-
“Ungcwele, Ungcwele, Ungcwele UJehova”Sondela KuJehova
-
-
17, 18. (a) Umbono ka-Isaya waqale wamthinta kanjani? (b) UJehova walisebenzisa kanjani iserafi ukuba liduduze u-Isaya, futhi sasibaluleke ngani isenzo seserafi?
17 Nokho, ingabe ubungcwele bukaNkulunkulu kufanele busenze sizizwe siphansi? Yebo kunjalo. Vele singaphansi kukaJehova—futhi siswele amagama okuchaza indlela esiphansi ngayo. Ingabe ukwazi lokho kufanele kusenze siqhele kuye? Cabanga indlela u-Isaya asabela ngayo lapho ezwa amaserafi ememezela ubungcwele bukaJehova. “Ngathi: ‘Maye kimi! Kuphelile ngami, ngoba ngingumuntu onezindebe ezingcolile, ngihlala phakathi kwesizwe esinezindebe ezingcolile; ngoba amehlo ami abone iNkosi, uJehova wamabutho uqobo!’” (Isaya 6:5) Yebo, ubungcwele bukaJehova obungapheli bakhumbuza u-Isaya indlela ayenesono ngayo nayengaphelele ngayo. Ekuqaleni, le ndoda ethembekile yakhungatheka. Kodwa uJehova akayishiyanga ikuleso simo.
18 Ngokushesha iserafi lamduduza lo mprofethi. Kanjani? Ingelosi enamandla yandizela e-altare, yathatha ilahle, yathinta izindebe zika-Isaya ngalo. Kungazwakala kubuhlungu lokho kunokuba kududuze. Kodwa khumbula, kwakuwumbono lona, unencazelo eningi engokomfanekiso. U-Isaya, umJuda othembekile, wayazi kahle ukuthi imihlatshelo yayenziwa mihla yonke e-altare lethempeli ngenjongo yokuhlawulela izono. Ngothando iserafi lakhumbuza lo mprofethi ukuthi yize ayengaphelele, ‘enezindebe ezingcolile,’ wayesengaba nokuma okuhlanzekile phambi kukaNkulunkulu.a UJehova wayezimisele ukubheka umuntu onamaphutha nonesono njengongcwele—okungenani ngomqondo olinganiselwe.—Isaya 6:6, 7.
-
-
“Ungcwele, Ungcwele, Ungcwele UJehova”Sondela KuJehova
-
-
a Inkulumo ethi ‘izindebe ezingcolile’ iyafaneleka ngoba igama elithi izindebe livame ukusetshenziswa ngomqondo ongokomfanekiso eBhayibhelini, limelela esikushoyo noma ulimi olukhulunywayo. Kubo bonke abantu abanesono, izono eziningi zibangelwa indlela esikhuluma ngayo.—IzAga 10:19; Jakobe 3:2, 6.
-