Abasha Abathokozisa Inhliziyo KaJehova
“Uthokozise inhliziyo yami ukuba ngiphendule ongisolayo.”—IZAGA 27:11.
1. Abazali bethu noMdali wethu bathinteka kanjani ngendlela esiphila ngayo ukuphila kwethu?
KUNGAKHATHALISEKI ukuthi uyaqaphela noma cha, kunendaba ukuthi ukuphila kanjani ukuphila kwakho. Ngokwesibonelo, kunendaba kubazali bakho. IBhayibheli liyachaza, “Indodana ehlakaniphileyo ithokozisa uyise, kepha indodana eyisiwula ilusizi kunina.” (IzAga 10:1; 23:24, 25) Kodwa okubaluleke ngisho nangokwengeziwe ukuthi indlela ophila ngayo ingenza uMdali wethu, uJehova uNkulunkulu, athokoze noma adabuke. UJehova uyanxusa, “Ndodana yami, hlakanipha, uthokozise inhliziyo yami ukuba ngiphendule ongisolayo.”—IzAga 27:11.
2. Iyiphi impikiswano ebalulekile eye yaphakanyiswa uSathane, futhi sihileleke kanjani?
2 Yebo, lowo osola uJehova uSathane uDeveli. Ensimini yase-Edene, uSathane waphakamisa impikiswano ebalulekile eyadinga ukuba uNkulunkulu aphendule. Lapho uDeveli ephumelela kalula ekwenzeni uEva, kwase kuba uAdamu, ukuba baphule umthetho kaNkulunkulu, kunobufakazi bokuthi wabekela uJehova inselele. Ngamanye amazwi, uSathane wathi: ‘Ake ungiphe ithuba mina ngingahlubula wonke umuntu ekumkhonzeni.’ (Jobe 1:6-12) Ngakho-ke, uJehova wenza isicelo esifudumeza inhliziyo esibhalwe ngenhla, sokuba indodana yaKhe imnikeze ‘impendulo’ ukuze Yena akwazi ukuphendula inselele kaSathane.
3. Kungani ngokukhethekile isicelo sikaJehova sisebenza kuJesu, futhi obani abanye abayobe bethokozise inhliziyo kaNkulunkulu?
3 Nokho, ngokukhethekile, uJehova wayesiqondise kubani lesicelo, embiza ngokuthi “ndodana yami”? UJesu Kristu uyindodana kaNkulunkulu ngendlela evelele, njengoba eyiNdodana yakhe ezelwe yodwa. (Johane 1:14) Ngokungaphezulu, ngaphandle kuka-Adamu, owona kuMdali wakhe, uJesu uwukuphela komuntu ophelele owake wahamba emhlabeni, ngakho waba ukuphela komuntu owakwazi ukubonisa ngomqondo ophelele ukuthi ukwethembeka kuNkulunkulu kungalondolozwa. (1 Korinte 15:45) Ngakho ngokukhethekile isicelo sikaJehova sisebenza kuJesu Kristu. Futhi uJesu akazange amdumaze uYise. Ngenkambo yakhe yokwethembeka, uJesu wanikeza uNkulunkulu impendulo enseleleni kaSathane yokuqhosha yokuthi abantu babengenakumkhonza ngokwethembeka uma bengaphansi kovivinyo. (Heberu 2:14; 12:2) Ngokungaphezulu, bonke labo abayobusa noKristu ezulwini nabo bayobe benze inhliziyo kaJehova yathokoza ngokwethembeka kwabo kuNkulunkulu kwaze kwaba sekufeni.—IsAmbulo 2:10.
4. Lapho wenza isinqumo ngalokho ozokwenza ekuphileni kwakho, iyiphi indaba ebalulekile okumelwe uyicabangele?
4 Kodwa kuthiwani ngathi namuhla, kuhlanganise nani bantu abasha? Ingabe nihilelekile kulempikiswano yokuthi abantu bayothembeka yini kuNkulunkulu noma cha? Ngempela nihilelekile! (IHubo 147:11; 148:12, 13) Ningase ningakuqapheli, kodwa lokho enikwenzayo ngokuphila kwenu kusekela uhlangothi lukaNkulunkulu lwempikiswano noma uhlangothi lukaSathane. Kungase kuthokozise uJehova noma kuthokozise uSathane. Ngempela, isimemo noma isicelo sikaJehova singase sibhekwe futhi njengesiqondiswe kuwe siqu: “Ndodana [noma ndodakazi] yami, hlakanipha, uthokozise inhliziyo yami, ukuba ngiphendule ongisolayo.” (IzAga 27:11) Ingabe ukuthokozisa inhliziyo yoMdali wakho akuwona umgomo owanelisayo okumelwe ube nawo?
