Ingabe Uzohamba NoNkulunkulu?
“[Yiba] nesizotha ekuhambeni noNkulunkulu wakho.”—MIKA 6:8.
1, 2. Imizwa kaJehova ngathi ingafaniswa kanjani neyomzali ofundisa ingane ukuhamba?
INGANE imile ngemilenzana yayo entekenteke, yelula izingadlwana zayo ibambelele kwezomzali ezeluliwe bese icathula. Kungase kubonakale kuyinto engasho lutho lena, kodwa kubazali bayo, kuyingqopha-mlando, umzuzu omumethe izithembiso zesikhathi esizayo. Abazali babheke phambili ekuhambeni nengane yabo, bebambene ngezandla ezinyangeni naseminyakeni ezayo. Banethemba lokuyiqondisa futhi bayisekele ngezindlela eziningi ize ikhule.
2 UJehova uNkulunkulu uzizwa ngendlela efanayo ngabantwana bakhe basemhlabeni. Wake wathi ngokuphathelene nabantu bakhe u-Israyeli, noma u-Efrayimi: “Ngafundisa u-Efrayimi ukuhamba, ngimthwala ngezingalo zami . . . Ngaqhubeka ngimdonsa ngezindophi zomuntu wasemhlabeni, ngamagoda othando.” (Hoseya 11:3, 4) UJehova lapha uzichaza njengomzali onothando oyifundisa ngesineke ingane ukuhamba, mhlawumbe ayithwale ngezingalo lapho iwa. UJehova, uMzali omkhulu kunabo bonke, ulangazelela ukusifundisa ukuhamba. Uyakujabulela futhi ukuhamba nathi njengoba siqhubeka sithuthuka. Njengoba umbhalo wesihloko sethu ubonisa, singahamba noNkulunkulu! (Mika 6:8) Kodwa kusho ukuthini ukuhamba noNkulunkulu? Kungani kudingeka senze kanjalo? Kungenzeka kanjani? Iziphi izibusiso ezitholakala ngokuhamba noNkulunkulu? Ake sicabangele umbuzo ngamunye kule mibuzo emine.
Kusho Ukuthini Ukuhamba NoNkulunkulu?
3, 4. (a) Yini ephawulekayo ngomfanekiso wokuhamba noNkulunkulu? (b) Kusho ukuthini ukuhamba noNkulunkulu?
3 Yiqiniso, umuntu wenyama negazi akakwazi ngomqondo ongokoqobo ukuhamba noJehova, ongumuntu womoya. (Eksodusi 33:20; Johane 4:24) Ngakho lapho iBhayibheli likhuluma ngabantu abahamba noNkulunkulu, lisuke lisebenzisa ulimi olungokomfanekiso. Lisebenzisa amazwi anikeza umfanekiso omuhle, oqondwa abantu bazo zonke izizwe namasiko futhi ongaphelelwa isikhathi. Kakade, kungaba abantu bakuyiphi indawo noma inkathi abangathi abawuqondi umfanekiso womuntu ohambisana nomunye? Umfanekiso okula mazwi unikeza umuzwa wothando nokusondelana, akunjalo? Imizwa enjalo iyasikhanyisela ngezinga elithile ukuze siqonde ukuthi kusho ukuthini ukuhamba noNkulunkulu. Nokho, ake siyibeke ngokuqondile le ndaba.
4 Khumbula amadoda athembekile anjengo-Enoke noNowa. Kungani echazwa ngokuthi ahamba noNkulunkulu? (Genesise 5:24; 6:9) EBhayibhelini, igama elithi “ukuhamba” ngokuvamile lisho ukulandela inkambo ethile yesenzo. U-Enoke noNowa bakhetha inkambo yokuphila evumelana nentando kaJehova uNkulunkulu. Ngokungafani nabantu ababesezweni elalibazungezile, babheka kuJehova ukuze abaqondise futhi basilandela isiqondiso sakhe. Bathembela kuye. Ingabe lokhu kusho ukuthi uJehova wayebenzela izinqumo? Cha. UJehova unikeze abantu inkululeko yokuzikhethela, futhi ufuna sisisebenzise leso sipho kanye ‘namandla ethu okucabanga.’ (Roma 12:1) Nokho, lapho senza izinqumo, ngokuthobeka sivumela amandla ethu okucabanga ukuba aqondiswe umqondo ophakeme ngokungenamkhawulo kaJehova. (IzAga 3:5, 6; Isaya 55:8, 9) Empeleni, njengoba sihamba endleleni yokuphila, asisodwa, sihambisana noJehova.
