Isahluko Samashumi Amabili Nesithupha
“Akekho Ohlala Khona Oyothi: ‘Ngiyagula’”
1. Kungani eduduza amazwi ka-Isaya 33:24?
“YONKE indalo iyaqhubeka ibubula kanyekanye futhi iba sezinhlungwini kanyekanye kuze kube manje.” Washo kanjalo umphostoli uPawulu. (Roma 8:22) Naphezu kwenqubekela-phambili kwezesayensi yokwelapha, ukugula nokufa kusaqhubeka kuhlupha uhlanga lwesintu. Yeka ukuthi sihle kangakanani-ke lesi sithembiso esiwumvuthwandaba wale ngxenye yesiprofetho sika-Isaya! Cabanga ngesikhathi kuyobe ‘kungekho ohlala khona othi: “Ngiyagula.”’ (Isaya 33:24) Lesi sithembiso siyogcwaliseka nini futhi kanjani?
2, 3. (a) Isizwe sakwa-Israyeli sigula ngayiphi indlela? (b) I-Asiriya liba kanjani ‘yintonga’ kaNkulunkulu yokujezisa?
2 U-Isaya uloba ngesikhathi lapho abantu bakaNkulunkulu besivumelwano begula ngokomoya. (Isaya 1:5, 6) Bangene bagamanxa ekuhlubukeni nasekuziphatheni okubi kangangokuba badinga isijeziso sikaJehova uNkulunkulu esinzima. I-Asiriya liba “intonga” kaJehova yokukhipha leso sijeziso. (Isaya 7:17; 10:5, 15) Okokuqala, umbuso wakwa-Israyeli wezizwe eziyishumi zasenyakatho unqotshwa abase-Asiriya ngonyaka ka-740 B.C.E. (2 AmaKhosi 17:1-18; 18:9-11) Ngemva kweminyaka embalwa, iNkosi uSaneheribi wase-Asiriya uqala ukuhlasela umbuso wakwaJuda oseningizimu. (2 AmaKhosi 18:13; Isaya 36:1) Njengoba ibutho elinamandla lase-Asiriya libhubhisa izwe, kubonakala uJuda engenakukubalekela ukuqothulwa.
3 Kodwa i-Asiriya lenza okungaphezu kwaloko ebelithunywe kona, ukujezisa abantu bakaNkulunkulu, seliphishekela isifiso salo sobugovu sokunqoba umhlaba. (Isaya 10:7-11) Ingabe uJehova uzoliyeka angalijeziseli ukuphatha kwalo abantu bakhe ngesihluku? Ingabe lesi sizwe sizophulukiswa ekuguleni kwaso okungokomoya? Ku-Isaya isahluko 33, sithola izimpendulo zikaJehova zale mibuzo.
Ukuphanga Umphangi
4, 5. (a) Izimo zizolishintshela kanjani i-Asiriya? (b) Yimuphi umthandazo u-Isaya awusho egameni labantu bakaJehova?
4 Isiprofetho siyaqala: “Maye kuwe ophangayo, kodwa wena ube ungaphangwa, nakuwe osebenzelana nabanye ngokukhohlisa, kube kungekho abasebenzelané nawe ngokukhohlisa! Ngokushesha nje lapho usuqedile njengomphangi, uyophangwa. Ngokushesha nje lapho usuqedile ukusebenzelana nabanye ngokukhohlisa, bayosebenzelana nawe ngokukhohlisa.” (Isaya 33:1) U-Isaya ukhuluma ngokuqondile nomphangi, i-Asiriya. Njengoba sesinamandla amakhulu, lesi sizwe esinonya sibonakala singenakunqotshwa. Siye ‘saphanga kodwa sona sangaphangwa,’ sacekela phansi imizi yakwaJuda, saze sathatha nengcebo yendlu kaJehova—senza njengokungathi ngeke sijeziswe! (2 AmaKhosi 18:14-16; 2 IziKronike 28:21) Kodwa manje selizogaya ngomunye umhlathi. “Uyophangwa,” kusho u-Isaya ngesibindi. Yeka indlela esibakhuthaza ngayo abathembekile lesi siprofetho!
