Hlala Uphephile Njengengxenye Yenhlangano KaNkulunkulu
“Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.”—IZAGA 18:10.
1. Ngokomthandazo kaJesu, isiphi isimo esinzima amaKristu akuso?
NGAPHAMBI nje kokuba afe, uJesu wathandazela abalandeli bakhe kuYise wasezulwini. Ebakhathalela ngothando, wathi: “Ngibaniké izwi lakho, kodwa izwe liye labazonda, ngoba bengeyona ingxenye yezwe, njengoba nje nami ngingeyona ingxenye yezwe. Angikuceli ukuba ubakhiphe ezweni, kodwa ukuba ubabheke ngenxa yomubi.” (Johane 17:14, 15) UJesu wayazi ukuthi izwe laliyoba indawo eyingozi kumaKristu. Laliyobonisa ukuthi liyabazonda ngokubaqambela amanga nokubashushisa. (Mathewu 5:11, 12; 10:16, 17) Futhi laliyoba umthombo wenkohlakalo.—2 Thimothewu 4:10; 1 Johane 2:15, 16.
2. AmaKristu angayitholaphi indawo angaphephela kuyo ngokomoya?
2 Izwe elaliyozonda amaKristu lakhiwe yilabo abadediselwe kude noNkulunkulu futhi abalawulwa uSathane. (1 Johane 5:19) Leli lizwe likhulu kakhulu kunebandla lobuKristu, futhi uSathane uqobo unamandla amakhulu kakhulu kunanoma imuphi umuntu. Ngakho, inzondo yezwe iwusongo lwangempela. Abalandeli bakaJesu bangakutholaphi ukuphepha okungokomoya? Amazwi akuyi-Nqabayokulinda (yesiNgisi) ka-December 1, 1922, asikisela impendulo: “Manje sisosukwini olubi. Impi ibambene phezulu phakathi kwenhlangano kaSathane nenhlangano kaNkulunkulu. Yimpi enzima.” Kule mpi, inhlangano kaNkulunkulu iyindawo yokuphepha okungokomoya. Igama lesiNgisi elisho “inhlangano [organization]” alikho eBhayibhelini, futhi emuva ngawo-1920, ukuthi “inhlangano kaNkulunkulu” kwakuyinkulumo entsha. Iyini-ke le nhlangano? Futhi singasithola kanjani isivikelo kuyo?
Inhlangano KaJehova
3, 4. (a) Ngokwesinye isichazamazwi ne-Nqabayokulinda, iyini inhlangano? (b) Ubudlelwane bomhlaba wonke boFakazi BakaJehova bungabizwa ngamuphi umqondo ngokuthi inhlangano?
3 Ngokwe-Concise Oxford Dictionary, inhlangano “yindikimba ehlelekile.” Sinalokho engqondweni, siyaqonda ukuthi ngenxa yokuthi abaphostoli bahlela amaKristu ekhulu lokuqala aba amabandla ezindawo ngaphansi kokwengamela kwendikimba ebusayo eJerusalema, kufanelekile ukukhuluma ngaleyo “nhlangano yabafowethu” ngokuthi inhlangano. (1 Petru 2:17) OFakazi BakaJehova namuhla bahleleke ngendlela efanayo. Ubunye bendikimba yekhulu lokuqala baqiniswa ‘izipho ezingabantu,’ ‘ezinjengabelusi nabafundisi.’ Abanye balaba babehamba besuka kwelinye ibandla baye kwelinye, kanti abanye babengabadala emabandleni ezindawo. (Efesu 4:8, 11, 12; IzEnzo 20:28) ‘Izipho’ ezifanayo ziqinisa ubunye boFakazi BakaJehova namuhla.
