Isahluko Samashumi Amabili Nesikhombisa
UJehova Uthululela Intukuthelo Yakhe Ezizweni
1, 2. (a) Mayelana nempindiselo kaJehova, yini esingaqiniseka ngayo? (b) UNkulunkulu ufezani ngokuphindisela?
UJEHOVA UNKULUNKULU akabekezeleli izinceku zakhe ezithembekile kuphela, kodwa uma kuvumelana nenjongo yakhe, ubekezelela nezitha zakhe. (1 Petru 3:19, 20; 2 Petru 3:15) Izitha zikaJehova zingase zingakuboni ukubekezela kwakhe, zingase zithi kuwukwehluleka noma ukungafuni ukuthatha isinyathelo. Kodwa, njengoba isahluko 34 sika-Isaya sibonisa, ekugcineni uJehova uye afune izitha zakhe zilandise. (Zefaniya 3:8) UNkulunkulu wavumela u-Edomi nezinye izizwe ukuba ziphikise abantu bakhe okwesikhathi esithile ngaphandle kokuphazanyiswa. Kodwa uJehova wayenesikhathi esifanele sokuphindisela. (Duteronomi 32:35) Ngokufanayo, ngesikhathi sakhe esimisiwe, uJehova uzoziphindiselela kuzo zonke izingxenye zaleli zwe elibi elidelela ubukhosi bakhe.
2 Injongo eyinhloko yokuphindisela kukaNkulunkulu iwukubonisa ubukhosi bakhe nokukhazimulisa igama lakhe. (IHubo 83:13-18) Impindiselo yakhe ilwela nezinceku zakhe njengezingabameleli bakhe ngempela futhi izikhulula ezimweni ezimbi. Ngaphezu kwalokho, impindiselo kaJehova ivumelana nobulungisa bakhe ngaso sonke isikhathi.—IHubo 58:10, 11.
Lalelani Nina Zizwe
3. Yisiphi isimemo uJehova asidlulisela ezizweni ngo-Isaya?
3 Ngaphambi kokugxila ekuziphindiseleleni ku-Edomi, ngo-Isaya uJehova udlulisela isimemo esingathi sína kuzo zonke izizwe: “Sondelani, nina zizwe, ukuba nizwe; nani maqembu ezizwe, lalelani. Mawulalele umhlaba nalokho okuwugcwalisile, izwe elikhiqizayo nawo wonke umkhiqizo walo.” (Isaya 34:1) Lo mprofethi ubelokhu ezilahla izizwe ezingamhloniphi uNkulunkulu. Manje usezofingqa izimemezelo zaphezulu zokulahlwa kwazo. Ingabe lezi zixwayiso zisho okuthile osukwini lwethu?
4. (a) Izizwe zibizelwa ukuba zenzeni, njengoba kulotshwe ku-Isaya 34:1? (b) Ingabe ukwahlulela kukaJehova izizwe kusho ukuthi unguNkulunkulu onesihluku? (Bheka ibhokisi ekhasini 363.)
4 Yebo. UMbusi wendawo yonke unenxa nazo zonke izingxenye zalesi simiso sezinto esingamhloniphi uNkulunkulu. Yingakho ‘amaqembu ezizwe nomhlaba’ ebizelwa ukuba alalele isigijimi seBhayibheli uJehova asenza simenyezelwe emhlabeni wonke. Ngamazwi asikhumbuza iHubo 24:1, u-Isaya uthi wonke umhlaba uyogcwala lesi sigijimi—isiprofetho esiye sagcwaliseka esikhathini sethu, lapho oFakazi BakaJehova beshumayela “ezingxenyeni eziqhele kakhulu zomhlaba.” (IzEnzo 1:8) Nokho, izizwe azilalelanga. Azizange zisithathe njengesibalulekile isixwayiso senhlekelele ezayo. Lokhu ngeke kumvimbele uJehova ukuba afeze izwi lakhe.
5, 6. (a) UNkulunkulu uthi izizwe azilandise ngokuqondene nani? (b) Kungani kuyiqiniso ukuthi “izintaba ziyoncibilika ngenxa yegazi labo”?
