Intsha Iyabuza . . .
Ngingalwisana Kanjani Nomkhuba Wokushaya Indlwabu?
“NGIYAGADLA kungengokungathi ngishaya umoya,” kubhala umphostoli uPawulu ongumKristu. (1 Korinte 9:26) Umzabalazo wokulawula izifiso zakhe wawuqhathanisa nokuba semdlalweni wesibhakela. Umshayisibhakela ozibhakela zakhe zishaya kuphela umoya uyonqotshwa ngokushesha. Ngakho-ke, ukuze umuntu alwe ngokuphumelelayo nomkhuba wokushaya indlwabu, kumelwe ayazi indlela yokuqondisa imizamo yakhe, noma ‘ukugadla’ ngokuqondile.a
‘Bopha Izinkalo Zengqondo Yakho’
Impi ngokumelene nokushaya indlwabu ilwiwa engqondweni yethu. Nokho iBhayibheli liyeluleka: “Zibopheni izinkalo zengqondo yenu, nizithibe.” (1 Petru 1:13) Ngokwesibonelo, kungenzeka siphawule okuthile okuvusa inkanuko yobulili. Ingqondo ithambekela ekugxileni emicabangweni enjalo futhi ivumele inkanuko ikhule. (Mathewu 5:28) Lapho lokhu kwenzeka, imizimba yethu ithambekela ngasesenzweni esingokobulili. Lapho izingqondo zethu zigxila isikhathi eside emcabangweni ongalungile, kulapho lesenzakalo esingokomzimba sikhulela ngokwengeziwe ezimweni eziphakeme zenkanuko. Ekugcineni, izinga lenkanuko lingase liholele ekushayeni indlwabu. Kodwa ingqondo kumelwe izikhandle futhi yenqabe umcabango wokuziphatha okubi. Uma yenza kanjalo, khona-ke ngokushesha inkanuko iyabohla futhi noma yikuphi ukuphatheka kabi ngenxa yokukhungatheka komzimba kuyanyamalala.
Nokho, ukulahla imicabango emibi kunzima, ikakhulukazi lapho umuntu eyedwa ebusuku. Ngakho-ke omusha oneminyaka eyi-17 ubudala uchaza izinyathelo azithathayo: “Okokuqala, ngizama ‘ukushintsha indaba’ ukuze umqondo wami ngiwukhiphe emcabangweni obangela ukuvuswa kwenkanuko. Futhi, ukwazi ukuthi isifiso sizonyamalala ekugcineni kwenza kube lula.” “Ukushintsha indaba” kungase kudinge okungaphezulu nje komzamo ongokwengqondo kuphela. Omunye wesifazane osemusha uyanezela: “Into engcono iwukwehla embhedeni futhi ube matasa ngomsebenzi othile, noma mhlawumbe udlayidle kancane, ukuze ingqondo yakho iphendukele kwezinye izinto.” Yebo, ziphoqelele ukuba uqhubeke ‘uzindla ngakho konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, okuhle nokubongekayo.’—Filipi 4:8.
Lapho unobunzima bokulala, zama ukulingisa iNkosi ethembekile uDavide, owabhala: “Nxa ngikukhumbula [Nkulunkulu] ecansini lami, ngizindla ngawe emilindweni yasebusuku.” (IHubo 63:6) Ukuphoqelela izingqondo zethu ukuba zizindle ngoNkulunkulu nangezimfanelo zakhe ngokuvamile kuyoliqeda ithonya. “Nina enithanda uJehova zondani okubi,” kubhala umhubi. (IHubo 97:10) Akulula ukuzonda umkhuba oletha injabulo enjalo yesikhashana engokwenyama, kodwa qhubeka ucabanga ngendlela uNkulunkulu abheka ngayo lomkhuba ongcolile. Nokho, futhi . . .
Thatha Izinyathelo Zokukuvimbela
“Oqondileyo uyabona ububi, acashe, kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho,” kubhala indoda ehlakaniphile ephefumlelwe. (IzAga 22:3) Ngokwegama lokuqala lesiHeberu, ‘ukuqonda’ kulokhu kusho “ukushesha, ukuzimisela kwengqondo noma ukwazi.” Umuntu onjalo usebenzisa ukucabanga kusengaphambili futhi uyazi ukuthi yini eyokwenza isimo sibe sibi kakhulu. Ngakho-ke, uma uthola ukuthi imisebenzi ethile, izinhlobo zezingubo zokugqoka, noma zokudla kuye kwakuvusa inkanuko engokobulili, khona-ke okunjalo kugweme ngazo zonke izindlela.b Gwema ubhadane olunjenganoma yiziphi izinto ezifundwayo, izinhlelo zeTV, noma amabhayisikobho anezihloko ezivusa inkanuko yobulili. Ungalokhu ubuka izinto ezinjalo. “Phendula amehlo ami, angaboni okuyize,” kuthandaza umhubi. (IHubo 119:37) Ukubona izinto ezinjalo ezivusa inkanuko kuyogxila engqondweni yakho futhi ngokuvamile kubuye futhi lapho uwedwa.
Kudingekile ikakhulukazi ukuthatha izinyathelo ‘zokucashela’ izinkinga zesikhathi esizayo ngezinye izikhathi lapho ungase ulimale ngokwemizwelo noma uzizwe udumele, mhlawumbe ucindezelekile. “Uma udangala ngosuku lokuhlupheka, amandla akho mancane,” kuxwayisa izAga 24:10. Wazi ukuthi phakathi nezikhathi ezinjalo amandla akho okumelana nalokhu aba “mancane,” zama ukulungisa izindaba zakho kakhulu ngangokunokwenzeka ukuze ugweme ukuba wedwa isikhathi eside. Hlela isimiso esigcwele semisebenzi eyakhayo ezogcina ingqondo yakho ihilelekile emisebenzini ebekela inselele, eyokwenza ibe nethuba elincane lokudonselwa emicabangweni yokuziphatha okubi. Khona-ke qaphela ikakhulukazi lokho okuvumela ukuba kugcwale engqondweni yakho. Owesifazane ozifiso zakhe ziba namandla kakhulu ngezikhathi ezithile zenyanga ngokufanayo kumelwe asebenzise ukuhlakanipha okunenzuzo ukuze abhekane nezinkinga ezengeziwe.
Nakuba ukusebenzisa ukusikisela osekukhulunywe ngakho kuyosiza, abantu abaningi abaye balwa ngokuphumelelayo nalomkhuba bathola ukuthi ikhambi langempela lalisekelwe ekuhlaseleni okungokomoya okunamandla.
Ukuhlasela Okungokomoya
Indoda eneminyaka engama-27 ubudala eyayilwisana nalomkhuba kusukela ineminyaka eyi-11 yanqoba ekugcineni. Kanjani? Okokuqala, yazigwema ngokunakekela izithombe ezingcolile zobulili. “Khona-ke kwase kuba yindaba yokuhlasela ngokusebenzisa wonke amathuluzi ami angokomoya,” ichaza. “Ngangifunda iBhayibheli, okungenani izahluko ezimbili nsuku zonke kungekho oludlulayo.” Isikwenze lokhu iminyaka emithathu ngaphandle kokwehluleka.
Amanye amaKristu aye aba nobunzima ekunqobeni lomkhuba aye avuma ukuthi ukutadisha komuntu siqu iZwi likaNkulunkulu okunciphayo ngokuqinisekile kwakuyimbangela eyenezelayo. “Ngesinye isikhathi, ngaba nesifiso esinamandla kakhulu sokushaya indlwabu,” kubika omunye umKristu onkinga yakhe yokushaya indlwabu yaqhubeka ngemva komshado. “Ngacindezelwa umsebenzi nangezinye izinto eziningi kangangokuba isifundo sami somuntu siqu saqala ukusalela emuva. Ngabona isidingo sokutadisha ngokwengeziwe. Lokhu kwasiza, futhi ngiyabonga ukuthi ngasinqoba isifiso ngaphandle kokuhlehlela emuva.”
‘Ukuvama njalo emsebenzini weNkosi,’ njengasemsebenzini wokufundisa abanye iBhayibheli, nakho kuyasiza. (1 Korinte 15:58) Omunye wesifazane owanqoba ukushaya indlwabu wathi: “Into engisiza ngempela manje ukuba ngigweme lomkhuba kuwukuthi njengomshumayeli wesikhathi esigcwele wezindaba ezinhle ingqondo yami namandla konke kuqondiswa ekusizeni abanye ukuba bazuze ubuhlobo obamukelekayo noNkulunkulu.”
Ekugcineni, ukuze usizakale ekulondolozeni ukuzithiba phakathi nobusuku, omunye umKristu uyaluleka: “Ngaphambi kokuyolala, funda okuthile okuhlobene nezinto ezingokomoya. Kubaluleke kakhulu ukuba umcabango wokugcina wosuku ube yinto engokomoya. Umthandazo nawo uwusizo kakhulu kulesikhathi.”
