“Umphathi” Njengoba Ebhekene NeHar-Magedoni
1. Yini ezokwenzeka eHar-Magedoni isigaba so“mphathi” esibhekene nayo, futhi “umphathi” wamelelwa ubani osukwini lukaHezekiya iNkosi yaseJerusalema?
IHAR-MAGEDONI igama lesiHeberu lendawo lapho ‘impi yosuku olukhulu lukaMninimandla onke’ izolwelwa khona emva kwesikhashana. Insali yesigaba so“mphathi” manje ibhekene naleyo‘mpi’ lesisimiso sezinto sezwe esiyophela kuyo phakade. Ngakho isigaba so“mphathi” sihlala siphapheme ngokomoya ukuze sibone indlela inkosi ebuyile, uJesu Kristu okhazinyulisiwe, eyobhubhisa ngayo izitha ezibonakalayo zoMbuso eziwukhulekela kuJehova uNkulunkulu: “Mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.” (Math. 6:9, 10; IsAm. 16:14-16) Lesisimo sezwe lonke sezindaba safanekiswa noma sabikezelwa yilokho okwenzeka phakathi nokuphatha komIsrayeli iNkosi uHezekiya waseJerusalema eyamenza umphathi wayo wasebukhosini phakathi nesikhathi esinzima kakhulu.
2. Ubani owayengumJuda, futhi wangena esikhundleni sikabani ebuphathini basebukhosini, ngokukaIsaya 22:15-25?
2 “Umphathi” kwakungumJuda ogama lakhe linguEliyakimi indodana kaHilikiya. Izikhathi ezintathu kukhulunywa ngaye njengendoda eyayi“phezu kwendlu” yeNkosi uHezekiya. (Isaya 36:3, 22; 37:2) Wayethathe isikhundla sendoda egama layo linguShebina kulesisikhundla sasebukhosini. Isimemezelo sikaNkulunkulu ngokuqondene noEliyakimi noShebina silotshwe kuIsaya 22:15-25. Lapho siyafunda:
“Isho kanje iNkosi uJehova-Sebawoti, ithi: Hamba uye kuleyonduna uShebina ophezu kwendlu, uthi: Wenzani lapha, futhi unobani lapha ukuba uziqophele lapha ithuna na? Uziqophela ithuna lakhe phezulu, uzikipilitela indawo yokuhlala edwaleni! Bheka, uJehova uyakukulahla njengalokhu umuntu elahla, abambe nokubamba. Uyakukuthandela nokukuthandela njengokuthandelweyo, akulahle njengegabade ezweni elibanzi. Uyakufela khona, lapho kuyakuba-khona nezinqola zodumo lwakho wena-hlazo lendlu yenkosi yakho. Ngiyakukuhlohloloza esikhundleni sakho, ngikuwise endaweni yakho.a
“Kuyakuthi ngalolosuku ngiyibize inceku yami uEliyakimi indodana kaHilikiya; ngiyakumembathisa ingubo yakho, ngimqinise ngebhande lakho, nginikeze ukubusa kwakho esandleni sakhe, abe-nguyise kwabakhileyo eJerusalema nakuyo indlu yakwaJuda. Ngiyakubeka isihluthulelo sendlu kaDavide ehlombe lakhe; uyakuvula kungavali-muntu, avale kungavuli-muntu. Ngiyakumbethelisa okwesipikili endaweni eqinileyo, abe-yisihlalo sobukhosi esikhazimulayo endlini kayise. Bayakuphanyeka phezu kwakhe lonke udumo lwendlu kayise, inzalo nabantwana, zonke izitsha ezincane, imicengezi nezinkamba.
“Ngalolosuku, usho uJehova-Sebawoti, isipikili esabethelwa endaweni eqinileyo siyakukhumuka, sinqanyulwe, siwe, nomthwalo obukuso unqunywe, ngokuba uJehova ukhulumile.”
