Ingabe Usazisa Ngempela Isipho SikaNkulunkulu Somshado?
“Kwangathi uJehova anganipha isipho, futhi nithole indawo yokuphumula yilowo nalowo endlini yomyeni wakhe.”—RUTHE 1:9.
BHEKA IZIMPENDULO ZALE MIBUZO:
Kungani singase sithi izinceku zikaNkulunkulu zesikhathi esidlule zazisazisa isipho sakhe somshado?
Sazi kanjani ukuthi uJehova unendaba nokuthi sikhetha ukushada nobani?
Isiphi iseluleko seBhayibheli ngomshado ohlela ukusisebenzisa ekuphileni kwakho?
1. Chaza indlela u-Adamu asabela ngayo lapho ethola umfazi.
“EKUGCINENI usekhona oyithambo lamathambo ami nenyama yenyama yami. Lo uzobizwa ngokuthi yiNdodakazi, ngoba uthathwe endodeni.” (Gen. 2:23) Yeka indlela indoda yokuqala, u-Adamu, eyajabula ngayo ngokuthola umfazi! Akumangalisi ukuthi yahaya inkondlo! Ngemva kokuba uJehova ehlisele u-Adamu ubuthongo obukhulu, wadala lona wesifazane omuhle ngolunye lwezimbambo zakhe. Kamuva u-Adamu wamqamba ngokuthi u-Eva. UNkulunkulu wabahlanganisa esibophweni esijabulisayo somshado. Njengoba uJehova asebenzisa ubambo luka-Adamu ekumdaleni, u-Adamu no-Eva babesondelene kakhulu kunanoma iyiphi indoda nomfazi namuhla.
2. Kungani amadoda nabesifazane bekhangana?
2 Ngokuhlakanipha kwakhe okungenakuqhathaniswa, uJehova wafaka kubantu uthando oluba phakathi kwendoda nomfazi—uthando olwaluyodonsela amadoda nabesifazane ndawonye. I-World Book Encyclopedia ithi: “Owesilisa nowesifazane abashadayo basuke benethemba lokuhlanganyela ubulili nokuthi bayohlale bekhangana.” Lokhu kuye kwenzeka kaningi kubantu bakaJehova.
BABESAZISA ISIPHO SOMSHADO
3. U-Isaka wamthola kanjani umfazi?
3 U-Abrahama othembekile wayewazisa kakhulu umshado. Ngakho, wathuma inceku yakhe endala kunazo zonke ukuba iyofunela u-Isaka umfazi eMesophothamiya. Umthandazo wale nceku waba nemiphumela emihle. URebheka owesaba uNkulunkulu waba umka-Isaka othandekayo futhi waba nengxenye elungiselelweni likaJehova lokulondoloza inzalo ka-Abrahama. (Gen. 22:18; 24:12-14, 67) Lokhu akufanele kusenze siphethe ngokuthi umuntu—kungakhathaliseki ukuthi unezinhloso ezinhle kangakanani—kufanele abe umhlanganisi wabantu ababili engacelwanga. Emphakathini wanamuhla, abaningi bayazikhethela abangane bomshado. Yiqiniso, imishado ayihlelwa ezulwini, kodwa uNkulunkulu uyowaqondisa amaKristu kulesi sici sokuphila nakwezinye uma ethandazela isiqondiso sakhe futhi eholwa umoya wakhe.—Gal. 5:18, 25.
4, 5. Yini ekwenza uqiniseke ukuthi umShulamiti nomalusi babenemizwa ekhethekile ngomunye nomunye?
4 Intombazane enhle yomShulamiti yakwa-Israyeli wasendulo ayithandanga ukuba abangane bayo bayicindezele ukuba ibe ngomunye wamakhosikazi amaningi eNkosi uSolomoni. Yathi: “O madodakazi aseJerusalema, nginifungisile ukuba ningazami ukuphaphamisa noma ukuvusa uthando kimi luze luzivukele lona.” (IsiHl. 8:4) UmShulamiti nomalusi othile babenemizwa ekhethekile ngomunye nomunye. Ngokuthobeka, wathi: “Ngiyisafroni nje lasethafeni elingasogwini, umnduze wasemathafeni aphansi.” Kodwa umalusi waphendula: “Njengomnduze phakathi kokhula olunameva, injalo intombazane engumngane wami phakathi kwezintombi”! (IsiHl. 2:1, 2) Babethandana ngempela.
