Isahluko Sesikhombisa
Maye Ngesivini Esingathembekile!
1, 2. “Othandekayo” utshalani, kodwa izibonakalisa kanjani idumaza?
“UMA kukhulunywa ngobumnandi bolimi nekhono elihle lokukhulumisana okuphumelelayo, lo mfanekiso awunakuqhathaniswa nalutho.” Washo kanjalo umkhulumeli weBhayibheli, ekhuluma ngamavesi okuqala ka-Isaya isahluko 5. Ngaphezu kokuba amazwi obugagu, la mazwi ka-Isaya akha umfanekiso othinta inhliziyo wokunakekela kothando uJehova anakho ngabantu bakhe. Ngesikhathi esifanayo, la mazwi asixwayisa ngezinto ezimcasulayo.
2 Umfanekiso ka-Isaya uqala kanje: “Ngicela ukuhlabelelela othandekayo wami ingoma yesithandwa sami ngokuphathelene nesivini sakhe. Kwakukhona isivini othandekayo wami aba naso eqeleni elithelayo. Wasimba, wasusa amatshe, watshala kuso umvini obomvu wekhethelo, wakha umbhoshongo maphakathi naso. Kwaba khona futhi nesikhamo sewayini asigweda kuso. Wayelokhu ethemba ukuthi sizothela amagilebhisi, kodwa kancane kancane sathela amagilebhisi asendle.”—Isaya 5:1, 2; qhathanisa noMarku 12:1.
Ukunakekela Isivini
3, 4. Yikuphi ukunakekela kothando okunikezwa isivini?
3 Kungakhathaliseki ukuthi u-Isaya uzihlabelelela ngokoqobo yini izilaleli zakhe lo mfanekiso noma cha, uyazikhanga ngempela. Cishe eziningi zijwayelene nomsebenzi wokutshala isivini, futhi incazelo ka-Isaya icacile, ingokoqobo. Njengabatshali bomvini namuhla, umnini-sivini akatshali imbewu yamagilebhisi, kodwa ‘ikhethelo,’ noma “umvini obomvu” osezingeni eliphezulu—ihlumela elithathwe komunye umvini. Kuyafaneleka ukuba atshale lesi sivini “eqeleni elithelayo,” endaweni esizochuma kuyo.
4 Kuwumsebenzi onzima ukwenza isivini sikhiqize. U-Isaya uchaza umnini-sivini ngokuthi ‘uyasimba, asuse amatshe’—umsebenzi oyisicefe nokhathazayo! Cishe usebenzisa amatshe amakhudlwana ukuze ‘akhe umbhoshongo.’ Ezikhathini zasendulo, imibhoshongo enjalo yayisetshenziswa njengendawo yabalindi ababeqapha izitshalo zingantshontshwa amasela nezilwane.a Wakha nodonga lwamatshe lokubiyela izindawo okutshalwe kuzo isivini. (Isaya 5:5) Lokhu ngokuvamile kwakwenzelwa ukunqanda umhlabathi obalulekile ukuba ungaguguleki.
5. Umnini-sivini kufanele alindeleni esivinini sakhe, kodwa utholani?
5 Esesebenze kanzima kangaka ukuze avikele isivini sakhe, umnini-sivini kufanele alindele ukuba siveze izithelo. Esalindele lokho, ugweda isikhamo sewayini. Kodwa ingabe isivuno esilindelekile siyabonakala? Cha, isivini sikhiqiza amagilebhisi asendle.
Isivini Nomniniso
6, 7. (a) Ubani umnini-sivini, futhi siyini isivini? (b) Yisiphi isahlulelo umnini-sivini acela ukuba sikhishwe?
