Eminye Imibuzo Iyaphendulwa
Impendulo yokuthi saba khona kanjani lapha inikeza izimpendulo kweminye imibuzo: Kungani silapha? Siyaphi? Ingabe ukuphila kwethu kunenjongo?
SONA kanye isimo sako, sokuziphendukela kwemvelo sibamba siyeka, asinayo injongo noma imigomo. Uma saba khona ngokuziphendukela kwemvelo, asikho isizathu sokuba khona kwethu lapha, asiyindawo, futhi ukuphila kwethu akunanjongo.
Ngokujabulisayo ngathi, ukuziphendukela kwemvelo akulona iqiniso. Akukaze kube khona, kungasaphathwa eyokufika kwakho. Ubufakazi besayensi buyavumelana: Ingqamuzana eliphilayo eligcwaliswe izinkulungwane zemisebenzi enenjongo lalingenakuvela nje ngezinguquko ezingaqondiswa, ezenzeka ngengozi. Lokhu kuba sobala lapho uthola ubufakazi obengeziwe ngesifiso sezazi zokuziphendukela kwemvelo. Kunjengoba uFrancis Crick asho: “Umuntu othembekile, ehlonyiswe ngalo lonke ulwazi analo manje, angasho ukuthi ngengqondo ethile, indabuko yokuphila okwamanje ibonakala iyisimangaliso.” Futhi njengoba iLungu leRoyal Society, uProfesa H. S. Lipson, asho ngokungakhululeki: “Kumelwe sisho okwengeziwe kunalokhu futhi sivume ukuthi okuwukuphela kwencazelo eyamukelekayo indalo.”
Nokho, ukuthembeka okunjalo kwezazi zokuziphendukela kwemvelo, akuvamile ukubonakaliswa. Indlela evamile ingeyokugomela, njengokuthi: ‘Ukuziphendukela kwemvelo kuyiqiniso. Akusadingeki ukuba kufakazelwe. Asikho isazi sesayensi esinguchwepheshe esikungabazayo. Bonke abantu abafundile bayakukholelwa. Abantu abangafundile kuphela abakwenqabayo.’ Emsakazweni wethelevishini iNOVA, uStephen Jay Gould wathi isayensi “ngokuvamile ibonakalisa ukuthambekela ohlangothini oluthile okuzenzekelayo kwalabo abenza umsebenzi.” Emizuzwini emibili kamuva wabonisa ukuthambekela kwakhe siqu lapho ethi uDarwin wenza okungaphezu kokwanoma imuphi omunye umuntu ukuze “aqinisekise ubuqiniso bokuziphendukela kwemvelo.”
UDarwin wayekholelwa ukuthi ukuphila “ekuqaleni kwaphefumlelwa uMdali ezinhlotsheni ezimbalwa noma kweyodwa.” Inkolelo yakhe yokuziphendukela kwemvelo ngezinguquko ezizuzwa ngofuzo ezenzeka kancane kancane iphelelwa amandla. Umbhalo wemivubukulo ayencike kuwo ukuze afakazele lokho wamphoxa. UGould ngokwakhe uye wayilahla yonke imibono kaDarwin ngenxa yokuthi ayisekelwe eqinisweni. Ukuze abalekele lemfundiso, uGould uye wasuka ezinguqukweni ezenzeka kancane kancane waya ekugxumeni okukhulu nokusheshayo, kusuka kolunye uhlobo lokuphila kuya kolunye. Asikho isisekelo salokhu. Leli icebo elicatshangiwe ukuze kuqedwe isidingo semivubukulo entulekayo phakathi nendawo embhalweni wemivubukulo. Akukhona nje ukuthi ukuziphendukela kwemvelo akufakazelwa yisayensi, isayensi iyakuphikisa.
Ngakho sekumane kuwukwenza nje ukuba imibhalo yokuziphendukela kwemvelo inongwe ngamanga okwesabisa. Ngamacebo anjalo izazi zokuziphendukela kwemvelo ziye zahola izigidi zamakholwa aye aphumputhekiswa aziyisa ethendeni lazo lezimvuselelo. Njengoba bengenabo ubufakazi bokubusekela, baphendukela ekusebenziseni igunya lobushiqela elifana nelalisetshenziswa abaFarisi abayingozi kuJesu:
“Zafikake izikhonzi kubapristi abakhulu nakubaFarisi. Bathi kuzo: Animlethanga ngani na? Izikhonzi zaphendula zathi: Akuzange kukhulume muntu njengokuba kukhuluma lowomuntu. Ngakho abaFarisi baziphendula bathi: Kanti nani nidukisiwe na? Ukhona yini ezikhulwini nakubaFarisi oke wakholwa nguye na? Kodwa lesisixuku esingawazi umthetho siqalekisiwe. Wayesethi kubo uNikodemu owake weza kuye engomunye wabo: Konje umthetho wakithi uyamlahla yini umuntu ungakamuzwa kuqala, ukuze wazi akwenzayo, na? Baphendula, bathi kuye: Kanti nawe ungowaseGalile na?” (Johane 7:45-52) Ngokufanayo, izazi zokuziphendukela kwemvelo namuhla zigxeka noma iziphi izazi zesayensi ezingavumelani nokuziphendukela kwemvelo njengezingesibo ochwepheshe futhi zizigcone ngokuzibhuqa uma zisekela indalo!
