Ukulondoloza Injabulo Ezikhathini Ezinzima
“Bonke abaphephela [kuJehova] bayojabula; bayokhamuluka ngenjabulo kuze kube nini nanini.”—IHU. 5:11.
1, 2. (a) Iziphi ezinye zezinto ezibangela ukucindezeleka okukhulu namuhla? (b) Ngaphandle kwezinto ezibuhlungu ezehlela bonke abantu, yini amaKristu eqiniso okumelwe ayikhuthazelele?
IZINTO ezibuhlungu ezehlela isintu sonke ziyabathinta noFakazi BakaJehova. Abaningi babantu bakaNkulunkulu baye baba izisulu zobugebengu, zezimpi nokunye ukungabi nabulungisa. Izinhlekelele zemvelo, ububha, ukugula nokufa kubangela ukucindezeleka okukhulu. Umphostoli uPawulu wabhala kufanele: “Siyazi ukuthi yonke indalo iyaqhubeka ibubula kanyekanye futhi isezinhlungwini kanyekanye kuze kube manje.” (Roma 8:22) Siphinde sihlushwe ukungapheleli kwethu siqu. Njengenkosi yasendulo uDavide, singase sithi: “Iziphambeko zami zeqé ikhanda lami; njengomthwalo osindayo ziyangesinda kakhulu.”—IHu. 38:4.
2 Ngaphandle kwezinto ezibuhlungu ezehlela bonke abantu, amaKristu eqiniso athwele isigxobo sokuhlushwa esingokomfanekiso. (Luka 14:27) Yebo, abafundi bakaJesu bayazondwa futhi bayashushiswa njengaye. (Math. 10:22, 23; Joh. 15:20; 16:2) Ngakho, ukulandela uKristu kudinga ukuba sizikhandle futhi sikhuthazele njengoba sisalindele izibusiso zezwe elisha.—Math. 7:13, 14; Luka 13:24.
3. Sazi kanjani ukuthi amaKristu akudingeki ahlupheke ukuze ajabulise uNkulunkulu?
3 Ingabe lokhu kusho ukuthi amaKristu eqiniso aphishekela ukuphila okungajabulisi? Ingabe ukuphila kwethu kufanele kugcwale usizi nokudabuka kuphela kuze kufike ukuphela? Kusobala ukuthi uJehova ufuna silindele ukugcwaliseka kwezithembiso zakhe ngenjabulo. Ezikhathini eziningi, iBhayibheli lichaza abakhulekeli beqiniso njengabantu abajabulayo. (Funda u-Isaya 65:13, 14.) IHubo 5:11 lithi: “Bonke abaphephela [kuJehova] bayojabula; bayokhamuluka ngenjabulo kuze kube nini nanini.” Yebo, singakwazi ukuthola injabulo enkulu, ukuthula kwengqondo nokwaneliseka naphezu kwezinto ezibuhlungu ezisehlelayo. Ake sibukeze indlela iBhayibheli elingasisiza ngayo ukuba sibhekane nobunzima kodwa sihlale sijabule.
UJehova ‘UnguNkulunkulu Ojabulayo’
4. UNkulunkulu uzizwa kanjani lapho abantu bengayinaki intando yakhe?
4 Ngokwesibonelo, cabanga ngoJehova. NjengoNkulunkulu uMninimandla onke, unegunya phezu kwendawo yonke. Akaswele lutho futhi akadingi muntu. Nokho, naphezu kwamandla akhe angenakuqhathaniswa, kumelwe ukuba uJehova wadumala lapho enye yamadodana akhe omoya ihlubuka futhi iba uSathane. Kumelwe ukuba waphatheka kabi nalapho ezinye izingelosi kamuva zihlanganyela kulokho kuhlubuka. Cabanga nangobuhlungu abuzwa lapho u-Adamu no-Eva, ikhethelo lendalo yakhe yasemhlabeni, bemhlubuka. Kusukela ngaleso sikhathi izigidigidi zenzalo yabo ziye zalenqaba igunya lakhe.—Roma 3:23.