6 Ubani umniniso, futhi siyini lesi sivini? Umnini-sivini unikeza izimpendulo zale mibuzo lapho yena ngokwakhe ekhuluma: “Manje, O nina bakhileyo eJerusalema nani madoda akwaJuda, sizani nahlulele phakathi kwami nesivini sami. Yini enye okusamelwe yenzelwe isivini sami engingakayenzi kuso kakade? Kungani ngangilokhu ngithembe ukuba sithele amagilebhisi, kodwa sona kancane kancane sathela amagilebhisi asendle? Manje, ngicela ukunazisa lokho engikwenzayo esivinini sami: Kuzosuswa uthango lwaso, futhi kumelwe sinqunyelwe ukushiswa. Kumelwe kubhidlizwe udonga lwaso lwamatshe, futhi kumelwe sinqunyelwe ukuba sibe yindawo yokubhudulwa.”—Isaya 5:3-5.
7 Yebo, uJehova ungumnini-sivini, futhi kufana nokuthi uziyele enkantolo, wacela ukuba kukhishwe isahlulelo phakathi kwakhe nesivini sakhe esidumazayo. Siyini-ke lesi sivini? Umniniso uyachaza: “Isivini sikaJehova wamabutho siyindlu ka-Israyeli, nabantu bakwaJuda bayisitshalo ayesithanda.”—Isaya 5:7a.
8. Yini ephawulekayo ngokubiza kuka-Isaya uJehova ngokuthi “othandekayo wami”?
8 U-Isaya ubiza uJehova, umnini-sivini, ngokuthi “othandekayo wami.” (Isaya 5:1) U-Isaya angakhuluma ngoNkulunkulu ngendlela efudumele kanjena kuphela ngoba enobuhlobo obuseduze naYe. (Qhathanisa noJobe 29:4; iHubo 25:14.) Nokho, uthando lo mprofethi analo ngoNkulunkulu alulukhulu uma luqhathaniswa nothando uNkulunkulu analo ‘ngesivini’ sakhe—isizwe ‘asitshala.’—Qhathanisa no-Eksodusi 15:17; IHubo 80:8, 9.
9. UJehova usiphathe kanjani isizwe sakhe njengesivini esiyigugu?
9 UJehova ‘watshala’ isizwe sakhe ezweni laseKhanani wasinika imithetho nemiyalo, eyasebenza njengodonga lokusivikela ekonakalisweni ezinye izizwe. (Eksodusi 19:5, 6; IHubo 147:19, 20; Efesu 2:14) Ngaphezu kwalokho, uJehova wasinika abahluleli, abapristi nabaprofethi ukuba basifundise. (2 AmaKhosi 17:13; Malaki 2:7; IzEnzo 13:20) Lapho ama-Israyeli esongelwa ukuhlaselwa yimpi, uJehova wayevusa abakhululi. (Heberu 11:32, 33) Ngesizathu esihle, uJehova uyabuza: “Yini enye okusamelwe yenzelwe isivini sami engingakayenzi kuso kakade?”
Ukubona Isivini SikaNkulunkulu Namuhla
10. Yimuphi umfanekiso wesivini owanikezwa nguJesu?
10 Kungenzeka ukuthi uJesu wayecabanga ngamazwi ka-Isaya lapho elandisa ngomfanekiso wabalimi abangababulali: “Kwakukhona umuntu‚ umninindlu‚ owatshala isivini‚ wasibiyela ngothango‚ wemba khona isikhamo‚ wakha isiqongo sokulinda‚ wasiqashisa kubalimi‚ waya kwelinye izwe.” Ngokudabukisayo, abalimi abathembekanga kumnini-sivini, babulala ngisho nendodana yakhe. UJesu waqhubeka wabonisa ukuthi lo mfanekiso wawuhlanganisa okungaphezu nje kuka-Israyeli wenyama lapho ethi: “Umbuso kaNkulunkulu uyothathwa kini [nina Israyeli ongokwenyama] unikwe isizwe esithela izithelo zawo.”—Mathewu 21:33-41, 43.
