Isahluko 16
“Isixuku Esikhulu” Manje Sihamba ‘Emendweni’ Oya Enhlanganweni KaNkulunkulu
1, 2. Kwenzeka nini ukugcwaliseka okungokomoya kukaIsaya isahluko 35, futhi iyiphi incazelo enikezwa amavesi amabili okuqala?
PHAKATHI nokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane ‘kweNkosi yokuthula,’ izici eziningi zikaIsaya isahluko 35, ezigcwalisekayo manje ngaphambi kokubhujiswa kweBabiloni Elikhulu, ziyobonakala ngokoqobo esintwini. Ngoba lokho okuyobe sekufeziwe ngendlela engokomoya kuyofezwa ngokuqinisekile ngendlela engokoqobo. Ukugcwaliseka okukhulu okungokomoya kwalesiprofetho kuyenzeka manje, nokubuyiswa kwezinceku zikaNkulunkulu ekuthunjweni eBabiloni Elikhulu. Umprofethi uIsaya wakuchaza ngalamazwi amahle:
2 “Kuyakujabula ihlane nogwadule, kuthokoze uqwathule, lukhahlele njengentebe. Luyakukhahlela kahle, luthokoze, yebo, luthokoze, luhube; luyakuphiwa udumo lweLebanoni, nobukhosi beKarmeli nobeSharoni, lubone inkazimulo kaJehova, nobukhosi bukaNkulunkulu wethu.”—Isaya 35:1, 2.
3. Emuva ngekhulu lesithupha B.C.E., lalikuphi izwe eliwugwadule, futhi laliyothokoza kanjani?
3 Ihlane nogwadule noqwathule kwakukuphi? Ngekhulu lesithupha B.C.E., kwakusendaweni yombuso wakwaJuda. Ngo-537 B.C.E., kwase kuyiminyaka engama-70 lelozwe liyincithakalo lingakhiwe. Kodwa ihlane lalingathokoza kanjani? Kwakuyoba okudingekile ukuba izakhamuzi zakuqala zibuyele kulo. Laliyophakanyiswa esimweni salo esiphansi futhi linikezwe isithunzi sezintaba ezinde zeLebanoni ekhangayo.
Ukuveza Insimu Yase-Edene Engokomfanekiso
4, 5. (a) Kunini, ezikhathini zanamuhla, lapho ushintsho olufanayo lwezwe elinjalo elilahliwe lwenzeka khona, futhi ngani? (b) Yaphumela kuphi imisebenzi yokubuyiselwa kwensali egcotshiwe? (c) UIsaya 35:5-7 wasichaza kanjani isimo sayo esingokomoya esivuselelwe?
4 Ngomqondo ongokomfanekiso, umfuziselo wanamuhla wokuguqulwa kwezwe lisuswa esimweni sokulahlwa uNkulunkulu liyiswa esimweni esibonisa umusa kaJehova obuyiselwe waqala ukwenzeka ngo-1919. Abantu bakaJehova ababuyiselwe babezimisele ukuyisebenzisa ngokugcwele inkathi yokuthula eyayisibavulekele. UKoresi oMkhulu, uJesu Kristu, noYise, uJehova uNkulunkulu, babela insali ekhululiwe yamaIsrayeli angokomoya ukuba yenze umsebenzi okhazimulayo owawufana nokwakhiwa kabusha kwethempeli likaJehova yinsali eyayibuyiselwe kaIsrayeli wasendulo ngemva kuka-537 B.C.E. Umsebenzi wokuvuselela ngemva kuka-1919 wenza kwavezwa insimu yase-Edene engokomfanekiso.
5 Lokhu kwakubikezelwe ngalamazwi kaIsaya 35: “Khona amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa, zivuleke nezindlebe zezithulu. Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele, nolimi lwesimungulu luyakuhuba, ngokuba ehlane kuyakubhoboka amanzi, nemifudlana kwahlongasibi. Isihlabathi esibengezelayo siyakuba-yichibi, isigagadu sibe-yimithombo yamanzi; ekhaya lamakhanka lapho ayebuthisa khona kuyakuba-khona igceke lomhlanga nekhwani.”—Isaya 35:5-7.
6. Ukuba khona okuqhubekayo kwe-Edomi lanamuhla elingokomfanekiso yini okungazange kuyivimbe, futhi obani namuhla abahuba ngenjabulo nensali ebuyiselwe?
6 Ukuba khona kwe-Edomi lanamuhla elingokomfanekiso akuzange kukuvimbele ukubuyiselwa kukaIsrayeli ongokomoya esimweni sepharadesi ekugcwalisekeni kukaIsaya isahluko 35. Ngakho abakwaEdomi banamuhla abanasizathu sokujabula njengoba kwenza insali ebuyiselwe kaIsrayeli ongokomoya, kanye ‘nesixuku esikhulu’ esandayo. “Isixuku esikhulu” sinengxenye enkulu ekulondolozeni ipharadesi elingokomoya loFakazi BakaJehova banamuhla.