Indima Ebalulekile Yomthandazo
Yebo, ukulwisana ngokuphumelelayo nalomkhuba omubi kudinga “amandla angaphezu kwavamile.” Lawa avela kuNkulunkulu. (2 Korinte 4:7, NW) Ngemithandazo yobuqotho, ungawacela kuNkulunkulu lamandla. “Nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe [uNkulunkulu],” kubhala umhubi. (IHubo 62:8) UNkulunkulu uthembisa ukuthi labo abasondela kuye “ngesibindi” bayothola ukuthi uyobanika “umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.” (Heberu 4:16) Omunye wesifazane osemusha ongumKristu owayekhathazwa yilomkhuba wabika: “Umthandazo uyinqaba esheshayo yamandla. Ukuthandaza ngesikhathi sokuphakama kwesifiso kuyasiza ngokuqinisekile.” Futhi, lapho uvuka nangalo lonke usuku, veza ukuzimisela kwakho kuNkulunkulu futhi ucele umoya wakhe ongcwele oqinisayo.—Luka 11:13.
Imithandazo yobuqotho iyokusondeza eduze noNkulunkulu, futhi uNkulunkulu uba ongokoqobo noMsizi wakho siqu. Kubalulekile ukucabanga ngobuhlobo bakho noNkulunkulu nokufisa ukulondoloza ‘isibindi.’ Nokho, ngezinye izikhathi umuntu uyohoxa ekuthandazeni ngenxa yamahloni noma ngenxa yokuthi uthola ukuvuka kwenkanuko yobulili kujabulisa kangangokuba angabe esathanda ukuyeka. Kungalesosikhathi lapho leyomizwa kumelwe kumelwane nayo. IBhayibheli lithi: “Ekukhulekeni niqinisele njalo.” Ngokunxusa uNkulunkulu—ucele usizo ngalesosikhathi—ngokuvamile umuntu uyothola ukuthi umuzwa ongalungile uyonyamalala.—Roma 12:12.
Usizo Oluvela Kwabanye
Uma imizamo yakho siqu ingaphumeleli futhi ukufuna ngempela ukunqoba, khona-ke khuluma nothile ongasiza, njengomzali noma umuntu ofanelekayo ngokomoya. Enye insizwa eyayilahlekelwa ukulwisana kwayo nokushaya indlwabu yafinyelela ephuzwini lokulahlekelwa ithemba ngokuphelele. Yathi: “Ngelinye ilanga kusihlwa ngaxoxa ngakho ngasese nobaba. Kwadinga umzamo omkhulu ukuba ngimtshele. Njengoba ngangimtshela ngangikhala, ngazizwa ngidabukile. Kodwa ngeke neze ngikukhohlwe lokho akusho. Ngokumamatheka okuqinisekisayo ebusweni bakhe, wathi: ‘Ungenza ngiziqhenye ngawe.’ Wayazi ukuthi kwakumelwe ngidlule kuphi ukuze ngifinyelele kulelophuzu. Awekho amagama ayeyophakamisa umoya wami nokuzimisela kwami ngokwengeziwe.”
Osemusha uyaqhubeka: “Khona-ke ubaba wangivulela imibhalo embalwa ukuze angisize angibonise ukuthi ‘ngangingalahlekile kangako,’ khona-ke wabe esevula neminye imibhalo eyengeziwe ukuze aqiniseke ukuthi ngangikuqonda ukungathi sína kwenkambo yami engalungile. Wasikisela ukuba ngilwele ukwenza okuhle kuze kube yisikhathi esithile, khona-ke sasizoxoxa ngakho futhi. Wangitshela ukuthi ngingakuvumeli ukuba kungehlule uma ngangihlehlela emuva; ngiqhubeke isikhathi eside ngaphandle kokukuvumela esikhathini esizayo.” Ngemva kokunqoba inkinga ngokugcwele, lensizwa yanezela: “Ukuba nothile owayeqaphela inkinga yami futhi engisiza kwaba yinzuzo enkulu.”
Ukufuna usizo lomdala ebandleni lobuKristu nakho kuye kwaba usizo olukhulu kwabaningi. Abesifazane abangase bazizwe bengajabuli ngokuxoxa ngezinkinga ezinjalo zomuntu siqu nowesilisa ngokuvamile baye bakuthola kuwusizo ukukhiphela isifuba sabo kowesifazane ongumKristu ovuthiwe. (Thithu 2:3, 4) Ulwazi oluwusizo lwabantu abanjalo luyoqinisa imizamo yakho siqu yokulwisana ngokuphumelelayo nokushaya indlwabu. Yeka ukuthi siyiqiniso kanjani isaga seBhayibheli: “Umuntu ohlakaniphileyo udlula onamandla, nomuntu onokwazi onezikhwepha. Ngokuba ngokucabanga ungaphaka impi yakho, nokusinda kumi ngobuningi babeluleki”!—IzAga 24:5, 6.