11. Yisiphi isivini esingokomoya esasikhona ekhulwini lokuqala, kodwa kwenzekani ngemva kokufa kwabaphostoli?
11 Leso “sizwe” esisha kwaba ‘ngu-Israyeli kaNkulunkulu’—isizwe esingokomoya samaKristu agcotshiwe esiyingqikithi yabangu-144 000. (Galathiya 6:16; 1 Petru 2:9, 10; IsAmbulo 7:3, 4) UJesu wafanisa laba bafundi ‘namagatsha asemvinini weqiniso,’ okungukuthi, yena ngokwakhe. Ngokwemvelo, kulindeleke ukuba la magatsha athele izithelo. (Johane 15:1-5) Kumelwe abonise izimfanelo ezinjengezikaKristu futhi ahlanganyele emsebenzini wokushumayela “lezi zindaba ezinhle zombuso.” (Mathewu 24:14; Galathiya 5:22, 23) Kodwa kusukela ekufeni kwabaphostoli abayishumi nambili, iningi lalabo abathi bangamagatsha ‘omvini weqiniso’ baye bazibonakalisa bengawenkohliso—bekhiqiza amagilebhisi asendle esikhundleni sezithelo ezinhle.—Mathewu 13:24-30, 38, 39.
12. Amazwi ka-Isaya alilahla kanjani eLobukholwa, futhi awaphathele siphi isifundo amaKristu eqiniso?
12 Ngakho-ke, ukulahla kuka-Isaya uJuda kuyasebenza namuhla kweLobukholwa. Ukuhlola umlando walo—izimpi zalo, izimpi zalo zenkolo, iziNkantolo Zamacala Ezihlubuki—kubonisa indlela eziye zaba muncu ngayo izithelo zalo! Nakuba kunjalo, isivini seqiniso esingamaKristu agcotshiwe kanye nabangane baso ‘besixuku esikhulu’ kumelwe bawalalele amazwi ka-Isaya. (IsAmbulo 7:9) Ukuze bathokozise umnini-sivini, kumelwe bakhiqize izithelo ezimthokozisayo, njengabantu ngabanye nanjengeqembu.
“Amagilebhisi Asendle”
13. UJehova uyosenzani isivini sakhe ngenxa yokukhiqiza izithelo ezimbi?
13 Esenze umsebenzi omkhulu kangaka ukuze anakekele futhi atshale isivini sakhe, uJehova ulindele kufanele ukuba sibe “isivini sewayini elinengwebu!” (Isaya 27:2) Nokho, esikhundleni sokukhiqiza izithelo ezisebenzisekayo, sikhiqiza “amagilebhisi asendle,” ngokwezwi nezwi okusho “izinto ezinukayo” noma “amajikijolo abolile.” (Isaya 5:2; umbhalo waphansi; Jeremiya 2:21) Ngakho-ke, uJehova uthi uyosusa “udonga” lwakhe oluyisivikelo oluzungeze isizwe. Lesi sizwe ‘siyomiswa njengento ebhujisiwe’ futhi siyobhekana nokulahlwa nesomiso. (Funda u-Isaya 5:6.) UMose wayexwayisile ngokuthi babeyobhekana nezinto ezinjalo uma bengawulaleli uMthetho kaNkulunkulu.—Duteronomi 11:17; 28:63, 64; 29:22, 23.
14. Yiziphi izithelo uJehova azilindele esizweni sakhe, kodwa sikhiqizani esikhundleni sazo?
14 UNkulunkulu ulindele ukuba isizwe sikhiqize izithelo ezinhle. UMika, owayephila ngesikhathi sika-Isaya, uthi: “Yini uJehova ayicela kuwe ngaphandle kokuba ubonise ubulungisa futhi uthande umusa futhi ube nesizotha ekuhambeni noNkulunkulu wakho na?” (Mika 6:8; Zakariya 7:9) Nokho, isizwe siyehluleka ukulalela ukunxusa kukaJehova. “[UNkulunkulu] wayelokhu ethemba ukuthola ukwahlulela, kodwa, bheka! ukuphulwa komthetho; ukuthola ukulunga, kodwa, bheka! ukukhala.” (Isaya 5:7b) UMose wabikezela ukuthi lesi sizwe esingathembekile sasiyokhiqiza amagilebhisi anobuthi “emvinini waseSodoma.” (Duteronomi 32:32) Ngakho, cishe ukuziphatha okubi kobulili, kuhlanganise nobungqingili, kungokunye kokuchezuka kwabo eMthethweni kaNkulunkulu. (Levitikusi 18:22) Inkulumo ethi “ukuphulwa komthetho” ingahunyushwa nangokuthi “ukuchithwa kwegazi.” Ukuphathwa ngesihluku okunjalo ngokungangabazeki kwaphumela ‘ekukhaleni’ kwabaphathwa kabi—ukukhala okufinyelele ezindlebeni zoMlimi wesivini.—Qhathanisa noJobe 34:28.