Okwenza Kube Okuhlakaniphile
5. Kungani kuhlakaniphile ukuthokozisa inhliziyo kaJehova?
5 Phawula ukuthi uJehova uyakhuthaza, “Hlakanipha.” Kungani kuwukuhlakanipha ukuthokozisa inhliziyo kaJehova? Kungoba uJehova unguBaba onothando ofuna okungcono kakhulu ngathi, futhi noma yini asicela ukuba siyenze ingokwenzuzo yethu. Kunjengoba uIsaya 48:17, 18 esho: “NginguJehova uNkulunkulu wakho okufundisile okukusizayo, okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo. Sengathi nga ulalele imiyalo yami! Khona ukuthula kwakho kwakuyakuba-njengomfula nokulunga kwakho njengamaza olwandle.”
6. (a) Yini ebonisa ukuthi uJehova ufuna ukuba ukujabulele ukuphila? (b) Imiphi imiphumela ongenakuyigwema?
6 Njengomzali onothando, uJehova uNkulunkulu, ufuna ukuba usijabulele ngokugcwele isipho sakhe esiyigugu sokuphila. Ngakho-ke uthi: “Thokoza, nsizwa ebusheni bakho, inhliziyo yakho ikuphe ukwenama emihleni yobunsizwa bakho, uhambe ngezindlela zenhliziyo yakho njengokubona kwamehlo akho.” Yebo, lesi akusona isimemo sokwenza noma iyiphi into ejabulisayo oyifisayo. Lokhu kuvezwa isixwayiso esilandelayo: “Kepha yazi ukuthi ngakho konke lokho uNkulunkulu uyakukungenisa ekwahlulelweni.” (UmShumayeli 11:9) Yebo, awunakuyigwema imiphumela yesenzo sakho; uyoziphendulela kuNkulunkulu ngalokho okwenzayo. Umthetho uqinisile: “Lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna.”—Galathiya 6:7.
7, 8. (a) Ungalukhipha kanjani usizi futhi ugweme inhlekelele? (b) Kunini lapho ubusha nobunsizwa buyize khona?
7 Ngenxa yalesizathu, uJehova uyanezela: “Khipha usizi [noma imbangela yokukhathazeka] enhliziyweni yakho, udlulise okubi emzimbeni wakho, ngokuba ubusha nobunsizwa buyize.” (UmShumayeli 11:10) Ngokuqinisekile, kuwukuhlakanipha ukugwema imisebenzi eyokubangela izinkinga eziwusizi kamuva. Oh, bayoba khona labo abathi uyalahlekelwa—abathi ‘awukakaphili ngempela’ uma ungakadakwa, ube nobuhlobo bobulili obungemthetho, noma wenze enye into enjalo “edinga isibindi.” Kodwa yeka indlela abayiziwula ngayo! “Ngempela kwakungafanelekile” kukhala umfundi osemusha ngemva kokuhlobonga. “Ngiye ngakhathazeka kusukela lapho.”
8 Ngakho nina bantu abasha, lalelani ngokuhlakanipha iseluleko sikaNkulunkulu sokuba nikhiphe enhliziyweni yenu noma iyiphi imbangela yokukhathazeka noma yokuzisola enjengaleyo yabasha abaphishekela indlela yokuphila ngokungakhathali noma yobugovu. Imbongi yekhulu le-17 leminyaka iyaphawula: “Ingxenye enkulu kakhulu yesintu isebenzisa ukuphila kwayo kokuqala ukuze yenze okokugcina kube usizi.” Yiqiniso, kodwa yeka indlela okudabukisa ngayo! Lapho osemusha esaphaza amandla akhe angokomzimba namakhono endleleni eyokwenza iminyaka yakhe yobudala ibe nzima kakhulu, ubusha nobunsizwa bakhe ngempela buyize! (IzAga 22:3) Ngakho-ke hlakanipha! Landela esinye iseluleko: “Futhi khumbula uMdali wakho emihleni yobusha bakho.”—UmShumayeli 12:1.
