Qhubeka Uxwayisa Ngomsebenzi KaJehova Ongandile
“UJehova uyakusukuma njengasentabeni yasePherasimi, athukuthele njengasesigodini saseGibeyoni.”—ISAYA 28:21.
1, 2. Imuphi umsebenzi ongandile uJehova awenzela abantu baKhe ngosuku lukaDavide?
ISENZO esimangalisayo! Umsebenzi ongandile neze! Yilokho uJehova akwenzela abantu bakhe ezikhathini zasendulo emuva ngekhulu le-11 leminyaka B.C.E. Futhi lesisenzo esimangalisayo sasiyisibonelo somsebenzi ongandile ngisho nangokwengeziwe asezowenza esikhathini esizayo esingekude. Sasiyini lesosenzo sasendulo? Ngokushesha ngemva kokuba uDavide emiswe njengenkosi eJerusalema, amaFilisti ayengomakhelwane aqala ukuhlasela, futhi lokhu kwabangela ukuba uJehova enze isenzo esimangalisayo. Okokuqala, amaFilisti aqala ukuhlasela esigodini samaRefa. UDavide wabuza uJehova ngalokho okwakufanele akwenze futhi wayalwa ukuba ahlasele. Elalela izwi likaJehova, uDavide walinqoba ngokuphelele ibutho elinamandla lamaFilisti eBali-Pherasimi. Kodwa amaFilisti awazange avume ukuthi anqotshiwe. Ngokushesha aphindela ukuyochitha nokuyophanga ngokwengeziwe esigodini samaRefa, futhi uDavide waphinda wacela isiqondiso kuJehova.
2 Kulokhu watshelwa ukuba aye ngemva kwamaFilisti kanye namabutho akhe. UJehova wathi: “Lapho usuzwa umsindo wokuhamba ezihlokweni zamajikijolo, usheshe, ngokuba kuyilapho uJehova eyakube ephumile ngaphambi kwakho ukuchitha impi yamaFilisti.” Futhi yilokho okwenzeka. UDavide walinda kwaze kwaba yilapho uJehova ebangela umsindo wokuhamba ezihlokweni zamajikijolo—mhlawumbe ngomoya onamandla. Ngokushesha, uDavide namabutho akhe bavumbuka lapho babecashe khona futhi bahlasela amaFilisti adidekile, bewanqoba ngokuceka okukhulu. Izithixo zenkolo ezashiywa amaFilisti enkundleni yempi zabuthelwa ndawonye futhi zabhujiswa.—2 Samuweli 5:17-25; 1 IziKronike 14:8-17.
3. Kungani isenzo sikaJehova esimangalisayo sasithakazelisa kumaJuda osuku lukaIsaya, futhi kungani kufanele sithakazelise kweLobukholwa namuhla?
3 Lona kwakuwumsebenzi ongandile, isenzo esimangalisayo, owafezwa uJehova ngokumelene namaFilisti nangenxa yenkosi yakhe egcotshiwe. Lesisenzo esiphawulekayo sithakazelisa ngokukhethekile ngoba umprofethi uIsaya waxwayisa ngokuthi uJehova wayeyokwenza okuthile okumangalisayo nokunamandla ngendlela efanayo ngokumelene nezidakwa ezingokomoya zakwaJuda. Ngakho, abaholi benkolo abangathembekile bosuku lukaIsaya kwakudingeka baqaphele. ELobukholwa namuhla nalo kufanele liqaphele ngoba okwenzeka kuJuda kwakuyisibonelo senhlekelele yokugcina yeLobukholwa.
“Umbhede Uyakuba-mfushane”
4, 5. (a) UIsaya usibonisa kanjani ngomfanekiso isimo sokungathokomali sabaholi benkolo bosuku lwakhe? (b) Iyini imbangela yokungathokomali kweLobukholwa namuhla?