3. (a) Igama elithi Eliyakimi lisho ukuthini, futhi yabonakala kanjani incazelo yegama endabeni yomnikazi walo? (b) Obani abathunyelwa ukuyolalela inkulumo ehlambalazayo phambi kwezindonga zeJerusalema, futhi sadluliselwa kubani isicelo sosizo ekugcineni?
3 Njengokuvumelana nencazelo yegama lakhe, “uNkulunkulu uyaphakamisa,” uJehova wenyusela uEliyakimi ebuphathini basendlunkulu yenkosi eHezekiya. Lokhu kwenzeka ngaphambi kokuba umbusi waseAsiriya, uSaneheribi, ahlasele izwe lakwaJuda ngo-732 B.C.E. USaneheribi wakanisa amabutho akhe aba yibangana neJerusalema wayesethuma isithunywa sakhe, uRabishake, enempi enkulu, ukuba bame phambi kweJerusalema bafune ngenkani ukuba lizinikele. Lapho benza lokho, uRabishake wagxeka uJehova njengoNkulunkulu futhi waphakamisa iAsiriya nombusi walo. Inkosi yaseJerusalema, uHezekiya, wathumela abakhulumeli bakhe ukuba bayolalela lenkulumo yokweyisa uNkulunkulu, kuhlanganise noEliyakimi, ongumphathi manje, noShebina, owayehliselwe esikhundleni sokuba unobhala, noJowa, umabhalane. Bedabuke kakhulu ngalokho abakuzwa, babika eNkosini uHezekiya. Ingazi nokuthi izothini, inkosi yadlulisela kumprofethi uIsaya, ummeleli kaJehova.—Isaya 36:1–37:7.
4. Ekugcwalisekeni kwanamuhla kwesehlakalo sasendulo, uSaneheribi ufanekisela bani, uHezekiya ufanekisela bani, futhi uEliyakimi yena?
4 Lapho sibona izimo ezingokoqobo ezifanayo ezingena esimweni esinzima sanamuhla. USaneheribi inkosi yaseAsiriya ifanekisela isitha sombuso kaNkulunkulu, esinguSathane uDeveli,b ufuna ngenkani ukuzinikela kwabantu bakaJehova abahlelekile ngaphansi kokugqilazeka okubuhlungu noma ukubhujiswa. Inkosi egcotshiwe uHezekiya, egama layo lisho ukuthi “uJah unike amandla,” ifanekisela iNkosi ebusayo manje, uJesu Kristu, onomuzwa wokudabuka okukhulu ngabafundi bakhe abathembekile emhlabeni njengoba behlushwa ukugconwa futhi bebhekana nokusongela kokubhujiswa esandleni senhlangano kaDeveli. UEliyakimi, “umphathi” phezu kwendlu yeNkosi uHezekiya, ufanekisela insali yesigaba so“mphathi” esasikhona emhlabeni phakathi nale“siphelo sesimiso sezinto” kusukela ngo-1914 C.E. Njengoba umphathi ongokoqobo uEliyakimi ayengumJuda noma umIsrayeli, insali yanamuhla yakhiwe uIsrayeli ongokomoya ngaphansi kweNkosi ebusayo uJesu Kristu.
5. Ngokusakaza umagazini INqabayokulinda ezweni kabanzi, abensali egcotshiwe bazihlanganisa nobani, futhi kunini lapho baphika khona amagama okugcona ababebizwa ngawo?
5 Kulesisikhathi sokugcina amalungu aphungukayo ensali egcotshiwe asasakaza emhlabeni kabanzi, ngezilimi eziningi, umagazini INqabayokulinda Imemezela UMbuso KaJehova. Ukuzibiza kwabo ngokukhethekile ngoJehova uNkulunkulu kungumphumela onengqondo wekhulu lama-20 ngokuthuthuka kwezehlakalo ezingokwasezulwini. Yebo, ngonyaka ongenakukhohlakala ka-1931 izinkulungwane eziningi zensali egcotshiwe zahlangana emhlanganweni wezizwe zonke eColombus, Ohio, futhi lapho, ngoJuly 26, zathatha isinqumo ngazwilinye sokuba zizibize ngegama eligunywazwa yiBhayibheli “ofakazi bakaJehova.” Kanjalo baphika amagama okugcona lawo izimiso zenkolo zeLobukholwa ezaziwanika labafundi beBhayibheli benhlangano yezwe lonke. Ngokushesha nje onke amabandla kaIsrayeli ongokomoya embulungeni yonke ngokuvumelana athatha leligama.
