“Konke Kunesikhathi Sakho”
“Konke kunesikhathi sakho, yonke indaba inomzuzu wayo phansi kwezulu.”—UMSHUMAYELI 3:1.
1. Abantu abangaphelele banabuphi ubunzima, futhi lokhu kuye kwaholelaphi kwezinye izimo?
ABANTU bavamile ukuthi, “Ukube ngisheshé ngakwenza.” Noma mhlawumbe basho ngemva kwendaba ukuthi, “Ukube ngiye ngalinda.” Ukusabela okunjalo kubonisa ubunzima abantu abangaphelele ababhekana nabo ekunqumeni isikhathi esifanele sokwenza izinto ezithile. Lokhu kulinganiselwa kuye konakalisa ubuhlobo. Kuye kwaholela endumalweni nasekukhungathekeni. Futhi okubi nakakhulu, kuye kwalwenza buthaka ukholo lwabanye kuJehova nasenhlanganweni yakhe.
2, 3. (a) Kungani kuyinkambo yokuhlakanipha ukwamukela lokho uJehova akunqumile ukuba kube yizikhathi ezimisiwe? (b) Yimuphi umbono onokulinganisela okufanele sibe nawo ngokuphathelene nokugcwaliseka kwesiprofetho seBhayibheli?
2 Njengoba enokuhlakanipha nokuqonda abantu abangenakho, uJehova uyakwazi ukubona kusengaphambili umphumela wazo zonke izenzo, uma efisa. Angabona “ngaphambili okuyakuza.” (Isaya 46:10) Ngakho-ke, angakhetha ngokungaphazami okuyisona sikhathi esingcono kakhulu sokwenza noma yini afuna ukuyenza. Ngakho, kunokuba sithembele ekhonweni lethu lokuqondanisa izikhathi elinephutha, senza ngokuhlakanipha lapho samukela lokho okunqunywe uJehova ukuba kube yizikhathi ezimisiwe!
3 Ngokwesibonelo, amaKristu avuthiwe asilindela ngokwethembeka isikhathi sikaJehova esimisiwe sokuba kugcwaliseke iziprofetho ezithile zeBhayibheli. Ahlala ematasa enkonzweni yakhe, esikhumbula njalo ngokucacile isimiso esisencwadini yesiLilo 3:26: “Kuhle ukumethemba nokulindela ngokuthula ukusindisa kukaJehova.” (Qhathanisa noHabakuki 3:16.) Ngesikhathi esifanayo, ayaqiniseka ukuthi ‘noma kulibala’ ukukhishwa kwesahlulelo sikaJehova osekumenyezelwe, ‘kuyakufika nokufika, akuyikwephuza.’—Habakuki 2:3.
4. U-Amose 3:7 noMathewu 24:45 kufanele basisize kanjani ukuba silindele uJehova ngesineke?
4 Ngakolunye uhlangothi, uma singayiqondi ngokugcwele imibhalo ethile yeBhayibheli noma izincazelo ezisezincwadini ze-Watch Tower Society, ingabe sinaso isizathu sokuphelelwa yisineke? Ukulindela isikhathi sikaJehova esimisiwe sokucacisa izinto kuyinkambo yokuhlakanipha. “Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi lutho, ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.” (Amose 3:7) Yeka isithembiso esihle ngokumangalisayo! Kodwa kumelwe siqaphele ukuthi uJehova wembula izinto zakhe eziyimfihlo ngesikhathi esibonwa nguye njengesifanelekile. UNkulunkulu uye wagunyaza “isigqila esikholekile nesiqondayo” ngaleyo njongo ukuba sinikeze abantu bakhe “ukudla kwabo [okungokomoya] ngesikhathi esifanele.” (Mathewu 24:45) Ngakho-ke, asikho isizathu sokuba sikhathazeke ngokweqile, noma siphatheke kabi imbala, ngokuthi izinto ezithile azichaziwe ngokugcwele. Kunalokho, singaqiniseka ngokuthi uma silindela uJehova ngesineke, uyonikeza lokho okudingekayo “ngesikhathi esifanele” esebenzisa isigqila esikholekile.
5. Kunanzuzoni ukuhlola umShumayeli 3:1-8?
5 Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yakhuluma ngezinto ezihlukene ezingu-28, zonke ‘ezinesikhathi’ sazo. (UmShumayeli 3:1-8) Ukuqonda incazelo yamazwi kaSolomoni, nalokho akusikiselayo, kuyosisiza sibone isikhathi esifanele nesingafanele sezenzo ezithile, ngokombono kaNkulunkulu. (Heberu 5:14) Lokho kuyosenza futhi sikwazi ukulolonga ukuphila kwethu ngendlela efanele.
