwugingqele kwawakhe. Umhubi wahlabelela: “Gingqela indlela yakho kuJehova, wethembele kuye, yena uyothatha isinyathelo.”—IHubo 37:5.
Nokho, ukuze amacebo ethu ame aqine, kumelwe avumelane neZwi likaNkulunkulu, futhi kumelwe ashukunyiswe izisusa ezinhle. Ngaphezu kwalokho, kufanele sithandazele ukuba uJehova asisize futhi asisekele bese sizikhandla senze okusemandleni ethu ukuba silandele iseluleko seBhayibheli. Kubalulekile ukuba ‘siphonse umthwalo wethu phezu kukaJehova,’ ikakhulu lapho sibhekene nokulingwa noma ubunzima, ngoba ‘uyosisekela.’ Ngempela “akasoze avumele olungileyo antengantenge.”—IHubo 55:22.
“Zonke Izinto UJehova Uzenzele Injongo Yakhe”
Yini enye eyoba umphumela wokugingqela kwethu imisebenzi yethu kuJehova? Inkosi ehlakaniphile ithi: “Zonke izinto uJehova uzenzele injongo yakhe.” (IzAga 16:4a) UMdali wendawo yonke unguNkulunkulu wenjongo. Lapho sigingqela imisebenzi yethu kuye, ukuphila kwethu kugcwaliswa imisebenzi enenjongo negculisayo, akubi yize. Futhi injongo kaJehova ngomhlaba nangomuntu okuwo ingeyaphakade. (Efesu 3:11) Wabumba umhlaba ewudalela ‘ukuba uhlalwe.’ (Isaya 45:18) Ngaphezu kwalokho, injongo yakhe yokuqala ngesintu emhlabeni iyogcwaliseka nakanjani. (Genesise 1:28) Siyophila ukuphila okungapheli okunikelwe kuNkulunkulu weqiniso futhi okunenjongo phakade.
UJehova uye wenzela “ngisho nomubi usuku olubi.” (IzAga 16:4b) Akazange adale abantu ababi, ngoba “uphelele umsebenzi wakhe.” (Duteronomi 32:4) Nokho, uye wabavumela ukuba babe khona futhi baqhubeke bephila kuze kube yilapho esekubona kufanele ukuba akhiphe isahlulelo sakhe sokubalahla. Ngokwesibonelo, uJehova wathi kuFaro waseGibhithe: “Ngikugciné ngalesi sizathu, ukuze ngikubonise amandla ami futhi ngenze ukuba igama lami limenyezelwe emhlabeni wonke.” (Eksodusi 9:16) Ngempela, iziNhlupho Eziyishumi nokubhujiswa kukaFaro namabutho akhe oLwandle Olubomvu kwaba izibonakaliso zamandla kaNkulunkulu angenakuqhathaniswa eziyohlale zikhunjulwa.
UJehova angenza futhi ukuba izinto zenzeke ngendlela yokuthi ababi bafeze injongo yakhe bengazi. Umhubi wathi: “Ukufutheka komuntu kuyokudumisa; [wena Jehova] uyobhinca ukufutheka okusele.” (IHubo 76:10) UJehova angase avumele izitha zakhe ukuba zibonakalise ukufutheka kwazo ezincekwini zakhe—kodwa kuphela ngezinga elidingekayo ukuze ayale abantu bakhe ngaleyo ndlela ebaqeqesha. Okungaphezu kwalokhu, uNkulunkulu ukulungisa ngokwakhe.
Nakuba uJehova ezisekela izinceku zakhe ezithobekile, kuthiwani ngabantu abaziqhenyayo nabazazisayo? Inkosi yakwa-Israyeli ithi: “Wonke umuntu oziqhenyayo enhliziyweni uyinto enengekayo kuJehova. Isandla singahlangana nesandla, nokho umuntu ngeke ayekwe angajeziswa.” (IzAga 16:5) ‘Abaziqhenyayo enhliziyweni’ bangase bahlangane ukuze balekelelane, kodwa ngeke baphunyuke esijezisweni. Ngakho-ke, siyobe sihlakaniphile uma sihlakulela umoya wokuthobeka kungakhathaliseki ukuthi lungakanani ulwazi esinalo noma ukuthi sinamakhono angakanani noma ukuthi imaphi amalungelo enkonzo esinawo.