5. Kungani uJesu akhuluma ngokunezela ingalo esikhathini sokuphila komuntu?
5 IBhayibheli livame ukufanisa ukuphila nohambo. Kwezinye izimo, leso sifaniso sishiwo ngokuqondile, kodwa kwezinye sisikiselwe. Ngokwesibonelo, uJesu wathi: “Ubani kini ongathi ngokukhathazeka anezele ingalo eyodwa esikhathini sakhe sokuphila?” (Mathewu 6:27) Kukhona okungase kukudide ngalawo mazwi. Kungani uJesu ayengakhuluma ngokunezela “ingalo,” eyisilinganiso sebanga, ‘esikhathini sokuphila’ komuntu esilinganiswa ngezilinganiso zesikhathi?a Kusobala ukuthi uJesu wayefanisa ukuphila nohambo. Empeleni, wafundisa ukuthi ukukhathazeka ngeke kukusize ukuba unezele ngisho nangegxathu elilodwa elincane ohambweni lwakho lokuphila. Nokho, ingabe kufanele siphethe ngokuthi akukho lutho esingalwenza ngobude bohambo lwethu? Lutho neze! Lokho kusiletha embuzweni wethu olandelayo, Kungani kudingeka sihambe noNkulunkulu?
Kungani Kudingeka Sihambe NoNkulunkulu?
6, 7. Yini edingwa kakhulu abantu abangaphelele, futhi kungani kuhlakaniphile ukuphendukela kuJehova ukuze sanelise leso sidingo?
6 Esinye isizathu esenza kudingeke ukuba sihambe noJehova uNkulunkulu sichazwe kuJeremiya 10:23: “Ngazi kahle, Jehova, ukuthi indlela yomuntu wasemhlabeni akuyona eyakhe. Akukona okomuntu ohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.” Ngakho thina njengabantu asinalo ikhono noma ilungelo lokuqondisa inkambo yethu yokuphila. Sisidinga kakhulu isiqondiso. Labo abaphikelela bahambe ngendlela yabo, banganciki kuNkulunkulu, benza iphutha elifana nelenziwa u-Adamu no-Eva. Lowo mbhangqwana wokuqala wagabadela ilungelo lokuzinqumela okuhle nokubi. (Genesise 3:1-6) Lelo lungelo limane nje ‘akulona’ elethu.
7 Awusizwa yini wena isidingo sokuqondiswa ohambweni lokuphila? Nsuku zonke, kufanele senze izinqumo ezinkulu nezincane. Ezinye zazo zilukhuni futhi zingase zithinte ikusasa lethu—nelalabo esibathandayo. Nokho, ake ucabange sinomuntu othile omdala futhi ohlakaniphe ngokungenamkhawulo kunathi ojabulela ukusinikeza isiqondiso sothando ekwenzeni lezo zinqumo! Kuyadabukisa ukuthi iningi labantu namuhla likhetha ukuthembela ekwahluleleni kwalo nokuziqondisela izinyathelo zalo. Alilinaki iqiniso elishiwo encwadini yezAga 28:26: “Othemba inhliziyo yakhe uyisiphukuphuku, kodwa ohamba ngokuhlakanipha nguye oyophunyuka.” UJehova ufuna ukuba siphunyuke ezinhlekeleleni eziwumphumela wokwethemba inhliziyo yomuntu ekhohlisayo. (Jeremiya 17:9) Ufuna ukuba sihambe ngokuhlakanipha, sithembele kuye njengoMqondisi noMfundisi wethu ohlakaniphile. Uma senza kanjalo, uhambo lwethu lokuphila luba olulondekile, olwanelisayo nolugculisayo.
8. Isono nokungapheleli ngokuvamile kubaholelaphi abantu, kodwa yini uJehova asifunela yona?
8 Esinye isizathu esenza kudingeke ukuba sihambe noNkulunkulu siphathelene nobude bohambo esifuna ukuluthatha. IBhayibheli liveza iqiniso elibuhlungu. Ngandlela-thile, bonke abantu abangaphelele basohambweni oluholela endaweni eyodwa. Lapho echaza ubunzima obuhambisana nokuguga, umShumayeli 12:5 uthi: ‘Umuntu uya endlini yakhe emi njalo nababangalasayo baye bazungeza esitaladini.’ Iyini le ‘ndlu emi njalo’? Yithuna, lapho isono nokungapheleli kusiyisa khona. (Roma 6:23) Nokho, uJehova usifunela okungaphezu kokuhamba ibanga elifushane eligcwele izinkathazo eliqala lapho umuntu ezalwa liphele lapho efa. (Jobe 14:1) Ngukuhamba noNkulunkulu kuphela okungasinika ithemba lokuhamba isikhathi eside esasihloselwe ukuba sisihambe—kuze kube phakade. Akukhona yini lokho okufunayo? Kusobala-ke ukuthi kudingeka uhambe noYihlo.