15, 16. AmaKristu eqiniso angakugwema kanjani ukukhiqiza izithelo ezimbi ezakhiqizwa ama-Israyeli?
15 UJehova uNkulunkulu “ungumthandi wokulunga nobulungisa.” (IHubo 33:5) Wayala amaJuda: “Akumelwe nenze ukungabi nabulungisa ekwahluleleni. Akumelwe uphathe ophansi ngokukhetha, futhi akumelwe ukhethe ubuso boyisikhulu. Kufanele wahlulele umhlobo wakho ngobulungisa.” (Levitikusi 19:15) Ngakho kumelwe singabi nokukhetha ekusebenzelaneni kwethu, singalokothi sivumele izinto ezinjengobuhlanga, ubudala, ingcebo noma ubumpofu zihlanekezele indlela esahlulela ngayo abantu. (Jakobe 2:1-4) Kubaluleke ngokukhethekile ukuba labo abakhonza ezikhundleni zokwengamela ‘bangenzi lutho ngokuthambekela okunobandlululo,’ futhi njalo bafune ukuzwa zombili izinhlangothi zendaba andukuba bakhiphe isahlulelo.—1 Thimothewu 5:21; IzAga 18:13.
16 Ngaphezu kwalokho, kungaba lula ngamaKristu aphila ezweni elingenamthetho ukuba abe nesimo sengqondo esibi noma sokuhlubuka ezindinganisweni zokuhlonipha uNkulunkulu. Kodwa amaKristu eqiniso kumelwe ‘asheshe ukulalela’ imithetho kaNkulunkulu. (Jakobe 3:17) Naphezu kokuziphatha okubi kobulili nobudlova balesi “simiso sezinto esibi samanje,” kudingeka ‘aqaphelisise ukuthi indlela ahamba ngayo ayinjengeyabantu abangahlakaniphile kodwa injengeyabahlakaniphileyo.’ (Galathiya 1:4; Efesu 5:15) Ayayixwaya imibono eyekelelayo ngobulili, futhi lapho kuphakama ukungezwani, kumelwe akuxazulule ngaphandle ‘kwentukuthelo nolaka nokuklabalasa nenkulumo echaphayo.’ (Efesu 4:31) Ngokuhlakulela ukulunga, amaKristu eqiniso anikeza uNkulunkulu udumo futhi athole umusa wakhe.
Umvuzo Wobugovu
17. Yikuphi ukuziphatha okubi okulahlwa kumaye wokuqala ka-Isaya?
17 Evesini 8, u-Isaya akasacaphuni amazwi kaJehova. Lapho elahla amanye “amagilebhisi asendle” akhiqizwa kwaJuda, yena uqobo usho umaye wokuqala kwabayisithupha: “Maye kulabo abahlanganisa indlu nenye indlu, nakulabo abathasisela insimu kwenye insimu ize ingabe isaba khona indawo futhi niye nenziwa nahlala nodwa phakathi kwezwe! UJehova wamabutho ufunge ezindlebeni zami ukuthi izindlu eziningi, nakuba zizinkulu futhi zizinhle, ziyoba yinto eshaqisayo kuphela, zingabi naye ohlala kuzo. Ngoba ngisho nesivini esingama-eka ayishumi siyothela ibhathi elilodwa kuphela, nehomere lembewu liyoveza i-efa kuphela.”—Isaya 5:8-10.
18, 19. Kukanjani abantu abaphila no-Isaya bengayinaki imithetho kaJehova ngokuphathelene nempahla, futhi uyoba yini umphumela kubo?