7. Yini amehlo okuqonda ensali angazange ayibone ngaphambi kuka-1914, kodwa ingabe amehlo ayo ‘angaboni’ avulwa?
7 Akukaze ngaphambi kokuphela kweZikhathi zabeZizwe amehlo okuqonda amaIsrayeli angokomoya avuleke ukuba abone ukuthi inkathazo yezwe okwakumelwe iqale ngo-1914 yayiyophela kusekhona insali yawo lapha emhlabeni. Futhi awazange abone ukuthi wona kanye ‘nesixuku esikhulu’ ‘sezinye izimvu’ babeyothola ilungelo lokunikeza ubufakazi emhlabeni wonke ngokumiswa koMbuso kaNkulunkulu wobuMesiya. Ngakho kwenzeka ukuba ngo-1919 amehlo ensali eyizimpumputhe ngokomoya avuleke, futhi yeka umbono wekusasa elingaphambili lawomehlo avulekile alibona!
8. Imihlangano emibili yaseCedar Point, eOhio, yaba namuphi umphumela ezindlebeni nasolimini olungokomoya lwensali ebuyiselwe?
8 Emihlanganweni yayo eCedar Point, eOhio, ngo-1919 nango-1922, yathola ukwaziswa okuthile ngomsebenzi owawungaphambili. Yawugxumela umsebenzi owawungaphambi kwayo. Izindlebe zayo ezingokomoya zavuleka ukuze izwe isigijimi esivusa amadlingozi soMbuso kaNkulunkulu nesidingo sokuwumemezela. Njengendluzele, yakujabulela ngokugcwele ukukhonza njengabaphathi bobufakazi ngoMbuso okwase kukade uthandazelwa. Ulimi lwayo, olwaluthulile kuze kube yilesosikhathi, lwahuba ngenjabulo ngoMbuso wobuMesiya owawusubusa emazulwini.—IsAmbulo 14:1-6.
9. Ngokomoya, kwenzeka kanjani ukuba amanzi abhoboke ehlane?
9 Yebo, kwakunjengokungathi kwakubhoboke amanzi endaweni engokomoya eyayikade yomile futhi iyincithakalo, futhi manje yonke into yabukeka iluhlaza nohlaza luhlumile—konke sekulungele ukuthela kakhulu. Akumangalisi ukuthi abantu bakaJehova ababuyiselwe bajabula kakhulu futhi bazizwa benamandla njengendluzele etshekedula ngokungqabashiya emagqumeni! Ngempela, amanzi eqiniso ngoMbuso kaNkulunkulu, owamiswa ezandleni zikaJesu Kristu ngo-1914, agobhoza ngomfutho owandayo, kwaphumela ekuqabulekeni okukhulu.—Isaya 44:1-4.
“Umendo” Wobungcwele
10, 11. (a) Lwalusho ukuthini lolushintsho oluqabulayo? (b) Iyiphi indlela insali eyafinyelela ngayo ipharadesi layo elingokomoya, futhi uIsaya 35:8, 9 uyichaza kanjani?
10 Lokhu okungenhla kubonisani? Lokhu: Okokuqala insali futhi kamuva “isixuku esikhulu” ‘sezinye izimvu’ baye baphuma eBabiloni Elikhulu futhi baye benziwa baba ofakazi boMbuso kaNkulunkulu. Kodwa iyiphi indlela ababeyobuyela ngayo emseni waphezulu futhi bangeniswe kulelipharadesi elingokomoya? Kwakumelwe kube njengokungathi indlela ebanzi, enkulu yayibavulekele ukuba ivumele izindimbane zamaIsrayeli anomoya wokuvulindlela ahambe ndawonye ngobunye aye ezweni lawo alinikwé uNkulunkulu. Isiprofetho sikaIsaya esithatha ingqondo siyakubonisa lokhu:
11 “Kuyakuba-khona umendo nendlela eyakuthiwa iNdlela yobuNgcwele; ongcolileyo akayikuhamba ngayo, kepha iyakuba-ngeyabantu bakhe; abahamba ngayo, noma beyiziwula, abayikuduka kuyo. Akuyikuba-khona lapho ingonyama, nesilwane esihahayo asiyikukhuphukela khona.”—Isaya 35:8, 9.
12. Ingabe ukuphela kweMpi Yezwe I kwavulela insali “umendo” ngokuzenzekelayo, futhi yini eyenzeka ngosuku lwesine lonyaka ka-1919?
12 Ukuphela kweMpi Yezwe I akuzange kuwuvule ngokuzenzekelayo “umendo” wanamuhla. Eziyisishiyagalombili zezisebenzi zasendlunkulu yeWatch Tower Society zazisaboshiwe futhi umsebenzi wokufakaza wehla ngokuphawulekayo. NgoJanuary 4, 1919, emhlanganweni waminyaka yonke weWatch Tower Society ePittsburgh, ePennsylvania, uJ. F. Rutherford, umongameli weNhlangano, wavotelwa futhi esikhundleni sakhe, naphezu kokuboshwa kwakhe, ngokuqiniseka ukuthi wayeyinceku engenacala kaNkulunkulu oPhezukonke.