4 Ngokuphathelene negama elithi “inhlangano,” INqabayokulinda (yesiNgisi) ka-November 1, 1922, yathi: “Inhlangano umgwamanda wabantu onenjongo yokufeza icebo elihleliwe.” Le Nqabayokulinda yaqhubeka yachaza ukuthi ukubiza oFakazi BakaJehova ngokuthi inhlangano akubenzi babe “ihlelo ngomqondo elisetshenziswa ngawo lelo gama, kodwa kumane nje kusho ukuthi lawa ma-Bible Student [oFakazi BakaJehova] azama ukufeza izinjongo zikaNkulunkulu futhi enza izinto ngendlela ehlelekile, njengoba iNkosi yenza kanjalo kukho konke.” (1 Korinte 14:33) Umphostoli uPawulu wabonisa ukuthi amaKristu osukwini lwakhe nawo ayenza izinto ngendlela ehlelekile. Waqhathanisa abazalwane abangamaKristu agcotshiwe nomzimba womuntu, onezitho eziningi, ngasinye esifeza indima esiyabelwe ukuze umzimba usebenze kahle. (1 Korinte 12:12-26) Lowo umfanekiso omuhle kakhulu wenhlangano! Kungani amaKristu ayehleliwe? Ukuze akhonze “izinjongo zikaNkulunkulu,” enze intando kaJehova.
5. Iyini inhlangano kaNkulunkulu ebonakalayo?
5 IBhayibheli labikezela ukuthi amaKristu eqiniso namuhla ayeyoba nobunye, eqoqelwe ndawonye ‘ezweni’ elilodwa ‘njengesizwe’ esisodwa, lapho ayeyobe ‘ekhanya khona njengezinkanyiso ezweni.’ (Isaya 66:8; Filipi 2:15) Lesi “sizwe” esihlelekile manje siyizigidi ezingaphezu kwesihlanu nesigamu. (Isaya 60:8-10, 22) Nokho, inhlangano kaNkulunkulu ayipheleli lapho. Kuhileleke nezingelosi.
6. Ngomqondo obanzi kakhulu, obani abakha inhlangano kaNkulunkulu?
6 Kunezenzakalo eziningi lapho izingelosi zazisebenza khona kanye nezinceku zikaNkulunkulu ezingabantu. (Genesise 28:12; Daniyeli 10:12-14; 12:1; Heberu 1:13, 14; IsAmbulo 14:14-16) Khona-ke ngokufanelekayo, INqabayokulinda (yesiNgisi) ka-May 15, 1925, yathi: “Zonke izingelosi ezingcwele ziyingxenye yenhlangano kaNkulunkulu.” Ngaphezu kwalokho, yathi: “Inhloko yenhlangano kaNkulunkulu, enawo wonke amandla negunya, [yiNkosi] uJesu Kristu.” (Mathewu 28:18) Ngakho, ngomqondo obanzi kakhulu, inhlangano kaNkulunkulu yakhiwe yizo zonke izidalwa ezisezulwini nezisemhlabeni ezisebenza ndawonye ukuze zenze intando kaNkulunkulu. (Bheka ibhokisi.) Yeka ukuthi kuyilungelo elimangalisa kanjani ukuba ingxenye yalokhu! Futhi yeka injabulo okuyiyo ukubheka phambili esikhathini lapho zonke izidalwa eziphilayo, ezisezulwini nezisemhlabeni, ziyobe zihlelelwe ukudumisa uJehova uNkulunkulu ngobunye! (IsAmbulo 5:13, 14) Nokho, siyini isivikelo esinikezwa yinhlangano kaNkulunkulu namuhla?
Sivikelekile Enhlanganweni KaNkulunkulu—Kanjani?
7. Inhlangano kaNkulunkulu isivikela kanjani?
7 Inhlangano kaNkulunkulu ingasiza ekusivikeleni kuSathane nasemaqhingeni akhe. (Efesu 6:11) USathane ucindezela, ashushise, futhi alinge abakhulekeli bakaJehova enomgomo owodwa nje engqondweni: ukubasusa ‘endleleni abamelwe ukuhamba kuyo.’ (Isaya 48:17; qhathanisa noMathewu 4:1-11.) Asisoze sakugwema ngokuphelele lokho kuhlaselwa kulesi simiso sezinto. Nokho, ubuhlobo bethu obuseduze noNkulunkulu nenhlangano yakhe buyasiqinisa futhi busivikele, kanjalo busisize sihlale ‘endleleni.’ Ngenxa yalokho, asehlulwa ngokuqondene nethemba lethu.