“Isikhathi Sokukhala Nesikhathi Sokuhleka”
6, 7. (a) Yini ebangela abantu abakhathazekile namuhla ukuba ‘bakhale’? (b) Izwe lizama kanjani ukulwisana nesimo esingathi sína elizithola likuso?
6 Nakuba kukhona “isikhathi sokukhala nesikhathi sokuhleka,” ubani ongathandi lesi sesibili kunesokuqala? (UmShumayeli 3:4) Ngokudabukisayo, siphila ezweni elisinika izizathu zokukhala ngokuyinhloko. Izindaba ezicindezelayo yizona ezivelele ezindabeni. Siyashaqeka lapho sizwa ngezingane ezidubula izingane ezifunda nazo esikoleni, abazali abaxhaphaza izingane zabo, amaphekula abulala noma agoge izisulu ezingenacala nalokho okuthiwa yizinhlekelele zemvelo ezibhuqabhuqa abantu futhi zidale umonakalo. Kuthelevishini sibona izingane ezibulawa yindlala nezinezigobhe nababaleki abasuswe emazweni akubo. Amagama ayengaziwa ngaphambili njengokuqothulwa kohlanga, ingculaza, impi elwiwa ngamagciwane ne-El Niño manje akhathaza izingqondo nezinhliziyo zethu—ngalinye ngendlela yalo.
7 Akukho kungabaza ngokuthi izwe lanamuhla ligcwele usizi nobuhlungu benhliziyo. Nokho, njengokungathi bafuna ukululaza lesi simo, abezokuzijabulisa bahlale benikeza izinto ezilulana, ezinganambitheki, ngokuvamile ezinokuziphatha okubi nobudlova, eziklanyelwe ukusidukisa sishalazele usizi abanye ababhekene nalo. Kodwa umoya wokungabi nandaba, wokuntela okuwubuwula nokuhleka ize okhuthazwa ukuzijabulisa okunjalo akufanele udidaniswe nenjabulo yangempela. Injabulo eyisithelo somoya kaNkulunkulu ingokuthile okungenakunikezwa yizwe likaSathane.—Galathiya 5:22, 23; Efesu 5:3, 4.
8. Ingabe amaKristu namuhla kufanele enze ukukhala noma ukuhleka kube yikhona okuza kuqala? Chaza.
8 Njengoba siqaphela isimo sezwe esidabukisayo, singaqonda ukuthi isikhathi sanamuhla akusona neze esokwenza ukuhleka kube yiyonanto ebalulekile. Akusona isikhathi sokuphilela nje ukuzilibazisa nokuzijabulisa noma ukuvumela ukuzithokozisa kuze kuqala kunokuphishekela izinto ezingokomoya. (Qhathanisa nomShumayeli 7:2-4.) Umphostoli uPawulu wathi, “labo abasebenzisa izwe” kufanele babe “njengalabo abangalisebenzisi ngokugcwele.” Ngani? Ngoba “isimo salelizwe siyashintsha.” (1 Korinte 7:31) AmaKristu eqiniso aphila usuku ngalunye ekuqaphela ngokugcwele ukungathi sína kwezikhathi esiphila kuzo.—Filipi 4:8.
Naphezu Kokukhala, Sijabula Ngempela!
9. Ezinsukwini zangaphambi kukaZamcolo kwakunasiphi isimo esidabukisayo, futhi lokhu kusho ukuthini kithi namuhla?
9 Abantu ababephila ngesikhathi sikaZamcolo wembulunga yonke babengakubheki ngombono ongathi sína ukuphila. Babenza imisebenzi yabo yansuku zonke bengakhali ngenxa ‘yobubi bomuntu obabubukhulu emhlabeni,’ bebukela bengenandaba lapho ‘umhlaba ugcwala ubudlwangudlwangu.’ (Genesise 6:5, 11) UJesu wabhekisela kuleso simo esidabukisayo, futhi wabikezela ukuthi abantu babeyoba nesimo sengqondo esifanayo nasosukwini lwethu. Waxwayisa: “Njengoba babenjalo ngalezozinsuku zangaphambi kwesikhukhula, bedla futhi bephuza, amadoda eshada futhi abesifazane bendiswa, kwaze kwaba usuku uNowa angena ngalo emkhunjini; futhi abanakanga kwaze kwafika isikhukhula, sabakhukhula bonke, kuyoba njalo nokuba khona kweNdodana yomuntu.”—Mathewu 24:38, 39.