“Ngokwesaba UJehova”
Njengoba sizalelwe esonweni, sithambekele ekwenzeni iziphambeko. (Roma 3:23; 5:12) Yini eyosisiza ukuba sigweme ukwenza amacebo ayosiholela enkambweni embi? IzAga 16:6 zithi: “Isiphambeko sihlawulelwa ngomusa wothando nangeqiniso, futhi ngokwesaba uJehova umuntu uyakufulathela okubi.” Ngomusa wakhe wothando nangeqiniso lakhe uJehova uhlawulela izono zethu, kodwa ngukwesaba uJehova okusivimbela ukuba senze izono. Yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukuba ukuthanda kwethu uNkulunkulu nokwazisa kwethu umusa wakhe wothando kuhambisane nokuhlakulela ukwesaba ukumdumaza!
Ukwesaba uNkulunkulu kungena ezinhliziyweni zethu lapho sihlakulela inhlonipho ngamandla kaNkulunkulu esabekayo. Cabanga nje ngamandla akhe abonakala endalweni! Ukukhunjuzwa ngokubonakaliswa kwamandla kaNkulunkulu emisebenzini yakhe yendalo kwasiza inzalamizi uJobe ukuba ilungise ukucabanga kwayo. (Jobe 42:1-6) Asithinteki yini ngokufanayo lapho sifunda futhi sizindla ngezindaba ezilotshwe eBhayibhelini zokusebenzelana kukaJehova nabantu bakhe? Umhubi wahlabelela: “Wozani, nibone imisebenzi kaNkulunkulu. Ukusebenzelana kwakhe nabantwana babantu kuyesabeka.” (IHubo 66:5) Umusa wothando kaJehova akumelwe uthathwe kalula. Lapho ama-Israyeli ‘edlubulunda futhi enza umoya kaNkulunkulu ongcwele uphatheke kabuhlungu, uJehova washintsha waba yisitha sawo; yena ngokwakhe walwa nawo.’ (Isaya 63:10) Ngakolunye uhlangothi, “lapho uJehova ejabula ngezindlela zomuntu wenza ngisho nezitha zakhe zibe nokuthula naye.” (IzAga 16:7) Yeka ukuthi ukwesaba uJehova kuyisivikelo kanjani!
Inkosi ehlakaniphile ithi: “Kungcono okuncane okuhambisana nokulunga kunensada yemikhiqizo bungekho ubulungisa.” (IzAga 16:8) IzAga 15:16 zithi: “Kungcono okuncane okuhambisana nokwesaba uJehova kunensada ehambisana nesiphithiphithi.” Ukwesaba uNkulunkulu okunenhlonipho ngokuqinisekile kudingekile ukuze siqhubeke sisendleleni yokulunga.
“Inhliziyo Yomuntu Wasemhlabeni Ingase Icabange Indlela Yakhe”
Umuntu wadalwa enenkululeko yokuzikhethela, ekwazi ukukhetha phakathi kokulungile nokungalungile. (Duteronomi 30:19, 20) Inhliziyo yethu engokomfanekiso iyakwazi ukuzicabangisisa kahle izinto okumelwe sikhethe kuzo bese igxila kweyodwa noma kwezengeziwe. Ebonisa ukuthi kuwumthwalo wethu ukwenza ukukhetha, uSolomoni uthi: “Inhliziyo yomuntu wasemhlabeni ingase icabange indlela yakhe.” Lapho esekwenzile lokhu, “nguJehova oqondisa izinyathelo zakhe.” (IzAga 16:9) Njengoba uJehova ekwazi ukuqondisa izinyathelo zethu, senza ngokuhlakanipha uma sifuna usizo lwakhe ‘ekwenzeni amacebo ethu ame aqine.’
Njengoba sesiphawulile, inhliziyo iyakhohlisa futhi iyakwazi ukucabanga ngendlela enganembile. Ngokwesibonelo, umuntu angase enze isono, bese inhliziyo yakhe izithethelela. Esikhundleni sokuba ashiye inkambo yakhe yesono, umuntu angase acabange ukuthi uNkulunkulu unothando, unomusa, unesihe futhi uyathethelela. Umuntu onjalo uthe enhliziyweni yakhe: “UNkulunkulu ukhohliwe. Ubufihlile ubuso bakhe. Ngokuqinisekile ngeke neze akubone.” (IHubo 10:11) Nokho, ukusizakala ngesihe sikaNkulunkulu akufanele futhi kuyingozi.