8. Inhlangano kaJehova engabonakali izisekela kanjani izinceku zakhe zasemhlabeni?
8 Inhlangano kaNkulunkulu isinikeza kanjani lesi sivikelo? Okokuqala, sinokusekela okuqinisekile kwezinceku zikaJehova zomoya. Lapho uJesu ecindezeleke kakhulu, wakhonzwa yingelosi. (Luka 22:43) Lapho elengela egodini lokufa, uPetru wasindiswa yingelosi ngokuyisimangaliso. (IzEnzo 12:6-11) Nakuba zingekho izimangaliso ezinjalo namuhla, abantu bakaJehova bathenjiswa ukuthi bayosekelwa yizingelosi emsebenzini wabo wokushumayela. (IsAmbulo 14:6, 7) Ngokuvamile baba namandla angaphezu kwavamile lapho bebhekene nezimo ezinzima. (2 Korinte 4:7) Ngaphezu kwalokho, bayazi ukuthi “ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule.”—IHubo 34:7.
9, 10. Kungashiwo kanjani ukuthi “igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla,” futhi lesi simiso sisebenza kanjani enhlanganweni kaNkulunkulu iyonke?
9 Inhlangano kaJehova ebonakalayo nayo iyisivikelo. Kanjani? KuzAga 18:10, sifunda ukuthi: “Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.” Lokhu akusikiseli ukuthi ukumane usho igama likaNkulunkulu kunikeza isivikelo. Kunalokho, ukuphephela kwethu egameni likaNkulunkulu kusho ukuthi sithembela kuJehova uqobo. (IHubo 20:1; 122:4) Kusho ukusekela ubukhosi bakhe, ukugcina imithetho nezimiso zakhe nokuba nokholo ezithembisweni zakhe. (IHubo 8:1-9; Isaya 50:10; Heberu 11:6) Kuhlanganisa ukuzinikela ngokukhethekile kuJehova. Yilabo abakhulekela uJehova ngale ndlela kuphela abangasho njengomhubi ukuthi: “Inhliziyo yethu ithokoza [ngoJehova], ngokuba sithemba igama lakhe elingcwele.”—IHubo 33:21; 124:8.
10 Manje bonke abasenhlanganweni kaNkulunkulu ebonakalayo basho kanye noMika ukuthi: “Thina siyakuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu kuze kube-phakade naphakade.” (Mika 4:5) Inhlangano yanamuhla ibuthanele ‘ku-Israyeli kaNkulunkulu,’ eBhayibhelini obizwa ngokuthi “isizwe segama lakhe.” (Galathiya 6:16; IzEnzo 15:14; Isaya 43:6, 7; 1 Petru 2:17) Ngakho, ukuba yingxenye yenhlangano kaJehova kusho ukuba yingxenye yabantu abafuna futhi bathole isivikelo egameni likaNkulunkulu.
11. Yiziphi izindlela eziqondile inhlangano kaJehova enikeza ngazo isivikelo kulabo abayingxenye yayo?
11 Ngaphezu kwalokho, inhlangano kaNkulunkulu ebonakalayo iyiqembu labantu abanokholo, inhlangano yamakholwa andawonye akhanayo nakhuthazanayo. (IzAga 13:20; Roma 1:12) Iyindawo lapho abelusi abangamaKristu benakekela khona izimvu, bakhuthaze ezigulayo nezicindezelekile, futhi bafune ukuvusa lezo eziye zawa. (Isaya 32:1, 2; 1 Petru 5:2-4) “Isigqila esikholekile nesiqondayo” sinikeza “ukudla ngesikhathi esifanele” ngale nhlangano. (Mathewu 24:45) Leso “sigqila,” esakhiwe amaKristu agcotshiwe, sinikeza izinto ezingcono kakhulu zezinto ezinhle ezingokomoya—ulwazi olunembile, olusekelwe eBhayibhelini, olungaholela ekuphileni okumi phakade. (Johane 17:3) Ngosizo lwesiqondiso esivela kulesi “sigqila,” amaKristu asizwa ukuba alondoloze izindinganiso eziphakeme zokuziphatha futhi ‘aqaphe njengezinyoka kodwa nokho abe msulwa njengamajuba’ esimweni esiyingozi akuso. (Mathewu 10:16) Futhi asizwa ukuba njalo abe “nokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi,” okuyisivikelo esinamandla ngokwako.—1 Korinte 15:58.
Obani Abayingxenye Yenhlangano KaNkulunkulu?