10. Ama-Israyeli ayephila ezinsukwini zikaHagayi abonisa kanjani ukuthi ayengasiqondi isikhathi sikaJehova esimisiwe?
10 Eminyakeni engaba ngu-1 850 ngemva kweSikhukhula, ezinsukwini zikaHagayi, ama-Israyeli amaningi nawo abonisa ukungazikhathaleli ngokungathi sína izinto ezingokomoya. Ematasa nokuphishekela izithakazelo zawo, awaqondanga ukuthi isikhathi sawo kwakungesokwenza izithakazelo zikaJehova zize kuqala. Siyafunda: “Laba bantu bathi: ‘Akukabi yisikhathi sokuza, isikhathi sokwakha indlu kaJehova.’ Kwase kufika izwi likaJehova ngoHagayi umprofethi, lathi: ‘Kuyisikhathi sokuba nihlale ezindlini zenu ezembesiweyo, le ndlu iseyize, na?’ Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Bekani ezinhliziyweni zenu izindlela zenu.’”—Hagayi 1:1-5.
11. Yimiphi imibuzo esingase sizibuze yona ngokufanelekile?
11 NjengoFakazi BakaJehova namuhla, abanemithwalo yemfanelo namalungelo phambi kukaJehova njengalawo ma-Israyeli esikhathi sikaHagayi, nathi senza kahle ukuba sibeke izinhliziyo zethu ezindleleni zethu, senza kanjalo ngokungathi sína. Ingabe ‘siyakhala’ ngenxa yezimo zezwe nesihlamba ezisiletha egameni likaNkulunkulu? Ingabe kusizwisa ubuhlungu lapho abantu bephika ubukhona bukaNkulunkulu noma bezishaya indiva ngendelelo izimiso zakhe ezilungileyo? Ingabe sisabela njengoba kwenza abantu ababephawuliwe ababonwa uHezekeli embonweni eminyakeni engu-2 500 edlule? Mayelana nabo, siyafunda: “UJehova wathi [endodeni eyayinophondo lukayinki womlobi]: ‘Dabula emzini, phakathi kweJerusalema, ubeke uphawu emabunzini abantu ababubula bekhala ngazo zonke izinengiso ezenziwa phakathi kwalo.’”—Hezekeli 9:4.
12. UHezekeli 9:5, 6 usho ukuthini kubantu namuhla?
12 Ukubaluleka kwalesi senzakalo kithi namuhla kuba sobala lapho sifunda iziyalezo ezanikwa amadoda ayisithupha ayephethe izikhali zokucoboshisa: “Dabulani emzini emva kwayo, nibulale, iso lenu lingahawukeli, ningabi nabubele, nibulale nichithe amaxhegu, nezinsizwa, nezintombi, nezingane, nabesifazane, ningasondeli kodwa kumuntu okukuye uphawu, niqale endlini yami engcwele.” (Hezekeli 9:5, 6) Ukusinda kwethu kulolo sizi olukhulu olusondela ngokushesha kuxhomeke ekuqapheleni kwethu ukuthi namuhla ngokuyinhloko yisikhathi sokukhala.
13, 14. (a) Luhlobo luni lwabantu uJesu athi luyajabula? (b) Chaza ukuthi kungani ucabanga ukuthi le ncazelo ibafanela kahle oFakazi BakaJehova.
13 Yiqiniso, ukuthi izinceku zikaJehova ‘ziyakhala’ ngenxa yesimo sezwe esidabukisayo akuzenzi zingajabuli. Lutho neze! Empeleni ziyiqembu labantu elijabula kunawo wonke emhlabeni. UJesu wanikeza indinganiso yokuhlola injabulo lapho ethi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya, . . . abalilayo, . . . abanomoya omnene, . . . abalambele futhi bomele ukulunga, . . . abanesihe, . . . abahlanzekile enhliziyweni, . . . abanokuthula, . . . abaye bashushiswa ngenxa yokulunga.” (Mathewu 5:3-10) Kunobufakazi obuningi obubonisa ukuthi le ncazelo ifanela oFakazi BakaJehova, bebonke, kunanoma iyiphi enye inhlangano engokwenkolo.