5 Ngenxa yokuthi umShulamiti nomalusi babethanda uNkulunkulu ngaphezu kokuba bethandana, isibopho sabo somshado sasiyoqina ngempela. Eqinisweni, umShulamiti watshela umalusi ayemthanda: “Ngibeke njengophawu phezu kwenhliziyo yakho, njengophawu phezu kwengalo yakho; ngoba uthando lunamandla njengokufa, ukuphikelela ukufuna ukuzinikela kuwe kuphela akugudluki njengeShiyoli. Ukuvutha kwalo kunjengokuvutha komlilo, ilangabi likaJah [ngoba luvela kuye]. Amanzi amaningi awakwazi ukulucima uthando, ngisho nemifula ngeke ikwazi ukulukhukhula. Ngisho noma umuntu ebengakhipha zonke izinto zenani elikhulu zendlu yakhe ngenxa yothando, abantu bebengazidelela nokuzidelela.” (IsiHl. 8:6, 7) Lapho icabangela ukushada, inceku kaJehova ingavumelani-ke ukuthatha noma ubani nje ovelayo?
KUNENDABA KUNKULUNKULU UKUTHI UKHETHA UKUSHADA NOBANI
6, 7. Sazi kanjani ukuthi uNkulunkulu unendaba nokuthi sikhetha ukushada nobani?
6 UJehova unendaba nokuthi ukhetha ukushada nobani. Ngokuphathelene nezakhamuzi zaseKhanani, ama-Israyeli ayalwa: “Akumelwe wakhe ubuhlobo bomshado nazo. Indodakazi yakho akumelwe uyinike indodana yakhe, nendodakazi yakhe akumelwe uyithathele indodana yakho. Ngoba iyophendula indodana yakho ingabe isangilandela, ngokuqinisekile bakhonze abanye onkulunkulu; intukuthelo kaJehova iyonivuthela impela, futhi ngokuqinisekile akubhuqe ngokushesha.” (Dut. 7:3, 4) Emakhulwini eminyaka kamuva, umpristi u-Ezra wathi: “Nenzé ngokungathembeki ngokunikeza abafazi bezinye izizwe indawo yokuhlala ukuze nenezele ecaleni lika-Israyeli.” (Ezra 10:10) Umphostoli uPawulu watshela amaKristu ayekanye nawo: “Umfazi uboshiwe sonke isikhathi umyeni wakhe esaphila. Kodwa uma kungenzeka umyeni wakhe afe, ukhululekile ukuba ashade nalowo amfunayo, kuphela eNkosini.”—1 Kor. 7:39.
7 Uma inceku kaJehova ezinikezele ishada nomuntu ongakholwa, lokhu kuyoba ukungamlaleli uNkulunkulu. Ama-Israyeli osuku luka-Ezra enza ngokungathembeki ngokunikeza “abafazi bezinye izizwe indawo yokuhlala,” futhi kuyoba okungalungile ukuzama ukululaza amazwi acacile asemiBhalweni. (Ezra 10:10; 2 Kor. 6:14, 15) UmKristu oshada nomuntu ongakholwa akasona isibonelo futhi akasazisi ngempela isipho sikaNkulunkulu somshado. Ukungenela komuntu umshado onjalo esebhapathiziwe kungamenza alahlekelwe amalungelo athile phakathi kwabantu bakaNkulunkulu. Kungaba okungenangqondo ukulindela izibusiso kuyilapho uvuma emthandazweni, ‘Jehova, angikulalelanga ngamabomu, kodwa ngicela ungibusise noma kunjalo.’
UBABA WETHU OSEZULWINI WAZI KANGCONO
8. Chaza ukuthi kungani kufanele silandele isiqondiso sikaNkulunkulu ngomshado.
8 Umenzi womshini uyazi kahle indlela osebenza ngayo. Uma lowo mshini kudingeka uhlanganiswe, angayinikeza imininingwane edingekayo. Kungenzekani uma singazinaki iziqondiso zakhe futhi siwuhlanganise ngendlela yethu? Inhlekelele yodwa engaba khona—uma uyoke usebenze. Nokho, ukuze isifiso sethu sokuba nomshado ojabulisayo sifezeke, kumelwe silandele iziqondiso ezinikezwa uJehova, uMsunguli womshado.
9. Kungani singase sithi uJehova uyasiqonda isizungu futhi uyayiqonda nenjabulo engaba khona emshadweni?
9 UJehova wazi konke ngabantu nangomshado. Wafaka isifiso sobulili kubantu ukuze ‘bazale bande.’ (Gen. 1:28) UNkulunkulu uyasiqonda isizungu, ngoba ngaphambi kokudala owesifazane wokuqala wathi: “Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizomenzela umsizi, abe umphelelisi wakhe.” (Gen. 2:18) UJehova uyazi kahle nenjabulo engaba khona emshadweni.—Funda izAga 5:15-18.