12. Obani okuthiwa bayingxenye yenhlangano kaNkulunkulu yasezulwini?
12 Njengoba lesi sivikelo sitholwa yilabo abayingxenye yenhlangano kaNkulunkulu, kuhlanganisa obani lokhu? Ngokuqondene nenhlangano yasezulwini, akukho kungabaza ngempendulo yalo mbuzo. USathane nezingelosi zakhe abasekho ezulwini. Ngakolunye uhlangothi, izingelosi ezithembekile zisekhona lapho “emhlanganweni wabo bonke.” Umphostoli uJohane wabona ukuthi phakathi nezinsuku zokugcina, “iWundlu,” amakherubi (‘izidalwa eziphilayo ezine’), kanye ‘nezingelosi eziningi’ zaziyobe ziseduze nesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu. Kanye nazo, kwakuyobe kunabadala abangu-24—abamelela lawo maKristu agcotshiwe asengenile kakade esimweni sawo esikhazimulayo sasezulwini asizuze njengefa. (Heberu 12:22, 23; IsAmbulo 5:6, 11; 12:7-12) Kusobala ukuthi bonke bayingxenye yenhlangano kaNkulunkulu. Nokho, phakathi kwabantu, akulula kangako.
13. UJesu wathi obani abayingxenye yenhlangano kaNkulunkulu nabangeyona?
13 Mayelana nabathile ababeyothi bayamlandela, uJesu wathi: “Abaningi bayothi kimi ngalolosuku, ‘Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini egameni lakho, futhi saxosha amademoni egameni lakho, senza nemisebenzi eminingi yamandla egameni lakho?’ Kodwa nokho ngiyovuma kubo ngalesosikhathi: Angizange nginazi! Sukani kimi, nina zisebenzi zokungabi namthetho.” (Mathewu 7:22, 23) Uma othile eyisisebenzi sokungabi namthetho, ngokuqinisekile akayona ingxenye yenhlangano kaNkulunkulu, kungakhathaliseki akushoyo, nokuthi ukhulekela kuyiphi indawo. UJesu wabonisa nendlela yokubona lowo oyiyo ingxenye yenhlangano kaNkulunkulu. Wathi: “Akuwona wonke umuntu othi kimi, ‘Nkosi, Nkosi,’ oyongena embusweni wamazulu, kodwa lowo owenza intando kaBaba osemazulwini nguye oyongena.”—Mathewu 7:21.
14. Yiziphi izici zentando kaNkulunkulu ezivezwa njengeziyisibopho kulabo abayingxenye yenhlangano kaNkulunkulu?
14 Ngakho, ukuze umuntu abe yingxenye yenhlangano kaNkulunkulu—engxenye yayo eyinhloko ‘iwumbuso wamazulu’—kufanele abe umuntu owenza intando kaNkulunkulu. Iyini intando yakhe? UPawulu waveza isici sayo esibalulekile lapho ethi: “[Intando kaNkulunkulu] iwukuba zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.” (1 Thimothewu 2:4) Uma umuntu efuna ngempela ukuzuza ulwazi olunembile oluseBhayibhelini, efuna ukulusebenzisa ekuphileni kwakhe nokulusakaza kuzo “zonke izinhlobo zabantu,” wenza intando kaNkulunkulu. (Mathewu 28:19, 20; Roma 10:13-15) Kuyintando kaNkulunkulu futhi ukuba izimvu zikaJehova zondliwe futhi zinakekelwe. (Johane 21:15-17) Imihlangano yamaKristu ifeza indima ebalulekile kulokhu. Umuntu okhululekile ukuba abe khona kule mihlangano kodwa akudebeselele ukwenza kanjalo untula ukwazisa ngendawo yakhe enhlanganweni kaNkulunkulu.—Heberu 10:23-25.