Indalo ivumelana kakhulu nesayensi kunokuziphendukela kwemvelo. Inikeza incazelo yomklamo onenjongo esiwubonayo ezulwini nasemhlabeni, ezitshalweni nasezilwaneni, emizimbeni yethu siqu nasengqondweni yethu emangalisayo. Ukwaziswa esikubona kuqukethwe iDNA ngokuqinisekile kufakazela ukusetshenziswa kokuhlakanipha okukhulu. UEinstein akakaze amthande uNkulunkulu wezinkolo zeLobukholwa, kodwa wayehlatshwa umxhwele kakhulu “ukuvumelana komthetho wemvelo, okwembula ukuhlakanipha komuntu ophakeme kakhulu, okuthi uma kuqhathaniswa nakho, konke ukuhlakanipha nezenzo ezihleliwe zabantu kube yize.”
Indalo futhi ivula indlela yokuphendula imibuzo ewumphumela wako.
Kungani Silapha?
UJehova wasitshela isizathu lapho edala umbhangqwana wokuqala wezidalwa ezingabantu. UNkulunkulu wathi kuLizwi (kamuva oweza emhlabeni njengoJesu): “Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezinkomo, nomhlaba wonke, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni.” UNkulunkulu wenza futhi insimu yaseEdene “wayesemthatha umuntu, wambeka ensimini yaseEdene ukuba ayilime, ayigcine.” Ngokungaphezulu, wanikeza umbhangqwana wokuqala waseEdene umyalo wokuba ‘uzalane, wande, ugcwalise umhlaba.’—Genesise 1:26, 28; 2:8, 15.
Njengenzalo kaAdamu noEva, silapha ukuze sigcwalise umhlaba, siwunakekele futhi siwulime, futhi sibe abaphathi abanothando bezitshalo nezilwane. UNkulunkulu usihlomisele ukuba sikwenze lokhu ngokusenza ngomfanekiso wakhe—hhayi nganoma ikuphi ukubonakala komzimba kodwa ngokunikezwa izimfanelo ezithile zakhe, ezinjengothando, ukuhlakanipha, amandla, ukwahlulela ngokulunga, nesifiso sokwenza umsebenzi onenjongo nokuba nomuzwa wokufeza okuthile. Ukwenziwa ngomfanekiso kaNkulunkulu ngalendlela ikhona okusehlukanisa nazo zonke izilwane futhi kusibangele ukuba sizindle ngemibuzo ewumphumela okungenzeki kwezinye izidalwa zasemhlabeni.
Nokho, abangakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu, baphikelela ngokuthi asizange sidalwe ngomfanekiso kaNkulunkulu kodwa bathi sadala uNkulunkulu ngomfanekiso wethu. Akunjalo. Onkulunkulu abadalwe abantu bangokomfanekiso welanga, inyanga, izinkanyezi, izihlahla, ukuduma, imibani, nezintaba, izilwane, ababusi, imali, ubulili, izisu zabo, kanye nanoma yini enye umuntu athanda ukuyikhulekela. (Roma 1:25; Filipi 3:19) Umfanekiso womuntu awuzibonakalisi izimfanelo zikaNkulunkulu ngokusesilinganisweni. Kunalokho, esimweni sethu sokuba nesono selulekwa ukuba siphindele ekubeni umfanekiso wakhe. (Kolose 3:9, 10) Ukuziphendukela kwemvelo akulichazi igebe elikhulu eliphakathi komuntu nesilwane, futhi kungenakuveza noma kulondoloze umuzwa wethu wangaphathi esinawo wokubuza imibuzo ewumphumela wako. Ukuba kwethu umfanekiso kaNkulunkulu futhi sifane naye kuyakuchaza lokhu.
Siyaphi?