5 Lesi siprofetho manje sichaza ikusasa elingenathemba lezizwe ezingamhloniphi uNkulunkulu—elihluke ngokuphelele ethembeni eliqhakazile labantu bakaNkulunkulu elichazwa kamuva. (Isaya 35:1-10) Umprofethi uthi: “UJehova uzithukuthelele zonke izizwe, futhi ufuthekela wonke amabutho azo. Kumelwe azinikele ekubhujisweni; kumelwe azinikele ekuhlatshweni. Ababuleweyo kuzo bayophonswa ngaphandle; izidumbu zabo zona, iphunga lazo liyonyuka; izintaba ziyoncibilika ngenxa yegazi labo.”—Isaya 34:2, 3.
6 Kukhulunywa ngecala legazi lezizwe. Namuhla izizwe zeLobukholwa zinecala legazi elikhulu ukuzedlula zonke. Ezimpini ezimbili zezwe nakwezinye eziningi ezincane, ziye zamatisa umhlaba ngegazi labantu. Ubani ofanele ukufuna ubulungisa ngaleli cala legazi? Akekho omunye ngaphandle koMdali, uMniki-kuphila omkhulu. (IHubo 36:9) Umthetho kaJehova ubeke le ndinganiso: “Ukhokhe umphefumulo ngomphefumulo.” (Eksodusi 21:23-25; Genesise 9:4-6) Ngokuvumelana nalo mthetho, uyokwenza igazi lezizwe ligobhoze—kube ukufa kwazo. Iphunga lezidumbu zazo ezingangcwatshiwe liyogcwala emoyeni—ukufa okuhlazisayo ngempela! (Jeremiya 25:33) Igazi eliyobizwa liyokwanela ukuba, ngokomfanekiso, lincibilikise noma limboze izintaba. (Zefaniya 1:17) Esebhujiswe ngokuphelele amabutho azo, izizwe zomhlaba ziyobona ohulumeni bazo bewa, labo ngezinye izikhathi abafanekiselwa izintaba esiprofethweni seBhayibheli.—Daniyeli 2:35, 44, 45; IsAmbulo 17:9.
7. Ayini “amazulu,” futhi liyini ‘ibutho lamazulu’?
7 Ephinda esebenzisa umfanekiso ocacile, u-Isaya uyaqhubeka athi: “Bonke abebutho lamazulu bayobola baphele. Namazulu ayogoqwa, njengomqulu wencwadi; ibutho lawo lonke liyoshwabana, njengoba nje kushwabana amaqabunga abese ewa emvinini nanjengoba nje kushwabana ikhiwane bese liwa emkhiwaneni.” (Isaya 34:4) Inkulumo ethi “bonke abebutho lamazulu” ayisho izinkanyezi namaplanethi angempela. Amavesi 5 no-6 akhuluma ngenkemba yokwahlulela ematiswe yigazi kulawo ‘mazulu.’ Ngakho, kumelwe ukuba lokhu kufanekisela okuthile okusendaweni yabantu. (1 Korinte 15:50) Ngenxa yokuphakama kwabo njengamagunya aphakeme, ohulumeni besintu bafaniswa namazulu abusa phezu komphakathi wesintu emhlabeni. (Roma 13:1-4) Ngakho, ‘ibutho lamazulu’ lifanekisela bonke lab’ ohulumeni besintu behlangene.
8. Amazulu angokomfanekiso afana kanjani ‘nomqulu wencwadi,’ futhi kwenzekani ‘emabuthweni’ awo?
8 Leli “butho” ‘liyobola,’ libuthuke. (IHubo 102:26; Isaya 51:6) Emehlweni ethu enyama, amazulu angokoqobo phezulu abonakala egoqekile, njengomqulu wencwadi wasendulo, ombhalo wawo wawuvame ukuba ngaphakathi. Uma umfundi eseqedile ukuwufunda, uyawugoqa lowo mqulu awubeke. Ngokufanayo, “namazulu ayogoqwa, njengomqulu wencwadi,” okusho ukuthi ohulumeni bayofinyelela esiphelweni sabo. Lapho befika ekugcineni komlando wabo, kuyomelwe babhujiswe e-Armagedoni. ‘Amabutho’ abo abukekayo ayokuwa kuhle kwamaqabunga ashwabene ewa emvinini noma ‘ikhiwane elishwabene’ liwa emkhiwaneni. Siyobe sesidlulile isikhathi sawo.—Qhathanisa nesAmbulo 6:12-14.
Usuku Lokubuyisela
9. (a) Udabukaphi u-Edomi, futhi babunjani ubuhlobo bakhe no-Israyeli? (b) UJehova uthini ngo-Edomi?
9 Manje lesi siprofetho sigxila esizweni sosuku luka-Isaya—u-Edomi. Abakwa-Edomi bayinzalo ka-Esawu (Edomi), owathengisela iwele lakhe, uJakobe, ubuzibulo bakhe ngesinkwa nesitshulu sikadali. (Genesise 25:24-34) Ngenxa yokuthi uJakobe wathatha isikhundla sakhe, u-Esawu wagcwala inzondo ejulile ngomfowabo. Kamuva isizwe sakwa-Edomi nesakwa-Israyeli zaba izitha, nakuba zazizalwa amawele. Ngenxa yenzondo anayo ngabantu bakaNkulunkulu, u-Edomi uzibizele ulaka lukaJehova, lowo manje othi: “Ngokuqinisekile inkemba yami iyomatiswa emazulwini. Bheka! Iyokwehlela phezu kuka-Edomi, naphezu kwabantu abanikelwe yimi ekubhujisweni ngobulungisa. UJehova unenkemba; iyogcwala igazi; iyokwenziwa inamfuke ngamanoni, ngegazi lezinqama ezisencane nelezimpongo, ngamanoni ezinso zezinqama. Ngoba uJehova unomhlatshelo eBozira, nokuhlaba okukhulu ezweni lakwa-Edomi.”—Isaya 34:5, 6.
10. (a) UJehova wehlisa bani lapho ehosha inkemba yakhe “emazulwini”? (b) U-Edomi ubonisa siphi isimo sengqondo lapho uJuda ehlaselwa yiBabiloni?
10 U-Edomi uhlala endaweni ephakeme nenezintaba. (Jeremiya 49:16; Obadiya 8, 9, 19, 21) Nokho, ngisho nalezi zivikelo ezingokwemvelo ngeke zisize lapho uJehova ehosha inkemba yakhe “emazulwini,” ehlisa ababusi bakwa-Edomi esikhundleni sabo esiphakeme. U-Edomi unezikhali eziningi, futhi amabutho akhe ahlomile amasha okhahlamba lwezintaba eziphakeme ukuze avikele izwe. Kodwa u-Edomi onamandla akanikezi lusizo lapho uJuda ehlaselwa amabutho aseBabiloni. Kunalokho u-Edomi kuyamjabulisa ukubona ukuwa kombuso wakwaJuda futhi ushoshozela abanqobi bakaJuda. (IHubo 137:7) U-Edomi uze awajahe nokuwajaha amaJuda abalekela ukusindisa ukuphila kwawo, awanikele kwabaseBabiloni. (Obadiya 11-14) Abakwa-Edomi baceba ukuthatha izwe lama-Israyeli elingenamuntu, futhi bakhuluma kabi ngoJehova.—Hezekeli 35:10-15.
11. UJehova uyophindisela kanjani kwabakwa-Edomi ngokuziphatha kwabo kokungathembeki?
11 Ingabe uJehova uyakushalazela lokhu kuziphatha kwabakwa-Edomi okungabonisi luthando? Cha. Kunalokho, ubikezela ngo-Edomi ukuthi: “Izinkunzi zasendle kumelwe zehle nabo, nezinkunzi ezisencane kanye nabanamandla; izwe labo kumelwe limatiswe yigazi, nalo kanye uthuli lwabo luyokwenziwa lunamfuke ngamanoni.” (Isaya 34:7) UJehova ubiza abakhulu nabancane kulesi sizwe ngokuthi izinkunzi zasendle nezinkunzi ezisencane ezingokomfanekiso, nangokuthi izinqama ezisencane nezimpongo. Izwe lalesi sizwe esinecala legazi kumelwe limatiswe ngegazi labantu balo kusetshenziswa “inkemba” kaJehova yesahlulelo.
12. (a) UJehova usebenzisa bani ekujeziseni u-Edomi? (b) Yini ebikezelwa umprofethi u-Obadiya ngo-Edomi?
