Phishekela “Ubungcwele Ngokwesaba UNkulunkulu”
LIBONISA ukuthi uJehova uNkulunkulu ungcwele ngezinga eliphakeme kakhulu, iBhayibheli lithi: “Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova.” (Isaya 6:3; IsAm. 4:8) Igama lesiHebheru nelesiGreki asho “ubungcwele” anomqondo wobumsulwa noma ukuhlanzeka ngokwenkolo, ukungabi nakungcola. Ubungcwele bukaNkulunkulu bubhekisela endinganisweni yakhe yalokho akubheka njengokuziphatha okumsulwa ngokuphelele.
Ingabe uNkulunkulu ongcwele, uJehova, ubengenakulindela ukuba abamkhulekelayo babe ngcwele, okungukuthi, bahlanzeke ngokokuziphatha, ngokomoya nasemzimbeni? IBhayibheli libonisa ngokucacile ukuthi uJehova ufuna ukuba abantu bakhe babe ngcwele. Kweyoku-1 Petru 1:16 sifunda lokhu: “Kumelwe nibe ngcwele, ngoba mina ngingcwele.” Ingabe abantu abangaphelele bangabulingisa ngempela ubungcwele bukaJehova? Yebo, kodwa hhayi ngomqondo ophelele. UNkulunkulu angasibheka njengabangcwele uma simkhulekela sihlanzekile ngokomoya futhi sinobuhlobo obuseduze naye.
Singenzenjani-ke ukuze sihlale sihlanzekile ezweni elingcolile ngokokuziphatha? Imiphi imikhuba okufanele siyigweme? Iziphi izinguquko okungadingeka sizenze endleleni yokukhuluma neyokuziphatha? Ake sibone ukuthi singafundani kule ndaba kulokho uNkulunkulu ayekulindele kumaJuda ayebuyela ezweni lawo evela eBhabhiloni ngo-537 B.C.E.
‘Kuyoba Khona INdlela Yobungcwele’
UJehova wabikezela ukuthi abantu bakhe ababesekudingisweni eBhabhiloni babeyobuyiselwa ezweni labo. Isiprofetho sokubuyiselwa sasinalesi siqinisekiso: “Ngokuqinisekile kuyoba khona umgwaqo omkhulu lapho, yebo indlela; iyobizwa ngokuthi iNdlela Yobungcwele.” (Isaya 35:8a) La mazwi abonisa ukuthi uJehova akagcinanga nje ngokuvulela amaJuda indlela yokubuyela ekhaya, kodwa futhi wawaqinisekisa ukuthi uyowavikela endleleni.
UJehova uvulele izinceku zakhe zanamuhla emhlabeni “iNdlela Yobungcwele” ephuma eBhabhiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga. Ngo-1919 wakhulula amaKristu agcotshiwe ebugqilini obungokomoya benkolo yamanga. Akuhlanza ngokuqhubekayo ukukhulekela kwawo kuzo zonke izimfundiso zamanga. Njengabakhulekeli bakaJehova namuhla, sijabulela isimo esingokomoya esihlanzekile nesinokuthula esingakhulekela kuso uJehova futhi sijabulele ubuhlobo obunokuthula naye nabanye abantu.
Amalungu ‘omhlambi omncane’ amaKristu agcotshiwe ‘nesixuku esikhulu’ esandayo ‘sezinye izimvu’ baye bakhetha ukuhamba endleleni engcwele futhi bamema abanye ukuba bahambe nabo. (Luka 12:32; IsAm. 7:9; Joh. 10:16) Bonke abazimisele ‘ukunikela imizimba yabo njengomhlatshelo ophilayo, ongcwele, owamukelekayo kuNkulunkulu,’ bangahamba kule “Ndlela Yobungcwele.”—Roma 12:1.
