UMdali Angenza Ukuphila Kwakho Kube Nenjongo
“Makuthathe kudumise igama likaJehova, ngokuba wayaleza, kwadaleka.”—IHUBO 148:5.
1, 2. (a) Yimuphi umbuzo okufanele siwuhlole? (b) Indalo ihileleke kanjani embuzweni ka-Isaya?
“AWAZI yini?” Lokhu kungase kuzwakale njengombuzo nje oholayo, owenza abaningi baphendule ngokuthi, ‘Angazi ukuthini?’ Kodwa umbuzo onzulu. Futhi impendulo yawo singayiqonda kangcono uma sihlola isimo owabuzwa kuso—esahlukweni 40 sencwadi yeBhayibheli ka-Isaya. Wabhalwa umHeberu wasendulo, u-Isaya, ngakho mdala lo mbuzo. Kanti futhi ungowesimanje kakhulu, uphathelene nayo kanye injongo eyinhloko yokuphila kwakho.
2 Njengoba ubaluleke kangako lo mbuzo oku-Isaya 40:28, kufanele sicabange ngawo ngokujulile: “Awazi yini? Awuzwanga na? UJehova unguNkulunkulu ongunaphakade; udalile imikhawulo yomhlaba.” (Omalukeke sizenzele.) Ngakho lokho okwakufanele ‘kwaziwe’ kwakuhilela uMdali womhlaba, futhi umongo ubonisa ukuthi kuhileleke okungaphezu komhlaba. Emavesini amabili angaphambili u-Isaya wabhala ngezinkanyezi: “Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone. Ngubani odalile lezo zinto na? Nguye okhipha ibandla lazo ngezibalo . . . ngobuningi bamandla akhe nangobukhulu bezikhwepha zakhe ayisilali neyodwa.”
3. Kungani kufanele ufune ukwazi okwengeziwe ngoMdali nakuba kukuningi okwaziyo ngaye?
3 Yebo, umbuzo othi, “Awazi yini?” empeleni uphathelene noMdali wendawo yonke. Kungenzeka wena ngokwakho uyaqiniseka ukuthi uJehova uNkulunkulu “udalile imikhawulo yomhlaba.” Kungenzeka nokuthi wazi okuningi ngobuntu nezindlela zakhe. Kodwa ungathini uma ungahlangana nomuntu ongabazayo ukuthi ukhona uMdali futhi okusobala ukuthi akamazi ukuthi unjani? Akufanele kukumangaze ukuhlangana nomuntu onjalo ngoba kunezigidi zezigidi ezingamazi uMdali noma ezingakholelwa kuye.—IHubo 14:1; 53:1.
4. (a) Kungani kufaneleka ngalesi sikhathi ukucabanga ngoMdali? (b) Yiziphi izimpendulo isayensi engenakuzinikeza?
4 Izikole zenza kube nabantu abaningi abangabaza izinto, abanomuzwa wokuthi isayensi inazo (noma izozithola) izimpendulo zemibuzo yemvelaphi yendawo yonke nokuphila. Kwethi The Origin of Life (ngesiFulentshi eyabhalwa ngaso ithi: Aux Origines de la Vie) abalobi uHagene noLenay bayaphawula: “Umsuka wokuphila useyinto okuphikiswana ngayo ekuqaleni kwekhulu lamashumi amabili nanye. Le nkinga, njengoba kunzima kangaka ukuyixazulula, idinga ukucwaningwa kuyo yonke imikhakha, kusukela emkhathini omkhulukazi kuye entweni encane kunazo zonke.” Noma kunjalo, isahluko sokugcina esithi, “Umbuzo Usalokhu Uphakeme,” siyavuma: “Siye sahlola izimpendulo ezithile ezingokwesayensi zalo mbuzo othi, Ukuphila kwaqala kanjani emhlabeni? Kodwa kungani ukuphila kwaba khona? Ingabe ukuphila kunawo umgomo? Isayensi ayinakuyiphendula le mibuzo. Yona imane ihlole ukuthi izinto zenzeka ‘kanjani.’ Ukuthi zenzeka ‘kanjani’ nokuthi ‘kungani’ zenzeka kuyimibuzo emibili ehlukene ngokuphelele. . . . Ngokuphathelene nombuzo othi ‘kungani,’ impendulo kumelwe itholwe yifilosofi, inkolo, futhi—ngaphezu kwakho konke—yithi ngabanye.”
Ukuthola Izimpendulo Nenjongo
5. Luhlobo luni lwabantu abangase bazuze ngokukhethekile ngokwazi uMdali kangcono?
5 Yebo, sifuna ukuqonda ukuthi kungani kukhona ukuphila—futhi ikakhulu ukuthi kungani silapha. Ngaphezu kwalokho, kufanele sibe nesithakazelo kubantu abangakafinyeleli esiphethweni sokuthi ukhona uMdali futhi ngokuqinisekile abangazi lutho olutheni ngezindlela zakhe. Noma, cabanga ngalabo abanesizinda esihilela ukuqonda uNkulunkulu ngendlela ehluke kakhulu kuleyo evezwa yiBhayibheli. Izinkulungwane zezigidi ziye zakhulela eMpumalanga noma kwezinye izindawo lapho iningi labantu lingacabangi khona ngoNkulunkulu ongumuntu ongokoqobo nonobuntu obukhangayo. Igama elithi “nkulunkulu” lingase libenze bacabange ngamandla noma imbangela engaqondakali. ‘Abamazi uMdali’ noma izindlela zakhe. Uma bona, noma izigidi zabanye abanemibono efanayo, bebengaqiniseka ukuthi ukhona uMdali, yeka izinzuzo abebengazithola, kuhlanganise namathemba okuphila okumi phakade! Bebengathola nokuthile okuyivelakancane ngempela—injongo yangempela nokuthula kwengqondo ekuphileni.
6. Ukuphila kwabaningi namuhla kufana kanjani nalokho okwenzeka kuPaul Gauguin nakomunye wemifanekiso yakhe?
6 Ngokwesibonelo: Ngo-1891, umdwebi ongumFulentshi uPaul Gauguin wahamba eyofuna ukuphila okwanelisayo eFrench Polynesia eyayisapharadesi. Kodwa ngokushesha ukuziphatha kwakhe kokuzitika kwangesikhathi esidlule kwambangela ukuba agule, yena nabanye. Lapho esenomuzwa wokuthi wayesezokufa, wadweba umfanekiso omkhulu okubonakala sengathi kuwo ‘wayechaza ukuphila ngokuthi kuyimfihlakalo enkulu.’ Uyazi ukuthi wawuqamba ngokuthini uGauguin lowo mfanekiso? Ngokuthi, “Sivelaphi? Siyini? Siyaphi?” Kungenzeka uke wezwa abathile bebuza imibuzo efanayo. Baningi abayibuzayo. Kodwa uma bengazitholi izimpendulo ezanelisayo—bengatholi njongo yangempela ekuphileni—kufanele benzenjani? Bangase baphethe ngokuthi ukuphila kwabo kufuze okwezilwane.—2 Petru 2:12.a
7, 8. Kungani ukucwaninga kwesayensi kukodwa kunganele?
7 Ngakho ungaqonda ukuthi kungani umuntu onjengoprofesa wesayensi yezinto zemvelo uFreeman Dyson ayengabhala ukuthi: “Kunabaningi kakhulu abacabanga njengami lapho ngiphinda ngibuza imibuzo eyabuzwa nguJobe. Kungani sihlupheka? Kungani izwe lingenabo kangaka ubulungisa? Kungani sizwa ubuhlungu futhi sibhekana nosizi?” (Jobe 3:20, 21; 10:2, 18; 21:7) Njengoba kushiwo, abantu abaningi baphendukela kuyisayensi kunokuba baphendukele kuNkulunkulu ukuze bathole izimpendulo. Izazi zesayensi yezinto eziphilayo, izazi zesayensi yezinto zasolwandle kanye nezinye izazi zandisa ulwazi ngokuphathelene nembulunga yethu nokuphila okukuyo. Zicwaninga ngenye indlela, izazi zezinkanyezi nezazi zezinto zemvelo zifunda okwengeziwe kunanini ngaphambili ngesimiso sethu selanga, izinkanyezi ngisho nangemithala ekude. (Qhathanisa noGenesise 11:6.) Yiziphi iziphetho ezinengqondo akhomba kuzo lawo maqiniso?
8 Abanye ososayensi bakhuluma ‘ngomqondo’ noma ‘ngombhalo wesandla’ kaNkulunkulu owembulwe endaweni yonke. Kodwa kungenzeka yini ukuthi lokho kuwukungaliqondi iphuzu eliyinhloko? Umagazini i-Science waphawula: “Lapho abacwaningi bethi isayensi yokuhlola indawo yonke yembula ‘umqondo’ noma ‘umbhalo wesandla’ kaNkulunkulu, banikeza uNkulunkulu udumo ngalokho empeleni okungenzeka kuyisici sendawo yonke esincane uma siqhathaniswa nezinye—ukwakheka kwayo.” Eqinisweni, isazi sesayensi yezinto zemvelo esake sathola umklomelo kaNobel, uSteven Weinberg, sabhala: “Njengoba kubonakala sengathi indawo yonke iya iqondakala, iya ibonakala futhi ingenanjongo.”
9. Yibuphi ubufakazi obungasiza thina nabanye ukuba sazi ngoMdali?
9 Noma kunjalo, kungenzeka uphakathi kwezigidi eziye zayihlolisisa ngokunzulu le ndaba futhi eziqondayo ukuthi injongo yangempela ekuphileni ihlobene nokwazi uMdali. Khumbula lokho okwabhalwa umphostoli uPawulu: “Abantu abanakusho ukuthi abazi ngoNkulunkulu. Kusukela ekuqaleni kwezwe, abantu babekwazi ukubona ukuthi unjani uNkulunkulu ngezinto azenzile. Lokhu kubonisa amandla aKhe ahlala phakade. Kubonisa ukuthi unguNkulunkulu.” (Roma 1:20, Holy Bible, New Life Version) Yebo, kunamaqiniso aphathelene nomhlaba wethu nathi angasiza abantu ukuba baqonde uMdali futhi bathole injongo ngokuphathelene naye. Cabanga ngezici ezintathu zalokhu: indawo yonke esizungezile, imvelaphi yokuphila namakhono engqondo yethu.
Izizathu Zokukholelwa
10. Kungani kufanele sicabange ‘ngesiqalo’? (Genesise 1:1; IHubo 111:10)
10 Yaba khona kanjani le ndawo yonke? Kungenzeka uyazi ngokwemibiko etholakala ngokubuka umkhathi ngezibona-kude nangokuya kuwo ukuthi iningi lososayensi liyaqaphela ukuthi indawo yonke ayiyona into ebilokhu ikhona. Yaba nesiqalo, futhi iyanda. Kusikiselani lokhu? Lalela isazi sezinkanyezi uSir Bernard Lovell: “Uma esikhathini esithile esidlule, iNdawo Yonke yake yanyinyeka yaba yinto eyodwa encane ngokungenakulinganiswa nethothene ngokungenakulinganiswa, kudingeka sibuze ukuthi yini eyayikhona ngaphambili . . . Kudingeka sibhekane nombuzo weSiqalo.”
11. (a) Indawo yonke inkulu kangakanani? (b) Ukunemba okusendaweni yonke kusikiselani?
11 Ukwakheka kwendawo yonke, kuhlanganise nomhlaba wethu, kubonisa ukuhlelwa ngokunemba okumangalisayo. Ngokwesibonelo, izici ezimbili eziphawulekayo ngelanga lethu nezinye izinkanyezi ukuthi zombili lezi zinto ziyaqhubeka zisebenza kahle isikhathi eside nokuthi zizinzile. Njengamanje kulinganiselwa ukuthi inani lemithala ekhona emkhathini obonakalayo lisukela ezinkulungwaneni eziyizigidi ezingu-50 (50 000 000 000) liye kwezingu-125. Futhi umthala wethu iMilky Way unezinkulungwane zezigidigidi zezinkanyezi. Cabanga-ke: Siyazi ukuthi injini yemoto ifuna isilinganiso esinembile samafutha nomoya. Uma unemoto, ungase uqashe umakhenikha oqeqeshiwe ukuba akulungisele injini yayo, ukuze imoto yakho ihambe kahle, nangesilinganiso esifanele samafutha. Uma ukunemba okunjalo kwezilinganiso kubalulekile enjinini nje, kuthiwani, ngokwesibonelo, ngelanga lethu “elivutha” ngesilinganiso esifanele? Ngokusobala, amandla ayinhloko ahilelekile alinganiswe ngokunembile ukuze kube nokuphila emhlabeni. Ingabe lokho kwamane kwazenzekela? UJobe wasendulo wabuzwa: “Nguwe yini owamemezela imithetho elawula amazulu, noma owanquma imithetho yemvelo emhlabeni?” (Jobe 38:33, The New English Bible) Akwenziwanga muntu. Zavelaphi lezi zilinganiso ezinembe kangaka?—IHubo 19:1.
12. Kungani kungekhona okungenangqondo ukucabanga ukuthi indalo yenziwa Othile ohlakaniphile nonamandla?
12 Kungenzeka yini ukuthi kuvela kokuthile noma Kothile ongenakubonwa ngamehlo omuntu? Cabanga ngalo mbuzo unombono wesayensi yamuva. Iningi lezazi zesayensi yezinkanyezi seliyavuma ukuthi kunezindikimba zasezulwini ezinamandla kakhulu—ama-black hole. Lezi zindikimba azinakubonwa, kodwa izazi ziyaqiniseka ukuthi zikhona. Ngokufanayo, iBhayibheli libika ukuthi kwenye indawo kunezidalwa ezinamandla ezingenakubonwa—izidalwa zomoya. Uma kunezidalwa ezinjalo ezinamandla ezingenakubonwa, akuyona yini into ekholelekayo ukuthi ukunemba okutholakala endaweni yonke kwavela kuMuntu ohlakaniphile nonamandla?—Nehemiya 9:6.
13, 14. (a) Yini isayensi empeleni eye yayithola ngemvelaphi yokuphila? (b) Ukuba khona kokuphila emhlabeni kubonisani?
13 Umkhakha wesibili wobufakazi obungasiza abantu bamukele ukuthi kunoMdali uphathelene nemvelaphi yokuphila. Kusukela ekuhloleni okwenziwa uLouis Pasteur, kuye kwamukeleka ukuthi ukuphila akumane kube khona ngokuzenzakalelayo kusukela ezeni. Ngakho kwaqala kanjani ukuphila kwasemhlabeni? Ngawo-1950, ososayensi bazama ukufakazela ukuthi kungenzeka ukuthi ukuphila kwakheka kancane kancane olwandle oluthile lwamandulo lapho umoya wakudala osemkhathini wawulokhu ushaywa umbani. Nokho, ubufakazi bamuva nje bubonisa ukuthi imvelaphi enjalo yokuphila kwasemhlabeni ayinakuba yiqiniso ngoba umkhathi onjalo awukaze ube khona. Ngenxa yalokho, abanye ososayensi bafuna incazelo engenalo iphutha elingangaleli. Kodwa ingabe nabo abalitholi iphuzu?
14 Ngemva kokuchitha amashumi eminyaka etadisha indawo yonke nokuphila okukuyo, usosayensi waseBrithani uSir Fred Hoyle wathi: “Kunokuba samukele umbono onamathuba amancane kakhulu okuba yiqiniso wokuthi ukuphila kwavela emandleni emvelo angaqondiswa yilutho, kwabonakala kungcono ukuthatha ngokuthi ukuphila kwavela ngesenzo sokuhlakanipha esasihlosiwe.” Yebo, lapho sifunda ngokwengeziwe ngezimangaliso zokuphila, kuya kuba nengqondo ngokwengeziwe ukuthi ukuphila kwavela eMthonjeni othile ohlakaniphile.—Jobe 33:4; IHubo 8:3, 4; 36:9; IzEnzo 17:28.
15. Kungani kungase kuthiwe wena uhlukile?
15 Ngakho umkhakha wokuqala uphathelene nendawo yonke, owesibili imvelaphi yokuphila emhlabeni. Phawula owesithathu—ukuba kwethu abahlukile. Bonke abantu bahluke ngezindlela eziningi, ngakho lokho kusho ukuthi nawe uhlukile. Kanjani? Cishe uke wezwa ukuthi ubuchopho bufaniswa ne-computer enamandla. Nokho, okutholakele muva nje empeleni kubonisa ukuthi ukufanisa lezi zinto akufaneleki neze. Usosayensi othile eMassachusetts Institute of Technology wathi: “Ama-computer anamuhla awasondeli nakusondela kumuntu oneminyaka engu-4 ubudala ngekhono lawo lokubona, ukukhuluma, ukunyakaza, noma ukusebenzisa ukuhluzeka kwengqondo. . . . Kuye kwalinganiselwa ukuthi ngisho nekhono le-computer ephambili nenamandla kunawo wonke lokusingatha ukwaziswa lilingana nesimiso sezinzwa somnenke—isilinganiso esincane samandla akuyi-computer ephambili kakhulu esogebhezini [lwakho].”
16. Ukukwazi kwakho ukukhuluma ulimi kubonisani?
16 Ukukhuluma ulimi yikhono onalo ngenxa yobuchopho. Abanye abantu bakhuluma izilimi ezimbili, ezintathu noma ngaphezulu, kodwa ikhono lokukhuluma ngisho nolulodwa lisenza sihluke. (Isaya 36:11; IzEnzo 21:37-40) UProfesa R. S. noD. H. Fouts babuza: “Ingabe ngumuntu kuphela . . . okwaziyo ukuxhumana nabanye ngokusebenzisa ulimi? . . . Ngokuqinisekile zonke izilwane okuthiwa zingcono ziyaxhumana . . . ngokushukuma komzimba, ngephunga, ngokukhala, ngomsindo nangezingoma, ngisho nangokubhuza kwezinyosi. Nokho izidalwa ezingebona abantu azibonakali ziye zakha ulimi olunesimiso sokuhlelwa kwamagama. Futhi, okungase kube okubaluleke nakakhulu ukuthi, izilwane azikwazi ukudweba imifanekiso yokuthile. Zisuke zizame kakhulu lapho zimane zibhala amakokoloshe.” Ngempela, abantu yibona kuphela abangasebenzisa ubuchopho ukuze bakhulume ulimi oluthile futhi badwebe imifanekiso enengqondo.—Qhathanisa no-Isaya 8:1; 30:8; Luka 1:3.
17. Yimuphi umehluko oyisisekelo ophakathi kwesilwane esibuka isibuko nomuntu uma enza okufanayo?
17 Ngaphezu kwalokho, wena uyakwazi ukuzibona; uyazazi. (IzAga 14:10) Ingabe wake wayibuka inyoni, inja, noma ikati kubuka isibuko bese kungcofa, kugwavume noma kuhlasele? Kucabanga ukuthi kubona esinye isilwane, akuboni ukuthi yiko. Ngokuphambene, lapho wena ubuka esibukweni, uyazi ukuthi nguwena lo muntu ombonayo. (Jakobe 1:23, 24) Ungase ubheke indlela obukeka ngayo noma uzibuze ukuthi kazi uyobe unjani eminyakeni embalwa ezayo. Izilwane azikwenzi lokho. Yebo, ubuchopho bakho bukwenza uhluke. Luya kubani udumo? Baba khona kanjani ubuchopho bakho, uma bungenziwanga nguNkulunkulu?
18. Yimaphi amakhono engqondo akwenza uhluke ezilwaneni?
18 Futhi, ubuchopho bakho bukwenza ukwazi ukwazisa ubuciko nomculo futhi ube nezindinganiso zokuhle. (Eksodusi 15:20; AbAhluleli 11:34; 1 AmaKhosi 6:1, 29-35; Mathewu 11:16, 17) Kungani kungezona izilwane, kodwa kunguwe onalokhu? Zona, ubuchopho bazo ngokuyinhloko zibusebenzisela ukunakekela izidingo zamanje—ukuthola ukudla, ukuthola umngane noma ukwakha isidleke. Abantu yibona kuphela abangacabangi ngesikhathi samanje kuphela. Abanye bacabanga ngisho nangendlela izenzo zabo eziyoyithinta ngayo indawo ezungezile noma izizukulwane zabo ezisekude. Ngani? UmShumayeli 3:11 uthi ngabantu: “[UMdali] ubekile nokuphakade ezinhliziyweni zabo.” Yebo, ikhono lakho lokucabanga ngalokho okushiwo yisikhathi esingapheli noma lokucabanga ngokuphila okungenakuphela liyinto ekhethekile.
Vumela UMdali Enze Kube Nenjongo
19. Iyiphi indlela yokubonisana enemibuzo ehlukaniswe kathathu ongase uyisebenzisele ukusiza abanye ukuba bacabange ngoMdali?
19 Sithinté imikhakha emithathu kuphela: ukunemba okubonakala endaweni ezungezile enkulukazi, imvelaphi yokuphila emhlabeni nokuhluka okungenakuphikwa kobuchopho bomuntu namakhono abo ahlukahlukene. Abonisani la maphuzu amathathu? Nansi indlela ongabonisana ngayo nabanye ukuze ubasize bafinyelele isiphetho. Ungase uqale ngokubuza: Ingabe indawo yonke yaba nesiqalo? Iningi liyovuma ukuthi yaba naso. Yibe usubuza: Ingabe leso siqalo sazenzakalela, noma senziwa? Abantu abaningi bayaqaphela ukuthi isiqalo sendawo yonke senziwa. Lokhu kuholela embuzweni wokugcina: Ingabe leso siqalo senziwa into ethile noma Othile ongunaphakade? Lapho la maphuzu ebekwe ngokucacile nangokunengqondo ngale ndlela, angenza abaningi baphethe ngokuthi: Kumelwe ukuthi kunoMdali! Uma kunjalo, akufanele yini kube yinto engenzeka ukuba ukuphila kube nenjongo?
20, 21. Kungani ukwazi uMdali kubalulekile ukuze ube nenjongo ekuphileni?
20 Ukuphila kwethu kukonke, kuhlanganise nomuzwa wethu wokuziphatha okufanele nakho kanye ukuziphatha kwethu kufanele kuhlobane noMdali. UDkt. Rollo May wake wabhala ukuthi: “Okuwukuphela kwesimiso esifanelekayo sokuziphatha okufanele yileso esisekelwe enjongweni eyisisekelo yokuphila.” Sitholakalaphi leso simiso? Waqhubeka wathi: “Leso simiso esiyisisekelo siyisimo sikaNkulunkulu. Izimiso zikaNkulunkulu ziyizimiso ezisekela ukuphila kusukela ekuqaleni kwendalo kuya ekupheleni.”
21 Singaqonda kahle-ke ukuthi kungani umhubi ayebonisa ukuthobeka nokuhlakanipha lapho encenga uMdali: “Ngazise imendo yakho, Jehova; ngifundise izindlela zakho. Ngihambise eqinisweni lakho, ungifundise, ngokuba wena unguNkulunkulu wensindiso yami; ngilindela wena usuku lonke.” (IHubo 25:4, 5) Njengoba umhubi ayeya emazi kangcono uMdali, ngokuqinisekile ukuphila kwakhe kwakuba nenjongo nesiqondiso ngokwengeziwe. Kungaba njalo nangathi ngabanye.—Eksodusi 33:13.
22. Yini ehilelekile ekwazini izindlela zoMdali?
22 Ukufinyelela ukwazi “imendo” yoMdali kuhlanganisa nokwazi kangcono ukuthi unjani, kokubili ubuntu bakhe nezindlela zakhe. Kodwa njengoba uMdali engabonakali futhi enamandla ngokwesabekayo, singamazi kanjani kangcono? Isihloko esilandelayo sizohlola lokhu.
[Umbhalo waphansi]
a Esusela kulokho okwenzeka emakamu okuhlushwa amaNazi, uDkt. Viktor E. Frankl waphawula: “Ukufuna komuntu injongo kungamandla ayinhloko ekuphileni kwakhe, akukona nje ‘ukuzama ukunikeza izizathu ezingazwakali’ zalokho esikwenza sishukunyiswa umuzwa ongokwemvelo,” onjengalowo osezilwaneni. Wanezela ukuthi emashumini eminyaka athile ngemva kwempi yezwe yesibili, ukuhlola eFrance “kwabonisa ukuthi abantu abangu-89% abahlolwa bavuma ukuthi umuntu udinga ‘okuthile’ angaphilela kona.”
Ungaphendula Kanjani?
◻ Kungani kudingeka sidlulele ngalé kokuthola ukwaziswa okungokwesayensi mayelana nendawo yonke?
◻ Yini ongase ubhekisele kuyo lapho usiza abanye ukuba bacabange ngoMdali?
◻ Kungani ukwazi uMdali kuyisihluthulelo sokuba nenjongo eyanelisayo ekuphileni?
[Umdwebo/Isithombe ekhasini 18]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Siyini Isiphetho Sakho?
Indawo Yonke
↓ ↓
Ayibanga Yaba
Nasiqalo Nesoqalp
↓ ↓
Esazenzakalela Esenziwa
↓ ↓
Okuthile Othile
Okungunaphakade Ongunaphakade
[Isithombe ekhasini 15]
Ubukhulukazi nokunemba okusendaweni yonke kuye kwaholela abaningi ekubeni bacabange ngoMdali
[Umthombo]
Pages 15 and 18: Jeff Hester (Arizona State University) and NASA