6. Ngokuzithathela igama likaNkulunkulu, yini ababezethwesa yona ngokuzithandela?
6 Kanjalo bathatha umthwalo wemfanelo obekwe ngamazwi abhekiswe kuIsrayeli wosuku lomprofethi uIsaya:
“Ningofakazi bami, usho uJehova, nenceku yami engiyikhethileyo ukuba nazi, ningethembe, niqonde ukuthi nginguye, . . . yebo, ningofakazi bami, usho uJehova, mina nginguNkulunkulu.”—Isaya 43:10-12.
IMITHWALO YEMFANELO YOBUPHATHI
7. (a) Abezenkolo abathi bangabaphathi bakuhlambalaza kanjani ukusho kwabo ngaphambi kokuphela kweMpi Yezwe I ngo-1918? (b) Abefundisi beLobukholwa bazibonakalisa kanjani benjengoShebina?
7 NjengoShebina kuhulumeni weNkosi uHezekiya phakathi nesikhathi sikaIsaya, kunabefundisi benkolo beLobukholwa abathi banelungelo elikhethekile lobuphathi emhlabeni ngaphansi kukaHezekiya Omkhulu, uJesu Kristu. Kodwa ngokungafani nabefundisi, amalungu athembekile ensali egcotshiwe yoFakazi BakaJehova aye akhuthazela ngobuqotho ukufeza ngeqiniso ubuphathi boMbuso. Lokhu kuye kwaba yiqiniso elivelele kusukela ekupheleni kwempi yezwe yokuqala eyaqala kweLobukholwa. Ngalesosikhathi abefundisi beLobukholwa abaphehla impi base bezenzela umlando ongenakwesulwa ngokuqondene nobuphathi abathi babemukele eNkosini, uJesu Kristu. Ngisho nangalesosikhathi ubufakazi base bunqwabelene bokuthi “izikhathi zabeZizwe” noma “izikhathi ezimisiwe zabezizwe” zaziphelile ekwindla ka-1914. Yebo, futhi, ngalesosikhathi uJesu Kristu okhazinyulisiwe wayeseqalile ukubusa emazulwini njengoHezekiya Omkhulu. (Hez. 21:25-27; Luka 21:24) Kodwa ingabe abefundisi beLobukholwa bavela ukuba basekele umbuso kaJehova omisiwe ngoKristu? Phinde!
8. Ngemva kokuba iNhlangano Yezizwe ihlulekile, isiphi isenzo abefundisi beLobukholwa abasithatha ngokuphambene nensali kaIsrayeli ongokomoya?
8 Ngo-1919 abefundisi beLobukholwa bazinikela ukuba bakhonze njengabaphathi beNhlangano Yezizwe eyayikhethiwe. Kodwa leNhlangano yahluleka ngokuphelele ngo-1939. Manje isiye yalandelwa isithunywa esilungisa ukugcinwa kokuthula, iZizwe Ezihlangene. Ngokuphambene impela nalabobefundisi, insali kaIsrayeli ongokomoya iqhubeka isekela umbuso kaNkulunkulu omisiwe ngoKristu.
