Ukuqiniswa Ngamandla Angaphezu Kwavamile
“Amandla angaphezu kwavamile ngakaNkulunkulu akuwona awethu.”—2 KORINTE 4:7, NW.
1. Yini uJehova ayeyazi kusengaphambili ngesikhathi sethu sanamuhla somlando, futhi wazixwayisa kanjani izinceku zakhe ngakho?
UJEHOVA wazazi ngaphambili izikhathi ezinzima ezaziyofikela zonke izizwe zomhlaba. Wazi ngaphambili ukuthi ubugovu nobubi besintu ekugcineni babuzoveza isivuno esibi sokonakala nobudlova. Umphostoli uPawulu washukunyiswa umoya kaJehova ukuba asho lesisixwayiso esikhanyayo: “Kepha yazi lokhu ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima; ngokuba abantu bazakuba-ngabazithandayo, nabathandimali, nabazigabisayo, nabazidlayo, nabahlambalazayo, nabangalaleli abazali, nabangabongiyo, nabahlazisayo, nabangenaluthando, nabahlebi, nabangazithibi, nabangenabumnene, nabangathandi okuhle, nabakhapheli, nabanamawala, nabakhukhumele, nabathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu, nabanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla akho bewaphika; labo-ke wobagwema.” (2 Thimothewu 3:1-5) Ngokuqinisekile leso isimo esiyingozi kulabo abafuna ukukhonza uNkulunkulu weqiniso!
2. Ingabe kwakuyoba lula ngofakazi bakaJehova ukuba bafeze injongo yakhe, futhi yini ababeyoyidinga ukuze baphumelele?
2 Kodwa kwakuphakathi kwezimo ezinjalo lapho uJehova ekhetha ukuba igama lakhe noMbuso kumenyezelwe kuwo wonke umhlaba. Ngobani? Ngabantu abambulela igama lakhe elibalulekile nelinenjongo—oFakazi BakaJehova. (Isaya 43:10-12) Wayazi ukuthi babeyohlangabezana nokuphikiswa ngababusi ababeyobheka uMbuso kaNkulunkulu njengoyinselele nesitha. (IHubo 2:2, 3) Wayazi futhi ukuthi ofakazi bakhe babeyoba izisulu zezinkinga nokuhlupheka okuvamile kubantu bonke. Babeyodinga amandla angaphezu kwalawo ababengaba nawo ngokwabo. Ingabe uNkulunkulu wabo walenza ilungiselelo lalesisidingo?
3. Ilungiselelo likaJehova lezinceku zakhe kulesikhathi esinzima lifana naliphi ilungiselelo elenzelwa umphostoli uPawulu?
3 Okuhlangenwe nakho kukamphostoli uPawulu kunikeza impendulo kulowombuzo. Ezinye zezingozi abhekana nazo ziboniswe kahle kweye-2 Korinte 11:23-27. Njengoba uPawulu wayethunywe uJehova njengomphostoli nomfundisi wabezizwe, lowomsebenzi wokufundisa wawunakekela ngokuyinhloko. (Roma 11:13) Kodwa wakwazi kanjani ukusinda kuzo zonke izingozi futhi afeze umsebenzi ayewunikezwe ukuba awenze? UJehova wayinakekela inceku yaKhe ethembekile futhi wayikhulula, ngokuvamile sekukubi, esikhathini ngasinye esibucayi. Ukuze uPawulu afeze inkonzo yobuKristu ngokuphumelelayo, uNkulunkulu wamnikeza “amandla angaphezu kwavamile.” (2 Korinte 4:7) Lokhu kwasiza umphostoli ukuba abekezele ngaphansi kokuhlushwa nokuswela. UPawulu walubonga ngokukhululekile usizo olunjalo lwaphezulu uma ebhala: “Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo.”—Filipi 4:13.
4. Ingabe uPawulu waluqaphela lolusizo lwaphezulu, futhi lwaba namuphi umphumela kuye?
4 Kanjalo kubonakala sengathi ngaphezu kokungenela okumangalisayo kukaNkulunkulu ngenxa kaPawulu, wayenikezwa ‘amandla.’ Lokhu kwenza ukuba umphostoli akwazi ukubekezela ngokuphumelelayo futhi afeze inkonzo yakhe. Ngakho-ke wabhala: “Ngokuba anginamahloni ngevangeli; ngokuba lingamandla kaNkulunkulu, kube-yinsindiso kulowo nalowo okholwayo.” (Roma 1:16) Kanye nencazelo nokusebenza kweziprofetho eziningi zasendulo, izindaba ezinhle zembulwa kuPawulu, futhi waqiniseka ngobuqiniso bazo. Ngokungangabazeki, ulwazi lweqiniso nokwazisa ngalo nokho kwaba umthombo wamandla kuye.