4 Okokuqala, uIsaya wadalula iqiniso lokuthi izivumelwano lezozidakwa ezingokomoya zasendulo ezazithembele kuzo zaziyinkohliso, zingamanga. Khona-ke wasibonisa ngomfanekiso isimo sokungathokomali salabo abathembela kulawomanga. Wathi: “Umbhede uyakuba-mfushane kunokuba umuntu enabe kuwo, nengubo ibe-ncane kunokuba umuntu azisonge ngayo.” (Isaya 28:20) Noma ubani owenaba embhedeni omfushane kakhulu uthola ukuthi izinyawo zakhe ziphumela ngaphandle emakhazeni. Ngakolunye uhlangothi, uma efinyeza imilenze ukuze avumelane nobufushane bombhede, ingubo iba ncane kakhulu futhi ingxenye enkulu yomzimba wakhe ilokhu yembulekile. Kungakhathaliseki ukuthi wenzani, ingxenye yakhe ethile iba ngaphandle emakhazeni.
5 Uma sifanekisa, leso kwakuyisimo salabobantu bosuku lukaIsaya ababebeka ithemba labo esiphephelweni esingamanga. Futhi siyisimo sokungathokomali salabo namuhla ababeka ithemba labo esiphephelweni seLobukholwa esingamanga. Kunjengokungathi bangaphandle emakhazeni. Lesi akusona isikhathi sokufuna ukuthokomala ezimisweni zezwe zokuletha ukuthula nokulondeka. Lapho eLobukholwa lisitshekelwe izenzo zokwahlulela ezizayo zikaNkulunkulu, izivumelwano nababusi bezombangazwe ngeke zilinikeze ukuthokomala.
Isenzo SikaJehova Esimangalisayo
6. UJehova wayezosithatha kanjani isinyathelo ngokumelene noJuda, futhi uzosithatha kanjani ngokumelene neLobukholwa?
6 Lapho esesichazile ngomfanekiso isimo sokungathokomali seJerusalema elingathembekile losuku lwakhe—neseLobukholwa elingathembekile lanamuhla—uIsaya waqhubeka wathi: “UJehova uyosukuma njengaseNtabeni yasePherazimi, uyothukuthela njengasethafeni eliphansi elingaseGibeyoni, ukuba enze isenzo sakhe—isenzo sakhe siyamangalisa—nokuba afeze umsebenzi wakhe—umsebenzi wakhe awandile.” (Isaya 28:21, NW) Yebo, uIsaya waxwayisa, ngokushesha uJehova wayezosukuma njengoba ayenzile eBali-Pherasimi. Kodwa manje wayezothatha isinyathelo ngokumelene nabantu bakhe abangenalukholo, futhi lokho wayezokwenza njengesikhukhula samanzi ababengenakumelana naso esiphuma esikhaleni edanyini elibhidlikayo. Isivumelwano seJerusalema nokufa sasizobonakaliswa singenamsebenzi futhi siyize. Ngendlela efanayo, uJehova uzothatha isinyathelo ngokumelene neLobukholwa esikhathini esizayo esingekude, futhi lizothola ukuthi zonke izivumelwano zalo ezidakayo nalelizwe azisizi ngalutho. Inhlangano yalo enkulu izochithwa futhi abalandeli balo bahlakazeke. Onkulunkulu balo bamanga bazoshiswa ngokuphelele.
7. Kungani kwakuthiwa izinjongo zikaJehova ngokuqondene noJuda “ziyamangalisa” futhi “azandile”?
7 Kungani uIsaya ebiza isinyathelo esithathwa uJehova ngokumelene neJerusalema ngokuthi umsebenzi omangalisayo nongandile? Phela, iJerusalema laliyisikhungo sokukhulekelwa kukaJehova kanye nomuzi wenkosi egcotshiwe kaJehova. (IHubo 132:11-18) Njengelinjalo, lalingakaze libhujiswe ngaphambili. Ithempeli lalo lalingakaze lishiswe. Indlu yobukhosi kaDavide, ngemva kokuba imisiwe eJerusalema, yayingakaze iketulwe. Izinto ezinjalo zazingacatshangwa neze. Kwakungokungandile nhlobo ukuthi uJehova wayengacabanga ukuvumela izinto ezinjalo ukuba zenzeke.