14 Abantu bakaJehova abajabulayo baye baba nesizathu “sokuhleka” ikakhulukazi kusukela ekubuyiselweni kokukhulekela kweqiniso ngo-1919. Ngokomoya, bajabula njengalabo ababebuya eBabiloni ekhulwini lesithupha B.C.E.: “Lapho uJehova abuyisa ukuthunjwa kweSiyoni, sasinjengabaphuphayo. Umlomo wethu wawusugcwala ukuhleka nolimi lwethu ukuhuba; . . . UJehova usenzele izinto ezinkulu, sajabula.” (IHubo 126:1-3) Nokho, yize behleka ngokomoya, oFakazi BakaJehova ngokuhlakanipha bayakukhumbula ukungathi sína kwalezi zikhathi. Lapho izwe elisha selifikile futhi izakhamuzi zomhlaba ‘sezikubambisisile ukuphila kwangempela,’ kuyobe sekufike isikhathi lapho ukuhleka kuyokususa phakade ukukhala.—1 Thimothewu 6:19; IsAmbulo 21:3, 4.
“Isikhathi Sokugona Nesikhathi Sokungagoni”
15. Kungani amaKristu ebhekisisa lapho ekhetha abangane?
15 AmaKristu ayabhekisisa ukuthi akhetha bani ukuba abe umngane wawo. Akhumbula isixwayiso sikaPawulu: “Ningadukiswa. Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba enosizo.” (1 Korinte 15:33) Futhi inkosi ehlakaniphile uSolomoni yathi: “Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.”—IzAga 13:20.
16, 17. OFakazi BakaJehova babubheka kanjani ubungane, ukuphola nomshado, futhi ngani?
16 Izinceku zikaJehova zikhetha abantu abanothando olufana nolwazo ngoJehova nokulunga kwakhe ukuba babe abangane bazo. Nakuba zibazisa ubudlelwane babangane bazo futhi zibujabulela, ngokuhlakanipha ziyawugwema umbono oyekelelayo nodebesela ngokweqile mayelana nokuphola ovamile kwamanye amazwe namuhla. Kunokuba zikubheke njengokuzijabulisa okungalimazi, zibheka ukuphola njengesinyathelo esingathi sína esibheke emshadweni, okufanele sithathwe kuphela lapho umuntu esekulungele ngokomzimba, ngokwengqondo nangokomoya—futhi ekhululekile ngokomBhalo—ukungenela ubuhlobo obuhlala njalo.—1 Korinte 7:36.
17 Abanye bangase babe nomuzwa wokuthi kuyisidala ukuba nombono onjalo ngokuphola nokushada. Kodwa oFakazi BakaJehova abavumeli ukucindezela kontanga ukuba kuthonye uhlobo lwabangane abalukhethayo noma izinqumo zabo mayelana nokuphola nokushada. Bayazi ukuthi “ukuhlakanipha kubonakaliswa kulungile yimisebenzi yako.” (Mathewu 11:19) Ngaso sonke isikhathi uJehova wazi kangcono kakhulu, ngakho basithatha ngokungathi sína iseluleko sakhe sokushada “kuphela eNkosini.” (1 Korinte 7:39; 2 Korinte 6:14) Bayakugwema ukungenela umshado ngokuxhamazela ngomqondo oyiphutha wokuthi isehlukaniso noma ukuhlala ngokwehlukana kuyoba yikhambi elamukelekayo uma kwenzeka ubuhlobo babo bungaphumeleli. Bazinika isikhathi sokufuna umngane ofanelekayo, beqaphela ukuthi lapho nje sekuthathwe izifungo zomshado, kusebenza umthetho kaJehova othi: “Ngakho abasebabili, kodwa banyamanye. Ngakho-ke, lokho uNkulunkulu akubophele ndawonye ejokeni makungahlukaniswa muntu.”—Mathewu 19:6; Marku 10:9.
18. Yini engaba yindlela yokuqala umshado ojabulisayo?
18 Umshado uyisibopho sokuphila konke esidinga ukuhlelelwa ngokucophelela. Ngokunengqondo indoda iyozibuza, ‘Ingabe ngempela ungumuntu ongifanele?’ Kodwa okubaluleke ngokufanayo, kufanele izibuze ukuthi, ‘Ingabe ngempela ngingumuntu omfanele? Ingabe ngingumKristu ovuthiwe onganakekela izidingo zomkami ezingokomoya?’ Bobabili laba abazoba abangane bomshado banesibopho phambi kukaJehova sokuba abaqinile ngokomoya, abakwaziyo ukwakha isibopho somshado esiqinile esikufanelekelayo ukwamukelwa kwaphezulu. Izinkulungwane zemibhangqwana yamaKristu zingakufakazela ukuthi ngenxa yokugxila kwayo ekupheni kunasekwamukeleni, inkonzo yesikhathi esigcwele iyindlela enhle kakhulu yokuqala umshado ojabulisayo.