Amalungiselelo KaJehova Amangalisayo
5. Ingabe uJehova uye wangazikhathalela izidingo zofakazi bakhe namuhla emhlabeni?
5 Kodwa kuthiwani ngezinceku zikaJehova ezisemhlabeni kulezinsuku zokugcina? Ingabe uNkulunkulu uye wazilungiselela? Kunjalo impela! Ngokufanayo nomphostoli uPawulu, sineziprofetho eziningi ezimangalisayo emiBhalweni eNgcwele. Njengoba uJehova ayazi kusengaphambili ngezidingo zabantu bakhe, ngomusa walungiselela lemibhalo ukuze baqiniseke futhi baduduzeke. Leziprofetho zaziyochazwa uma sekufika izinsuku zokugcwaliseka kwazo.
6. Isiprofetho uNkulunkulu asinikeza uIsaya siye sabaduduza futhi sabaqinisa kanjani abantu bakaJehova namuhla?
6 Esinye salezoziprofetho sabhalwa uIsaya indodana ka-Amose eminyakeni engaba ngama-700 ngaphambi kokuzalwa kukaJesu Kristu. (Isaya 1:1) UIsaya wabhala amazwi okusolwa okunamandla hhayi nje kwesizwe sakubo sakwaIsrayeli kuphela kodwa futhi namazwe amaningi ayebazungezile, amakhulu namancane. Kanye nalezizigijimi zokwahlulela umprofethi waletha futhi nezindaba ezinhle kubakhulekeli abathembekile bakaJehova—izindaba ezaziyobaduduza kuzo zonke izinsizi zabo. Futhi njengoba amaJuda athembekile emuva esikhathini sikaIsaya athola amandla nethemba ezindabeni ezinhle zikaJehova, ngokufanayo namuhla abathembekileyo bayaduduzwa, baqiniswe futhi babusiswe ngokugcwaliseka kwezithembiso ezinhle zikaJehova kubo.
7, 8. (a) Amazwi kaIsaya 32:1, 2 aye akuletha kanjani ukuqina nesikhuthazo kumaJuda athobile esikhathi sikaIsaya, futhi kakhulukazi ngenxa yaziphi izimo? (b) Lawomazwi afanayo afaneleka kanjani koFakazi BakaJehova manje?
7 KuIsaya isahluko 32 sithola isikhuthazo esinjalo. Amavesi amabili okuqala anikeza isithembiso esigcwalisekayo namanje: “Bheka, kuyakuba-khona inkosi ebusa ngokulunga, izikhulu zibuse ngokwahlulela. Umuntu uyakuba-yindawo yokucashela umoya nesivikelo esivunguvungwini njengemifula yamanzi endaweni eyomileyo, njengomthunzi wedwala ezweni eliyethileyo.” Yeka izindaba ezinhle okumelwe ukuba kwaba yizo kubakhulekeli bakaNkulunkulu abanhliziyo ziqotho ngesikhathi sikaIsaya, ngemva kwesikhathi benamakhosi nezikhulu ezingenalukholo!
8 Kodwa yeka izindaba ezinhle lokhu okuyizo koFakazi BakaJehova namuhla! Ikakhulukazi kusukela ngo-1919, iNkosi esesihlalweni sobukhosi uJesu Kristu iye yakhulisa isimo esihle phakathi kwabalandeli bayo emhlabeni. Uye wabeka phakathi kwabo “izikhulu” (ngesiHeberu, sarim) eziqondisa ngokulunga nothando ngempela. Ngokuphambene nababusi abacindezelayo nabazikhathalela bona abavamile kuwo wonke umhlaba, iNkosi enhlanganweni kaNkulunkulu iye yamisa amadoda anomthwalo wemfanelo angahlonishwa “njengezikhulu zebandla,” noma abanye abanjengazo. Kunalokho, bayizinceku ezithobekile, amadoda ayikhathalela ngempela inhlala kahle yabo bonke abanjengezimvu uJehova aye wabahlanganisa ndawonye emhlanjini owodwa. Ukuqondisa kwalamadoda, futhi ‘ayizikhulu’ zakusasa zoHlelo Olusha, kungokuqabulayo ngempela.a