5. Iziphi izinto eziye zazwisa uJehova ubuhlungu ngokukhethekile?
5 Ukuhlubuka okwaqalwa uSathane kusaqhubeka. Sekuyiminyaka engaba ngu-6 000 uJehova ebona ukukhonza izithombe, ubudlova, ukubulala nobulili obuhlanekezelwe. (Gen. 6:5, 6, 11, 12) Ngaphezu kwalokho, uye wezwa amanga amabi nokuhlambalaza. Ngisho nabakhulekeli bakhe beqiniso baye bamzwisa ubuhlungu ngezinye izikhathi. IBhayibheli lichaza esinye salezo zenzakalo ngala mazwi: “Yeka ukuthi babedlubulunda kaningi kangakanani kuye ehlane, babemenza azizwe kabuhlungu ogwadule! Ngokuphindaphindiwe babevivinya uNkulunkulu, bamzwisa ubuhlungu oNgcwele ka-Israyeli.” (IHu. 78:40, 41) Ubuhlungu uJehova abuzwayo lapho abantu bakhe bemlahla bukhulu kakhulu. (Jer. 3:1-10) Ngokusobala, izinto ezimbi ziyenzeka, futhi uJehova uzwa ubuhlungu obukhulu lapho zenzeka.—Funda u-Isaya 63:9, 10.
6. UJehova ubhekana kanjani nezimo ezicindezelayo?
6 Noma kunjalo, ubuhlungu nokudumazeka akumqedi amandla uJehova. Lapho kuvela izinkinga, uJehova uye wazithatha ngokushesha izinyathelo zokudambisa imiphumela yazo. Uye wathatha nezinyathelo zesikhathi eside ukuze ekugcineni afeze injongo yakhe. Ngenxa yalezi zinyathelo, uJehova ubheke phambili ngenjabulo ekulwelweni kobukhosi bakhe nasezibusisweni eziyotholwa abakhulekeli bakhe abaqotho. (IHu. 104:31) Yebo, naphezu kwesihlamba aye wathelwa ngaso, uJehova uhlala ‘enguNkulunkulu ojabulayo.’—1 Thim. 1:11; IHu. 16:11.
7, 8. Singamlingisa kanjani uJehova lapho izinto zingahambi kahle?
7 Kuyavunywa ukuthi ikhono lethu lokuxazulula izinkinga alilutho uma liqhathaniswa nelikaJehova. Noma kunjalo, singalingisa uJehova njengoba sibhekana nobunzima bethu. Kungokwemvelo ukudumala lapho izinto zingahambi kahle, kodwa akudingeki sihlale sikuleso simo. Ngenxa yokuthi sidalwe ngomfanekiso kaJehova, sinekhono lokucabanga nokuhlakanipha okusebenzayo, okusenza sikwazi ukuhlaziya izinkinga zethu bese sithatha isinyathelo esifanele noma nini lapho kungenzeka.
8 Enye into engasisiza ukuba sibhekane nezinkinga zokuphila iwukuqaphela ukuthi ezinye izinto zimane nje zingaphezu kwamandla ethu. Ukuba lusizi ngenxa yalezo zinto kungase kusikhungathekise ngokwengeziwe futhi kusiphuce injabulo enkulu ehlobene nokukhulekela kweqiniso. Ngemva kokuthatha izinyathelo ezifanele zokuxazulula inkinga, kungcono kakhulu ukuqhubeka nokuphila futhi ugxile ezintweni ezizuzisa kakhulu. Ukulandisa kweBhayibheli okulandelayo kuliveza kahle leli phuzu.
Ukuba Nengqondo Kubalulekile
9. UHana wakubonisa kanjani ukuba nengqondo?
9 Cabanga ngesibonelo sikaHana, ekugcineni owaba unina kaSamuweli umprofethi. Ukuba kwakhe inyumba kwakumdikibalisa. Ngenxa yokuthi wayengabatholi abantwana wayedelelwa futhi egconwa. Ngezinye izikhathi, wayedumazeka kangangokuba wayelila futhi angadli. (1 Sam. 1:2-7) Ngesinye isikhathi lapho eye endlini kaJehova engcwele, uHana waba “munyu emphefumulweni, futhi wathandaza kuJehova wakhala kakhulu.” (1 Sam. 1:10) Ngemva kokuba uHana ethulule imizwa yakhe kuJehova, umpristi omkhulu u-Eli waya kuye, wathi: “Hamba ngokuthula, kwangathi uNkulunkulu ka-Israyeli angakunika lokho okucelile kuye.” (1 Sam. 1:17) Ngalesi sikhathi, ngokuqinisekile uHana waqaphela ukuthi wayesenze konke ayengakwenza. Ukungabatholi kwakhe abantwana kwakungaphezu kwamandla akhe. UHana wabonisa ukuba nengqondo. Wabe ‘esehamba wadla, futhi akabange esakhathazeka.’—1 Sam. 1:18.