Ubungane Nezwe
15. Yisiphi isixwayiso uJakobe asinika amabandla osuku lwakhe?
15 Eminyakeni engaba ngu-30 ngemva kokufa kukaJesu, umfowabo ngomzali oyedwa, uJakobe, waveza ezinye zezici ezingabeka engozini indawo yomuntu enhlanganweni kaNkulunkulu. Wabhala: “Ziphingi, anazi yini ukuthi ubungane nezwe buwubutha noNkulunkulu? Ngakho-ke, noma ubani ofuna ukuba umngane wezwe uzenza isitha sikaNkulunkulu.” (Jakobe 4:4) Isitha sikaNkulunkulu ngokuqinisekile asiyona ingxenye yenhlangano yakhe. Khona-ke, buyini ubungane nezwe? Buye bachazwa njengobunezimo ezihlukahlukene, njengokuhlakulela noma ukuhileleka ekuzihlanganiseni nababi. Ngaphezu kwalokho, uJakobe wagxila kokuthile ngokuqondile—izimo zengqondo ezingafanele eziholela ekuziphatheni okungafanele.
16. Wawuyini umongo wesixwayiso sikaJakobe sokuthi ubungane nezwe buwubutha noNkulunkulu?
16 KuJakobe 4:1-3, siyafunda: “Zivela kumuphi umthombo izimpi futhi kuvela kumuphi umthombo ukulwa phakathi kwenu? Ingabe akuveli kulomthombo, okuwukuthi, ekunxaneleni kwenu ukujabulisa izinzwa okulwayo emalungwini enu? Niyafisa, kodwa nokho anibi nakho. Niyaqhubeka nibulala ngokungemthetho futhi nikhanuka, kodwa nokho anikwazi ukuthola. Niyaqhubeka nilwa futhi nihlaselana. Anibi nakho ngenxa yokungaceli kwenu. Niyacela, kodwa nokho anamukeli, ngoba nicela ngenjongo embi, ukuze nikusebenzise ekunxaneleni kwenu ukujabulisa izinzwa.” Kwakungemva kokuba ebhale la mazwi lapho uJakobe exwayisa ngobungane nezwe.
17. Kungayiphi indlela ‘kwakunezimpi’ ‘nokulwisana’ ebandleni lobuKristu lekhulu lokuqala?
17 Emakhulwini eminyaka ngemva kokufa kukaJakobe, amaKristu amanga alwa futhi abulalana wodwa ngomqondo ongokoqobo. Nokho, uJakobe wayebhalela amalungu ‘ka-Israyeli kaNkulunkulu’ ekhulu lokuqala, ayeyoba ‘abapristi namakhosi’ asezulwini. (IsAmbulo 20:6) Ayengabulalani wodwa ezimpini ezingokoqobo. Ngakho kungani uJakobe akhuluma ngezinto ezinjalo phakathi kwamaKristu? Umphostoli uJohane wabiza noma ubani ozonda umfowabo ngokuthi umbulali wabantu. Futhi uPawulu wabiza ukungezwani ngenxa yobuntu nezingxabano emabandleni ngokuthi ‘ukulwisana’ “nokuxabana.” (Thithu 3:9; 2 Thimothewu 2:14; 1 Johane 3:15-17) Kuwo lo mqondo ofanayo, kubonakala sengathi uJakobe wayecabanga ngokwehluleka komuntu ukuthanda amaKristu akanye nawo. AmaKristu ewodwa ayenza izinto ngendlela efana naleyo abantu abasezweni abavame ukusebenzelana ngayo.
18. Yini engaholela ezenzweni nasemizweni engenalo uthando phakathi kwamaKristu?
18 Kungani kwakwenzeka izinto ezinjalo emabandleni obuKristu? Kungenxa yezimo zengqondo ezingafanele, ezinjengokukhanuka ‘nokunxanela ukujabulisa izinzwa.’ Ukuqhosha, umhawu nokuhahela isikhundla nakho kungonakalisa ubudlelwane bothando bamaKristu ebandleni. (Jakobe 3:6, 14) Izimo zengqondo ezinjalo zenza umuntu abe umngane wezwe, futhi kanjalo abe isitha sikaNkulunkulu. Akekho ofukamela izimo zengqondo ezinjengalezi ongalindela ukuba aqhubeke eyingxenye yenhlangano kaNkulunkulu.
19. (a) Ubani ngokuyinhloko okufanele asolwe uma umKristu ethola ukuthi ukucabanga okungalungile kuyagxila enhliziyweni yakhe? (b) UmKristu angakunqoba kanjani ukucabanga okungalungile?
