Intsha Iyabuza . . .
Kungani Kunzima Kangaka Ukuba Ngingacabangi Ngabobulili Obuhlukile?
“Kubaluleke kakhulu ukukhathazeka kwakho ngobulili lapho usemusha,” kuchaza uLorraine osemusha. “Ingqondo yakho iya igxila ezindabeni zobulili.”
INGABE uchitha wonke amahora ophapheme ngawo—noma ingxenye yawo enkulu—ucabanga ngabobulili obuhlukile, ukhuluma ngabo, noma ubabuka? Ingabe uthi lapho wenza umsebenzi wakho wesikole uphazanyiswe ukuphupha ngegeza lomfana noma isingqazu sentombazane oyibone ngaleyontambama? Ingabe izingxoxo zakho ziphazanyiswa ukweba ngeso abantu abadlulayo abakhangayo? Ingabe kunzima ukufunda, ukutadisha, noma ngisho nokugxilisa ingqondo yakho emihlanganweni yobuKristu nasemihlanganweni emikhulu—ngenxa nje yokuthi uyehluleka ukuyeka ukucabanga ngabobulili obuhlukile?
Uma kunjalo, ungase ucabange ukuthi uyahlanya! Omunye osemusha wavuma: “Ngicabanga ukuthi kungenzeka ukuthi ngihlanyiswa ubulili noma okuthile. Engikushoyo ukuthi njalo ngicabanga ngamantombazane, ngakha amaphupho . . . Ucabanga ukuthi ngiphilé kahle?” Kunjengoba umlobi uLynda Madaras ephawula, lapho usemusha, “ingaba namandla kakhulu imizwa yothando noma yobulili. Ngezinye izikhathi, kungase kubonakale sengathi uthando nobulili yizona kuphela izinto ongacabanga ngazo!”a
Imizwa yobulili ayimibi ngokwayo. UNkulunkulu wadala owesilisa nowesifazane benomuzwa onamandla wokukhangana. Lokhu kwakuvumelana nenjongo yakhe yokuthi bashade futhi ‘bagcwalise umhlaba’ ngenzalo elungile. (Genesise 1:28) IBhayibheli nalo libonisa ngokusobala ukuthi ubuhlobo bobulili bungaba umthombo wenjabulo enkulu emibhangqwaneni eshadile.—IzAga 5:19.
Inkinga iwukuthi, njengabantu abangaphelele ngokuvamile siyehluleka ukulawula imizwa yethu. (Qhathanisa noGenesise 6:5.) “Inkanuko yenyama” ingabonakala inamandla kakhulu! (1 Johane 2:16) Futhi ngoba usemusha, kungase kube nzima ngokukhethekile ukuyeka ukucabanga ngabobulili obuhlukile. Kungani kunjalo?
Ukucindezela Kwenkathi Yokuthomba
Esinye isizathu siwukuthi ungena enkathini ‘yokuqhuma kobusha’—isikhathi lapho izifiso zobulili zinamandla khona. (1 Korinte 7:36, NW) UDkt. Bettie B. Youngs uyachaza: “Phakathi nenkathi yokuthomba, amazinga ama-hormone anda ngokuphawulekayo. Lawa anengxenye ekuqaliseni zonke izinguquko zomzimba ezishintsha umzimba wengane ube ngowomuntu omdala. Ukwanda kwamazinga ama-hormone okuhambisana nenkathi yobusha kuletha izinguquko eziningi ezingokomzwelo nezokuziphatha.”
Hlobo luni lwezinguquko? Phela, izinguquko ezinkulu kakhulu zihilela imizwa yomuntu ngabobulili obuhlukile. Umlobi uRuth Bell uthi: “Izinguquko zomzimba zasenkathini yokuthomba ngokuvamile ziletha imizwa enamandla yobulili. Ungase uzithole ucabanga kakhudlwana ngobulili, uvukwa inkanuko yobulili kalula, ngisho nangezinye izikhathi uzizwe uhlanganyela ubulili. Abevé eshumini nambili abaningana [esaxoxa nabo] bachaza isimo lapho behamba emgwaqweni noma behleli ebhasini bezizwa sengathi wonke umzimba wabo wawugcwele amandla nokuvukwa inkanuko yobulili.” Ukucabanga okunjalo ngabobulili obuhlukile kungenye ‘yezinkanuko zobusha’ intsha okumelwe ibhekane nazo.—2 Thimothewu 2:22.