13, 14. Ngo-1919 iziphi izenzakalo ezabonisa ukuthi umendo ongokomfanekiso wawusuyivulekele insali, futhi obani abahamba ‘ngalowomendo’?
13 NgoMarch 25, 1919, yena nayeboshwe nabo abayisikhombisa bakhululwa futhi kamuva amacala abo asulwa ngokuphelele. IThe Watch Tower kaSeptember 15, 1919, ikhasi 283, yayiqukethe izindaba ezikhuthazayo zokuthi, ngo-October 1, 1919, amahhovisi eNhlangano ayeyothutha ePittsburgh abuyiselwe eBethel yaseBrooklyn e-124 Columbia Heights. Khona-ke, ngeThe Watch Tower, kaDecember 15, 1919, kwamenyezelwa ukuthi lomagazini ophuma kabili ngenyanga wawukhishwa futhi eBrooklyn, eNew York.
14 Khona-ke ngo-1919 umendo ongokomfanekiso wazivulekela izinceku zikaNkulunkulu ezijabulayo. Labo ababefuna ukuba ngcwele emehlweni kaJehova yibona abahamba ‘ngalowomendo,’ “iNdlela yobuNgcwele.” Noma ubani owayengenawo umgomo omuhle, isisusa esihlanzekile, akazange aphambukele ‘eNdleleni yobuNgcwele’ engokomfanekiso wathola ukubuyiselwa emseni waphezulu.
15. Yini enikeza ubufakazi obubonakalayo bokuthi “isixuku esikhulu” sesihamba ngomendo ongokomfanekiso?
15 NgoJune 1, 1935, emhlanganweni waseWashington, D.C., abangama-840 ‘besixuku esikhulu,’ babhapathizwa emanzini, benikeza ubufakazi obubonakalayo bokuthi sebeqalile ukungena ‘emendweni.’ Manje, izigidi ezandayo zabo sezingenile kulowomendo, zihlanganyela nesibalo esinciphayo sensali egcotshiwe. Ngokuthula nangobungane obujabulisayo, manje bahamba ndawonye ‘ngalomendo,’ beqiniseka ukuthi, ngosizo lukaNkulunkulu uMninimandla onke osezulwini, akukho lutho oluyokwehlukanisa ubunye babo.
16. Ngomqondo ongokomfanekiso, kukanjani ingekho ingonyama noma esinye isilwane esihahayo kulomendo?
16 Ngomqondo ongokomfanekiso, akukho ngonyama noma esinye isilwane esihahayo esasiyotholakala kulomendo. Okungukuthi, akukho lutho olwaluyovimbela noma lwesabise insali egcotshiwe ‘nesixuku esikhulu.’ Bathatha ngesibindi indlela eya eSiyoni uMkhululi wabo, uKoresi oMkhulu, manje ayesebavulele yona.
17. (a) Nakuba sesingene shí ‘esiphelweni sesimiso sezinto,’ ingabe “umendo” usavulekile? (b) Obani abangena ‘eNdleleni yobuNgcwele,’ futhi baye bakwenza kanjani lokho?
17 Namuhla, nakuba sesingene shí ‘esiphelweni sesimiso sezinto,’ ‘lowomendo’ ovela phezulu usavulekile. Izindimbane zabantu abanokwazisa zenza ngokuvumelana nokwaziswa kokuthi iBabiloni Elikhulu liwile ngaphambi kokuba uKoresi oMkhulu, uJesu Kristu ahlasele. Futhi ziyabaleka kulo, zingena endleleni yepharadesi elingokomoya, “iNdlela yobuNgcwele.”—Jeremiya 50:8.
18. Ivesi lokugcina likaIsaya 35 lisichaza kanjani isimo samanje soFakazi BakaJehova abathembekile, futhi ubani obongwayo ngokugcwaliseka kwalesiprofetho?
18 Zifinyelela enjabulweni nasentokozweni engenakuchazeka, njengoba ivesi lokugcina likaIsaya isahluko 35 likubeka: “Abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya baye eSiyoni ngokwethaba, intokozo engunaphakade ibe-phezu kwamakhanda abo; bayakuthola ukujabula nokuthokoza, kubaleke usizi nokububula.” Usizi nokububula kwazo ngenxa yokuthi kade zingekho ekuvumelaneni noJehova uNkulunkulu kwaphela kusukela ngo-1919. Futhi usizi nokububula akuzange kubuye koFakazi BakaJehova abathembekile, nabajabulayo. Makabongwe uNkulunkulu okhuluma iqiniso, uJehova, oye wagcwalisa lesosiprofetho esikhazimulayo sikaIsaya isahluko 35 ngendlela ebongeka kangaka!