9. Ngokwamaqiniso omlando, iyini impendulo yanamuhla embuzweni kaJesu okuLuka 12:43?
9 Ngakho kusukela ekuqaleni kwesahlulelo saphezulu ngo-1918, ubani oye wadunyiswa ngokuba umphathi noma oye waqiniswa kukho? Amaqiniso angokomlando kusukuela ngo-1918, azikhulumelayo, aphendula ngokuthi: Insali egcotshiwe kaIsrayeli ongokomoya. Njengesigaba bayimpendulo embuzweni kaJesu uqobo, “[Yi]muphi-ke umphathi othembekileyo noqondileyo, inkosi yakhe eyakumbeka phezu kwabendlu bayo ukuba abanike isabelo sabo sokudla ngesikhathi sakho?” (Luka 12:42) Bakha uEliyakimi OMkhulu wanamuhla. Okungukuthi, bayisigaba so“mphathi” esafanekiselwa uEliyakimi othembekileyo noqondileyo phakathi nokubusa kweNkosi uHezekiya (745-716 B.C.E.), ngesikhathi sokuhlasela kwama-Asiriya ezweni lakwaJuda.
10. Ngokwesiprofetho sikaJesu esikuLuka 12:43, 44, “umphathi” oyinceku, njengoba emelelwe insali kaIsrayeli ongokomoya, wayeyokwenziwa kanjani ‘ajabule’?
10 Naphezu komaye abakweLobukholwa nasezweni lonke lesintu, insali yesigaba so“mphathi” othembekileyo, ngempela, “ibusisiwe,” njengoba uJesu ngokwakhe abikezela, ethi: “Ibusisiwe leyonceku okuyakuthi inkosi yayo, nxa ifika, iyifumane yenze njalo.” Ngani? Ngenxa yeqiniso lokuthi, njengoba uJesu aqhubeka washo, “Impela ngithi kini: Iyakuyibeka phezu kwakho konke enakho.”—Luka 12:43, 44.
11. NgokukaIsaya 22:20, 21, uJehova wathi wayeyosivala kanjani isikhundla sikaShebina?
11 Ngendlela engokomoya sekuye kwenzeka ensalini ethembekileyo kaIsrayeli ongokomoya njengoba nje kwenzeka kuEliyakimi indodana kaHilikiya, owangena esikhundleni so“mphathi” uShebina owayezidumisa phezu kwendlu yeNkosi uHezekiya. Njengoba uJehova atshela umprofethi wakhe uIsaya: “Kuyakuthi ngalolosuku [lokuba uJehova axoshe uShebina esikhundleni sakhe] ngiyibize inceku yami indodana kaHilikiya; ngiyakumembathisa ingubo yakho [Shebina] ngimqinise ngebhande lakho ngikunikeze ukubusa kwakho esandleni sakhe, abe nguyise kwabakhileyo eJerusalema nakuyo indlu yakwaJuda.”—Isaya 22:20, 21.
12. Lokho kwahambisana nasiphi isenzo sikaJesu Kristu kusukela ngentwasahlobo ka-1919?
12 Lokhu kuyahambisana nokukhetha kukaJesu isigaba so“mphathi” othembekileyo, oqondileyo phezu kwakho konke anakho eMbusweni. Cishe kusukela entswasahlobo yonyaka ongemva kwempi u-1919 umlando omusha waqala emlandweni ongokwenkolo. Khona-ke, njengoEliyakimi, insali yesigaba so“mphathi” othembekile noqondayo yambathiswa ilungelo lokuba amanxusa ombuso kaJehova uNkulunkulu omiswe ngoKristu. (2 Kor. 5:20) Bekulesisikhundla baye bamemezela umbuso omisiwe ‘kubo bonke abakhileyo emhlabeni ukuba kube ubufakazi ezizweni zonke.’ (Math. 24:14; Marku 13:10) Uma kukhulunywa ngokomfanekiso, uNkulunkulu uMninimandla onke uye wababhukulisa ngenxa yobunzima balomthwalo wenkonzo ngokubopha izinkalo zabo nge“bhande” lomphathi noma isiphathimandla somuzi (so·khenʹ, ngesiHeberu; oikonómos ngokweSeptuagint yesiGreki).—Qhathanisa noZakariya 3:1-7.
13. Baphuma nini eBabiloni Elikhulu abenza isigaba so“mphathi” ohlangene, futhi “ukubusa” kwalo“mphathi” kwelulelwa nakubani?