9. Yiziphi izinzuzo oyozijabulela ngokukhumbula uJehova ebusheni bakho?
9 Ngokuqinisekile uyozizuzisa wena, ngokukhumbula uJehova ebusheni bakho. Awunakugwema usizi nezinkinga ezinzima kuphela kodwa kwamanje uyojabulela ukuphila okujabulisayo, nokuvuzayo ekukhonzeni uMdali wakho oMuhle. Ngaphezu kwalokho, ngokuhlakanipha uyobe uzibekelela ingcebo ezulwini eyokuzuzisa kuze kube phakade. (Mathewu 6:19-21) Uma ukhumbula uJehova manje ngokwenza intando yakhe, uyokukhumbula futhi akuvuze ‘ngokufiswa yinhliziyo yakho,’ yebo, ngokuphila okujabulisayo, okwanelisayo ePharadesi phakade!—IHubo 37:4; 133:3; Luka 23:43; IsAmbulo 21:3, 4.
Uzizwa Kanjani NgoJehova?
10. (a) Kungani isinqumo sakho sokukhonza uNkulunkulu singenakuba nje esokuzicabangela ngezinzuzo zalokho okuwukuhlakanipha? (b) Yisiphi esinye isicelo asenzayo uJehova?
10 Nokho isinqumo sakho sokukhonza uJehova asinakuba nje esokuzicabangela ngezinzuzo zalokho okuwukuhlakanipha. USathane uyisitha esinobuqili ngokuthi uma ucabanga ngenzuzo yomuntu siqu kuphela, ekugcineni uyokwazi ukukhanga ukuthambekela okuthile kobugovu ukuze akuhlubule ekukhonzeni uJehova. Ngakho-ke akukhona nje ukuthi uJehova ukumema ukuba uhlakaniphe. Cha, kodwa futhi ucela ukuba uzinikezele kuye ngokomuntu siqu. UJesu wathi: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho.” (Mathewu 22:37) Ingabe uyazi ukuthi kusho ukuthini ukuthanda uJehova ngayo yonke inhliziyo yakho?
11. (a) Kusho ukuthini ukunikeza uJehova inhliziyo yakho? (b) Okuhlangenwe nakho kukaJosefa kuyibonisa kanjani indlela izisusa ezifanele zenhliziyo ezingasishukumisela ngayo ekwenzeni intando kaNkulunkulu?
11 Inhliziyo yakho ibhekisela ebuntwini bakho bangaphakathi, izisusa zakho, ukuthambekela kwakho, nemizwelo yakho ejulile kanye nengqondo yakho. Ngakho ukuthanda uJehova ngayo yonke inhliziyo yakho kusho ukuthi umthanda kakhulu futhi ngaphezu kwayo yonke enye into ekuphileni uye wakhetha ukuthokozisa inhliziyo yakhe, ngokumnikeza impendulo ekusoleni kukaSathane. Umqondo onjalo nemizwa ejulile yothando nokukhathalela uNkulunkulu iyokwenza ube nesifiso esinamandla sokwenza intando yakhe ngisho nalapho kungase kubonakale kukhanga ukwenza okwehlukile. UJosefa osemusha wayenothando olunjalo ngoJehova, ngakho lapho owesifazane ovelele emmema: “Lala nami,” uJosefa waphendula: “Ngingenza kanjani lobobubi obungaka, ngone kuNkulunkulu, na?”—Genesise 39:7-9.
12. (a) Ukubonisa kanjani ukuthi uye wanikeza uJehova inhliziyo yakho? (b) Uma ungakamnikezi uJehova inhliziyo yakho, imiphi imibuzo okumelwe uyicabangele?