9. Yiluphi ushintsho oluye lwenzeka kubantu bakaJehova?
9 Yeka ushintsho lokhu okuye kwaluletha enhlanganweni yezinceku zikaJehova zasemhlabeni! Kunjengoba kushiwo kuIsaya 32:3: “Amehlo ababonayo awayikuphuphutheka; izindlebe zabezwayo ziyakulalela.” Ngenxa yesifiso sabo esibukhali sokudumisa nokukhonza uJehova, uye wavula amehlo ezinhliziyo zabo nezindlebe zokuqonda kwabo. Uye wabanikeza ukuqonda okuvusa amadlingozi mayelana nentando yakhe ngabo. OFakazi abathembekile abathambekeli emibonweni nasezinqubweni zokuzibusa. Bayaliqaphela iqiniso lokuthi bakhonza enhlanganweni eqondiswa ngokwasezulwini, inhlangano okufundwa kuyo intando kaNkulunkulu futhi yenziwe. Udumo luya kuMbusi oMkhulu wasezulwini ngokwembula izinjongo zakhe ezincekwini ezithobekile nezivumayo emhlabeni.
10. Yiziphi ezinye zezibusiso ezimangalisayo abantu bakaJehova abakhanyiselwe abazijabulelayo?
10 Uma ungase ukwazi, bala izibusiso izinceku zikaJehova eziye zazithola. Phakathi kwezinye izinto, zijabulela ulwazi oluqondile ngokuqondene: nokuba khona kukaJesu Kristu njengeNkosi kusukela ngo-1914; umehluko okhanyayo phakathi kwenhlangano ebonakalayo kaNkulunkulu nekaSathane; isimo esifinyelela kude somsebenzi wokushumayela okumelwe wenziwe ngaphambi kokuphela kwezwe likaSathane; ubungcwele begazi; nokubaluleka kokunikela okukaNkulunkulu kuNkulunkulu. Enhlanganweni yoFakazi BakaJehova kuye kwaba nokubuyiselwa kokuphatha okufana nalokho kwamaKristu ekhulu lokuqala. Isibusiso esicebile futhi, siyisimo esikhona sepharadesi phakathi kwabakhulekeli beqiniso. Konke lokhu nezinye izipho eziningi ezivela kuJehova akufaki kuphela amandla kodwa futhi nokuthula, ubunye nokwaneliseka kubantu bakhe, ngisho kulesikhathi esibucayi emlandweni.
11. UJehova uye wabayala noma wabafundisa kanjani abameleli bakhe basemhlabeni, futhi yimiphi imibhalo yeBhayibheli ebonisa ukuthi lokhu kwakudingekile?
11 Izinceku zikaJehova ziye zanikezwa unembeza osekelwe eBhayibhelini, ukuze zizwe futhi zilalele izikhumbuzo zakhe, zizisebenzise ekuphileni kwazo kwansuku zonke. (IHubo 25:10) Ziye zaxwayiswa ngemikhuba engcolile uNkulunkulu ayizondayo. Izinto zobugovu, zokuziphatha okubi, nezamacebo lezo abanye babo abaye bazenza esikhathini esidlule manje bazishiye emuva, bazilahle ngokuphelele. (1 Petru 4:3) Kumelwe kube njalo ngabo bonke abayoqhubeka behlanganyela ezibusisweni zoMbuso. Bonke kumelwe bahlanzeke ngokwengqondo, ngokuziphatha nangokwenyama ukuze bajabulele ilungelo lokunikela kuJehova umhlatshelo wokubonga, “iminikelo . . . ngokulunga.” (Malaki 3:3; Isaya 52:11) Yeka umuzwa omangalisayo wokulondeka ozwiwa yibo bonke oFakazi abathembekile njengoba behlanganyela nezixuku ezinobunye ngempela enkonzweni ejabulisayo yoMdali!