8. Isiphi isixwayiso uJehova asinikeza ngesenzo sakhe esingandile esasiza?
8 Kodwa uJehova wanikeza isixwayiso esifanelekile ngabaprofethi bakhe sokuthi kwakuzokwenzeka izenzakalo ezithusayo. (Mika 3:9-12) Ngokwesibonelo, umprofethi uHabakuki, owayephila ekhulwini lesikhombisa leminyaka B.C.E., wathi: “Bonani phakathi kwabezizwe, nibheke, nimangale nokumangala, ngokuba wenza isenzo ezinsukwini zenu eningayikukholwa yiso, lapho silandwa. Ngokuba bhekani, ngiyavusa amaKaledi, isizwe esibabayo nesiphulukundlelayo, esidabula ebubanzini bomhlaba ukuyokudla izindawo zokuhlala ezingeyizo ezaso. Siyethusa, siyesabeka.”—Habakuki 1:5-7.
9. UJehova wasigcwalisa ngayiphi indlela isixwayiso sakhe ngokumelene neJerusalema?
9 Ngo-607 B.C.E., uJehova wasigcwalisa isixwayiso sakhe. Lapho esevumele amabutho aseBabiloni ukuba alwe neJerusalema, wawavumela ukuba abhubhise kokubili umuzi nethempeli. (IsiLilo 2:7-9) Ngaphezu kwalokho, wavumela ukuba iJerusalema libhujiswe ngokwesibili. Ngani? Empeleni, ngemva kweminyaka engu-70 yokuthunjwa, amaJuda aphendukayo aphindela ezweni lakubo, futhi ekugcineni kwakhiwa elinye ithempeli eJerusalema. Nakuba kunjalo, amaJuda aphinda ahlubuka kuJehova. Ekhulwini lokuqala leminyaka C.E., uPawulu wacaphuna amazwi kaHabakuki ayewabhekise kumaJuda osuku lwakhe, kanjalo exwayisa ngokuthi lesiprofetho sasiyosebenza nasesikhathini esizayo. (IzEnzo 13:40, 41) UJesu ngokwakhe wayexwayise ngokucacile ngokuthi iJerusalema nethempeli lalo kwakuyobhujiswa ngenxa yokuntula ukholo kwamaJuda. (Mathewu 23:37–24:2) Ingabe lawomaJuda ekhulu lokuqala leminyaka alalela? Cha. Njengokhokho bawo, asenqaba ngokuphelele isixwayiso sikaJehova. Ngakho, uJehova wawuphinda umsebenzi wakhe omangalisayo. IJerusalema kanye nethempeli lalo kwabhujiswa ngo-70 C.E. ngamabutho amaRoma.
10. UJehova uzosithatha kanjani isinyathelo ngokumelene neLobukholwa esikhathini esizayo esingekude?
10 Khona-ke, kungani umuntu kufanele acabange ukuthi uJehova ngeke enze okuthile okufanayo esikhathini sethu? Iqiniso liwukuthi, uzoyifeza injongo yakhe ngisho nakuba kungabonakala kumangalisa futhi kungandile kubantu abanongabazane. Manje isisulu sesenzo sakhe sizoba eLobukholwa, lelo, njengoJuda wasendulo, elithi likhulekela uNkulunkulu kodwa eliye lonakala ngendlela engenakulungiseka. NgoDavide wakhe Omkhulu, uKristu Jesu, uJehova uzokuza phezu “kwamaFilisti” eLobukholwa ngehora angalilindele. Uzokwenza umsebenzi wakhe ongandile kuze kube sezingeni lokuqothula iminonjana yokugcina yezimiso ezingokwenkolo zeLobukholwa.—Mathewu 13:36-43; 2 Thesalonika 1:6-10.