18 Kwa-Israyeli wasendulo lonke izwe kwakungelikaJehova. Umkhaya ngamunye wawunefa olinikwe uNkulunkulu, owawungase uliqashise kodwa ungalokothi ulidayise “phakade.” (Levitikusi 25:23) Lo mthetho wawuvimbela umhobholo, njengokungafuni ukuhlanganyela izindawo nabanye. Wawuvikela nemikhaya ekubeni idle imbuya ngothi. Nokho, ngenxa yobugovu, abanye kwaJuda babeyephula imithetho kaNkulunkulu ephathelene nempahla. UMika wabhala: “Bafisé amasimu futhi bawaqhwaga; nezindlu, bazithatha; baphambé indoda ewumqemane nabendlu yayo, umuntu nefa lakhe.” (Mika 2:2) Kodwa izAga 20:21 ziyaxwayisa: “Ifa litholakala ngokuhaha ekuqaleni, kodwa ikusasa lalo ngeke libusiswe.”
19 UJehova uthembisa ukuphundla la magovu inzuzo ayithole ngokungafanele. Izindlu abaziphuca abanye ngeke ‘zibe naye ohlala kuzo.’ Izindawo abazihahelayo ngeke zikhiqize lutho olutheni. Akushiwo ukuthi lesi siqalekiso siyogcwaliseka kanjani futhi nini. Cishe ngokwengxenye sibhekisela ezimweni ezaba umphumela wokudingiselwa eBabiloni okwakusazokwenzeka.—Isaya 27:10.
20. AmaKristu namuhla angakugwema kanjani ukulingisa isimo sengqondo sobugovu esaboniswa abathile kwa-Israyeli?
20 Namuhla amaKristu kumelwe abenyanye ubugovu obufana nalobo obaboniswa amanye ama-Israyeli ngaleso sikhathi. (IzAga 27:20) Lapho izinto ezibonakalayo sezibaluleke ngokweqile, kuba lula ukuwela ezindleleni ezingalungile zokuthola imali. Kalula nje umuntu angase abanjwe ugibe lwamabhizinisi angacacile noma lwezinhlelo zokuceba ngokushesha ezingenangqondo. “Ojaha ukuzuza ingcebo ngeke ahlale emsulwa.” (IzAga 28:20) Yeka indlela okubaluleke ngayo-ke ukwaneliswa yilokho esinakho!—1 Thimothewu 6:8.
Ugibe Lokuzijabulisa Okusolisayo
21. Yiziphi izono ezilahlwa kumaye wesibili ka-Isaya?
21 Kube sekulandela umaye wesibili ka-Isaya: “Maye kulabo abavuka ekuseni ukuze bafune uphuzo oludakayo nje kuphela, abalibala kuze kwephuze kakhulu ebumnyameni bokuhlwa lize libashise iwayini! Kuyoba khona ihabhu nensimbi yomculo enezintambo, ithamborini nomtshingo, newayini emadilini abo; kodwa umsebenzi kaJehova abawubheki, nomsebenzi wezandla zakhe abawubonanga.”—Isaya 5:11, 12.
22. Yikuphi ukungazibambi okubonakala kwa-Israyeli, futhi uyoba yini umphumela esizweni?
22 UJehova ‘unguNkulunkulu ojabulayo’ futhi akazincishi izinceku zakhe ukuzilibazisa okusesilinganisweni. (1 Thimothewu 1:11) Kodwa laba bafuni bentokozo badlulela ngalé kwemingcele! “Abadakwayo ngokujwayelekile badakwa ebusuku,” kusho iBhayibheli. (1 Thesalonika 5:7) Kodwa laba bahambi bemibuthano exokozelayo balesi siprofetho baqala ukuzitika kwabo ngokudakwa emini baqhubeke bephuza kuze kuhlwe! Benza sengathi uNkulunkulu akekho, sengathi ngeke abenze balandise ngezenzo zabo. U-Isaya ubikezela ikusasa elimnyama ngabanjalo. “Abantu bami kuyomelwe baye ekudingisweni ngenxa yokuntula ulwazi; futhi inkazimulo yabo iyoba ngamadoda abulawa yindlala, futhi isixuku sabo siyogangathekiswa ukoma.” (Isaya 5:13) Ngenxa yokwenqaba ukwenza ngokuvumelana nolwazi lwangempela, abantu bakaNkulunkulu besivumelwano—abaphakeme nabaphansi—bayokwehlela eSheyoli.—Funda u-Isaya 5:14-17.