12 UNkulunkulu ujonge ukujezisa u-Edomi ngonya alwenze enhlanganweni yaKhe yasemhlabeni, ebizwa ngokuthi iZiyoni. Isiprofetho sithi: “UJehova unosuku lwempindiselo, unyaka wokubuyisela ngenxa yecala lomthetho ngeZiyoni.” (Isaya 34:8) Kungakabiphi kubhujiswé iJerusalema ngo-607 B.C.E., uJehova uqala ukukhipha impindiselo yakhe yokulunga kwabakwa-Edomi esebenzisa inkosi yaseBabiloni, uNebukadinesari. (Jeremiya 25:15-17, 21) Lapho amabutho aseBabiloni ehlasela u-Edomi, akukho lutho olungasindisa abakwa-Edomi! ‘Ngunyaka wokubuyisela’ kulelo zwe lezintaba. Ngomprofethi u-Obadiya, uJehova uyabikezela: “Ngenxa yobudlova obenze kumfowenu uJakobe, uyombozwa amahloni, futhi kuyomelwe unqunywe phakade. . . . Indlela owenze ngayo, kuyokwenziwa ngayo kuwe. Uhlobo lwempatho yakho luyobuyela phezu kwekhanda lakho.”—Obadiya 10, 15; Hezekeli 25:12-14.
Ikusasa Elingenathemba LeLobukholwa
13. Yini efana no-Edomi namuhla, futhi ngani?
13 Ezikhathini zanamuhla, kunenhlangano enomlando onjengoka-Edomi. Iyiphi leyo nhlangano? Ezikhathini zanamuhla ubani oye wahola ekuthukeni nasekushushiseni izinceku zikaJehova? Akulona yini eLobukholwa, lisebenzisa isigaba salo sabefundisi? Yilo! ELobukholwa liye laziphakamisa laba ngangezintaba ezindabeni zaleli zwe. Lithi linesikhundla esiphakeme kulesi simiso sezinto sesintu, futhi izinkolo zalo zakha ingxenye evelele yeBabiloni Elikhulu. Kodwa uJehova umise “unyaka wokubuyisela” kulo Edomi wanamuhla ngenxa yokubaphatha kabi kakhulu abantu baKhe, oFakazi baKhe.
14, 15. (a) Yini eyokwenzeka ezweni lakwa-Edomi nakweLobukholwa? (b) Lisho ukuthini ikolitayi elivuthayo nomusi oshunqa phakade, futhi yini elingayisho?
14 Ngakho, njengoba sicabangela ingxenye esele yesiprofetho sika-Isaya, asicabangi nje ngo-Edomi wasendulo kuphela, kodwa nangeLobukholwa. “Izifufula zalo kumelwe ziguqulwe zibe yikolitayi, nothuli lwalo lube yisibabule; izwe lalo kumelwe libe njengekolitayi elivuthayo. Ngeke licinywe ebusuku noma emini; umusi walo uyoqhubeka unyuka phakade.” (Isaya 34:9, 10a) Izwe lakwa-Edomi ligangatheke kangangokuba kuba sengathi uthuli luyisibabule nemihosha igcwele ikolitayi hhayi amanzi. Lezi zinto ezisha kalula kangaka zibe seziyokhelwa!—Qhathanisa nesAmbulo 17:16.
15 Abanye baye bacabanga ukuthi ukuphathwa komlilo, ikolitayi nesibabule kuwubufakazi bokuba khona kwesihogo somlilo. Kodwa u-Edomi akaphonswa esihogweni somlilo esiyinganekwane ukuze ashe phakade. Kunalokho uyabhujiswa, angabe esaba khona emhlabeni njengokungathi uqothulwe umlilo nesibabule. Njengoba isiprofetho siqhubeka sibonisa, umphumela wokugcina awukona ukuhlushwa phakade, kodwa ukuba ‘yize nogwadule.’ (Isaya 34:11, 12) ‘Umusi onyuka phakade’ ukubonisa ngokucacile lokhu. Lapho indlu isha ingqongqa, umusi uye uqhubeke ushunqa emlotheni isikhathi esithile ngemva kokucima kwamalangabi, okwenza izibukeli zibone ukuthi bekunomlilo omkhulu. Njengoba amaKristu namuhla esafunda izifundo ezithile ekubhujisweni kuka-Edomi, kufana nokuthi umusi wokusha kuka-Edomi usaqhubeka unyuka.
16, 17. Uyoba yini u-Edomi, futhi uyoqhubeka enjalo isikhathi eside kangakanani?