13 Ngokuphawulekayo kusukela entwasahlobo ka-1919, uJehova uNkulunkulu uye wakhipha isimemezelo kubo bonke abantu bakhe abazinikezele ukuba baphume ‘eBabiloni Elikhulu,’ umbuso wezwe wenkolo yamanga. (IsAm. 18:2, 4) Abakha isigaba so“mphathi” ngokulalela baphuma, futhi iNkosi yabo esezulwini, iNkosi uJesu Kristu okhona ongenakubonwa, uye wabasebenzisa njengesigaba ukuba banikeze bonke abasohlwini lombuso wasezulwini “isabelo sabo sokudla ngesikhathi sakho.” Ngokuqondene nalokhu isigaba sikaEliyakimi siye saba njengo“yise” wabo bonke abafanekiswe njenga“bakhileyo eJerusalema nakuyo indlu yakwaJuda.” “Ukubusa” okunjalo uJehova ngoKristu uye wakubeka esandleni sesigaba so“mphathi,” futhi lo“mphathi” ohlangene uye wakuphatha ngokwethembeka nangokuqondileyo lokhu“kubusa” kuze kube manje. Ikakhulukazi kusukela ngo-1935 “isixuku esikhulu” se“zinye izimvu” zikaKristu siye sazuza kulokhu kunakekela okufana nokukababa, njengo“mfokazi osemzini” waseJerusalema lasendulo.—Eks. 20:10; Joh. 10:16; IsAm. 7:9-17.
14. “Umphathi” uye wawufeza kanjani umthwalo wakhe wemfanelo njengoba ufanekiselwe ukuphatha kukaEliyakimi “isihluthulelo sendlu kaDavide”?
14 Umthwalo onzima uye wabekwa phezu kwesigaba sikaEliyakimi sanamuhla njengoba uchazwe ngamazwi kaJehova ngokuqondene noEliyakimi wosuku lweNkosi uHezekiya: “Ngiyakubeka isihluthulelo sendlu kaDavide ehlombe lakhe; uyakuvula kungavali-muntu, avale kungavuli-muntu.” (Isaya 22:22) Isigaba so“mphathi” ohlangene siye sazibonakalisa sikufanelekele ukuphatha “isihluthulelo sendlu kaDavide.” Siye sahlala siqaphile ukuba sivikele izithakazelo zasemhlabeni zombuso kaNkulunkulu wobuMesiya njengoba ufanekiselwe “indlu kaDavide.” Samukela labo iNkosi ebakhetha ukuba amalungu okugcina ensali yezindlalifa zoMbuso. Ngo-1935 saqala ukwamukela “nezinye izimvu” uMalusi Omuhle ajabulela ukuziletha ndawonye ukuba zibe “mhlambi munye” nensali egcotshiwe. Sivala umnyango kubo bonke abahlubuki abaxoshiwe nakulabo abazama ukunyenya bangcolise oFakazi BakaJehova.—Qhathanisa nesAmbulo 3:7.
15. UJehova wayehlose ukubeka uEliyakimi njengani endaweni eqinileyo, futhi iziphi izinto ezazizophanyekwa kuye?
15 Ngokuprofetha okwengeziwe ngokuqondene nesigaba sikaEliyakimi sanamuhla, uJehova wathi: “Ngiyakumbethelisa okwesipikili endaweni eqinileyo, abe-yisihlalo sobukhosi esikhazimulayo endlini kayise. Bayakuphanyeka phezu kwakhe [njengesipikili] lonke udumo lwendlu kayise, inzalo nabantwana, zonke izitsha ezincane, imicengezi nezinkamba.”—Isaya 22:23, 24.
16. UEliyakimi wathatha isikhundla sikabani, futhi iyiphi inkonzo uEliyakimi ongokomfanekiso ayebekwe kuyo ngenxa ya“bendlu”?