Ukubhekana Nokuhlehlela Emuva
Ngemva kokusebenza kanzima ukuze anqobe lomkhuba, omunye osemusha wahlushwa ukuhlehlela emuva. Wavuma: “Kwakunjengetshe elikhulu phezu kwami. Ngazizwa ngingafanelekile. Khona-ke ngazithethelela: ‘Sengilahleke kakhulu. Kakade anginawo umusa kaJehova, ngakho kungani ngizibopha?’” Nokho, ukuhlehlela emuva akusho ukuthi umuntu usenqotshiwe. Enye intombazane eneminyaka eyi-19 ubudala eyalwa nalomkhuba iminyaka emihlanu yachaza: “Okokuqala kwenzeka cishe ngazo zonke izinsuku ebusuku, khona-ke kodwa ngaqala ukuthembela kuJehova ngokwengeziwe, futhi ngosizo lomoya wakhe manje ngihluleka mhlawumbe izikhathi eziyisithupha kuphela onyakeni. Ngizizwa ngidabuke kabi ngemva kwalokho, kodwa isikhathi ngasinye engihluleka ngaso, lapho kufika isilingo esilandelayo, ngiba namandla amakhulu.” Ngakho iyanqoba empini yayo kancane kancane.
Lapho ukuhlehlela emuva kwenzeka, hlaziya lokho okuholele kukho. Omunye osemusha, lapho ehlehlela emuva, wavuma: “Ngithandazela ukuthethelelwa, futhi ngibukeza lokho ebengikufunda noma ngicabanga ngakho. Cishe ngaso sonke isikhathi ngingasikhomba isizathu sokushelela kwami. Ngalendlela ngingayeka ukukwenza futhi ngikulungise.” Ngokuqaphela izikhathi ukuhlehlela emuva okwenziwa ngazo, umuntu angayiqaphelisisa intuthuko yakhe.
Imivuzo Yokulwa Okuhle
Lapho ekugcineni isikunqobile ukushaya indlwabu, enye insizwa yathi: “Kwakunjengokungathi kwakususwe itshe elikhulu.” Omunye omusha ongumKristu wabika: “Kusukela ngayinqoba inkinga, ngingaqhubeka nginonembeza ohlanzekile phambi kukaJehova, futhi lokhu okuthile engingenakukwenana ngalutho!”
Yebo, unembeza omuhle, umuzwa othuthukisiwe wokufaneleka komuntu siqu, ukusetshenziswa kahle kwesikhathi sakho namandla angokomzwelo, amathuba amancane okuziphatha okubi ngokobulili, nobuhlobo obuseduze noNkulunkulu konke kuyimivuzo yokulwa okuhle nokushaya indlwabu. “Manje nginenjabulo enkulu ngenxa yokuthi ngizizwa ‘nginokuzilawula’ ngemva komzabalazo omude kangaka,” kusho omunye wesifazane osemusha owayezibheka ‘njengosewumlutha’ wokushaya indlwabu. “Manje ngiyakwazi ukubaluleka kokuzonda lokho uJehova akuzondayo. Usizo olukhulu kwakuwukucabanga ngobuhlobo bami naye. Ngayibona indlela okwakungaba ubuwula ngayo ukuvumela ukushaya indlwabu konakalise ubuhlobo obufaneleke kakhulu engake ngaba nabo. Ngikholelwe, ukunqoba lomkhuba kuwufanele umzamo owenziwayo.” Ngalendlela futhi, umuntu kumelwe alandele iseluleko sikamphostoli uPawulu esikweyoku-1 Korinte 9:25-27, ngokwengxenye esithi: “Ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina uqobo.”
[Imibhalo yaphansi]
a Omagazini bePhaphama! kaSeptember 8 noDecember 8, 1987, babonisa ukuthi kungani kunzima kangaka ukuhlukana nalomkhuba kodwa kungani amaKristu kumelwe alwisane nawo.
b IEncyclopædia Britannica (1946), lapho ixoxa ngalokho okungadambisa isifiso sobulili, ithi: “Ukugwema ukudla okucebe ngenyama nezinongo, futhi ikakhulukazi iziphuzo ezidakayo, kubalulekile,” Iziphuzo ezidakayo zingakwehlisa ukulwisana komuntu nesimo futhi zenze ukuzithiba kube nzima.
[Ibhokisi ekhasini 19]
Ukuze alwe nomkhuba wokushaya indlwabu ngokuphumelelayo kudinga ukuba umuntu: (1) alahle imicabango yobulili (2) aqhubeke nokuhlasela okungokomoya ngemikhuba emihle yokutadisha, (3) athandazele usizo lukaNkulunkulu ngesikhathi esifanele, futhi (4) kwezinye izimo, akhulume nomKristu ovuthiwe ngenkinga