Ithonya Lemithombo Yezindaba Nabangane
Nokho, ngokuvamile amandla alesisifiso abhebhethekiswa amathonya angaphandle. Siphila emphakathini obonakala uthambekele ekukhuthazeni ezobulili ngezinhlelo zethelevishini, ukukhangisa, izincwadi, omagazini, umculo, nangamabhayisikobho. Omunye osemusha ongumKristu owawela ekuziphatheni okubi ngokobulili uyabika: “Izithombe ezingcolile zobulili zivame kakhulu esikoleni, futhi lokhu kwakha isifiso esinamandla sobulili. Ngangikwazi okulungile, kodwa imizwa yami yobulili yayinamandla.”
Ngakho-ke incwadi ethile ebhalelwe abazali ithi: “Imithombo yezindaba inethonya elinamandla. Intsha yethu ibona ontanga bayo abangabakhangisi bengqephu beziphatha ngendlela ekhangayo ngokobulili futhi bethengisa izingubo ezikhangayo ngokobulili; ibona ubulili bentsha bukhuthazwa kumabhayisikobho nakuthelevishini.” Eqinisweni, ithelevishini nemishini yokudlala amakhasethi e-video kuye kwenza intsha eningi yafinyelela kalula izithombe zobulili ezingcole ngokuyingcaca. Omunye osemusha uyavuma: “Imithombo yezindaba ivusa ilukuluku lokufuna ukwazi nezifiso zomuntu osemusha.”
Nokho, akudingeki incwadi ibe nezithombe ezingcolile zobulili kuwo wonke amakhasi ukuze ibe eyonakalisayo. Cabangela isibonelo sentombazane ethile engumKristu. Iyakhumbula: “Ngangifunda incwadi ethile enhle eyayinesigaba esisodwa noma ezimbili kuphela ezazikhuluma ngobulili. Ngaqale ngazeqa lezozigaba, kodwa okuthile kwangenza ukuba ngibuyele kuzo ngizifunde. Yeka iphutha lokho okwakuyilo! Ngenxa yalokho ngaba namaphupho amabi.”
Futhi abangane bakho nabantu ojwayelene nabo bangaba nethonya elikhulu ekucabangeni kwakho. Enye incwadi ekhuluma ngokukhula kwentsha ithi: “Ukubuka amantombazane nabafana kuyinto evamile yokuzilibazisa eyenzeka emakhoneni emigwaqo, emahholo esikole, emakhefi, nasezikhungweni zezitolo.” Futhi lapho intsha ingagqolozele ababolili obuhlukile, ngokuvamile ikhuluma ngabo. “Lapho ngisemncane,” kuvuma uRobert oneminyaka engu-18, “kwakukukhulu ukucindezela kokuhlanganyela ebulilini . . . Endlini yokushintshela, kwakuyindaba esematheni.” Omunye osemusha uyavuma: “Ubulili babuhamba phambili ezinganeni engangifunda nazo, ngakho ngokuvamile kwakugxiliswa ekucabangeni kwakho.”
Kunzima ukuba ohlukile. Lapho ontanga yakho bekhuluma njalo ngabobulili obuhlukile—mhlawumbe ngendlela eyehlisa isithunzi, elulaza ukuziphatha okuhle—kungase kukuyengele ukuba uhlanganyele nabo. Kodwa iBhayibheli liyaxwayisa: “Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.”—IzAga 13:20.