16 “Isipikili” esiphanyekwe phakade izitsha zendlu ezazizolengiswa kuso safanekisela uEliyakimi, umphathi omusha owangena esikhundleni sikaShebina. Ngakho-ke wabekwa esikhundleni sokunikeza amalungu endlu yenkosi ukudla neziphuzo. Ukubekwa kukaEliyakimi ukuba akhonze kulesikhundla kwafanekisela ukuthi uHezekiya Omkhulu, uJesu Kristu, ekubuyeni kwakhe ngenkazimulo, wavumelana nokuba isigaba so“mphathi” othembekileyo sibe phezu kwensali yezindlalifa zakhe ezihlangene ezisasele emhlabeni ukuba sikhiphe “isabelo sokudla ngesikhathi sakho” “kwabendlu,” ngesilinganiso esikhulu noma esincane. Lokhu kuya ngohlobo lokudla okuqinile noma lwesiphuzo. Ngempela, ‘ukudla’ okunjalo kuyoba okuvela eZwini likaNkulunkulu. Nokho, ngokomunye umbono weBhayibheli “izitsha” zifanekisela izinceku zikaNkulunkulu ngokwazo ezinamakhono ahlukene enkonzweni.—2 Thim. 2:20-22.
17. Kwaba ngayiphi indlela ukuba uEliyakimi “abe-yisihlalo sobukhosi esikhazimulayo” endlini kayise, futhi “abantwana nenzalo kayise” bazuza kanjani kulokhu?
17 UEliyakimi wayezoba “isihlalo sobukhosi esikhazimulayo” sendlu kayise uHilikiya. Lokhu kusho ukuthi wayengenakuyihlaza indlu kayise noma igama layo ngokuphambene nomphathi wangaphambili uShebina. Wayezokhushulwa emsebenzini wasebukhosini weNkosi uHezekiya. Ukuba kwakhe njenge“sihlalo sobukhosi” kubonakalisa konke lokhu. Wayengenakuhlala njengenkosi ukuba akhonzwe, kodwa, njengenceku yenkosi, wayezoba negunya no“kubusa” esikhundleni esisha ayesabelwe. Ngezinga elithile wayeyomelela noma akhulumele inkosiyaseJerusalema. Kwakungenakubabikho hlazo elaliyokwehlela “indlu kayise,” kodwa, kunalokho, “udumo” lwaluyoba sendlini kayise futhi lwaluyohlala kube njengokungathi isipikili esingenakukhishwa “inzalo nabantwana” bendlu kayise babengenakuthola ihlazo ngoba bethembele kuEliyakimi ukuba batuswe. Bonke abayizihlobo ezinjalo zikaEliyakimi babeyokwethembela kuye ukuba abamelele ngendlela ebanika udumo. Zonke izihlobo zakhe zazingathembela kuye ukuba azimele ngobukhulu esikhundleni sakhe esiphakeme. Kanjalo izihlobo ezithembele kanjalo zaziyokhuthazwa ukuba zikhonze njenge“zitsha” enkonzweni yasebukhosini ngenxa yokusekelwa okuqinile.
18. (a) Umthwalo wemfanelo okhethekile namuhla uye wabekwa kubani, futhi kukanjani kuwumthwalo omuhle kakhulu? (b) Obani namuhla abayi“nzalo nabantwana,” futhi bafaniswe nani?
18 Ngokufanayo, namuhla, umthwalo osindayo ubekwe esigabeni so“mphathi othembekileyo.” Umthwalo wemfanelo omuhle kakhulu, okhazimulisayo, ngoba uzinze enkonzweni yeNkosi kaJehova emisiwe manje, uJesu Kristu. Umthwalo wemfanelo ongokomoya kubo bonke abahlobene nesigaba sikaEliyakimi ethembeni loMbuso, njenge“nzalo nabantwana” bakaYise ongokomoya. Bathembele noma baphanyekwe esigabeni so“mphathi” esifaniswe nesipikili futhi nabo ngokwabo banjenge“zitsha” ezihlakaniphileyo, eziphilayo ukuba ziphakele amanye amalungu ayizihlobo zawo ngokomoya ukudla ngezilinganiso ezihlukene.—2 Thim. 2:20, 21; 2 Kor. 4:7.