Ukuxwayisa Ngesenzo SikaJehova
11, 12. OFakazi BakaJehova baye baxwayisa kanjani ngezahlulelo zikaJehova ezizayo?
11 Iminyaka eminingi oFakazi BakaJehova baye baxwayisa ngalesisenzo esizayo sokwahlulela sikaJehova. Baye babonisa ukuthi ukubhujiswa kweJerusalema nethempeli lalo ngo-607 B.C.E. nango-70 C.E. kwakuyizixwayiso ezingokwesiprofetho zalokho okuzokwenzeka kweLobukholwa. Ngaphezu kwalokho, baye babonisa ukuthi eLobukholwa, ngenxa yokuhlubuka kwalo, liye laba ingxenye yombuso wezwe wenkolo yamanga, iBabiloni Elikhulu. Ngenxa yalokhu, izahlulelo zikaNkulunkulu phezu kweBabiloni Elikhulu zizokhishelwa ikakhulukazi kweLobukholwa, njengoba liyingxenye enecala kakhulu yaleyongxubevange yobusathane.—IsAmbulo 19:1-3.
12 OFakazi BakaJehova baye bakhomba esixwayisweni seBhayibheli esingokwesiprofetho sokuthi ngesikhathi sikaJehova esifanele, amashende ezombangazwe eBabiloni Elikhulu azoliphendukela. Siwafanisa nezimpondo eziyishumi zesilo esibomvu sasendle, isAmbulo siyaxwayisa: “Izimpondo eziyishumi owazibonayo, nesilo, lezi ziyakusizonda isifebe [iBabiloni Elikhulu], zisenze incithakalo, sibe-yize, zidle inyama yaso, zisishise ngomlilo, zisiqede.” (IsAmbulo 17:16) ELobukholwa elingokwenkolo lizoshiswa futhi libhujiswe kanye nazo zonke ezinye izinkolo zamanga. Lesi kuzoba isenzo sikaJehova esimangalisayo, umsebenzi wakhe ongandile wosuku lwethu.
13. Ukusabela ezixwayisweni zikaJehova namuhla kuye kwafana kanjani nalokho uIsaya ahlangabezana nakho?
13 Lapho oFakazi BakaJehova bedlulisela isixwayiso salenhlekelele ezayo, ngokuvamile bahlangabezana nokuhlekwa usulu. Abantu bayamangala ukuthi bacabanga ukuthi bangobani ukuba bangasho izinto ezinjalo. ELobukholwa libonakala lizinzile impela, lingenakuzanyazanyiswa. Phela, abanye banomuzwa wokuthi isimo salo siyathuthuka ngisho nokuthuthuka. Ohulumeni ababelicindezela muva nje baye balinikeza inkululeko yokusebenza ethé xaxa. Nakuba kunjalo, empeleni eLobukholwa kufanele lilalele iseluleko sikaIsaya: “Ningadeleli, funa izibopho zenu ziqiniswe, ngokuba ngizwile eNkosini uJehova-Sebawoti ukuthi ukuphela kunqunyiwe phezu kwawo wonke umhlaba.”—Isaya 28:22; 2 Petru 3:3, 4.
14. Izibopho zeLobukholwa ziyoqhubeka kanjani ziba namandla futhi ziqina ngokwengeziwe?
14 Ngokuyinhloko, eLobukholwa lizoqhubeka linenzondo ngeNkosi kanye noMbuso. (2 Thesalonika 2:3, 4, 8) Nokho, ngesikhathi esifanayo izibopho zalo ziyoqhubeka ziba namandla futhi ziqina ngokwengeziwe. Ngamanye amazwi, ukubhujiswa kwalo kuyoqhubeka kuqiniseka ngokwengeziwe. UJehova ngeke ahlehle esinqumweni sakhe sokubhubhisa eLobukholwa njengoba nje engazange ahlehle esinqumweni sakhe sokuvumela ukubhujiswa kweJerusalema kanye nethempeli lalo ngo-607 B.C.E.