16 Isiprofetho sika-Isaya siyaqhubeka, sibikezela ukuthi indawo yabantu bakwa-Edomi iyothathwa izilwane zasendle, okusho ukubhujiswa okuzayo: “Liyogangatheka izizukulwane ngezizukulwane; akukho muntu oyodabula kulo kuze kube phakade naphakade. Ivuba nengungumbane kuyolenza libe elako, nezikhova ezinamadlebe amade namagwababa kuyohlala kulo; uyokwelula phezu kwalo umucu wokulinganisa wobuze namatshe ogwadule. Izicukuthwane zalo—asikho nesisodwa lapho esiyobizelwa ebukhosini, nazo kanye izikhulu zalo zonke ziyoba yize. Kuyovela ameva emibhoshongweni yalo yokuhlala, izimbabazane nokhula olunameva ezindaweni zalo ezinezivikelo eziqinile; liyoba yindawo yokuhlala yezimpungushe, igceke lezintshe. Okuvama ezifundeni ezingenamanzi kuyohlangana nezilwane ezihewulayo, ngisho nedemoni elimise okwembuzi liyomemeza umngane walo. Yebo, uzavolo uyochanasa lapho azitholele indawo yokuphumula. Inyoka eshulubezayo yakhé isidleke sayo khona futhi izalela amaqanda.”—Isaya 34:10b-15.a
17 Yebo, u-Edomi uyoba izwe elingenalutho. Liyoba indawo eyincithakalo enezilwane zasendle, izinyoni nezinyoka kuphela. Lesi simo sezwe sokugangatheka siyoqhubeka “kuze kube phakade naphakade,” njengoba kusho ivesi 10. Ngeke libuyiselwe.—Obadiya 18.
Ukugcwaliseka Okuqinisekile Kwezwi LikaJehova
18, 19. Iyini ‘incwadi kaJehova,’ futhi yini eLobukholwa eligcinelwe yona kule ‘ncwadi’?
18 Yeka ukuthi leso sibikezelo sakha ikusasa elingenathemba kanjani ngo-Edomi wanamuhla, eLobukholwa! Liye lazibonakalisa liyisitha sikaJehova uNkulunkulu esinenzondo embi, oFakazi bakhe libashushisa ngesihluku. Futhi akungabazeki ukuthi uJehova uyoligcwalisa izwi lakhe. Noma nini lapho umuntu eqhathanisa lesi siprofetho nokugcwaliseka kwaso, kokubili lokhu kuyotholakala kuvumelana—njengoba nje ngasinye sezilwane ezihlala kwa-Edomi oyincithakalo ‘sinomngane waso.’ U-Isaya ukhuluma nabafundi besiprofetho seBhayibheli besikhathi esizayo, uthi: “Zifuneleni nina encwadini kaJehova nifunde ngokuzwakalayo: akukho nokukodwa kukho okuye kwantuleka; empeleni akwenzeki ukuba yilokho nalokho kuntule umngane wako, ngoba ngumlomo kaJehova okhiphe lo myalo, ngumoya wakhe okuqoqele ndawonye. NguYe okwenzele inkatho, isandla sakhe sikuhlukanisele indawo yako ngomucu wokulinganisa. Kuyoyenza ibe ngeyako phakade; kuyohlala kuyo izizukulwane ngezizukulwane.”—Isaya 34:16, 17.
19 Imbubhiso yeLobukholwa ezayo ibikezelwe “encwadini kaJehova.” Le ‘ncwadi kaJehova’ ichaza ukulandisa uJehova ayothi abakwenze labo abayizitha zakhe ezingashintshi nabangabacindezeli babantu bakhe abangaphenduki. Lokho okwakulotshwe ngo-Edomi wasendulo kwagcwaliseka, futhi lokhu kuqinisa ithemba lethu lokuthi lesi siprofetho sizophinde sigcwaliseke, njengoba sisebenza nakweLobukholwa, u-Edomi wosuku lwanamuhla. ‘Umucu wokulinganisa,’ indinganiso ebusa izenzo zikaJehova, uqinisekisa ukuthi le nhlangano esizokufa ngokomoya iyokuba incithakalo.