Singahamba Kanjani NoNkulunkulu?
9. Kungani uJehova ngezinye izikhathi ayezifihla kubantu bakhe, kodwa isiphi isiqiniseko asinikeza ku-Isaya 30:20?
9 Umbuzo wesithathu engxoxweni yethu udinga ukuba siwunakisise kakhulu. Uthi, Singahamba kanjani noNkulunkulu? Impendulo siyithola ku-Isaya 30:20, 21: “UMfundisi wakho Omkhulu ngeke esazifihla, futhi amehlo akho ayoba ngamehlo ambonayo uMfundisi wakho Omkhulu. Futhi izindlebe zakho ziyozwa izwi ngemva kwakho lithi: ‘Nansi indlela. Hambani ngayo,’ uma kwenzeka niya ngakwesokunene noma niya ngakwesobunxele.” Kule ndinyana ekhuthazayo, amazwi kaJehova asevesini 20 kungenzeka akhumbuza abantu bakhe ukuthi lapho bemvukela, empeleni, wayezifihlile kubo. (Isaya 1:15; 59:2) Nokho, lapha uJehova uvezwa engacashile, kodwa ethe qekelele phambi kwabantu bakhe abathembekile. Singase sicabange ngomfundisi emi phambi kwabafundi, ebabonisa lokho afuna bakufunde.
10. Ungase ulizwe ngamuphi umqondo “izwi ngemva kwakho” livela kuMfundisi wakho Omkhulu?
10 Amazwi asevesini 21 asinikeza umfanekiso ohlukile. UJehova uvezwa ehamba ngemva kwabantu bakhe, ebanikeza iziqondiso zendlela okufanele bahambe ngayo. Izazi zeBhayibheli ziye zaphawula ukuthi le nkulumo kungenzeka ukuthi isekelwe kulokho umalusi akwenzayo ngezinye izikhathi, ukuba alandele izimvu zakhe abese ememeza iziqondiso ukuze zinganhlanhlathi. Lo mfanekiso usebenza kanjani kithi? Lapho sifuna isiqondiso eZwini likaNkulunkulu, sifunda amazwi alotshwa ezinkulungwaneni zeminyaka edlule. Angemva kwethu ngokohlelo lwesikhathi. Noma kunjalo asasebenza namuhla ngendlela nje ayesebenza ngayo mhla elotshwa. Iseluleko seBhayibheli singasiqondisa ezinqumweni zethu zansuku zonke, futhi singasisiza ukuba sihlele ukuphila kwethu kwesikhathi esizayo. (IHubo 119:105) Uma sisifuna ngobuqotho leso seluleko bese sisisebenzisa, khona-ke sibonisa ukuthi uJehova unguMqondisi wethu. Sihamba noNkulunkulu.
11. NgokukaJeremiya 6:16, amazwi kaJehova anikeza abantu bakhe muphi umfanekiso okhuthazayo, futhi basabela kanjani?
11 Ingabe siyalivumela ngempela iZwi likaNkulunkulu ukuba lisiqondise ezicini zonke? Kuyazuzisa ukuhlaba ikhefu ngezinye izikhathi sizihlole ngokwethembeka. Cabanga ngevesi eliyosisiza ukuba senze kanjalo: “Yilokhu uJehova akushilo: ‘Yimani ezindleleni, nibone, nibuze ngemendo yakudala, ukuthi iphi manje indlela enhle; nihambe ngayo, nitholele imiphefumulo yenu impumuzo.’” (Jeremiya 6:16) La mazwi angase asikhumbuze umhambi omi empambana-mgwaqo ukuze abuze. Ngomqondo ongokomoya, abantu bakaJehova abavukelayo kwa-Israyeli kwakudingeka benze okufanayo. Kwakudingeka bathole indlela ebuyela ‘emendweni yakudala.’ Leyo “ndlela enhle” kwakuyindlela okhokho babo abathembekile ababehambe ngayo, indlela isizwe esase sinhlanhlathile kuyo ngobuwula. Ngokudabukisayo, u-Israyeli akazange asamukele lesi sikhumbuzo sothando esivela kuJehova. Lona leli vesi liyaqhubeka: “Kodwa babelokhu bethi: ‘Ngeke sihambe.’” Nokho, ezikhathini zanamuhla abantu bakaNkulunkulu baye basabela ngendlela ehlukile basilalela iseluleko.