“Phumani Kulo”
15. Iyiphi indlela abantu abanhliziyo ziqotho abangaphunyuka ngayo?
15 Umuntu angaphunyuka kanjani enhlekeleleni yeLobukholwa? Emuva ezinsukwini zikaIsrayeli, uJehova wathumela abaprofethi abathembekile ukuba babuyisele abanhliziyo ziqotho ekukhulekeleni okuhlanzekile. Namuhla, uye wavusa oFakazi bakhe, manje ababalelwa ezigidini, ngenjongo efanayo. Basidalula ngesibindi isimo sokufa ngokomoya seLobukholwa. Ngokwenza kanjalo, bazenanela ngokwethembeka izimemezelo ezinjengezinhlupho zokukhala kwamacilongo ezingelosi zesAmbulo izahluko 8 no-9. Ngaphezu kwalokho, baye bamemezela obala ngenkuthalo ukunxusa okulotshwe kusAmbulo 18:4: “Phumani kulo, bantu bami, . . . ningamukeli okwezinhlupho zalo.” Igama elithi “kulo” elisetshenziswe lapha libhekisela kuyiBabiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga, elilungu lalo eliphambili kungeLobukholwa.
16. Iyiphi indlela izigidi eziye zabaleka ngayo enkolweni yamanga?
16 Kusukela ngo-1919, futhi ikakhulukazi kusukela ngo-1922, isixuku esandayo sabathobekile, esisabela kulokho kunxusa, siye salishiya iBabiloni Elikhulu. Kwaqala kwaba izinkulungwane, kwase kuba amakhulu ezinkulungwane, futhi manje izigidi ziye zazehlukanisa nenkolo yamanga, ikakhulukazi eLobukholwa, futhi zabalekela ekukhulekeleni okuhlanzekile. (Isaya 2:2-4) Ziyazi ukuthi kungokulishiya kanjalo kuphela iBabiloni Elikhulu zingagwema ukubhekana nezinhlupho zalo, eziyofinyelela umvuthwandaba lapho libhujiswa uma kufika isikhathi sokuba kufezwe umsebenzi kaJehova ongandile.
17, 18. UJehova uye waba kanjani umqhele wobukhosi nesicoco esihle kubantu bakhe?
17 Umprofethi uIsaya uchaza isimo esijabulisayo salabo abamelela ukukhulekela okuhlanzekile. Uthi: “Ngalolosuku uJehova-Sebawoti uyakuba-ngumqhele wobukhosi, nesicoco esihle kuyo insali yabantu bakhe, nomoya wokwahlulela kohlezi ekwahluleleni, namandla kubo ababuyisa impi esangweni.”—Isaya 28:5, 6.
18 Ngenxa yokwethembeka kwabo eqinisweni, uJehova ungumqhele wenkazimulo ongafi wamalungu esigaba senceku ethembekile neqondayo. Lokhu kuye kwaba njalo ikakhulukazi kusukela ngo-1926. Ngalowonyaka umagazini kaJanuary 1 weWatch Tower wagcizelela isidingo esibalulekile sokukhulisa igama likaJehova esihlokweni esishukumisayo esasithi “Who Will Honor Jehovah?” (Ubani Oyodumisa UJehova?) Kusukela ngalesosikhathi, amaKristu agcotshiwe aye amemezela lelogama emhlabeni wonke kunanini ngaphambili. Ngo-1931 ahlanganiswa ngisho nangokuseduze ngokwengeziwe noJehova ngokwamukela igama elithi oFakazi BakaJehova. Ngaphezu kwalokho, isixuku esikhulu sezinye izimvu naso siye saphuma kweLobukholwa nakulo lonke iBabiloni Elikhulu. Nalaba futhi baye bamukela igama likaNkulunkulu. Waba yini umphumela? UJehova ngokwakhe—kunokuba kube ukukhululeka kwesizwe kwesikhashana—uye waba umqhele wobukhosi nesicoco esihle sabantu abangaphezu kwezigidi ezine emazweni acishe abe u-212 kanye naseziqhingini zolwandle. Yeka udumo laba abanalo ngokubizwa ngegama lowukuphela kukaNkulunkulu ophilayo noweqiniso!—IsAmbulo 7:3, 4, 9, 10; 15:4.