5 Phakathi naleyo nkathi ethusayo, abakhulekeli bakaJehova abaqotho kuyodingeka baphendukele kuye ukuze bathole usizo. Ngakho u-Isaya uyathandaza: “O Jehova, sibonise umusa. Sithembele kuwe. Yiba yingalo yethu [yamandla nokusekelwa] njalo ekuseni, yebo, insindiso yethu esikhathini sokucindezeleka. Lapho kuzwakala inhlokomo izizwe zibalekile. Lapho uvuka izizwe zihlakazekile.” (Isaya 33:2, 3) Kuyafaneleka ukuba u-Isaya athandazele ukuba uJehova akhulule abantu baKhe njengoba ayenzile izikhathi eziningi ngaphambili. (IHubo 44:3; 68:1) Uthi ewuqeda nje lo mthandazo abe esenikeza impendulo kaJehova!
6. Kuyokwenzekani e-Asiriya, futhi kungani kufaneleka lokhu?
6 “Impango yenu [abase-Asiriya] impela iyobuthwa ngokungathi amaphela ebuthana, njengokutheleka koswebezane lwesikhonyane luthelekela umuntu.” (Isaya 33:4) UJuda ukujwayele ukuhlasela kwezinambuzane eziqothulayo. Kodwa manje, yizitha zikaJuda ezizoqothulwa. I-Asiriya lizonqotshwa ngendlela ehlazisayo, amasosha akhona azophoqeleka ukuba abaleke, ashiye impango eningi eyobuthwa izakhamuzi zakwaJuda! Kuyafaneleka ukuba i-Asiriya, elaziwayo ngokuba nonya, liphangwe.—Isaya 37:36.
UmAsiriya Wanamuhla
7. (a) Obani namuhla abangafaniswa nesizwe sakwa-Israyeli esigulayo ngokomoya? (b) Yini eyoba “intonga” kaJehova yokubhubhisa eLobukholwa?
7 Sisebenza kanjani isiprofetho sika-Isaya osukwini lwethu? Isizwe sakwa-Israyeli esigulayo ngokomoya singafaniswa neLobukholwa elingathembekile. Njengoba nje uJehova asebenzisa i-Asiriya ‘njengentonga’ yokujezisa u-Israyeli, namanje uzosebenzisa “intonga” ukuze ajezise eLobukholwa—kanye nawo wonke umbuso wezwe wenkolo yamanga, “iBabiloni Elikhulu.” (Isaya 10:5; IsAmbulo 18:2-8) Leyo “ntonga” kuyoba izizwe ezingamalungu eZizwe Ezihlangene—inhlangano echazwe kusAmbulo njengesilo sasendle esinamakhanda ayisikhombisa, izimpondo eziyishumi, nombala obomvu klebhu.—IsAmbulo 17:3, 15-17.
8. (a) Ubani ongafaniswa noSaneheribi namuhla? (b) USaneheribi wanamuhla uyoba nesibindi sokuhlasela obani, futhi kube namuphi umphumela?
8 Lapho umAsiriya wanamuhla eyivukela esiswini njengotshwala inkolo yamanga, uyobonakala engenakunqandeka. Enesimo sengqondo esifuze esikaSaneheribi, uSathane uDeveli uyobe esethole isibindi sokuba agadle—angagadli nje kuphela ezinhlanganweni zezihlubuki ezifanelwe isijeziso kodwa nakumaKristu eqiniso. Kanye nabaseleyo bamadodana kaJehova omoya agcotshiwe, izigidi zabaphume ezweni likaSathane, elihlanganisa neBabiloni Elikhulu, baba ngasohlangothini loMbuso kaJehova. Ecasulwa ukwenqaba kwamaKristu eqiniso ukumkhonza, “unkulunkulu walesisimiso sezinto,” uSathane, uyobahlasela ngendlela engakaze ibonwe. (2 Korinte 4:4; Hezekeli 38:10-16) Nakuba lokhu kuhlasela kuyobe kwesabisa, abantu bakaJehova ngeke kudingeke besabe. (Isaya 10:24, 25) UNkulunkulu ubaqinisekisa ngokuthi uyoba ‘insindiso yabo esikhathini sokucindezeleka.’ Uyongenela, aqothule uSathane noquqaba lwakhe. (Hezekeli 38:18-23) Njengasendulo, labo abazama ukuphanga abantu bakaNkulunkulu nabo bayophangwa! (Qhathanisa nezAga 13:22b.) Igama likaJehova liyongcweliswa, nabasindileyo bayovuzwa ngoba befuné ‘ukuhlakanipha nolwazi nokwesaba uJehova.’—Funda u-Isaya 33:5, 6.