12, 13. (a) Abalandeli bakaKristu abagcotshiwe baye basabela kanjani eselulekweni esikuJeremiya 6:16? (b) Singazihlola kanjani mayelana nendlela esihamba ngayo namuhla?
12 Kusukela ngasekupheleni kwekhulu le-19, abalandeli bakaKristu abagcotshiwe baye basisebenzisa kubo iseluleko esikuJeremiya 6:16. Njengesigaba, baye bahola ekubuyeleni ngenhliziyo yonke ‘emendweni yakudala.’ Ngokungafani neLobukholwa eliyisihlubuki, baye banamathela ngokwethembeka “esibonelweni samazwi anempilo” esasungulwa uJesu Kristu sase sigcinwa abalandeli bakhe abathembekile emuva le ekhulwini lokuqala C.E. (2 Thimothewu 1:13) Kuze kube namuhla, abagcotshiweyo bayasizana, basize nabangane babo ‘bezinye izimvu’ ukuba baphishekele indlela yokuphila enempilo, ejabulisayo eLobukholwa eliye layishiya.—Johane 10:16.
13 Ngokulungiselela ukudla okungokomoya ngesikhathi esifanele, isigaba senceku ethembekile siye sasiza izigidi zabantu ukuba zithole ‘imendo yakudala’ futhi zihambe noNkulunkulu. (Mathewu 24:45-47) Ingabe uphakathi kwalezo zigidi? Uma kunjalo, ungenzani ukuze ugweme ukukhukhuleka, uthambekele ekulandeleni indlela yakho siqu? Kuwukuhlakanipha ukuhlaba ikhefu njalo ngezikhathi ezithile uhlole indlela ohamba ngayo ekuphileni. Uma ulifunda njalo iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini futhi uba khona ezinhlelweni zokufundisa ezihlelwe abagcotshiwe namuhla, khona-ke, uqeqeshelwa ukuhamba noNkulunkulu. Lapho usisebenzisa ngokuthobeka iseluleko osinikezwayo, usuke ngempela uhamba noNkulunkulu, ulandela ‘imendo yakudala.’
Hamba Njengokungathi “Uyambona Lowo Ongabonakali”
14. Uma uJehova engokoqobo kithi, kuyobonakala kanjani ezinqumweni esizenzayo?
14 Ukuze sihambe noJehova, kumelwe abe ngokoqobo kithi. Khumbula, uJehova waqinisekisa abathembekileyo kwa-Israyeli wasendulo ukuthi wayengafihlekile kubo. Ngokufanayo nanamuhla uzembula kubantu bakhe njengoMfundisi Omkhulu. Ingabe uJehova ungokoqobo ngaleyo ndlela kuwe, njengokungathi umi phambi kwakho uyakufundisa? Kudingeka sibe nokholo olunjalo ukuze sihambe noNkulunkulu. UMose wayenokholo olunjalo, “ngoba waqhubeka egxilile sengathi uyambona Lowo ongabonakali.” (Hebheru 11:27) Uma uJehova engokoqobo kithi, khona-ke siyoyicabangela imizwa yakhe lapho senza izinqumo. Ngokwesibonelo, ngeke sikucabange ngisho nokukucabanga ukuhileleka ebubini bese sizama ukufihlela abadala abangamaKristu izono zethu noma amalungu omkhaya. Kunalokho, silwela ukuhamba noNkulunkulu ngisho nalapho singabonwa muntu. Njengenkosi yasendulo uDavide, siyazimisela: “Ngizohambahamba ngobuqotho benhliziyo yami ngaphakathi endlini yami.”—IHubo 101:2.
15. Ukuba nobudlelwane nabafowethu nodadewethu abangamaKristu kuyosisiza kanjani ukuba sibheke uJehova njengomuntu ongokoqobo?
15 UJehova uyaqonda ukuthi siyizidalwa zenyama ezingaphelele nokuthi ngezinye izikhathi kungaba inselele kithi ukukholelwa kulokho esingakwazi ukukubona. (IHubo 103:14) Kuningi akwenzayo ukuze asisize sinqobe lobo buthakathaka. Ngokwesibonelo, uye wabuthela ndawonye “isizwe segama lakhe” esivela kuzo zonke izizwe zomhlaba. (IzEnzo 15:14) Njengoba sikhonza ndawonye ngobunye, siyaqinisana. Ukuzwa indlela uJehova amsize ngayo umfowethu noma udadewethu ongokomoya ukuba anqobe ubuthakathaka obuthile noma aphumelele ovivinyweni oluthile olunzima kwenza uNkulunkulu wethu abe ngokoqobo nangokwengeziwe kithi.—1 Petru 5:9.