19 Ubani esingamsola uma sithola ukucabanga okungafanele kugxila ezinhliziyweni zethu? USathane? Ngokwezinga elithile, yebo. ‘Ungumbusi wegunya lomoya’ waleli lizwe, okwande kulo izimo zengqondo ezinjalo. (Efesu 2:1, 2; Thithu 2:12) Nokho, ngokuvamile, umsuka wokucabanga okungalungile usuke usenyameni yethu engaphelele uqobo. Ngemva kokuxwayisa ngobungane nezwe, uJakobe uyabhala: “Ingabe kini kubonakala sengathi umbhalo usho ngokungenanjongo ukuthi: ‘Umoya ohlezi ngaphakathi kithi uyaqhubeka ulangazela unokuthambekela emoneni’?” (Jakobe 4:5) Sonke sinokuthambekela esizalwa nakho kokwenza okungalungile. (Genesise 8:21; Roma 7:18-20) Nokho, singalwa nalokho kuthambekela uma sivuma ubuthakathaka bethu futhi sencika osizweni lukaJehova ukuze sibunqobe. UJakobe uthi: “Umusa ongafanelwe [uNkulunkulu] aphana ngawo mkhulu [kunokuthambekela kwethu emoneni esizalwana nako].” (Jakobe 4:6) Ngosizo lomoya ongcwele kaNkulunkulu nokusekela kwabazalwane abathembekile abangamaKristu, nangomhlatshelo kaJesu wesihlengo, amaKristu athembekile awanqotshwa ubuthakathaka benyama yawo. (Roma 7:24, 25) Aphephile enhlanganweni kaNkulunkulu, angabangane bakaNkulunkulu, hhayi bezwe.
20. Yiziphi izibusiso ezicebile ezijatshulelwa yilabo abayingxenye yenhlangano kaNkulunkulu?
20 IBhayibheli liyathembisa: “UJehova uzakunika abantu bakhe amandla; uJehova uzakubusisa abantu bakhe ngokuthula.” (IHubo 29:11) Uma siyiyo ngempela ingxenye ‘yesizwe’ sikaJehova sanamuhla, inhlangano yakhe ebonakalayo, siyothola amandla awanikezayo futhi sijabulele ukuthula abusisa ngako abantu bakhe. Yiqiniso, izwe likaSathane likhulu kakhulu kunenhlangano kaJehova ebonakalayo, futhi uSathane unamandla kakhulu kunathi. Kodwa uJehova unguMninimandla onke. Amandla akhe asebenzayo awanakunqotshwa. Izingelosi zakhe ezinamandla nazo zihlangene nathi ekukhonzeni uNkulunkulu. Ngakho, naphezu kwenzondo esibhekene nayo, singama siqinile. NjengoJesu, singalinqoba izwe.—Johane 16:33; 1 Johane 4:4.
Ungachaza?
◻ Iyini inhlangano kaNkulunkulu ebonakalayo?
◻ Inhlangano kaNkulunkulu isinikeza ngaziphi izindlela isivikelo?
◻ Obani abayingxenye yenhlangano kaNkulunkulu?
◻ Singakugwema kanjani ukuba abangane bezwe?
[Ibhokisi ekhasini 9]
Iyini Inhlangano KaNkulunkulu?
Ezincwadini zoFakazi BakaJehova, inkulumo ethi “inhlangano kaJehova” isetshenziswa ngezindlela ezintathu.
1 Inhlangano kaJehova engabonakali yasezulwini eyakhiwa izidalwa zomoya ezithembekile. Lena ibizwa ngokuthi “iJerusalema eliphezulu” eBhayibhelini.—Galathiya 4:26.
2 Inhlangano kaJehova ebonakalayo eyakhiwe abantu. Namuhla, lena yakhiwa insali egcotshiwe ihlangene nesixuku esikhulu.
3 Inhlangano kaJehova yendawo yonke. Namuhla, lena yakhiwa inhlangano kaJehova yasezulwini kanye namadodana akhe okutholwa agcotshiwe asemhlabeni, anethemba elingokomoya. Ngokuhamba kwesikhathi, iyohlanganisa nabantu abaphelelisiwe emhlabeni.
[Isithombe ekhasini 10]
Ukudla okungokomoya okungcono kakhulu kunikezwa ngenhlangano kaJehova