19. Kungani amanye amaKristu ehlala engashadile?
19 Amanye amaKristu ‘awagoni’ ngokukhetha ukuhlala engashadile ngenxa yezindaba ezinhle. (UmShumayeli 3:5) Amanye ayakuhlehlisa ukushada kuze kube yilapho esezizwa enezimfanelo ezingokomoya eziwenza akhange umngane ofanelekayo. Kodwa masiwakhumbule nalawo maKristu angashadile alangazelela ukusondelana nothile nokujabulela izinzuzo zomshado kodwa angamtholi umngane. Singaqiniseka ukuthi uJehova uyakujabulela ukwenqaba kwawo ukulahla izimiso zaphezulu ngoba efuna ukushada. Senza kahle futhi ngokwazisa ukwethembeka kwawo nokuwasekela ngendlela efanele ayifanelekelayo.
20. Kungani ngisho nabantu abashadile ngezinye izikhathi ‘bengagonani’?
20 Ingabe ngisho nemibhangqwana eshadile kufanele ngezinye izikhathi ‘ingagonani’? Kubonakala kunjalo ngomqondo othile, ngoba uPawulu wathi: “Ngiyakusho lokhu, bafowethu, ukuthi isikhathi esesisele sinciphile. Kusukela manje labo abanabafazi mababe njengokungathi abanabo.” (1 Korinte 7:29) Ngakho-ke, izinjabulo nezibusiso zomshado kumelwe ngezinye izikhathi zize kamuva kunemithwalo yemfanelo engokwasezulwini. Umbono olinganiselayo ngale ndaba ngeke uwenze buthaka umshado kodwa uyowuqinisa ngoba usiza ekukhumbuzeni bobabili abashadile ukuthi ngaso sonke isikhathi uJehova kufanele abe umuntu oyinhloko obaqinisayo ebuhlotsheni babo.—UmShumayeli 4:12.
21. Kungani kungafanele sahlulele imibhangqwana eshadile endabeni yokuba nezingane?
21 Ngaphezu kwalokho, eminye imibhangqwana eshadile iye yakugwema ukuba nezingane ukuze ikhululeke kakhudlwana ukukhonza uNkulunkulu. Lokhu kuye kwasho ukuzidela, futhi uJehova uyoyivuza ngokufanele. Nakuba iBhayibheli likhuthaza ukungashadi ngenxa yezindaba ezinhle, alisho lutho ngokuqondile ngokungabi nezingane ngesizathu esifanayo. (Mathewu 19:10-12; 1 Korinte 7:38; qhathanisa uMathewu 24:19 noLuka 23:28-30.) Ngakho, imibhangqwana eshadile kumelwe yenze isinqumo sawo ngokusekelwe ezimweni zawo nasemizweni yawo eqotho. Kungakhathaliseki ukuthi yikuphi engase ikunqume, imibhangqwana eshadile akumelwe igxekwe.
22. Yini okubalulekile ukuba siyithole?
22 Yebo, “konke kunesikhathi sakho, yonke indaba inomzuzu wayo phansi kwezulu.” Kukhona ngisho ‘nesikhathi sempi nesikhathi sokuthula.’ (UmShumayeli 3:1, 8, NW) Isihloko esilandelayo sizochaza ukuthi kungani kubalulekile ukuba sithole ukuthi manje yisikhathi sani kulokhu okubili.
Ungachaza?
◻ Kungani kubaluleke kakhulu ukuba sazi ukuthi “konke kunesikhathi sakho”?
◻ Kungani namuhla ngokuyinhloko ‘kuyisikhathi sokukhala’?
◻ Kungani amaKristu ejabule ngempela, nakuba ‘ekhala’?
◻ Amanye amaKristu abonisa kanjani ukuthi abheka isikhathi samanje ‘njengesikhathi sokungagoni’?
[Izithombe ekhasini 6, 7]
Nakuba amaKristu ‘ekhala’ ngenxa yezimo zezwe. . .
. . . empeleni angabantu abajabule kunabo bonke emhlabeni
[Isithombe ekhasini 8]
Inkonzo yesikhathi esigcwele iyisisekelo esihle kakhulu somshado ojabulisayo