20. Njengo-Edomi wasendulo, yini eyokwehlela eLobukholwa?
20 ELobukholwa lenza noma yini ukuze lishweleze kubangane balo bezombusazwe, kodwa liyehluleka! NgokwesAmbulo izahluko 17 no-18, uNkulunkulu uMninimandla onke, uJehova, uyokufaka ezinhliziyweni zabo ukuba balwe neBabiloni Elikhulu, kuhlanganise neLobukholwa. Lesi senzo siyoqeda ubuKristu mbumbulu emhlabeni wonke. Isimo seLobukholwa siyofana nesingenathemba esichazwe ku-Isaya isahluko 34. Liyobe lingekho ngisho nangesikhathi ‘sempi’ yomnqamula-juqu “yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke”! (IsAmbulo 16:14) Njengo-Edomi wasendulo, eLobukholwa liyosuswa ngokuphelele ebusweni bomhlaba, “kuze kube phakade naphakade.”
[Imibhalo yaphansi]
a Ngesikhathi sikaMalaki, lesi siprofetho sase sigcwalisekile. (Malaki 1:3) UMalaki uthi abakwa-Edomi babenethemba lokuphinde balithole izwe labo elenziwe incithakalo. (Malaki 1:4) Kodwa loko kwakungeyona intando kaJehova, futhi kamuva izwe elalingelakwa-Edomi lathathwa abanye abantu, amaNabataean.
[Ibhokisi ekhasini 363]
Ingabe UnguNkulunkulu Othukuthele?
Izinkulumo ezinjengezitholakala ku-Isaya 34:2-7 ziye zenza abaningi bacabanga ukuthi uJehova, njengoba echazwe emiBhalweni YesiHeberu, unguNkulunkulu onesihluku nonolaka. Ingabe kunjalo?
Cha. Nakuba ngezikhathi ezithile uNkulunkulu eveza intukuthelo yakhe, leyo ntukuthelo isuke ifaneleka ngaso sonke isikhathi. Njalo nje isuke isekelwe esimisweni, hhayi emzwelweni ongalawuleki. Ngaphezu kwalokho, njalo nje isuke ibangelwa igunya loMdali lokuthola ukuzinikela okukhethekile nokusekela kwakhe iqiniso ngokungaguquki. Intukuthelo yaphezulu ibuswa uthando lukaNkulunkulu ngokulungile nothando lwakhe ngalabo abenza okulungile. UJehova ubona zonke izici ezihilelekile endabeni ethile futhi usuke enolwazi oluphelele nolungalinganiselwe ngesimo esithile. (Heberu 4:13) Ufunda izinhliziyo; ubona izinga lokungazi, lokunganaki noma isono sangamabomu; futhi akakhethi.—Duteronomi 10:17, 18; 1 Samuweli 16:7; IzEnzo 10:34, 35.
Nokho, uJehova uNkulunkulu ‘wephuza ukuthukuthela futhi uchichima umusa wothando.’ (Eksodusi 34:6) Abamesabayo nabalwela ukwenza okulungileyo bathola isihe, ngoba uMninimandla onke uyakuqaphela ukungapheleli umuntu akuzuze njengefa, abese embonisa isihe. Namuhla uNkulunkulu wenza lokhu ngesisekelo somhlatshelo kaJesu. (IHubo 103:13, 14) Ngesikhathi esifanele, uJehova akabe esabathukuthelela abazivumayo izono zabo, baphenduke futhi bamkhonze ngeqiniso. (Isaya 12:1) Ngokuyinhloko, uJehova akayena uNkulunkulu othukuthelayo kodwa unguNkulunkulu ojabulayo, akayena ongangeneki kodwa uyangeneka, unokuthula futhi ubaphatha kahle abeza kuye ngendlela efanele. (1 Thimothewu 1:11) Lokhu kwehluke kakhulu ebuntwini obungenasihe nobunonya bonkulunkulu bamanga bamaqaba nabayimifanekiso yalabo nkulunkulu.
[Ibalazwe ekhasini 362]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
ULwandle LwaseGalile
IMegido
UMfula IJordani
IRamoti-gileyadi
ISamariya
IJerusalema
IBeri-sheba
IKiri-hareseti
IKadeshi-baneya
ULwandle Olukhulu
UMOWABI
U-EDOMI
ULwandle LukaSawoti
ITire
IRaba
U-AMONI
ILakishi
UJUDA
IBozira
ITemani
IFILISTIYA
U-ISRAYELI
ISidoni
IDamaseku
ILibina
KwaDani
[Izithombe ekhasini 359]
ELobukholwa limatise umhlaba ngegazi
[Isithombe ekhasini 360]
“Amazulu ayogoqwa, njengomqulu wencwadi”