23, 24. Yiziphi izinto amaKristu anxuswa ukuba azibambe futhi alinganisele kuzo?
23 “Imibuthano exokozelayo,” noma “imibuthano engalawuleki,” yayiyinkinga nakwamanye amaKristu ekhulwini lokuqala. (Galathiya 5:21; Byington; 2 Petru 2:13) Ngakho akumangalisi ukuthi amanye amaKristu azinikezele namuhla aye abonisa ukuntula ukuqonda uma kuziwa emibuthanweni yokuzijabulisa. Ukuphuza utshwala ngokungazithibi kuye kwenza abanye baba nomsindo futhi baxokozela. (IzAga 20:1) Kuye kwaba khona ngisho nalabo abaziphatha kabi ngenxa yokweqisa otshwaleni, futhi eminye imibuthano iye yayekwa yaqhubeka cishe ubusuku bonke, kwaphazamiseka imisebenzi yobuKristu ngakusasa.
24 Nokho, amaKristu alinganiselayo akhiqiza izithelo zokuhlonipha uNkulunkulu futhi ayazibamba, alinganisele ekuzilibaziseni kwawo. Alalela iseluleko sikaPawulu kweyabaseRoma 13:13: “Masihambe ngokufaneleyo njengasesikhathini sasemini, hhayi ngemibuthano exokozelayo nangezikhathi zokudakwa.”
Ukuzonda Isono Nokuthanda Iqiniso
25, 26. Yikuphi ukucabanga okonakele kwama-Israyeli u-Isaya akudalula kumaye wakhe wesithathu nowesine?
25 Manje lalela umaye wesithathu nowesine ka-Isaya: “Maye kulabo abadonsa isiphambeko ngezindophi zamanga, nesono ngokungathi ngezintambo zezinqola; labo abathi: ‘Umsebenzi wakhe mawusheshe; mawufike ngokushesha, ukuze siwubone; injongo yoNgcwele ka-Israyeli mayisondele, ize, ukuze siyazi!’ Maye kulabo abathi okuhle kubi nokubi kuhle, labo ababeka ubumnyama esikhundleni sokukhanya nokukhanya esikhundleni sobumnyama, labo ababeka okubabayo esikhundleni sokumnandi nokumnandi esikhundleni sokubabayo!”—Isaya 5:18-20.
26 Yeka umfanekiso ocacile kwabanomkhuba wokona! Banamathele esonweni ngendlela izilwane eziboshelwayo eziboshelwa ngayo ezinqoleni. Lezi zoni azilwesabi usuku lokwahlulela oluzayo. Ngokubhuqa zithi: ‘Umsebenzi kaNkulunkulu mawusheshe!’ Esikhundleni sokuzithoba eMthethweni kaNkulunkulu, zisonta izinto, zithi “okuhle kubi nokubi kuhle.”—Qhathanisa noJeremiya 6:15; 2 Petru 3:3-7.
27. AmaKristu namuhla angasigwema kanjani isimo sengqondo esifana nesama-Israyeli?
27 AmaKristu namuhla kumelwe asigweme ngaphansi kwanoma yiziphi izimo isimo sengqondo esinjalo. Ngokwesibonelo, ayenqaba ukwamukela umbono wezwe ngobufebe nobungqingili. (Efesu 4:18, 19) Yiqiniso, umKristu angase ‘athathe isinyathelo okungesona,’ esingase simholele ekwenzeni isono esingathi sína. (Galathiya 6:1) Abadala ebandleni bakulungele ukusiza labo abaye bawa futhi abadinga usizo. (Jakobe 5:14, 15) Ngosizo lwemithandazo neseluleko esisekelwe eBhayibhelini, umuntu angalulama ngokomoya. Ngaphandle kwalokho, kunengozi yokuba abe “isigqila sesono.” (Johane 8:34) Kunokuhleka uNkulunkulu futhi angabe esaluqaphela usuku lokwahlulela oluzayo, amaKristu alwela ukuhlala ‘engenabala futhi engenasici’ phambi kukaJehova.— 2 Petru 3:14; Galathiya 6:7, 8.