Asikho isilwane esiphakamisa lombuzo. Izilwane azicabangi ngesikhathi, esidlule noma esizayo. Kodwa umuntu uyacabanga. UNkulunkulu wenza leligebe elihlukanisayo phakathi komuntu nesilwane, njengoba kushiwo kumShumayeli 3:11: “Ubekile nobuphakade ezinhliziyweni zabo.” Khonake umuntu uyaziqaphela izinkulungwane zeminyaka ezidlule futhi uyazi ukuthi isikhathi esizayo sizoqhubeka sikhona. Kuyamkhathaza. Kuyokwenzekani kuye uma efa? Ingabe unomphefumulo ongafi oyoqhubeka uphila? Ingabe uyoya enkazimulweni yasezulwini noma ekuhlushweni kwasesihogweni noma angabe esakhunjulwa ethuneni? Noma mhlawumbe uyoguqukela kolunye uhlobo lokuphila?
Ngokuqinisekile akafuni ukubhekana nomqondo wokuphela angabibikho. Kuyamkhathaza ukucabanga ukuthi ukuphila kuzolokhu kukhona ngokungapheli yena engekho, umhlaba nabantu kuqhubeke yena engekho, kuyilapho engasakhunjulwa phakade. Ukuze agweme lomqondo ongamukeleki, unamathela emqondweni wokungafi komphefumulo—imfundiso engafundiswa ndawo eBhayibhelini.—Hezekeli 18:4.
IBhayibheli lithi lapho umuntu efa uphindela othulini. “Ngalona lolosuku amacebo akhe ayaphela.” “Abazilutho.” (IHubo 146:4; UmShumayeli 9:5) Kodwa kumelwe kube novuko lwezigidi zabantu: “Isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi layo.” Khonake labo abathanda uNkulunkulu nomakhelwane bayowezwa amazwi eNkosi uJesu Kristu: ‘Yidlani ifa lombuso eniwulungiselelweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.’—Johane 5:28, 29; Mathewu 25:34.
Kusukela ekuqaleni kwakuyinjongo kaJehova ngomkhaya wesintu ukuba uhlale emhlabeni phakade ePharadesi. Manje sesiyasondela isikhathi sokuba isintu esilalelayo sizuze ngefa lowoMbuso. Uchazwa kusAmbulo 21:3, 4: “Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu; uyakuhlala nabo, babengabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo, azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikubakhona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikubakhona.”
Yilaphoke lapho isintu esilalelayo siya khona. Kodwa ababi abangafuni ukulunga bayolala phakade. Umhubi uyaloba: “Kusengumzuzwana, omubi angabe esabakho; kuyakuthi lapho uhlola indawo yakhe, uyakube engasekho. Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba bathokoze ngokuthula okukhulu.”—IHubo 37:10, 11; Roma 6:23.
Ingabe Ukuphila Kwethu Kunenjongo?
Kunezigidi zezigidi zemithala emhlabeni wonke kanye nezigidi zezigidi zezinkanyezi emthaleni ngamunye. Uma kuqhathaniswa nawo wonke umkhathi uhlelo lwethu lwezinkanyezi lufana nje nenhlansi yomlilo, futhi umhlaba wethu uba mncane kakhulu. Izigidi zezigidi zabantu emhlabeni zincipha zibe ubala. Kodwa akukhona nje ukuba kwethu bancane uma kuqhathaniswa nomkhathi okusenza sizizwe singabalulekile. Ukuphila kwethu isikhathi esifushane esikhathini esinganqunyiwe nakho kusenza sibe nomuzwa wokuthi ukuphila kwethu akunanjongo. Nokho, izingqondo zethu zidinga injongo. Sadalwa ukuba sizizwe ngalendlela.
Singase sibonakale sibancane kakhulu uma siqhathaniswa nawo wonke umhlaba, futhi singase siphile isikhathi esifushane kakhulu esikhathini eside esinganqunyiwe, kodwa isikhundla sethu emhlabeni singesivelele, futhi ukuphila kwethu kuhileleke empikiswaneni ebaluleke kakhulu kuwo wonke umhlaba. Akukhona nje ukuthi sabekwa lapha uJehova uNkulunkulu onguMdali wendawo yonke kodwa sanikezwa umsebenzi wokuwenza: Sigcwalise umhlaba, siwunakekele, sibuse ngothando izitshalo nezilwane zawo. Futhi okunenjongo ngisho nangokwengeziwe kunalokhu—singahlanganyela ekumemezeleni uMbuso kaJehova ngaphansi kukaKristu oyohlanza umhlaba ebubini, ulwele igama likaNkulunkulu neZwi, futhi ususe ukubusa kwamademoni emhlabeni.
Ukuphila okuphilwa ngalendlela kunenjongo. Bayohlala phakade. Abantu bakaNkulunkulu banjengenhlamvu yeso lakhe. (Duteronomi 32:10) Banokuthula, ngoba imibuzo ewumphumela wako engaphakathi kubo iye yaphendulwa.