Iseluleko SikaSolomoni Esihlakaniphile Ngalokho Esingakufunda
“UKWENZA izincwadi eziningi akupheli, futhi ukuzinikela kakhulu kuzo kuyayikhathaza inyama.” (UmShumayeli 12:12) Ngesikhathi ibhala la mazwi eminyakeni engaba ngu-3 000 edlule, inkosi ehlakaniphile uSolomoni yakwa-Israyeli yayingakwenqabeli ukufunda. Kunalokho, yayikhuluma ngesidingo sokukhetha. Yeka ukuthi sifike ngesikhathi kanjani lesi sikhumbuzo namuhla, njengoba minyaka yonke kunyatheliswa izincwadi eziyizigidi emhlabeni!
Kusobala ukuthi “izincwadi eziningi” uSolomoni ayekhuluma ngazo zazingakhi noma ziqabule. Ngakho-ke, wathi ukuzinikela kuzo “kuyayikhathaza inyama,” kunokuba kulethele umfundi wazo umvuzo ohlala njalo.
Nokho, ingabe uSolomoni wayethi azikho izincwadi ezinikeza isiqondiso esinokwethenjelwa, esinengqondo esingazuzisa umfundi? Cha, ngoba wabhala nokuthi: “Amazwi abahlakaniphileyo anjengezinkandi, futhi njengezipikili ezishayelelwe, banjalo abazitika ngamaqoqo emisho; anikezwe evela kumalusi munye.” (UmShumayeli 12:11) Ngempela, akhona amazwi abhaliwe angakhuthaza ‘njengezinkandi.’ Angashukumisela umuntu ukuba enze okulungile. Ngaphezu kwalokho, “njengezipikili ezishayelelwe,” angasiza ekuqiniseni ukuzimisela komuntu futhi abe ithonya eliqinisayo.
Singawatholaphi amazwi ahlakaniphe kanjalo? Ngokusho kukaSolomoni, avelele kuwo, yilawo avela kuMalusi munye, uJehova. (IHubo 23:1) Ngakho-ke, into engcono kakhulu umuntu angayenza ukuya encwadini ephefumulelwe uNkulunkulu—iBhayibheli. Ukuwafunda njalo lawo mazwi aphefumulelwe kungasiza umuntu ukuba “afaneleke ngokugcwele, ayihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.”—2 Thimothewu 3:16, 17.