Isixwayiso Kwabangenalukholo
9. (a) ‘Amaqhawe nezithunywa zokuthula’ zakwaJuda ziyokwenzani? (b) Um-Asiriya uyosabela kanjani emizamweni kaJuda yokudala ukuthula?
9 Siyoba yini isiphetho sabangenalukholo kwaJuda? U-Isaya unikeza umfanekiso ongemuhle wenhlekelele ezobehlela ezandleni ze-Asiriya. (Funda u-Isaya 33:7.) “Amaqhawe” empi akwaJuda ayakhala ngenxa yokwesaba ukusondela komAsiriya. “Izithunywa zokuthula,” osomaqhinga abathunywe ukuba bayodala ukuthula nabase-Asiriya asebelungele impi, bayahlekwa futhi bahlaziswe. Ziyokhala kamunyu ngenxa yokwehluleka kwazo. (Qhathanisa noJeremiya 8:15.) UmAsiriya ononya ngeke azizwele. (Funda u-Isaya 33:8, 9.) Uyozishaya indiva ngamabomu izivumelwano azenze nezakhamuzi zakwaJuda. (2 AmaKhosi 18:14-16) UmAsiriya ‘uyoyeya imizi’ yakwaJuda, ayibheke njengedelelekile futhi ayeyise, angabi nandaba nokuphila kwabantu. Isimo siyoba sibi kangangokuthi izwe ngokwalo kuyoba sengathi liyalila. ILebanoni, iSharoni, iBashani neKarmeli kuyolila ngenxa yalokhu kuchithwa.
10. (a) “Amaqhawe” eLobukholwa ayobonakala kanjani eyizehluleki? (b) Ubani oyovikela amaKristu eqiniso ngosuku lokucindezeleka kweLobukholwa?
10 Akungabazeki ukuthi kuzoba nezimo ezifanayo maduze nje lapho izizwe ziqala ukuhlasela inkolo. Njengasosukwini lukaHezekiya, kuyoba yize ukulwa nala mabutho abhubhisayo. “Amaqhawe” eLobukholwa—abezombangazwe balo, abaphathi bezimali nabanye abantu abanethonya—ngeke bakwazi ukulisiza. ‘Izivumelwano’ zezombangazwe nezezimali ezenzelwe ukuvikela eLobukholwa ziyophulwa. (Isaya 28:15-18) Imizamo yokuphamazela yokubamba izingxoxo ngenjongo yokubambezela imbubhiso ngeke iphumelele. Ezentengiselwano ziyokuma lapho izimpahla nezimali zeLobukholwa ezizalayo ezilondoloziwe zithathwa noma zibhujiswa. Noma obani abasengabangane beLobukholwa bayomane bamele kude, balilele ukufa kwalo. (IsAmbulo 18:9-19) Ingabe ubuKristu beqiniso buyoshanelwa kanye nobamanga? Cha, ngoba uJehova ngokwakhe unikeza lesi siqinisekiso: “‘Manje ngizovuka,’ kusho uJehova, ‘manje ngizoziphakamisa; manje ngizozikhuphulela phezulu.’” (Isaya 33:10) Ekugcineni, uJehova uyongenela ngenxa yabathembekileyo, njengoHezekiya, futhi anqande ukuhlasela komAsiriya.—IHubo 12:5.
11, 12. (a) Amazwi ka-Isaya 33:11-14 agcwaliseka nini futhi kanjani? (b) Amazwi kaJehova anikeza siphi isixwayiso namuhla?