Imfundo Yaphezulu
12. UIsaya 32:4 uye wagcwaliseka kanjani ezincekwini zikaJehova zanamuhla?
12 UIsaya 32:4 uqhubeka athi: “Inhliziyo yephulukundlu iyakuqonda, ize ikwazi, nolimi lwezingingingi luyakushesha lukhulume kahle.” Phakathi neMpi Yezwe I, insali egcotshiwe kaJehova yayintula ukuqonda okufanele, yayisonakaliswe yimiqondo yaseBabiloni futhi yayingasebenzisi indlela engokwasezulwini. Kodwa ngo-1919 uNkulunkulu wayikhulula ebugqilini baseBabiloni futhi waqhubeka wayinikeza ulwazi olukhudlwana lwamaqiniso akhe. Ngamaqiniso anjalo iye yafunda ukuba ngelinganiselayo, ingabi namawala. Manje ikhuluma ngokuqiniseka kokholo, ayisangingizi ngokwesaba nokungaqiniseki. Kodwa thina ngokwethu singaba kanjani abashumayeli bezindaba ezinhle abavuthiwe nabanesibindi? Ngokusebenzisa ngokugcwele ukufundiswa kwaphezulu, okuningi kwakho okunikezwa phakathi nemihlangano eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova. Ngokwesibonelo, akungabazeki ukuthi iSikole Senkonzo EsingokwaseZulwini singenye yezindlela uJehova aye wabusisa ngazo izinceku zakhe futhi wazinikeza amandla okukhuluma iqiniso ngesibindi nangokukhanyayo.
13. Kumelwe sixwaye yiphi inkulumo?
13 Ngokufanayo, imfundo yaphezulu iye yafundisa izinceku zikaNkulunkulu ukuba zingenzi izithembiso ezingahlosile ukuzigcina nokuba zingakhulumi kabi noma ngokulimazayo ngomunye. Isibusiso sikaNkulunkulu ngokuqinisekile sikulabo abalandela lesiseluleko, esilotshwe kumShumayeli 5:2: “Ungabi-namawala ngomlomo wakho, nenhliziyo yakho mayingasheshi ukukhipha izwi phambi kukaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu usezulwini, wena usemhlabeni; ngalokho amazwi akho mawabe-yingcosana.” Kubaluleke ngokufanayo ukungalokothi ukhiphe izwi lokugxeka okuhlabayo ngenhlangano yeNkosi noma abameleli bayo abamisiwe. UJehova unguMahluleli owazi konke okumelwe silandise kuye ngalokhu nangamanye amazwi angazuzisi.—Mathewu 12:36, 37; Levitikusi 19:16; Juda 8.
14. Isiphi isixwayiso esinikezwe abantu bakaJehova lapha, futhi izAga 29:20 zisigcizelela kanjani?
14 Labo abadelela imfundiso kaJehova bahlanganisa abantu abagxeka futhi bakhononde ngenhlangano kaJehova emsulwa nangemithetho yayo yokulondoloza ukuthula nokuhleleka okuhle. Kunomehluko omncane phakathi kwabanjalo nalabo abayizihlubuki ezisobala. UKora nabasekeli bakhe bakubona lokhu ngokubhujiswa kwabo okuphelele lapho beba nesibindi sokushesha bakhulume ngokumelene nenceku kaNkulunkulu uMose. (Numeri 16:1-40) Ngalendaba efanayo, izAga 29:20 zithi: “Uyabona umuntu oshesha ngamazwi na? Kukhona ithemba ngesiwula kunangaye.”
15. Amazwi kaIsaya 32:5, 6 aye asebenza kanjani ezincekwini zikaJehova namuhla?
15 UJehova uye futhi wabusisa abantu bakhe ngokuhlakanipha kokuhlukanisa okuhle nokubi. Baqaphela noma yibaphi abeza ngamazwi athambileyo nezinkulumo ezinhle, futhi mhlawumbe bephethe ngisho nezipho, ngenjongo yokuyenga izinhliziyo zabanganakile. (Qhathanisa no-1 Thimothewu 6:20, 21; Juda 16.) Abantu benkolo bangase bazame ukubalethela izindaba ezinhle ezihlukile kulezo asebazamukela kakade ngoJesu Kristu nabaphostoli bakhe. Ngokungaphezulu, noma ibaphi abantu abangenangqondo nabangenamthetho abanakumiswa njengezinceku enhlanganweni kaJehova. Lokhu kuvumelana nalamazwi: “Isiwula asisayikubizwa ngokuthi sihloniphekile, nomkhohlisi akasayikuthiwa inkosi. Ngokuba isiwula siyakukhuluma ubuwula, nenhliziyo yaso iyakusebenza ububi, yenze ukungamesabi uNkulunkulu, ikhulume okuphambene noNkulunkulu, yenze ukuba olambileyo abe-nephango, nowomileyo ukuba aswele uphuzo lwakhe.”—Isaya 32:5, 6.