10. Isiphi isimo sengqondo esifanele esaboniswa uPawulu lapho ebhekene nenkinga ayengenakuyixazulula?
10 Umphostoli uPawulu wabonisa isimo sengqondo esifanayo lapho ebhekene nobunzima. Wayenenkinga eyayimhlupha, imenza acindezeleke kakhulu. Wayibiza ngokuthi “iva enyameni.” (2 Kor. 12:7) Kungakhathaliseki ukuthi yayiyini, uPawulu wenza konke ayengakwenza ukuze asuse le nkinga, waze wathandaza kuJehova ecela usizo. UPawulu wamncenga kangaki uJehova ngale ndaba? Kathathu. Ngemva kokuba emncenge okwesithathu, uNkulunkulu wamembulela ukuthi wayengeke alisuse ngokuyisimangaliso lelo “va enyameni.” UPawulu wakwamukela lokhu futhi wagxila ekukhonzeni uJehova ngokugcwele.—Funda eyesi-2 Korinte 12:8-10.
11. Ukuthandaza nokunxusa kunayiphi indima ekubhekaneni nezinto ezibuhlungu?
11 Lezi zibonelo azisho ukuthi kufanele siyeke ukutshela uJehova izinto ezisikhathazayo. (IHu. 86:7) Ngokuphambene nalokho, iZwi lakhe liyasinxusa: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga.” UJehova uyokuphendula kanjani lokhu kucela nokunxusa? IBhayibheli liyanezela: “Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo zenu namandla enu engqondo ngoKristu Jesu.” (Fil. 4:6, 7) Yebo, uJehova angase angayisusi inkinga esibhekene nayo, kodwa angayiphendula imithandazo yethu ngokuqapha amandla ethu okucabanga. Ngemva kokuthandaza ngalolo daba, singase siqaphele ingozi yokugajwa ukukhathazeka.
Kujabulele Ukwenza Intando KaNkulunkulu
12. Kungani ukudangala isikhathi eside kungaba ingozi?
12 IzAga 24:10 ziyavuma: “Ingabe uzibonise udangele ngosuku losizi? Amandla akho ayoba mancane.” Esinye sithi: “Ngenxa yobuhlungu benhliziyo kuba khona umoya omunyu.” (IzAga 15:13) Amanye amaKristu aye adikibala aze ayeka ukufunda iBhayibheli nokuzindla ngalo. Imithandazo yawo iye yaba eyokugcina icala, futhi angase azihlukanise nabanye abakhulekeli. Ngokusobala, ukuhlala udikibele kungaba ingozi.—IzAga 18:1, 14.
13. Iziphi izinto ezingasisiza ukuba sidambise ukudangala nezingasilethela injabulo?
13 Ngakolunye uhlangothi, ukuba nesimo sengqondo esiqondile kuyosisiza ukuba sigxile ezintweni ezingasilethela injabulo ekuphileni. UDavide wabhala: “O Nkulunkulu wami, ngikujabulele ukwenza intando yakho.” (IHu. 40:8) Lapho izinto zingahambi kahle, akufanele nanini siyeke imikhuba yethu emihle yokukhulekela. Empeleni ikhambi lokudabuka liwukwenza izinto ezisilethela injabulo. UJehova usitshela ukuthi singathola injabulo ngokufunda iZwi lakhe nangokulibukisisa njalo. (IHu. 1:1, 2; Jak. 1:25) Sithola “amazwi amnandi” angasivuselela futhi enze izinhliziyo zethu zijabule, kokubili emiBhalweni Engcwele nasemihlanganweni yobuKristu.—IzAga 12:25; 16:24.
14. Isiphi isiqinisekiso sikaJehova esisilethela injabulo manje?
14 UNkulunkulu usinikeza izizathu eziningi zokujabula. Isithembiso sakhe sokusisindisa siwumthombo wangempela wentokozo. (IHu. 13:5) Siyazi ukuthi kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani kithi manje, ekugcineni uNkulunkulu uyobavuza labo abamfuna ngobuqotho. (Funda umShumayeli 8:12.) Umprofethi uHabakuki wakubonisa kahle kakhulu ukuthi wayeqiniseka ngalokhu lapho ebhala: “Nakuba umkhiwane ungase ungaqhakazi, futhi kungabikho sivuno emivinini; nakuba umsebenzi womnqumo empeleni ungase ubhuntshe, namathala ngokwawo engase angakhiqizi kudla; nakuba umhlambi wezimvu nezimbuzi ungase empeleni uhlukaniswe nesibaya, futhi kungase kungabikho mhlambi wezinkomo ezibayeni; nokho, mina, ngiyokwethaba ngoJehova ngokwakhe; ngiyojabula ngoNkulunkulu wensindiso yami.”—Hab. 3:17, 18.
“Bayajabula Abantu AbaNkulunkulu Wabo NguJehova!”
15, 16. Yisho ezinye zezipho zikaNkulunkulu esingazijabulela kwamanje njengoba sisalindele izibusiso zesikhathi esizayo.