11 Abangathembekile akufanele bathembele kuleso sivikelo. UJehova uthi: “Khulelwani utshani obomile; niyozala izinhlanga. Umoya wenu siqu, uyonidla uniqede njengomlilo. Izizwe kumelwe zibe njengomlotha womcako. Njengameva anqunyiwe, ziyothungelwa ngisho nangomlilo. Yizwani nina madoda akude, lokho okumelwe ngikwenze! Niwazi nina eniseduze, amandla ami. Izoni zibé nengebhe eZiyoni; izihlubuki zibanjwé ukuqhaqhazela: ‘Ngubani kithi ongake ahlale nomlilo oshwabadelayo? Ngubani kithi ongake ahlale namalangabi angapheliyo?’” (Isaya 33:11-14) Ngokusobala la mazwi asebenza ngesikhathi uJuda ebhekene nesitha esisha, iBabiloni. Ngemva kokufa kukaHezekiya, uJuda uphindela ezindleleni zakhe ezimbi. Emashumini eminyaka ambalwa alandelayo, izimo kwaJuda ziba zimbi kangangokuthi sonke isizwe sithungelwa umlilo wentukuthelo kaNkulunkulu.—Duteronomi 32:22.
12 Amacebo namaqhinga akhohlakele okugwema isahlulelo sikaNkulunkulu enziwa abantu abangalaleli aba angenalusizo njengezinhlanga. Eqinisweni, umoya walesi sizwe wokuziqhenya nowokuvukela uyobangela izenzakalo eziyoholela ekubhujisweni kwaso. (Jeremiya 52:3-11) Ababi ‘bayoba njengomlotha womcako’—babhujiswe ngokuphelele! Lapho zicabanga ngale nhlekelele ezayo, izakhamuzi zakwaJuda ezivukelayo ziba nokwesaba okukhulu. Amazwi kaJehova kuJuda ongathembekile afanekisela isimo samalungu eLobukholwa namuhla. Uma engasilaleli isixwayiso sikaNkulunkulu, alindelwe ikusasa elimnyama.
‘Ukuhamba Ngokulunga Okuqhubekayo’
13. Yisiphi isithembiso esinikezwa lowo “ohamba ngokulunga okuqhubekayo,” futhi sagcwaliseka kanjani kuJeremiya?
13 Ngakolunye uhlangothi, uJehova ube esethi: “Ukhona ohamba ngokulunga okuqhubekayo nokhuluma okuqondile, owala inzuzo engenabulungisa etholakala ngokuphamba, othuntutha izandla zakhe ukuba zingabambi isifumbathiso, ovala indlebe yakhe ukuba ingalaleli ukuchithwa kwegazi, novala amehlo akhe ukuba angakuboni okubi. Nguye oyohlala ezindaweni eziphakeme; indawo yakhe ephakeme elondekile iyoba yizindawo ezingamadwala okunzima ukuzifinyelela. Ngokuqinisekile uyonikwa isinkwa sakhe; umthombo wamanzi akhe uyoba ongapheliyo.” (Isaya 33:15, 16) Njengoba umphostoli uPetru asho kamuva, “uJehova uyayazi indlela yokukhulula ekulingweni abantu abanokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu, kodwa agcinele abantu abangalungile usuku lokwahlulelwa ukuze banqunywe.” (2 Petru 2:9) UJeremiya wakhululwa kanjalo. Ngesikhathi iBabiloni livimbezele uJuda, abantu kwadingeka “badle isinkwa ngesilinganiso nangexhala.” (Hezekeli 4:16) Abanye besifazane badla ngisho nenyama yezingane zabo. (IsiLilo 2:20) Kodwa uJehova waqikelela ukuthi uJeremiya uhlala elondekile.
