-
Imuphi Umbono Ohlakaniphile Ngemali?I-Phaphama!—2007 | Juni
-
-
Umbono Webhayibheli
Imuphi Umbono Ohlakaniphile Ngemali?
“IMALI iyisivikelo,” kusho iBhayibheli. (UmShumayeli 7:12) Imali iyisivikelo ebunzimeni obuhlangene nobumpofu ngoba ungakhokhela ngayo ukudla, izingubo nendawo yokukhosela. Ngempela, imali ingathenga cishe noma yini umuntu ayidingayo. UmShumayeli 10:19 uthi “iyimpendulo yakho konke.”—IBhayibheli LesiZulu Elivamile.
-
-
Imuphi Umbono Ohlakaniphile Ngemali?I-Phaphama!—2007 | Juni
-
-
Okuthile Okungcono Kunemali
Nakuba iNkosi uSolomoni yathi imali iyisivikelo, yanezela ngokuthi “ukuhlakanipha kuyisivikelo” ngoba “kuyabalonda abaninikho.” (UmShumayeli 7:12) Yayisho ukuthini? USolomoni lapha wayekhuluma ngokuhlakanipha okusekelwe olwazini olunembile lwemiBhalo nasekwesabeni uNkulunkulu okunempilo. Njengoba kungcono kakhulu kunemali, lokhu kuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu kungasindisa umuntu ezingibeni ezingenakubalwa zokuphila ngisho nasekufeni ngaphambi kwesikhathi. Kanti, njengomqhele, ukuhlakanipha kwangempela kuyabaphakamisa labo abanako futhi kubenze bahlonipheke. (IzAga 2:10-22; 4:5-9) Futhi ngenxa yokuthi kwenza umuntu amukeleke kuNkulunkulu, kuye kwabizwa ngokuthi “kungumuthi wokuphila.”—IzAga 3:18.
Labo abakufuna ngobuqotho ukuhlakanipha futhi abazimisele ukukufuna, bathola ukuthi kutholakala kalula. “Ndodana yami uma . . . umemeza ufuna ukuqonda futhi uzwakalisa izwi lakho ufuna ikhono lokwahlukanisa, uma uqhubeka ukufuna njengokungathi ufuna isiliva, futhi uqhubeka ukuhlwaya njengokungathi uhlwaya ingcebo efihliweyo, uma wenza kanjalo uyokuqonda ukumesaba uJehova, futhi uyoluthola ulwazi ngoNkulunkulu. Ngoba uJehova unikeza ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ulwazi nokuqonda.”—IzAga 2:1-6.
-