Isidingo Sokulinganisela
Ingabe konke lokhu kusho ukuthi akulungile ukuqaphela noma ukufuna ukukhuluma ngabobulili obuhlukile? Cha, ngisho nabalobi beBhayibheli baliqaphela iqiniso lokuthi abanye besilisa nabesifazane babebukeka. (Qhathanisa neyoku-1 Samuweli 9:2; Esteri 2:7.) Ngakho-ke, akukho muntu uJesu amlahla ngenxa nje yokuphawula ukubukeka kowesifazane. Kodwa wawaxwayisa amaKristu ukuba ‘angaqhubeki ebuka owesifazane ukuze amkhanuke.’ (Mathewu 5:28, qhathanisa ne-NW.) Ngendlela efanayo, ngeke uvume ukuqondiswa inkanuko ephuphuthekisayo. Kweyoku-1 Thesalonika 4:4, 5 siyatshelwa: “Ngamunye wenu kufanele afunde ukulawula umzimba wakhe ngendlela engcwele nehloniphekile, hhayi ngenkanuko yobulili njengamaqaba, angamazi uNkulunkulu.”—New International Version.
Nakuba imicabango yobulili ingase ifike engqondweni ngezikhathi ezithile, ukugxila kuyo kungase kube isilingo, bese kuvela izinkinga ezingathi sína. UmShumayeli 5:3 uthi: “Ngokuba iphupho livela ngemisebenzi eminingi.” Yebo, umuntu ocabanga kakhulu ngezifiso zakhe siqu ngokuvamile uqala ukuthuthukisa nokwakha amaphupho angenampilo.b
Nakuba kuvamile ukuba nemicabango evusa ubulili ngezinye izikhathi, kungenye into ukugxila kuyo. Umlobi uRuth Bell uphawula ukuthi “ngezinye izikhathi umuntu uzithola echitha cishe yonke imini nobusuku akha amaphupho. Angase abonakale engokoqobo kodwa engeke afezeke.” Cabangela enye intombazanyane eyahungwa ukuthatheka. Ithi: “Ngineminyaka engu-12 1/2 ubudala, futhi nginemizwa enamandla ngomfana othile engihlanganyela naye eHholo LoMbuso. Ngiyazi ukuthi angikakakulungeli ukuphola, kodwa ngiyehluleka kakhulu ukulawula imizwelo yami ngaye.” Ngendlela efanayo, enye intsha ikuthola kunzima ukufunda, ukutadisha, ukugxilisa ingqondo yayo ekilasini, noma ukulungiselela imihlangano yobuKristu lapho izingqondo zayo zigxile emicabangweni yothando noma evusa inkanuko yobulili.
Futhi kungase kuvele izinkinga ezingathi sína lapho osemusha ezama ukudambisa ukuvuka kwenkanuko okunjalo ngokushaya indlwabu. IBhayibheli linxusa amaKristu: “Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe.” (Kolose 3:5) Ukushaya indlwabu kuwumkhuba ongcolile okumelwe amaKristu awugweme futhi kuphambene ngokuqondile ‘nokubulala inkanuko yobulili.’ Ngokuphambene, kuyayishukumisa futhi kuyikhuthaze. Ngokuvamile, inkanuko enjalo iba into engokoqobo. Umlobi weBhayibheli uJakobe uyachaza: “Yilowo nalowo uyengwa ehuhwa ngezakhe izinkanuko, ehungwa; uma inkanuko isithathile, ibeletha isono.”—Jakobe 1:14, 15.
Khona-ke, ungenzani ukuze uyeke ukucabanga ngabobulili obuhlukile? Siza ufunde isihloko esilandelayo kuloluchungechunge.
[Imibhalo yaphansi]
a Ngakolunye uhlangothi, umlobi u-Alvin Rosenbaum ukhumbuza intsha: “Imizwa nesimo sengqondo ngobulili kuyahlukahluka. Kubonakala sengathi abanye abantu abakwazi ukuhlale bengacabangi ngobulili kuyilapho abanye bengacabangi nakancane ngobulili. . . . Kuvamile kokubili lokhu kusabela.” Uyanezela: “Umuntu ngamunye ukhula ngezinga elihlukile.”
b Bheka izihloko zalomagazini eziphathelene nokwakha amaphupho zika-July 8 no-July 22, 1993.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 25]
“Imizwa yothando noma yobulili ingaba namandla kakhulu”
[Isithombe ekhasini 26]
Ngokuvamile izithombe ze-TV nezikhangiso zomagazini zikhuthaza isithakazelo esingenampilo kwabobulili obuhlukile