Indathane Yezincwadi!
USolomoni iNkosi ehlakaniphile yasemandulo yabhala: “Ukwenza izincwadi eziningi akunakuphela.” (UmShumayeli 12:12) Phakathi no-1995 eBrithani kuye kwanyatheliswa cishe incwadi eyodwa entsha kulabo nalabo bantu abangu-580 enanini labantu, okwenza lelozwe lihambe phambili emhlabeni ekunyatheliseni izincwadi ezintsha. IChina, okuyizwe elinabantu abaningi kakhulu, yaba ngeyesibili ngezincwadi ezingu-92 972 uma kuqhathaniswa neBrithani eyayinezingu-95 015. IJalimane yalandela (ngezincwadi ezingu-67 206), kwase kuza i-United States (49 276), eyalandelwa iFrance (41 234). “Ukuhola kweBrithani emhlabeni kuye kwabangelwa ukusetshenziswa kabanzi kolimi lwesiNgisi,” kuphawula i-Daily Telegraph iphephandaba laseLondon.
Umbiko ubonisa ukuthi sekuyiminyakana imakethe edayisa izincwadi ilokhu yehla, futhi manje eBrithani bangamaphesenti angu-80 kuphela abathenga incwadi eyodwa noma ezengeziwe ngonyaka. Kodwa ingabe abantu bayazifunda zonke izincwadi abazithengayo?
IBhayibheli incwadi eqhubeka isakazwa futhi ifundwa kabanzi, manje litholakala ngokwengxenye noma liphelele ngezilimi ezingaphezu kuka-2 120. Uma ungakabi nayo ikhophi yakho siqu, thintana nehhovisi le-Watch Tower Society eliseduze nawe ukuze uyithole. Uma unalo iBhayibheli, likhiphe futhi uhlole izingcaphuno zemiBhalo ezivela ezihlokweni zalomagazini. Ngokwenza kanjalo, uyothola ulwazi lweBhayibheli olunikeza ukuphila.