14. AmaKristu namuhla angaqhubeka kanjani ‘ehamba ekulungeni okuqhubekayo’?
14 AmaKristu namuhla nawo kumelwe ‘ahambe ngokulunga okuqhubekayo,’ agcine izindinganiso zikaJehova nsuku zonke. (IHubo 15:1-5) Kumelwe ‘akhulume okuqondile’ futhi angawaqambi amanga. (IzAga 3:32) Kungenzeka ukuthi ukukhwabanisa nokufumbathisa kuvamile emazweni amaningi, kodwa kuyenyanyeka kulowo “ohamba ngokulunga okuqhubekayo.” AmaKristu kumelwe azigcine ‘enonembeza othembekile’ kwezebhizinisi, akhuthalele ukugwema izinhlelo ezisolisayo noma zomgunyathi. (Heberu 13:18; 1 Thimothewu 6:9, 10) Futhi lowo “ovala indlebe yakhe ukuba ingalaleli ukuchithwa kwegazi, novala amehlo akhe ukuba angakuboni okubi” uyoba okhethayo emculweni awulalelayo nakwezokuzijabulisa. (IHubo 119:37) Ngosuku lwakhe lokwahlulela, uJehova uyobavikela futhi abalondoloze abakhulekeli bakhe abaphila ngalezi zindinganiso.—Zefaniya 2:3.
Ukubona INkosi Yabo
15. Yisiphi isithembiso esiyoqinisa amaJuda athembekile adingisiwe?
15 U-Isaya ube esenikeza amazwibela ekusasa: “Amehlo akho ayobona inkosi ebuhleni bayo; ayobona izwe elikude. Inhliziyo yakho iyokhuluma ngokunyenyeza ngento ethusayo ithi: ‘Uphi unobhala? Uphi okhokhayo? Uphi obala imibhoshongo?’ Ngeke usibone isizwe eseyisayo, isizwe esijule kakhulu olimini ukuba usizwe, esinolimi olungingizayo ongaluqondi wena.” (Isaya 33:17-19) Isithembiso seNkosi enguMesiya yesikhathi esizayo noMbuso wayo siyoqinisa amaJuda athembekile phakathi namashumi eminyaka edingiselwe eBabiloni, nakuba ewubonela kude lowo Mbuso. (Heberu 11:13) Lapho ekugcineni ukubusa kukaMesiya kuba ngokoqobo, umashiqela oyiBabiloni uyobe esadlula kudala. Abasinda ekuhlaseleni komAsiriya bayobuza ngenjabulo: “Ziphi izikhulu zikamashiqela ezazisikhokhisa intela, zithatha imali yethu?”—Isaya 33:18, Moffatt.
16. Kusukela nini abantu bakaNkulunkulu bekwazile ‘ukubona’ iNkosi enguMesiya, futhi kwaba namuphi umphumela?
16 Nakuba amazwi ka-Isaya ekuqinisekisa ukubuyiswa ekuthunjweni eBabiloni, amaJuda ngamanye adingisiwe kuyodingeka alindele uvuko ukuze ajabulele ukugcwaliseka okuphelele kwale ngxenye yesiprofetho. Kuthiwani ngezinceku zikaNkulunkulu namuhla? Kusukela ngo-1914, abantu bakaJehova baye bakwazi ‘ukubona,’ noma ukuqonda, iNkosi enguMesiya, uJesu Kristu, ebuhleni bayo obuphelele ngokomoya. (IHubo 45:2; 118:22-26) Ngenxa yalokho, baye bakhululwa ekucindezelweni nasekulawulweni isimiso esibi sikaSathane. Ngaphansi kweZiyoni, ikomkhulu loMbuso kaNkulunkulu, bajabulela ukulondeka okungokomoya kwangempela.
17. (a) Yiziphi izithembiso ezinikezwayo ngeZiyoni? (b) Izithembiso zikaJehova ngeZiyoni zigcwaliseka kanjani eMbusweni kaMesiya nakubasekeli bawo emhlabeni?