16. Ukufunda ngoJesu kuyosisiza kanjani ukuba sihambe noNkulunkulu?
16 Ngaphezu kwakho konke, uJehova usinike isibonelo seNdodana yakhe. UJesu wathi: “Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila. Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami.” (Johane 14:6) Ukutadisha inkambo kaJesu yokuphila emhlabeni kungenye yezindlela ezingcono kakhulu zokwenza uJehova abe ngokoqobo ngokwengeziwe kithi. Konke uJesu akusho noma akwenza kwakuwukubonakaliswa okuphelele kobuntu bukaYise osezulwini nezindlela zakhe. (Johane 14:9) Njengoba senza izinqumo, kudingeka sicabangisise ngendlela uJesu ayeyozisingatha ngayo izinto. Lapho izinqumo zethu zibonisa ukuthi zicatshangelwe kahle nangomthandazo, khona-ke siyobe silandela ezinyathelweni zikaKristu. (1 Petru 2:21) Umphumela walokho uba ukuhamba noNkulunkulu.
Kuba Naziphi Izibusiso?
17. Uma sihamba ngendlela kaJehova, iyiphi “impumuzo” esiyoyitholela imiphefumulo yethu?
17 Ukuhamba noJehova uNkulunkulu kuwukuphila ukuphila okubusisekile. Khumbula lokho uJehova akuthembisa abantu bakhe lapho befuna “indlela enhle.” Wathi: “Nihambe ngayo, nitholele imiphefumulo yenu impumuzo.” (Jeremiya 6:16) Isho ukuthini leyo “mpumuzo”? Ingabe isho ukuphila kokunethezeka okugcwele injabulo nentokomalo? Cha. UJehova unikeza okuthile okungcono kakhulu, lokho ngisho nabantu abacebe kunabo bonke abaqabukelayo ukukuthola. Ukutholela umphefumulo wakho impumuzo kusho ukuthola ukuthula kwangaphakathi, injabulo, ukwaneliseka nokugculiseka ngokomoya. Impumuzo enjalo ikwenza uqiniseke ukuthi ukhethe indlela engcono kakhulu ekuphileni. Ukuthula kwengqondo okunjalo kuyisibusiso esiyivelakancane kuleli zwe lezinkinga!
18. Isiphi isibusiso uJehova afuna ukukunika sona, futhi uzimisele ukwenzani?
18 Yebo, ukuphila ngokwako kuyisibusiso esikhulu. Ngisho nohambo olufushane lungcono kunokuhlala ndawonye. Nokho, uJehova akakaze ahlose ukuba uhambo lwakho lube uhambo olufushane nje oluqala ngobungqabavu bobusha luphele ngezinhlungu zokuguga. Cha, uJehova ufuna uthole isibusiso esikhulu kunazo zonke. Ufuna uhambe naye phakade! Lokhu kuvezwe kahle kuMika 4:5: “Zonke izizwe, ziyohamba yileso naleso ngegama likankulunkulu waso; kodwa thina, siyohamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu kuze kube nini nanini, yebo kuze kube phakade.” Uzosamukela ngazo zombili yini leso sibusiso? Uyokuthola yini lokho uJehova akubiza kahle kangaka ngokuthi “ukuphila kwangempela”? (1 Thimothewu 6:19) Uma kunjalo, kwenze kube isinqumo sakho ukuhamba noJehova namuhla, kusasa, nansuku zonke kuze kube phakade!
[Umbhalo waphansi]
a Ezinye izinguqulo zeBhayibheli zishintsha elithi “ingalo” kuleli vesi zisebenzise isilinganiso sesikhathi, njengokuthi “umzuzwana owodwa” (The Emphatic Diaglott) noma “umzuzu owodwa” (A Translation in the Language of the People, kaCharles B. Williams). Nokho, igama elisetshenziswe embhalweni wokuqala lona empeleni lisho ingalo, engamasentimitha angaba ngu-45 ubude.
Ungaphendula Kanjani?
• Kusho ukuthini ukuhamba noNkulunkulu?
• Kungani unomuzwa wokuthi kudingeka uhambe noNkulunkulu?
• Yini ezokusiza ukuba uhambe noNkulunkulu?
• Iziphi izibusiso ezitholwa yilabo abahamba noNkulunkulu?
[Izithombe ekhasini 23]
Lapho sifunda iBhayibheli, sizwa izwi likaJehova ngemva kwethu lithi, “Nansi indlela”
[Isithombe ekhasini 25]
Emihlanganweni, sithola ukudla okufike ngesikhathi