“Ongahlanzekile Ngeke Adlule Kuyo”
AmaJuda ayebuya ekudingisweni ngo-537 B.C.E., kwadingeka ahlangabezane nemfuneko ebalulekile. Ngokuphathelene nalabo ababekufanelekela ukuhamba ‘eNdleleni Yobungcwele,’ u-Isaya 35:8b uthi: “Ongahlanzekile ngeke adlule kuyo. Iyoba eyalowo ohamba kule ndlela, abekho abayiziwula abayozulazula kuyo.” Njengoba injongo yokubuyela kwamaJuda eJerusalema kwakuwukuba avuselele ukukhulekela okuhlanzekile, yayingeke ibe khona indawo yalabo abanezisusa zobugovu, abadelela izinto ezingcwele noma abangcolile ngokomoya. Ababuya ekudingisweni kwakudingeka balondoloze izindinganiso zikaJehova zokuziphatha eziphakeme. Labo abafisa umusa kaNkulunkulu namuhla kudingeka bahlangabezane nemfuneko efanayo. Kumelwe baphishekele “ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu.” (2 Kor. 7:1) Khona-ke, imiphi imikhuba engcolile okudingeka siyigweme?
Umphostoli uPawulu wabhala: “Imisebenzi yenyama iyabonakala, futhi iwubufebe, ukungcola, ukuziphatha okubi [noma okuxekethile].” (Gal. 5:19) Ubufebe buhlanganisa zonke izinhlobo zobulili ezenziwa ngaphandle kwesibopho somshado ezihilela ukusetshenziswa kwezitho zobulili. Ukuziphatha okuxekethile kuhilela “ukuntula ukuzikhuza; ukubuswa inkanuko; ukuziphatha okuyihlazo; ukuziphatha okubonisa ukukhanukela ubulili.” Kokubili ubufebe nokuziphatha okuxekethile kuphambene ngokucacile nobungcwele bukaJehova. Ngakho, labo abaqhubeka benza lezi zinto abavunyelwe ukuba ingxenye yebandla lobuKristu noma bayasuswa. Kungokufanayo nangalabo abakwenza umkhuba ukungcola okwedlulele, okungukuthi, “zonke izinhlobo zokungcola ngokuhaha.”—Efe. 4:19.
Elithi “ukungcola” lihlanganisa izono ezinhlobonhlobo. NgesiGreki leli gama libhekisela ekungahlanzekini kwanoma iluphi uhlobo—ekuziphatheni, enkulumweni nasebuhlotsheni bethu obungokomoya. Lihlanganisa imikhuba ehilela izinga elithile lokungcola okungase kungadingeki ukuba ithathelwe isinyathelo sokwahlulela.a Kodwa ingabe labo abakwenza umkhuba ukungcola okunjalo baphishekela inkambo yobungcwele?
Ake sithi umKristu uqala ukubuka izithombe ezingcolile zobulili ngasese. Njengoba kuvuka izifiso ezingcolile, kancane kancane kuyancipha ukuzimisela kwakhe ukuhlala ehlanzekile phambi kukaJehova. Kungenzeka ukuthi ukuziphatha kwakhe akukafinyeleli ezingeni lokungcola okwedlulele, kodwa akaqhubeki ecabanga kuphela ‘nganoma yiziphi izinto ezihlanzekile, okukhulunywa kahle ngazo, ezinhle nezikufanelekelayo ukudunyiswa.’ (Fil. 4:8) Izithombe ezingcolile zobulili azihlanzekile futhi ngokuqinisekile zilimaza ubuhlobo bomuntu noNkulunkulu. Ukungcola kwanoma iluphi uhlobo akufanele kuphathwe ngisho nokuphathwa phakathi kwethu.—Efe. 5:3.
Cabangela esinye isibonelo. Ake sithi umKristu ukwenza umkhuba ukushaya indlwabu—eziphulula ngamabomu ukuze avukelwe inkanuko yobulili—kungakhathaliseki ukuthi lokhu kuhambisana nokubuka izithombe ezingcolile zobulili noma cha. Nakuba inkulumo ethi “ukushaya indlwabu” ingekho eBhayibhelini, ukhona yini ongangabaza ukuthi kuwumkhuba ongcolisayo ngokwengqondo nangokomzwelo? Uma umuntu eqhubeka ezingcolisa ngale ndlela ngeke yini kubulimaze kakhulu ubuhlobo bakhe noJehova futhi kumenze abe ongcolile phambi kukaNkulunkulu? Masicabangisise ngesiyalo somphostoli uPawulu sokuba “sizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya” futhi ‘sibulale amalungu emizimba yethu asemhlabeni ngokuqondene nobufebe, ukungcola, isifiso sobulili, isifiso esilimazayo nokuhaha.’—2 Kor. 7:1; Kol. 3:5.