15 Njengoba sisalindele ikusasa elijabulisayo esibekelwe lona, uJehova ufuna sijabulele izinto ezinhle asinikeza zona. IBhayibheli lithi: “Sengiyazi ukuthi akukho lutho olungcono [ngabantu] kunokuba umuntu ajabule futhi enze okuhle phakathi nokuphila kwakhe; nokuthi wonke umuntu adle futhi empeleni aphuze abone okuhle ngawo wonke umsebenzi wakhe onzima. Kuyisipho sikaNkulunkulu.” (UmSh. 3:12, 13) ‘Ukwenza okuhle’ kuhlanganisa ukwenzela abanye izinto ezinhle. UJesu wathi kunenjabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni. Izenzo zomusa esizenzela esishade nabo, izingane zethu, abazali nezinye izihlobo zisinika umuzwa ojulile wokwaneliseka. (IzAga 3:27) Ukuba nothando, ukungenisa izihambi nokuxolela abafowethu nodadewethu abangokomoya kusilethela injabulo, futhi kujabulisa uJehova. (Gal. 6:10; Kol. 3:12-14; 1 Pet. 4:8, 9) Ukufeza inkonzo yethu ngomoya wokuzidela kuvuza ngempela.
16 Amazwi acashunwe ngenhla kumShumayeli abalula izinto ezivamile eziletha injabulo, njengokudla nokuphuza. Yebo, ngisho nalapho sisebunzimeni, singathola injabulo kuzo zonke izipho ezibonakalayo ezivela kuJehova. Ngaphezu kwalokho, ukushona kwelanga okukhexisayo, odedangendlale bamathafa amahle, ukudlala kwezilwane ezisencane nezinye izimangaliso zemvelo akubizi mali ukuzibuka, kodwa kungasilethela injabulo futhi kusenze simazise ngokwengeziwe. Njengoba sizindla ngalezi zinto, uthando lwethu ngoJehova luyajula, ngoba unguMuphi wazo zonke izinto ezinhle.
17. Yini eyosilethela impumuzo ephelele ebunzimeni bethu, futhi yini esiduduzayo okwamanje?
17 Ekugcineni, siyothola impumuzo ephelele kuzo zonke izimo ezibuhlungu zokuphila okungaphelele nenjabulo yaphakade ngenxa yokuthi sithanda uNkulunkulu, silalela imithetho yakhe futhi sinokholo emhlatshelweni wesihlengo. (1 Joh. 5:3) Okwamanje, kuyasiduduza ukwazi ukuthi uJehova uzazi kahle zonke izinto ezisikhathazayo. UDavide wabhala: “Ngizojabula ngithokoze ngomusa wakho wothando, ngokuthi ukubonile ukuhlupheka kwami; wazile ngezingcindezi zomphefumulo wami.” (IHu. 31:7) Eshukunyiswa uthando lwakhe ngathi, uJehova uyosikhulula kubo bonke ubunzima.—IHu. 34:19.
18. Kungani abantu bakaNkulunkulu kufanele bahlale bechichima injabulo?
18 Njengoba sisalindele ukugcwaliseka kwezithembiso zikaJehova, kwangathi singalingisa uNkulunkulu ojabulayo. Kwangathi singagwema ukukhwantabala ngokomoya ngenxa yemizwa engakhi. Lapho kuvela izinkinga, kwangathi ikhono lokucabanga nokuhlakanipha okusebenzayo kungasiqondisa. UJehova uyosisiza ukuba silawule imizwelo yethu futhi sithathe noma yiziphi izinyathelo esingazithatha zokudambisa imiphumela emibi izinto ezibuhlungu ezingaba nayo kithi. Masithole injabulo ezintweni ezinhle asinika zona, ezingokwenyama nezingokomoya. Ngokuhlale siseduze noNkulunkulu, siyokwazi ukujabula ngoba kakade “bayajabula abantu abaNkulunkulu wabo nguJehova!”—IHu. 144:15.
Ufundeni?
• Lapho sibhekene nobunzima, singamlingisa kanjani uJehova?
• Ukuba nengqondo kungasisiza kanjani ukuba sibhekane ngokuphumelelayo nobunzima?
• Ezikhathini zokucindezeleka, singayithola kanjani injabulo ngokwenza intando kaNkulunkulu?
[Izithombe ekhasini 16]
Izinto ezimbi ezenzekayo zimzwisa ubuhlungu uJehova
[Umthombo]
© G.M.B. Akash/Panos Pictures
[Izithombe ekhasini 18]
UJehova usibonisile izindlela zokuhlale sijabule