16. (a) Yimiphi eminye imibono eye yandiswa izihlubuki? (b) Maqondana nalokhu, kuthiwani kuIsaya 32:7?
16 Ingabe akulona yini iqiniso ukuthi labo abaye basishiya phakathi neminyaka ngenxa yokuba ‘bengesibo abakithi,’ futhi abazama ukuyenga abanye ukuba balandele inkambo efanayo efaka ukuphila engozini, baye bazihlukanisa nomthombo wokudla okuqinile okungokomoya namanzi aqabulayo angokomoya? (1 Johane 2:19) Futhi laba abangenangqondo, kunokuba babe nobubele nokuphana kulabo besintu abalambele nabomele ukulunga, ababoni sidingo esiphuthumayo somsebenzi ohleliwe wokushumayela esikhathini sethu. Bavumela ukuba umuntu ngamunye aqondiswe ukufunda kwakhe siqu kwangasese nokuqonda kwakhe iBhayibheli kunokuba babemunye nabantu abaqeqeshwe ukuba baphile futhi benze ngokuvumelana nezimiso eziphakeme nezikhumbuzo zeZwi likaNkulunkulu. (IHubo 133:1-3; 1 Korinte 1:10) Bayodukisa abanye ekubeni bakholwe ukuthi uJehova uyozithethelela kuze kube phakade izoni uma nje zisabonisa ukuphenduka kwangaphandle. Okuthakazelisayo maqondana nalokhu yilokhu okushiwo uIsaya 32:7 ngezihlubuki zakwaIsrayeli wasendulo: “Izikhali [indlela afeza ngayo izinjongo zakhe] zomkhohlisi zimbi; uhlela amacebo amabi, ukuze achithe izihlupheki ngamazwi amanga, nalapho ompofu ekhuluma ngokufaneleyo.”
17. (a) UJesu uye wakhetha obani njengabalandeli bakhe? (b) Yimiphi imibuzo ephakamayo ngemisebenzi yabo yesikhathi esizayo phakathi kwezimo eziya ziba zimbi zalelizwe elibi?
17 Abalandeli bakaJesu abaqotho, aye wabakhetha ngenxa yokuba baqaphela isidingo sabo esingokomoya, ngokuqinisekile ‘bakhuluma okufaneleyo.’ Kodwa abaphikisi abangenangqondo abanandaba nenhlalakahle engokoqobo yalabo abafuna iqiniso. Bafuna ukuzitholela abalandeli, kungakhathaliseki ingozi abazifaka kuyo bona nabanye. Nokho, ingabe uJehova uyobavumela abantu abanhliziyo ziqotho babanjwe imibono engamanga? Ingabe uye walenza ilungiselelo lokubusiswa kwezinceku zakhe siqu nenkonzo yazo yokushumayela emhlabeni wonke?
[Umbhalo waphansi]
a Siza ubheke iThe Watchtower kaDecember 1, 1951, amakhasi 716-729.
Ungaphendula Kanjani?
□ UJehova uye wabanikeza kanjani amandla ofakazi bakhe namuhla?
□ Amazwi kaIsaya 32:1, 2 asebenza kanjani koFakazi BakaJehova?
□ Iziphi ezinye zezibusiso ezijatshulelwa abantu bakaNkulunkulu abakhanyiselwe?
□ UIsaya 32:5, 6 usebenza kanjani namuhla?
[Isithombe ekhasini 25]
Ingabe uyenqaba ukulalela ukugxekwa okuhlabayo kwenhlangano kaJehova? Kumelwe wenqabe
(Amanye amaphuzu alendaba azocatshangelwa kumagazini olandelayo ngaphansi kwesihloko esithi, “Bheka Izibusiso Zobunye BoMbuso!”)