12 Ubonisa ukuthi uthanda uJehova ngayo yonke inhliziyo yakho lapho uya kuye ngomthandazo futhi umtshela ukuthi ufuna ukuba ngowakhe, ukuthi ufuna ukumkhonza kuze kube phakade. Ngalendlela uzinikezela kuJehova. Ingabe usukwenzile lokhu? Uma ungakakwenzi, kungani? Yini ekuvimbelayo? Ingabe usumdala ngokwanele ukuba ungaqonda futhi uqaphele impikiswano enkulu ephakathi kukaJehova noSathane? Futhi ingabe ufuna ukuthokozisa inhliziyo kaJehova? Ngokuqinisekile uSathane akafuni ukuba uthande uJehova ngayo yonke inhliziyo yakho. Ngobugovu ufuna ukuba “uzenzele okuthandayo,” ukuze uzijabulise. Ubani oyomthokozisa, uJehova noma uSathane? Cabangela lokhu ngokungathi sina.
13. Uma usuzinikezele futhi wabhapathizwa, imiphi imibuzo okumelwe uzibuze yona?
13 Uma usuzinikezele kuNkulunkulu futhi wakubonakalisa lokhu ngobhapathizo lwamanzi, ingabe inkambo yakho yokuphila ibonisa ukuthi ngempela inhliziyo yakho ikuNkulunkulu? Ingabe izithakazelo zakho, izinto ozithandayo, ziqondiswe kuphi? ekutholeni imoto entsha? ekubeni nemali ukuze uthenge izingubo noma ezinye izinto zakho siqu? Izithakazelo zikabani eziza kuqala—ezakho siqu noma ezikaJehova? Ingabe ngempela uye wasabela esicelweni sikaJehova sokumnikeza inhliziyo yakho?
14. (a) Yiziphi izinzuzo eziyigugu abasha abanazo? (b) Kungani kudabukisa lapho osemusha engamkhumbuli uMdali wakhe?
14 Nakuba abantu abadala benokuhlangenwe nakho okuningi futhi ngokuvamile nokuhlakanipha okuningi, abasha banokuthile okuyigugu abangakusebenzisa ekuthokoziseni uNkulunkulu. IBhayibheli lithi, “udumo lwabasha lungamandla abo.” (IzAga 20:29) Ngakho-ke wasebenzise manje lawomandla. Khumbula uMdali wakho “zingakafiki izinsuku ezimbi” zokuguga, lapho umzimba uba buthakathaka nezitho zawo ziphelelwa amandla futhi zihluleka ukusebenza ngokufanele. Yeka ukuthi kudabukisa kanjani ngomuntu oye wahluleka ukukhumbula uMdali wakhe ebusheni bakhe futhi eminyakeni yokuguga engasenalutho angazitusa ngalo kuNkulunkulu! ‘Kuyize leze.’ (UmShumayeli 12:1-8) Ngakho-ke, ngokuhlakanipha, khumbula uMdali wakho lapho usenamandla nobungqabavu. Zakhele irekhodi lenkonzo yokwethembeka kuNkulunkulu, oyokukhumbula ngesahlulelo esihle, yebo, sokuphila okuphakade.—Heberu 6:10-12; UmShumayeli 12:13, 14.
Bathokozisa Inhliziyo KaNkulunkulu
15. Iziphi izibonelo zeBhayibheli ezikhona zabasha abasebenzisa amandla abo enkonzweni kaNkulunkulu?
15 IBhayibheli ligcwaliswe izibonelo zabasha abasebenzisa “udumo” lwabo—amandla abo—enkonzweni kaNkulunkulu. ‘Kwakuyizinsizwa’ ezazishesha futhi zikhaliphile ezahlola iZwe leSithembiso. (Joshuwa 6:22, 23; 2:15, 16, 23) UDavide, lapho eneminyaka engama-20 kuphela, wathumela “izinsizwa eziyishumi” ohambweni lokuyocela umusa kuNabali. (1 Samuweli 25:4, 5) Lapho amaJuda ngaphansi kombusi uNehemiya evusa izindonga zeJerusalema ngesikhathi engaphansi kokusongelwa kokuhlaselwa, obani abenza umsebenzi oyingozi, onzima? UNehemiya wachaza: “Ingxenye yezinceku [“yezinsizwa,” NW] zami yasebenza emisebenzini, nengxenye yazo yaphatha imikhonto, nezihlangu, neminsalo, namabhantshi ensimbi.” (Nehemiya 4:16) Futhi lapho uNkulunkulu ebulala uAnaniya nomkakhe uSafira ngenxa yokuqamba amanga, “izinsizwa” zabakhiphela ngaphandle futhi zabembela.—IzEnzo 5:5, 6, 10.
