Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • “Masiqondise Izindaba”
    Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu I
    • 1, 2. UJehova ubafanisa nobani ababusi nabantu baseJerusalema nabakwaJuda, futhi kungani lokhu kufaneleka?

      ABANTU baseJerusalema bangase bathambekele ekuzithetheleleni ngemva kokuzwa ukusolwa okulotshwe ku-Isaya 1:1-9. Ngokungangabazeki bangathanda ukuqhosha bakhombe yonke imihlatshelo abayinikela kuJehova. Nokho, amavesi 10 kuya ku-15 anikeza impendulo kaJehova esiqedayo isimo sengqondo esinjalo. Iqala ngokuthi: “Yizwani izwi likaJehova, nina bomashiqela baseSodoma. Bekani indlebe emthethweni kaNkulunkulu wethu, nina bantu baseGomora.”—Isaya 1:10.

      2 ISodoma neGomora alibhujiselwanga nje kuphela imikhuba yalo yobulili obuphendukezelwe kodwa nobulukhuni bezinhliziyo zalo nesimo sengqondo salo sokuzidla. (Genesise 18:20, 21; 19:4, 5, 23-25; Hezekeli 16:49, 50) Izilaleli zika-Isaya kumelwe ukuba ziyashaqeka lapho zizwa ziqhathaniswa nabantu bakuleyo mizi eqalekisiwe.a Kodwa uJehova ubona abantu bakhe njengoba benjalo, futhi u-Isaya akasilulazi isigijimi sikaNkulunkulu ukuze ‘akitaze izindlebe zabo.’—2 Thimothewu 4:3.

  • “Masiqondise Izindaba”
    Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu I
    • a Inkosi embi uManase wenza ukuba u-Isaya abulawe, anqunywe ngokusahwa, ngokuvumelana nesiko lasendulo lamaJuda. (Qhathanisa neyamaHeberu 11:37.) Umthombo othile uthi ukuze enze kukhishwe lesi sigwebo sokufa, umprofethi wamanga wabeka u-Isaya icala elilandelayo: “Ubizé iJerusalema ngeSodoma, amakhosana akwaJuda naseJerusalema uwabize ngokuthi angabantu baseGomora.”

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela