Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Ukugcwalisa Isiprofetho SikaIsaya
NGEMVA kokuba uJesu ebonile ukuthi abaFarisi neqembu labalandeli bakaHerode bahlela ukumbulala, yena nabafundi bakho bagudlukela oLwandle lwaseGalile. Lapha izixuku ezinkulu ezivela kulo lonke elasePalestine, ngisho nangaphandle kwemingcele yalo, zithutheleka kuye. Uphulukisa abaningi, ngenxa yalokho bonke abanezifo ezidabukisayo baphokophelela ukumthinta.
Ngenxa yokuthi izixuku zinkulu kakhulu, uJesu utshela abafundi bakhe ukuba isikebhe simlinde. Ngokusuka ogwini, angagcina izixuku zikude ukuze zingamcindezeli. Angazifundisa esesikebheni noma agudlukele kwenye indawo egudla ugu ukuze asize abantu lapho.
Umfundi uMathewu uphawula ukuthi umsebenzi kaJesu ugcwalisa “okwakhulunywa ngoIsaya umprofethi.” Khona-ke uMathewu ucaphuna isiprofetho uJesu asigcwalisayo, esithi:
“Bheka, inceku yami engiyikhethileyo, othandiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami, ngiyakuzisa uMoya wami phezu kwakhe, amemezele ukwahlulela kubo abezizwe. Akayikubanga, akayikubangalasa, akakho oyakulizwa izwi lakhe ezitaladini. Umhlanga ofecekileyo akayikuwaphula, umongo othunqayo akayikuwucima, aze aphumelelise ukwahlulela, kunqobe. Izizwe ziyakwethembela egameni lakhe.”
Eqinisweni, uJesu, uyinceku ethandiweyo leyo uNkulunkulu athokozayo ngayo. Futhi uJesu umemezela ukwahlulela ngokulunga okuyiqiniso, okufihlwa amasiko amanga enkolo. Ngenxa yokusebenzisa kwabo kabi umthetho kaNkulunkulu, abaFarisi ngeke baze ngisho bamsize umuntu ogulayo ngeSabatha! Ngakho-ke, ebonisa ngokusobala ukwahlulela ngokulunga kukaNkulunkulu, uJesu ukhulula abantu emthwalweni wamasiko angalungile, futhi lokho kwenza ukuba abaholi benkolo bazame ukumbulala.
Kusho ukuthini ukuthi ‘akayikubanga, akayikuphakamisa izwi lakhe ukuze azwakale ezitaladini’? Nokho, lapho ephulukisa abantu, uJesu ‘ubayalisisa ukuba bangamzwakalisi.’ Akafuni ukuba azazise ngokubanga umsindo emigwaqweni noma ukuba kwedluliselwe imibiko ejabulisayo komunye nomunye futhi ihlanekezelwe.
Futhi, uJesu uyisa isigijimi sakhe esiduduzayo kubantu ngokomfanekiso abanjengomhlanga ofecekileyo, ogotshiwe futhi owephuliwe. Banjengomongo othunqayo, abanhlansi yabo yokugcina yokuphila icishe yacinywa. UJesu akawaphuli umhlanga ofecekileyo noma acime umongo olokozayo, othunqayo. Kodwa ngomusa nangothando uphakamisa abathobekileyo ngokuhlakanipha. Ngokuqinisekile, uJesu uyilowo izizwe ezingathembela kuye! Mathewu 12:15-21; Marku 3:7-12; Isaya 42:1-4.
◆ UJesu ukubonisa ngokucacile kanjani ukwahlulela ngokulunga, engabangi noma aphakamise izwi lakhe ezitaladini?
◆ Obani abanjengomhlanga ofecekileyo nomongo othunqayo, futhi uJesu ubaphatha kanjani?