17 U-Isaya uyaqhubeka: “Bheka iZiyoni, umzana wezikhathi zemikhosi yethu! Amehlo akho ayobona iJerusalema liyindawo yokuhlala engaphazanyisiwe, itende okungekho muntu oyolisusa. Izikhonkwane zalo azisoze zisishulwe, futhi ayikho nendophi yalo eyogqashulwa. Kodwa lapho, oMkhulu Ngokubabazekayo, uJehova, uyoba kithi indawo yemifula, yemiselekazi ebanzi. Akukho luxhaxha lwemikhumbi egwedlwayo oluyohamba kuyo, akukho mkhumbi omkhulu ngokubabazekayo oyodlula kuyo.” (Isaya 33:20, 21) U-Isaya usiqinisekisa ngokuthi uMbuso kaNkulunkulu ngaphansi kukaMesiya ngeke usishulwe noma ubhujiswe. Ngaphezu kwalokho, kusobala ukuthi isivikelo esinjalo sihlanganisa nabasekeli boMbuso abathembekile emhlabeni namuhla. Nakuba abaningi bengase bavivinywe kanzima njengabantu ngabanye, izikhonzi zoMbuso kaNkulunkulu ziqinisekiswa ngokuthi akukho mzamo wokuziqothula njengebandla oyophumelela. (Isaya 54:17) UJehova uyovikela abantu bakhe ngendlela umsele obanzi ovikela ngayo umuzi. Noma yisiphi isitha esibahlaselayo—ngisho nesinamandla ‘njengoxhaxha lwemikhumbi egwedlwayo’ noma “umkhumbi omkhulu ngokubabazekayo”—siyobhujiswa!
18. Yimuphi umsebenzi uJehova awamukelayo?
18 Kungani abathandi boMbuso kaNkulunkulu bengaqiniseka kangaka ngesivikelo saphezulu? U-Isaya uyachaza: “UJehova unguMahluleli wethu, uJehova unguMniki-zimiso wethu, uJehova uyiNkosi yethu; yena uyosisindisa.” (Isaya 33:22) UJehova uyawamukela umsebenzi wokuvikela nokuqondisa abantu bakhe abasiqaphelayo isikhundla sakhe njengoMbusi Wendawo Yonke. Bazithoba ngokuzithandela ekubuseni kwakhe ngeNkosi enguMesiya, beqaphela ukuthi uJehova unegunya lokwenza imithetho nelokuyenza isebenze. Kodwa ngenxa yokuthi uJehova uthanda ukulunga nobulungisa, ukubusa kwakhe ngeNdodana yakhe akuwona umthwalo kubakhulekeli bakhe. Kunalokho, ‘bazizuzisa bona’ ngokuzithoba egunyeni lakhe. (Isaya 48:17) Akasoze abashiya abaqotho bakhe.—IHubo 37:28.
19. U-Isaya ukuchaza kanjani ukwehluleka kwezitha zabantu bakaJehova abathembekile?
19 U-Isaya utshela izitha zabantu bakaJehova abathembekile: “Izindophi [zenu] kumelwe zilenge; ngeke ziyibambe insika yazo ime iqonde; abawelulanga useyili. Ngaleso sikhathi kuyodingeka ukuba ngisho nempango echichimayo ihlukaniswe; empeleni abayizinyonga nabo bayothatha impango enkulu.” (Isaya 33:23) Noma isiphi isitha esiqhamukayo siyokwehluleka futhi sithithibale lapho sibhekene noJehova kuhle komkhumbi wempi ozindophi namaketanga awo kuyalenga, onsika yawo iyaxega nongenaseyili. Umphumela wokubhujiswa kwezitha zikaNkulunkulu uyoba impango eningi kangangokuba nabakhubazekile bayohlanganyela ekuyibutheni. Ngakho singaqiniseka ukuthi ngeNkosi uJesu Kristu, uJehova uyozinqoba izitha zakhe ‘osizini olukhulu’ oluzayo.—IsAmbulo 7:14.
Ukuphulukisa
20. Abantu bakaNkulunkulu bayothola hlobo luni lokuphulukiswa, futhi nini?
20 Le ngxenye yesiprofetho sika-Isaya iphetha ngesithembiso esijabulisayo: “Akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’ Abantu abahlala ezweni kuyoba yilabo abaxolelwe isiphambeko sabo.” (Isaya 33:24) U-Isaya ukhuluma ngokugula okungokomoya ngokuyinhloko, ngoba kuhlobene nesono, noma “isiphambeko.” Ekugcwalisekeni kokuqala kwala mazwi, uJehova uthembisa ukuthi ngemva kokukhululwa kwaso ekuthunjweni eBabiloni, isizwe siyophulukiswa ngokomoya. (Isaya 35:5, 6; Jeremiya 33:6; qhathanisa neHubo 103:1-5.) Njengoba eyobe esethethelelwe izono zawo zangaphambili, amaJuda abuyayo ayomisa kabusha ukukhulekela kweqiniso eJerusalema.