10. Iziphi izici okufanele zilawule ubuhlobo bobulili kumaKristu ashadile?
10 Ngenxa yesono nokungapheleli u-Adamu akudlulisela esintwini, awukho umshado ophelele namuhla. Nokho, phakathi kwezinceku zikaJehova, umshado ungayiletha injabulo yangempela uma zilalela iZwi lakhe. Ngokwesibonelo, cabanga ngeseluleko sikaPawulu esicacile ngobuhlobo bobulili emshadweni. (Funda eyoku-1 Korinte 7:1-5.) Akuyona imfuneko engokomBhalo ukuba abashadile bajabulele ubuhlobo bobulili kuphela lapho befuna izingane. Ubuhlobo bobulili bungajatshulelwa ngokufanele ekwaneliseni izidingo ezingokomzwelo nezingokwenyama. Kodwa imikhuba yobulili ehlanekezelwe ayimjabulisi neze uNkulunkulu. Ngokungangabazeki, amaKristu ashadile ayofuna ukusingatha lesi sici esibalulekile sokuphila kwawo ngendlela enesisa, eyowenza abonisane uthando lwangempela. Kodwa-ke, kufanele agweme noma iziphi izenzo ezingeke zimjabulise uJehova.
11. URuthe wabusiswa kanjani ngokwenza izinto ngendlela kaJehova?
11 Umshado kufanele uchichime injabulo hhayi usizi, futhi akufanele ube isidina. Ikhaya lomKristu ikakhulu kufanele libe indawo yokuphumula nokuthula. Cabanga ngalokho okwenzeka eminyakeni engaba ngu-3 000 edlule lapho umfelokazi osekhulile, uNawomi, nomalokazana bakhe ababengabafelokazi, u-Orpa noRuthe, beya kwaJuda besuka kwaMowabi. UNawomi wanxusa lab’ omalokazana bakhe ukuba babuyele kubantu bakubo. UmMowabikazi uRuthe wanamathela kuNawomi, wathembeka kuNkulunkulu weqiniso futhi waqinisekiswa ukuthi wayeyothola ‘inkokhelo ephelele evela kuJehova, ayefune isiphephelo ngaphansi kwamaphiko akhe.’ (Ruthe 1:9; 2:12) Enokwazisa okukhulu ngesipho sikaNkulunkulu somshado, uRuthe washada noBhowazi owayesekhulile, owayengumkhulekeli weqiniso kaJehova. Lapho evuselwa emhlabeni ezweni elisha likaNkulunkulu, uyokujabulela ukwazi ukuthi waba ukhokhokazi kaJesu Kristu. (Math. 1:1, 5, 6; Luka 3:23, 32) Yeka izibusiso azithola ngokwenza izinto ngendlela kaJehova!
ISELULEKO ESIHLE SOMSHADO OPHUMELELAYO
12. Umuntu angasitholaphi iseluleko esihle ngomshado?
12 UMsunguli womshado uyasitshela okudingeka sikwazi ngomshado ophumelelayo. Akekho umuntu onolwazi olunjengolwakhe. IBhayibheli lihlale liqinisile, futhi okuwukuphela kwendlela umuntu anganikeza ngayo iseluleko esihle ngomshado iwukuba anamathele ezindinganisweni ezisemiBhalweni. Ngokwesibonelo, umphostoli uPawulu wabhala ephefumulelwe: “Yilowo nalowo kini makamthande kanjalo umkakhe njengoba ezithanda yena; ngakolunye uhlangothi, umfazi kufanele abe nenhlonipho ejulile ngomyeni wakhe.” (Efe. 5:33) Akukho lutho amaKristu avuthiwe angenakuluqonda ngeseluleko esinjalo seBhayibheli. Umbuzo uwukuthi, Ingabe ayolisebenzisa iZwi likaJehova? Ayolisebenzisa uma esazisa ngempela isipho sakhe somshado.a
13. Ukungasilaleli iseluleko esikweyoku-1 Petru 3:7 kungaba namuphi umphumela?
13 Indoda engumKristu kufanele imphathe ngothando umkayo. Umphostoli uPetru wabhala: “Nina madoda, qhubekani nihlala nabo ngendlela efanayo ngokolwazi, nibazisa njengesitsha esibuthakathaka kakhudlwana, isifazane, njengoba nani niyizindlalifa kanye nabo zomusa ongafanelwe wokuphila, ukuze imithandazo yenu ingathiyeki.” (1 Pet. 3:7) Imithandazo yendoda ingathiyeka uma ingasisebenzisi iseluleko sikaJehova. Ingokomoya labo bobabili lingalimala, mhlawumbe kuholele ekucindezelekeni okukhulu, ezingxabanweni nasekuphathaneni ngokhahlo.