16. Imiphi imisebenzi engokomoya abantu abasha basendulo abahlanganyela kuyo?
16 Ngokuqinisekile, inhliziyo kaJehova iyathokoza lapho abasha bezenza batholakale kunoma iyiphi inkonzo edingekayo ngalesosikhathi. Nokho abasha baye bahileleka emsebenzini ongokomoya odinga okungaphezu kwamandla angokomzimba nokukhuthazela. “Mina ngisemusha ngeminyaka,” kuvuma uElihu. Nokho uJehova wamsebenzisa ukuba aluleke uJobe. (Jobe 32:4-6) USamuweli ‘wayesengumntwana’ nje lapho eqala ukukhonza etabernakele likaJehova eShilo. (1 Samuweli 2:18) ‘Kwakuyintombazane encane’ ngisho nakuba yayiyisigqila endlini kaNahamani, eyakumemezela ngesibindi lokho umprofethi kaJehova ayengakwenza. (2 AmaKhosi 5:2-4) Lapho uJehova abela uJeremiya ukuba abe ngumprofethi, uJeremiya wathi: “Ngingumntwana.” (Jeremiya 1:5, 6) “Nabafana abane”—uDaniyeli nabangane bakhe abangamaHeberu—yeka ukuthi babeyizinceku zikaJehova ezivelele kanjani ekuthunjweni kwaseBabiloni! (Daniyeli, izahluko 1 no-3) ‘Insizwa,’ eyayingumshana kaPawulu, yenza ngesibindi ngenxa kamalume wayo. (IzEnzo 23:16-22) Khona-ke kwakunebhungu uThimothewu, elazi imibhalo engcwele kusukela ebuntwaneni balo futhi lasebenzisa ubusha balo enkonzweni kaJehova.—2 Thimothewu 3:15; Filipi 2:19-23; 1 Korinte 4:17.
Ukuthokozisa Inhliziyo KaJehova Namuhla
17. Kungani kumelwe silindele ukuthola abasha abathokozisa uJehova namuhla, futhi ingabe siyabathola?
17 Nokho akubona abasha besikhathi esidlule kuphela abaye bathokozisa inhliziyo kaJehova ngenkonzo yabo yokwethembeka. “Kuyakuthi ezinsukwini zokuphela, kusho uNkulunkulu, ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, izinsizwa zenu zibone imibono.” (IzEnzo 2:17; Joweli 2:28) Ngakho-ke kulezinsuku zokugcina ngokufanelekile kumelwe silindele ukuba sithole amaKristu amaningi amasha athokozisa uJehova. Futhi sinawo! Nakuba oFakazi abasebasha bengebona abangenaphutha, njengoba kungekho namunye kithi ongenalo, abaningi benza kahle kakhulu njengamaKristu. Bakhathalela ukuthokozisa inhliziyo kaJehova.—IzAga 27:11; 3:1, 2.
18, 19. Imuphi umsebenzi odinga ukwenziwa namuhla, futhi kungani abasha bewufanelekela?
18 Kulezinsuku zokugcina, intando kaJehova iwukuba kunikezwe ubufakazi obukhulu bembulunga yonke ngoMbuso wakhe, okuhilela umzamo omkhulu. (Mathewu 24:14) Kudingeka kwakhiwe amaHholo oMbuso okukhulekela, kanye nezakhiwo ezinkulu zomhlangano wesifunda. Emazweni amaningi, kudingeka iziza ezengeziwe ukuze kwakhiwe izindawo zokunyathelisa izincwadi zeBhayibheli, kanye nezindawo zokuhlala ezengeziwe emakhaya aseBethel. Ukulungiselela lezakhiwo ezintsha kudinga umsebenzi onzima wokwakha, futhi njengasekwakhiweni kwezindonga kosuku lukaNehemiya, abasha abanamandla nokubekezela benza umsebenzi omkhulu.