21. Abakhulekeli bakaJehova namuhla baphulukiswa kanjani ngokomoya?
21 Nokho, isiprofetho sika-Isaya siyagcwaliseka nanamuhla. Abantu bakaJehova namuhla nabo baye baphulukiswa ngokomoya. Baye bakhululwa ezimfundisweni ezingamanga njengokungafi komphefumulo, uZiqu-zintathu nesihogo somlilo. Bathola isiqondiso sokuziphatha, esibakhulula emikhubeni yokuziphatha okubi futhi sibasize benze izinqumo ezinhle. Futhi ngenxa yomhlatshelo wesihlengo sikaJesu Kristu, banokuma okuhlanzekile phambi kukaNkulunkulu futhi banonembeza ohlanzekile. (Kolose 1:13, 14; 1 Petru 2:24; 1 Johane 4:10) Lokhu kuphulukiswa okungokomoya kunezinzuzo ezingokwenyama. Ngokwesibonelo, ukugwema ukuziphatha okubi kobulili nemikhiqizo kagwayi kuvikela amaKristu ezifweni ezithathelwana ngobulili nasezinhlotsheni ezithile zomdlavuza.—1 Korinte 6:18; 2 Korinte 7:1.
22, 23. (a) Yikuphi ukugcwaliseka okukhulu u-Isaya 33:24 ayoba nako esikhathini esizayo? (b) Abakhulekeli beqiniso namuhla bazimisele ukwenzani?
22 Ngaphezu kwalokho, ngemva kwe-Armagedoni, ezweni likaNkulunkulu elisha, la mazwi ka-Isaya 33:24 ayogcwaliseka ngezinga elikhulu. Ngaphansi kokubusa koMbuso kaMesiya, abantu bayothola ukuphulukiswa okukhulu ngokwenyama nangokomoya. (IsAmbulo 21:3, 4) Ngemva nje kokubhujiswa kwesimiso sezinto sikaSathane, akungabazeki ukuthi izimangaliso ezifuze lezo ezenziwa uJesu ngesikhathi elapha emhlabeni ziyokwenzeka embulungeni yonke. Izimpumputhe ziyobona, izithulu zizwe nabayizinyonga bahambe! (Isaya 35:5, 6) Lokhu kuyovula ithuba lokuba bonke abasinde osizini olukhulu bahlanganyele emsebenzini omkhulu wokwenza umhlaba ube ipharadesi.
23 Kamuva, lapho uvuko luqala, akungabazeki ukuthi labo abayovuswa bayovuswa bephile sáka. Kodwa njengoba inani lomhlatshelo wesihlengo liyobe liqhubeka lisetshenziswa ngokugcwele, kuyolandela izinzuzo ezengeziwe ezingokwenyama, kuze kube yilapho isintu sifinyelela ekupheleleni. Ngaleso sikhathi, abalungileyo ‘bayophila’ ngomqondo ogcwele. (IsAmbulo 20:5, 6) Ngaleso sikhathi, ngomqondo ongokomoya nongokwenyama, “Akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’” Yeka isithembiso esijabulisayo! Kwangathi bonke abakhulekeli beqiniso namuhla bangazimisela ukuba phakathi kwalabo abayosibona sigcwaliseka!
[Isithombe ekhasini 344]
U-Isaya uthandaza kuJehova ngokuqiniseka
[Izithombe ekhasini 353]
Ngenxa yomhlatshelo wesihlengo, abantu bakaJehova banokuma okuhle phambi kwakhe
[Isithombe ekhasini 354]
Ezweni elisha, kuyoba nokuphulukiswa okukhulu okungokwenyama