“Inkomba Yesilinganiso Enobulungisa Kanye Nesikali KungokukaJehova”
Esusa ukunaka kwakhe enhliziyweni nasezenzweni zomuntu wasemhlabeni ekuphendulela kokwenkosi, uSolomoni uthi: “Isinqumo esiphefumulelwe kufanele sibe sezindebeni zenkosi; umlomo wayo akufanele uzibonakalise ungathembekile ekwahluleleni.” (IzAga 16:10) Lokhu ngokuqinisekile kuyoba njalo ngeNkosi esibekwe esihlalweni sobukhosi, uJesu Kristu. Ukubusa kwayo emhlabeni kuyovumelana nentando yaphezulu.
Iveza umthombo wobulungisa nokulunga, inkosi ehlakaniphile ithi: “Inkomba yesilinganiso enobulungisa kanye nesikali kungokukaJehova; zonke izisindo zamatshe zasesikhwameni zingumsebenzi wakhe.” (IzAga 16:11) Izinkomba nezikali ezinobulungisa zinikezwa nguJehova. Akukhona okwenkosi ukunquma izindinganiso ezinjalo ngokuthanda kwayo. Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu wathi: “Mina angikwazi ukwenza ngisho nento eyodwa ngokusuka kimi ngokwami; ngahlulela ngalokho nje engikuzwayo; futhi isahlulelo engisikhiphayo silungile, ngoba angifuni intando yami, kodwa intando yalowo ongithumile.” Singalindela ubulungisa obuphelele eNdodaneni, uYise ‘ayiphathise konke ukwahlulela.’—Johane 5:22, 30.
Yini enye esingayilindela enkosini emelela uJehova? Inkosi yakwa-Israyeli ithi: “Ukwenziwa kobubi kuyinto enengekayo emakhosini, ngoba ngokulunga isihlalo sobukhosi sima siqine.” (IzAga 16:12) UMbuso kaMesiya ulawulwa izimiso zikaNkulunkulu zokulunga. Awuzihlanganisi “[nesihlalo] sobukhosi esibangela ukuhlupheka.”—IHubo 94:20; Johane 18:36; 1 Johane 5:19.
Ukuzuza Ukuthakazelelwa Inkosi
Izikhonzi zenkosi enkulu ngokubabazekayo kufanele zisabele kanjani? USolomoni uthi: “Izindebe zokulunga ziyinjabulo enkosini enkulu; futhi iyamthanda okhuluma izinto eziqondile. Ukufutheka kwenkosi kusho izithunywa eziletha ukufa, kodwa umuntu ohlakaniphile yilowo okuphambukisayo.” (IzAga 16:13, 14) Abakhulekeli bakaJehova namuhla bayawanaka la mazwi futhi bahlale bematasa emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Bayazi ukuthi ukusebenzisa izindebe zabo ngale ndlela kuyayithokozisa iNkosi enguMesiya, uJesu Kristu. Ukuphambukisa ukucasuka kwenkosi enamandla engumuntu nokufuna umusa wayo kwakuyinto ewukuhlakanipha impela. Yeka ukuthi kuhlakaniphe nakakhulu kangakanani ukufuna ukwamukelwa yiNkosi enguMesiya!
USolomoni uyaqhubeka: “Ekukhanyeni kobuso benkosi kukhona ukuphila, futhi ukuthakazelelwa yiyo kunjengefu lemvula yasentwasahlobo.” (IzAga 16:15) ‘Ukukhanya kobuso benkosi’ kusho umusa wayo, njengoba nje ‘nokukhanya kobuso bukaJehova’ kubonisa umusa wakhe. (IHubo 44:3; 89:15) Njengoba nje amafu emvula eyisiqinisekiso sokuthi kuzoba namanzi azosiza izitshalo ukuba zithele, ukuthakazelelwa yinkosi kuwubufakazi bokuthi kunezinto ezinhle ezizayo. Ukuphila ngaphansi kokubusa kweNkosi enguMesiya kuyogcwala izibusiso nokuchuma, njengoba nje kwaba njalo ngezinga elincane ngesikhathi sokubusa kweNkosi uSolomoni.—IHubo 72:1-17.
Njengoba silindele uMbuso kaNkulunkulu ukuba ulawule zonke izinto ngaphansi kwelanga, kwangathi singafuna usizo lwakhe ekuhlanzeni izinhliziyo zethu. Kwangathi futhi singathembela kuJehova sihlakulele ukwesaba uNkulunkulu. Khona-ke, singaqiniseka ngokugcwele ukuthi ‘amacebo ethu ayokuma aqine.’—IzAga 16:3.
[Isithombe ekhasini 18]
UJehova uye wenzela “omubi usuku olubi” ngamuphi umqondo?