19 Abasha abanjalo benza futhi ingxenye enkulu yomsebenzi onzima odinga amandla angokomzimba odingekayo ukuze kunyatheliswe, kuhlanganiswe, futhi kuthunyelwe izinkulungwane zamathani ezincwadi zeBhayibheli unyaka ngamunye. Eqinisweni, endlunkulu yoFakazi BakaJehova eNew York, kuhlanganise namaPulazi eWatch Tower, kunabasha abangaphezu kwabayi-1 400 abaneminyaka engama-25 nabangaphansi. Futhi inkonzo yabo ayilinganiselwe emisebenzini edinga amandla angokomzimba abayenzayo phakathi nesonto; ngezimpelasonto bahlanganyela emsebenzini wokushumayela endlini ngendlu nasemihlanganweni yobuKristu namabandla abakuwo. Yeka indlela abathokozisa ngayo inhliziyo kaJehova!
20. (a) Iyiphi ingxenye abasha abanayo enkonzweni yamaphayona? (b) Imiphi imibuzo abasha abangekho enkonzweni yesikhathi esigcwele okumelwe bazibuze yona?
20 EUnited States, kunawontanga yabo abangaphezu kwezi-10 000 abasebenzelana nalentsha abakhonza njengezikhonzi ezingamaphayona avamile. Kwezinye izingxenye zomhlaba, kunabasha futhi abangaphezu kwamashumi ezinkulungwane abaphayonayo. Uma ungomusha ongakabi senkonzweni yesikhathi esigcwele, ingabe ungazibekela imigomo eyobeka uJehova kuqala ekuphileni kwakho, kunokuba mhlawumbe uhlose ukumane uthole umsebenzi wokuziphilisa oholela kahle, khona-ke ushade bese uba nomkhaya? Ingabe uyayiqonda impikiswano enkulu yendawo yonke? Ingabe ngempela uyakulangazelela ukubona igama loMdali wethu oMkhulu lihlanziwe kukho konke ukuhlanjalazwa? Uma kunjalo, khona-ke akukhona yini okufanelekile ukuba wenze konke ongakwenza enkonzweni kaJehova? Futhi ingabe lokho akunakuhlanganisa, okungenani ngabaningi bethu, ukuzinikezela ngokuzithandela ekukhonzeni emakhaya aseBethel noma ukungenela umsebenzi wamaphayona?
21. (a) Isiphi isimemo sikaJehova okumelwe usabele kuso, futhi kanjani? (b) Kungani singaqiniseka ngokuthi abantu abasha abaningi bayosabela esimemweni sikaJehova njengoba kwenza uIsaya?
21 Lalela! UJehova uyakumema, yebo, ukucela, ukuba umnikeze impendulo ekusoleni okubi kukaSathane. Ingabe ungezwa uJehova ebuza, njengoba kwenza uIsaya: “Ngiyakuthuma bani, ubani oyakusiyela na?” Kungani ungahlakaniphi usabele njengoIsaya: “Bheka, nangu mina; ngithume mina.” (Isaya 6:8) Siyaqiniseka ukuthi iningi lenu nina bantu abasha liyosabela ngoba iZwi likaNkulunkulu liyathembisa: “Abantu bakho bayazinikela ngenjabulo ngosuku lwempi yakho; . . . abasha bakho bavela njengamazolo.” (IHubo 110:3; 148:12, 13) Futhi lapho usabela, ungaba nenjabulo yokwazi ukuthi uJehova uyakuqaphela futhi uyakuvumela—ukuthi uyayithokozisa inhliziyo yakhe!
IBHOKISI LOKUBUKEZA
◻ Kungani indlela esiphila ngayo ukuphila kwethu ibalulekile kuJehova?
◻ Kungani kuhlakaniphile ukuthokozisa inhliziyo kaJehova?
◻ Singabonisa kanjani ukuthi siye sanikeza uJehova inhliziyo yethu?
◻ Obani abathokozisa uJehova esikhathini esidlule, futhi kanjani?
◻ Obani abathokozisa inhliziyo kaJehova namuhla, futhi kanjani?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 17]
Lapho abasha bephula imithetho kaNkulunkulu, bavuna imiphumela ebuhlungu kamuva
[Isithombe ekhasini 18]
Abasha bathokozisa inhliziyo kaJehova ngokusiza ekuvuseni izindonga zeJerusalema