14. Inkosikazi enothando ingaba naliphi ithonya ekuphileni komkhaya?
14 Inkosikazi eqondiswa yiZwi likaJehova nomoya wakhe ongcwele ingenza lukhulu ekwenzeni ikhaya libe indawo enokuthula nenjabulo. Kungokwemvelo ngendoda eyesaba uNkulunkulu ukuba ithande umkayo futhi imvikele ngokwenyama nangokomoya. Umkayo unxanela uthando lwayo, futhi lokho kudinga ukuba azenze athandeke. IzAga 14:1 zithi: “Owesifazane ohlakaniphe ngempela uyakhile indlu yakhe, kodwa oyisiwula uyayidiliza ngezandla zakhe.” Inkosikazi ehlakaniphile nenothando ineqhaza elikhulu empumelelweni nasenjabulweni yomkhaya. Ibonisa nokuthi isazisa ngempela isipho sikaNkulunkulu somshado.
15. Isiphi iseluleko esitholakala kweyabase-Efesu 5:22-25?
15 Amadoda namakhosikazi asekela umshado wawo esibonelweni uJesu asibeka lapho esebenzelana nebandla lakhe abonisa ukuthi ayasazisa isipho sikaNkulunkulu somshado. (Funda eyabase-Efesu 5:22-25.) Yeka izibusiso abantu abashadile abazijabulelayo lapho bethandana ngempela futhi bengalokothi bavumele ukuqhosha, ukungakhulumisani kobuntwana noma ezinye izici ezingafaneleki kumaKristu zonakalise umshado wabo!
MABANGAHLUKANISWA MUNTU
16. Kungani amanye amaKristu ehlala engashadile?
16 Nakuba iningi labantu likucabangela ukushada esikhathini esithile, ezinye izinceku zikaNkulunkulu zihlala zingashadile ngoba zingamtholi umngane womshado ezimthandayo nothandwa uJehova. Ezinye zinesipho sokungashadi ezisinikwe uNkulunkulu, esizivumela ukuba zizinikele enkonzweni yakhe ngaphandle kweziphazamiso zomshado. Yiqiniso, ukungashadi kufanele kujatshulelwe ngokuvumelana nemingcele emiswe uJehova.—Math. 19:10-12; 1 Kor. 7:1, 6, 7, 17.
17. (a) Imaphi amazwi kaJesu aphathelene nomshado okufanele siwakhumbule? (b) Uma noma imuphi umKristu eseqala ukufisa umngane womshado womunye umuntu, yini okufanele ayenze ngaphandle kokulibala?
17 Kungakhathaliseki ukuthi sishadile noma asishadile, sonke kudingeka sikhumbule la mazwi kaJesu: “Anifundanga yini ukuthi [uNkulunkulu] owabadala kusukela ekuqaleni wabenza kwaba owesilisa nowesifazane, wathi, ‘Ngenxa yalesi sizathu indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo, futhi laba ababili bayoba nyamanye’? Ngakho abasebabili, kodwa sebenyamanye. Ngakho-ke, lokho uNkulunkulu akubophele ndawonye makungahlukaniswa muntu.” (Math. 19:4-6) Ukufisa umngane womshado womunye umuntu kuyisono. (Dut. 5:21) Uma noma imuphi umKristu eqala ukuba nesifiso esinjalo sokuhaha, kufanele athathe isinyathelo ngokushesha sokususa leso sifiso esingcolile. Lokho kumelwe akwenze ngisho noma kubuhlungu kangakanani ngoba ebeseyivumele leyo nkanuko yobugovu ukuba ikhule. (Math. 5:27-30) Kubalulekile ukuba silungise ukucabanga okunjalo futhi sinqobe isifiso esiyisono senhliziyo ekhohlisayo.—Jer. 17:9.
18. Uzizwa kanjani ngokuthi kufanele sibheke umshado njengesipho esivela kuNkulunkulu?
18 Ngisho nabaningi abanolwazi oluncane noma abangazi lutho ngoJehova uNkulunkulu, abangazi nokuthi umshado uyisipho esimangalisayo esivela kuye, baye babonisa ukwazisa okuthile ngesibopho somshado. Yeka ukuthi thina esizinikezele ‘kuNkulunkulu ojabulayo,’ uJehova, kufanele siwajabulele kangakanani wonke amalungiselelo akhe futhi sibonise ukuthi sisazisa ngempela isipho sakhe somshado!—1 Thim. 1:11.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ingxoxo eningiliziwe ngomshado, bheka izahluko 10 no-11 encwadini ethi “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu.”
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]
Umshado omuhle udumisa uJehova futhi ungaletha injabulo enkulu kubo bonke ekhaya
[Isithombe ekhasini 5]
URuthe wabonisa ukwazisa ngesipho sikaNkulunkulu somshado
[Isithombe ekhasini 7]
Ingabe uyabonisa ukuthi usazisa ngempela isipho sikaJehova somshado?