-
Ukubona Uhlobo Olufanele LwesithunywaINqabayokulinda—1997 | Meyi 1
-
-
7, 8. Yisiphi isigijimi esiphefumulelwe u-Isaya ayenaso ngeBabiloni, futhi ayesho ukuthini amazwi akhe?
7 ElakwaJuda neJerusalema kwakumelwe kube yincithakalo, kungahlalwa muntu iminyaka engu-70. Nokho, ngo-Isaya noHezekeli uJehova wamemezela ukuthi lowo muzi uyokwakhiwa kabusha nezwe lakhiwe ngaso kanye isikhathi ayesibikezele! Lesi kwakuyisibikezelo esimangalisayo. Ngani? Ngoba iBabiloni lalinedumela lokungazikhululi iziboshwa zalo. (Isaya 14:4, 15-17) Ngakho ubani owayengakhulula laba bathunjwa? Ubani owayenganqoba iBabiloni elinamandla, nezindonga zalo eziphakeme nesivikelo somfula? UJehova uMninimandla onke wayengakwenza! Futhi wathi wayezokwenza: “Oshoyo kuwo umsinga [okungukuthi, isivikelo samanzi somuzi], ukuthi: Yisha, ngiyakomisa imifula yakho; oshoyo ngoKoresi ukuthi: Ungumalusi wami, uyakufeza konke okwentando yami, athi ngeJerusalema: Liyakwakhiwa nakulo ithempeli: Isisekelo sakho siyakubekwa.”—Isaya 44:25, 27, 28.
8 Cabanga ngalokho! UMfula i-Ewufrathe, isithiyo esesabeka ngempela kubantu, kuJehova wawunjengeconsi lamanzi endaweni eshisayo. Ngokuphazima kweso, lesi sithiyo sasizokusha! IBabiloni lalizokuwa. Nakuba kwakuyiminyaka engaba ngu-150 ngaphambi kokuzalwa kukaKoresi wasePheresiya, uJehova wenza ukuba u-Isaya abikezele ukuthumba kwalenkosi iBabiloni nokukhululwa kwabathunjwa abangamaJuda ngokugunyaza ukuba babuyele emuva bayokwakha kabusha iJerusalema nethempeli lalo.
-
-
Ukubona Uhlobo Olufanele LwesithunywaINqabayokulinda—1997 | Meyi 1
-
-
11. Kungani izakhamuzi zaseBabiloni zazizizwa ziphephile?
11 Ngesikhathi uKoresi ehlasela iBabiloni, izakhamuzi zalo zazizizwa ziphephile futhi zilondeke kakhulu. Umuzi wazo wawuzungezwe umsele ovikelayo ojulile nobanzi, owawakhiwa uMfula i-Ewufrathe. Lapho lomfula udabula khona phakathi komuzi, kwakufike kube nendawo egandayiwe ezinhlangothini zombili zosebe lomfula olungasempumalanga. Ukuze awuhlukanise nomuzi, uNebukadinesari wakha lokho akubiza ngokuthi “udonga olukhulu, olwalungenakususwa njengoba nentaba injalo . . . Phezulu [wayeluphakamise] njengentaba.”a Lolu donga lwalunamasango ayeneminyango yethusi emikhulu. Ukuze angene kuwo, umuntu kwakudingeka akhuphuke umqansa osuka osebeni lomfula. Akumangalisi ukuthi iziboshwa zaseBabiloni zazingenalo ithemba lokuthi ziyoke zikhululeke!
12, 13. Amazwi kaJehova ngesithunywa sakhe u-Isaya agcwaliseka kanjani lapho iBabiloni liwela kuKoresi?
12 Kodwa kwakuhlukile ngalabo bathunjwa abangamaJuda ababenokholo kuJehova! Babenethemba eliqhakazile. Ngabaprofethi bakhe, uNkulunkulu wayethembise ukubakhulula. UNkulunkulu wasigcwalisa kanjani isithembiso sakhe? UKoresi wayala amabutho akhe ukuba aphambukise uMfula i-Ewufrathe endaweni engamakhilomitha amaningana ngasenyakatho yeBabiloni. Ngaleyo ndlela, isimiso somuzi sokuzivikela esiyinhloko saphenduka saba umfula owomile ngandlela-thile. Ngobusuku obubucayi, ababexokozeliswa uphuzo eBabiloni, ngobudedengu bayishiya yomibili iminyango yesango ivuliwe ngasemanzini e-Ewufrathe. UJehova akazange ayenze izicucu ngokoqobo leminyango yethusi; futhi akazange ephule imigoqo yensimbi eyayivalwa ngayo, kodwa ukwenza kwakhe ngokuyisimangaliso ukuba ihlale ivuliwe futhi ingavaliwe ngezinsimbi, kwaba nomphumela ofanayo. Izindonga zaseBabiloni azisizanga. Amabutho kaKoresi akuzange kudingeke ukuba azicace ukuze angene ngaphakathi. UJehova wahamba phambi kukaKoresi, ehlelemba “amagebhugebhu,” yebo, zonke izithiyo. U-Isaya wabonakala eyisithunywa sikaNkulunkulu seqiniso.
-