Njengezintethe
INGABE wake wahambahamba wanqamula endaweni enotshani ehlobo futhi wabona izintethe ezingenakubalwa zindiza ziqhela endleleni ohamba kuyo? Zibonakala zikuyo yonke indawo, nakuba kungenzeka ukuthi awuzange uzinake. Kunjalo njé, zibonakala zingenangozi futhi zingabalulekile.
Nokho, ukungabaluleki kwezintethe kuzenza zibe uphawu olufanelekayo lwesintu. Nakuba abantu abathile abavelele bengase bazibheke njengababaluleke kakhulu, uMdali wethu ucabanga ngendlela ehlukile. Umprofethi wakhe u-Isaya wathi: “Nguye ohlezi esiyingelezini somhlaba—abakhile kuwo banjengezintethe.”—Isaya 40:22.
Ubukhulu, amandla, nokuhlakanipha kukaJehova uNkulunkulu kumphakamisa kakhulu ngaphezu kwemibuso yabantu abavamile, njengoba nje nomuntu ephakeme kakhulu kunezintethe ngokuhlakanipha namandla. Nokho, imfanelo ephakeme kaNkulunkulu uthando. Futhi uthando lwakhe olungenakuqhathaniswa lumshukumisela ekubeni asiqaphele, asisize, futhi asisindise—uma simthanda futhi simlalela. UJehova usebenzelana nathi ngothando, ngisho nakuba sinjengezintethe ezingabalulekile. Umhubi wathi: “Ngubani onjengoJehova uNkulunkulu wethu, ohlezi phezulu, ozithoba ukubona ezulwini nasemhlabeni, na? Uyavusa odingayo othulini, aphakamise ompofu ezaleni.”—IHubo 113:5-7.
Njengoba lelihubo lichaza, ngothando uJehova unikeza umuntu ophansi usizo. Yebo, usiza labo ngokuthobeka ‘abafuna uNkulunkulu futhi bamfumane.’ (IzEnzo 17:27) Labo abamfumanayo uNkulunkulu—futhi bamkhonze—baze babe ngisho nayigugu emehlweni akhe. (Qhathanisa no-Isaya 43:4, 10.) Ngaleyondlela intethe ethobekile isikhumbuza ngokungabaluleki kwethu siqu nangothando loMdali wethu umninimandla onke, onikeza isintu esilalelayo ubungane bakhe nomusa ongasifanele. Ingabe ubonisa ukwazisa ngothando lukaNkulunkulu?