“UMoya KaJehova Uyakuhlala Phezu Kwakhe”
19. Ubani ohlezi ekwahluleleni, futhi uJehova uye waba kanjani umoya wokwahlulela ngokulunga kuye?
19 KuJesu, “ohlezi ekwahluleleni,” uJehova uye waba ‘umoya wokwahlulela.’ Lapho uJesu esemhlabeni, wakwenqaba ukunqotshwa umoya odakayo wezivumelwano zezwe. Namuhla, njengeNkosi kaJehova esesihlalweni sobukhosi, ugcwele umoya ongcwele, omqondisayo ekwenzeni izinqumo ezinokulinganisela nezinokuqonda. Kuye kwagcwaliseka lesiprofetho kuJesu: “UMoya kaJehova uyakuhlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya wamasu nowamandla, umoya wokwazi nowokumesaba uJehova.” (Isaya 11:2) Ngempela, ngoJesu, uJehova ‘uyokwenza [“ukwahlulela ngokulunga,” NW] kube-ngumucu wokulinganisa, nokulunga kube-ngumthofu wokumisa.’ (Isaya 28:17) Nakuba izitha ezidakiwe ngokomoya zizonqotshwa embubhisweni, ukwahlulela ngokulunga kuzokwenziwa egameni likaJehova elingcwele nasebukhosini bendawo yonke.
20, 21. Amazwi kaIsaya 28:1-22 akuthinta ngayiphi indlela?
20 Khona-ke, yeka incazelo ehlaba umxhwele lesiprofetho sikaIsaya isahluko 28 esinayo kithi namuhla! Uma sigwema izidakwa ezingokomoya zeLobukholwa futhi sinamathela ekukhulekeleni okuhlanzekile, sizovikelwa lapho uJehova enza isenzo sakhe esimangalisayo nomsebenzi wakhe ongandile. Yeka indlela esijabula ngayo ngokwazi lokhu! Futhi yeka indlela esijabula ngayo ngokucabanga ukuthi lapho lezinto zenzeka, wonke umuntu uyophoqeleka ukuba azi ukuthi uJehova wezimpi uthathe isinyathelo ngenxa yabantu bakhe abathembekile nangenxa yokulwelwa kwakhe ngoJesu Kristu!—IHubo 83:17, 18.
21 Ngakho kwangathi wonke amaKristu eqiniso angaqhubeka ngesibindi exwayisa ngesenzo sikaJehova emangalisayo. Mawaphikelele ekukhulumeni ngomsebenzi wakhe ongandile. Njengoba enza kanjalo, mawamemezele kubo bonke ukuthi ithemba lethu elingenakuzanyazanyiswa liseMbusweni kaNkulunkulu ngaphansi kweNkosi yakhe esesihlalweni sobukhosi. Kwangathi intshiseko yawo, ukuzimisela, kanye nokwethembeka kungaba nengxenye ekudunyisweni kwaphakade kukaNkulunkulu wethu uMninimandla onke, uJehova.—IHubo 146:1, 2, 10.
Ingabe Ungakhumbula?
◻ Kungani eLobukholwa lisesimweni sokungathokomali?
◻ UJehova wayehloseni ngeJerusalema, futhi kungani lokhu ‘kwakumangalisa’ futhi ‘kungandile’?
◻ Isiphi isixwayiso oFakazi BakaJehova abaye basimemezela obala ngokuqondene neLobukholwa, futhi baye bahlangabezana nakuphi ukusabela?
◻ Abantu bangaphunyuka kanjani enhlekeleleni yeLobukholwa?
[Isithombe ekhasini 24]
UJehova uzosiphinda isenzo sakhe esimangalisayo, manje ngokumelene neLobukholwa