19. (a) Kukusiphi isikhathi esinzima uEliyakimi anyuselwa ngaso ebuphathini basebukhosini? (b) Inkosi yakwaJuda yaphendukela kuphi ukuze ithole usizo ngaphansi kwezimo ezisongelayo?
19 Endulo, ekhulwini lesishiyagalombili ngaphambi kweKhulu lethu Elivamile uEliyakimi wanyuselwa ebuphathini basebukhosini esikhathini esinzima sombuso kaJehova ongokoqobo eJerusalema. Wazizwela ukusongela okwethusayo okwakukhulunywa isithunywa senkosi yaseAsiriya eyayihlasela, uSaneheribi. UEliyakimi wakulandisa lokhu enkosini yakhe, iNkosi uHezekiya. Kodwa, iNkosi uHezekiya ayifunanga usizo lwezempi eGibithe kodwa kuNkulunkulu wayo, uJehova. Ekuphenduleni, uJehova wanikeza impendulo eqinisa kakhulu ngomprofethi wakhe uIsaya. Khona-ke yini eyenzeka ekugcwalisekeni kwesigijimi sikaJehova esinamandla? Siyafunda:
20. Yini uJehova ayenza ngalesosikhathi ekugcwaliseni isigijimi sakhe esinamandla ngomprofethi uIsaya?
20 “Kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu laseAsiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu ezifileyo zodwa. Wayesesuka uSaneheribi inkosi yaseAsiriya, wahamba, wabuya, wahlala eNineve. Kwathi ekhuleka endlini kaNisiroki unkulunkulu wakhe, oAdirameleki noSareseri amadodana akhe bambulala ngenkemba.”—Isaya 37:36-38; 2 AmaKh. 19:35-37.
21. (a) Isenzo sikaJehova sokulwa lapho sasifanekiselani? (b) Yini isigaba “somphathi” sanamuhla esibhekene nayo manje futhi kusukela nini, futhi lesisigaba siye sasimemezela kobani isixwayiso?
21 Emuva lé isenzo sokulwela kukaJehova umbuso wakhe eJerusalema safanekisela isenzo sakhe esikhulu namanje “ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMmnimandla onke” eHar-magedoni. Lapho ingelosi yakhe yokubhubhisa kuyoba ingelosi enkulu, iNkosi emisiwe, uJesu Kristu, oyoqondisa zonke izingelosi zasezulwini. (IsAm. 16:14-16; 19:11-21) Insali yesigaba so“mphathi” ibhekene nempi yazo zonke izimpi, engenakuphinde ibe-khona. Isigaba so“mphathi,” esinomthwalo wemfanelo wokwaba “ukudla” okuvela eZwini likaNkulunkulu, siye sasetshenziswa, ikakhulukazi kusukela ngo-1919, ukuba simemezele ‘impi’ ezayo endaweni ethiwa iHar-Magedoni. NjengakuEliyakimi ezinsukwini zeNkosi uHezekiya, babhekene nokuhlasela okusondelayo kom“Asiriya” Omkhulu, uSathane uDeveli, namabutho akhe. (Mika 5:5, 6) Bayaphikelela ekuxwayiseni wonke amalungu endlu yeNkosi yabo yasezulwini naso sonke isintu.
22. Obani abaye basabela kulesisixwayiso, futhi kungani bekhuthazwa okwenzeka kuEliyakimi nakwabanye abakhileyo eJerusalema nokubaluleka kwalokhu?