Leli zwe elibuswa uSathane liyakuthethelela ukuziphatha okungcolile, lize likukhuthaze. Ukumelana nesilingo sokuhileleka ekuziphatheni okungcolile kungase kube inselele yangempela. Kodwa amaKristu eqiniso akumelwe ‘ahambe njengoba nje izizwe zihamba ebuzeni bezingqondo zazo.’ (Efe. 4:17) UJehova uyosivumela ukuba siqhubeke sihamba ‘eNdleleni Yobungcwele’ kuphela uma sigwema ukuziphatha okungcolile, ngasese nasobala.
“Akukho Ngonyama Eyoba Lapho”
Ukuze bathole umusa kaJehova, uNkulunkulu ongcwele, kungase kudingeke ukuba abanye benze izinguquko ezinkulu ekuziphatheni nasenkulumweni. U-Isaya 35:9 uthi: “Akukho ngonyama eyoba lapho, nohlobo oluhahayo lwezilo zasendle ngeke lukhuphukele kuyo,” okungukuthi, “iNdlela Yobungcwele.” Ngomqondo ongokomfanekiso, abantu abanobudlova nabanolaka ezenzweni nasenkulumweni yabo bafaniswa nezilo zasendle. Ngokuqinisekile ngeke babe nandawo ezweni elisha likaNkulunkulu lokulunga. (Isaya 11:6; 65:25) Ngakho-ke, kubalulekile ukuba labo abafisa ukwamukelwa uNkulunkulu bayeke ubuntu obunjalo bobulwane, baphishekele inkambo yobungcwele.
ImiBhalo iyasiyala: “Makususwe kini konke ukufutheka okubi nentukuthelo nolaka nokuklabalasa nokuhlambalaza kanye nabo bonke ububi.” (Efe. 4:31) KweyabaseKolose 3:8, siyafunda: “Kulahleni konke kude nani, ulaka, intukuthelo, ububi, inkulumo eyihlazo, nenkulumo eyichilo ephuma emlonyeni wenu.” Inkulumo ethi “inkulumo eyihlazo” nethi “ukuhlambalaza” ezisetshenziswe kula mavesi amabili ngokuyisisekelo zibhekisele enkulumweni elimazayo, ejivazayo, noma eyinhlamba.
Namuhla, inkulumo elimazayo nenhlamba seyande kakhulu ngisho nasekhaya. Imibhangqwana eshadile ithuthana ngamazwi ahlabayo, anonya noma okweyisa ize iwajikijele nasezinganeni zayo. Lolu hlobo lokulwa ngamazwi akufanele lube khona emakhaya amaKristu.—1 Kor. 5:11.
Ukuphishekela “Ubungcwele Ngokwesaba UNkulunkulu” Kuyisibusiso!
Yeka ukuthi kuyilungelo elingakanani ukukhonza uJehova, uNkulunkulu ongcwele! (Josh. 24:19) Ipharadesi elingokomoya uJehova asilethe kulo liyigugu kakhulu. Ngokuqinisekile, ukugcina ukuziphatha kwethu kungcwele emehlweni kaJehova kuyindlela engcono kakhulu yokuphila.
Maduze nje iPharadesi lasemhlabeni elithenjiswe uNkulunkulu lizofika. (Isaya 35:1, 2, 5-7) Labo abalilangazelelayo nabaqhubeka bephishekela inkambo yokwesaba uNkulunkulu bayobusiswa ngokuvunyelwa ukuba bangene kulo. (Isaya 65:17, 21) Khona-ke, masiqhubekeni sikhulekela uNkulunkulu sihlanzekile ngokomoya futhi silondoloze ubuhlobo obuseduze naye.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ingxoxo eveza umahluko phakathi ‘kokungcola okunokuhaha’ ‘nokungcola,’ bheka INqabayokulinda ka-July 15, 2006, amakhasi 29-31.
[Isithombe ekhasini 26]
Yini eyayidingeka kumaJuda ukuze ahambe ‘eNdleleni Yobungcwele’?
[Isithombe ekhasini 27]
Ukubuka izithombe ezingcolile zobulili kulimaza ubuhlobo bomuntu noJehova
[Isithombe ekhasini 28]
‘Makususwe kini konke ukuklabalasa nokuhlambalaza’