22 “Isixuku esikhulu” sazo zonke izizwe siye sasabela ekuxwayisweni futhi sikumemezela kwabanye. (IsAm. 7:9-17) Bayakhuthazwa yilokho okwenzeka kuEliyakimi, umphathi weNkosi uHezekiya, nakwabanye abakhileyo eJerusalema, ngoba laba basinda ekubeni izinkubela zempi yokucekela phansi kwabahlaseli baseAsiriya. Ngokufanayo isigaba so“mphathi” kule“sikhathi sokugcina,” ne“sixuku esikhulu” se“zinye izimvu” zikaKristu, bayosindiswa ekubhujisweni kwesimiso sezinto sezwe “ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke” eHar-Magedoni. (Dan. 12:4) Ngemva kokunqoba kukaJehova lapho, uSaneheribi Omkhulu, uSathane uDeveli, nazo zonke izingelosi zakhe ezingamademoni uyovalelwa emgodini iminyaka eyi-1 000 yokubusa kukaHezekiya Omkhulu, uJesu Kristu.
23. Kunini lapho kungenakubakhona ukungabaza ngempendulo eqondile embuzweni owaphakanyiswa uJesu kuLuka 12:42?
23 Uma nje iNkosi yabo ebusayo, uJesu Kristu, esathokoziswa ukubasebenzisa kabanzi emhlabeni, insali yesigaba so“mphathi othembekileyo” iyokwaba “ukudla” kwabasindile abakanye nayo, “isixuku esikhulu” se“zinye izimvu” zeNkosi yabo. Ekulindeleni lelothemba elivusa amadlingozi, kumelwe ukuba bonke abantu abanjengezimvu bahlale belindile banga‘nqunywa’ eHar-magedoni njengalabo abanamathele ‘esipikilini,’ esiphucwe izimfanelo, isigaba sikaShebina esikweLobukholwa. (Isaya 22:17-19, 25) Ngempela, bayajabula bonke labo abaye babuzisisa futhi banamathela empendulweni eqondile embuzweni kaJesu: “[Yi]muphi-ke umphathi othembekileyo noqondileyo?” Ngokuthembeka ebuphathini bakhe, mabaqhubeke bamukele kulesikhathi esifanele “isabelo sokudla” ezandleni zo“mphathi othembekileyo,” uEliyakimi Omkhulu. “Isipikili” esingokomfanekiso, ngokolwazi lukaNkulunkulu lokungaphambili, sabethelwa “endaweni eqinileyo” ukuba sihlale, ngosizo lukaNkulunkulu. Ngakho bambelelani kuso ngokuqinisekile, ngakho konke ukwethembeka.
[Imibhalo yaphansi]
a KuGreki Septuagint Version yemiBhalo yesiHeberu uIsaya 22:19 ufundeka kanje: “Uyakususwa ebuphathini bakho [oi·ko·no·miʹa], nasendaweni yakho.”—The Septuagint Version, isiGreki nesiNgisi, yiSamuel Bagster and Sons Limited, London, England.
b Bheka INqabayokulinda yesiNgisi ka-April 1, 1945, ikhasi 102 isigaba 1; nekaDecember 1, 1951, ikhasi 719, isigaba 10.
Ungayiphendula lemibuzo yokubukeza?
◼ Kwakungubani uEliyakimi noShebina?
◼ Osukwini lwethu, uEliyakimi noShebina bamelele obani?
◼ INkosi uSaneheribi neNkosi uHezekiya bafanekisela obani namuhla?
◼ Isigaba sikaEliyakimi sisekelani, ngokuphambene nobekusekelwa isigaba sikaShebina?
◼ Obani abafanekiselwa “abakhileyo eJerusalema nakuyo indlu yakwaJuda”?
◼ Obani futhi abanye namuhla ngaphandle ‘kwabakhileyo eJerusalema nakwaJuda’ abemukela ukunakekelwa okunjengokuvela kubaba kulesigaba sikaEliyakimi?
◼ Yini emelelwe “indlu kaDavide”?
◼ Ubani oyisi“pikili” esiprofethweni sikaIsaya, futhi umelela bani?
◼ Iqiniso lokuthi lesi“sipikili” siba “yisihlalo senkazimulo” lifanekiselani?
[Isithombe ekhasini 29]
Insali egcotshiwe nezisebenzi ezikanye nayo basakaza INQABAYOKULINDA ezweni lonke ngezilimi eziningi