28. Yiziphi izono ezilahlwa komaye bokugcina ba-Isaya, futhi amaKristu namuhla angazigwema kanjani izono ezinjalo?
28 Ngokufanelekile, u-Isaya wenezela labo maye bokugcina: “Maye kulabo abahlakaniphileyo emehlweni abo nabaqondayo ngisho naphambi kobuso babo! Maye kulabo abanamandla ekuphuzeni iwayini, nasemadodeni anamandla ukuba axube uphuzo oludakayo, labo abathi omubi ulungile ngokucabangela isifumbathiso, nabasusa ukulunga kolungileyo kuye!” (Isaya 5:21-23) Ngokusobala la mazwi ayebhekiswe kulabo ababekhonza njengabahluleli ezweni. Abadala bebandla namuhla bayakugwema ukubonakala ‘behlakaniphile emehlweni abo.’ Ngokuthobeka bamukela iseluleko sabanye abadala futhi banamathele ngokuseduze emiyalweni yenhlangano. (IzAga 1:5; 1 Korinte 14:33) Bayalinganisela ekuphuzeni utshwala, abalokothi babuphuze ngaphambi kokwenza imisebenzi yebandla. (Hoseya 4:11) Abadala bayakugwema nokwenza kubonakale sengathi bayakhetha. (Jakobe 2:9) Yeka indlela abahluke ngayo kubefundisi beLobukholwa! Abaningi babo baziba amaphutha ezoni ezinegama nezicebile phakathi kwabo, okuphambene ngokuqondile nezixwayiso zomphostoli uPawulu ezikweyabaseRoma 1:18, 26, 27; 1 Korinte 6:9, 10; neyabase-Efesu 5:3-5.
29. Isiphi isiphetho esiyinhlekelele esilindele isivini sikaJehova esingama-Israyeli?
29 U-Isaya uphetha lo myalezo ongokwesiprofetho ngokuchaza isiphetho esiyinhlekelele salabo abaye “bala umthetho kaJehova” futhi bahluleka ukuveza izithelo ezilungileyo. (Isaya 5:24, 25; Hoseya 9:16; Malaki 4:1) Uthi: “[UJehova] uye wasiphakamisela isibonakaliso isizwe esikhulu esikude, futhi wasishayela ikhwelo sisemkhawulweni womhlaba; bheka! sizofika ngejubane, siphuthuma.”—Isaya 5:26; Duteronomi 28:49; Jeremiya 5:15.
30. Ubani oyobuthela ndawonye ‘isizwe esikhulu’ esiyomelana nabantu bakaJehova, ube yini umphumela?
30 Endulo isibonda esisendaweni ephakeme sasingasebenza ‘njengesibonakaliso,’ noma indawo yokubuthanela abantu noma amabutho. (Qhathanisa no-Isaya18:3; Jeremiya 51:27.) Manje uJehova ngokwakhe uzobuthela ndawonye lesi “sizwe esikhulu” esingagagulwanga, ukuba sikhiphe isahlulelo sakhe.b ‘Uzosishayela ikhwelo,’ okusho ukuthi, uzosenza sinake abantu bakhe abaphambukayo njengento efanele ukunqotshwa. Lesi siprofetho sibe sesichaza ukuhlasela ngonya okusheshayo nokwesabekayo kwalaba banqobi abanjengezingonyama, ‘abayobamba inyamazane,’ isizwe sikaNkulunkulu, ‘bamuke nayo ngokuphepha’ bayiyise ekuthunjweni. (Funda u-Isaya 5:27-30a.) Futhi yeka umphumela odabukisayo ngezwe labantu bakaJehova! “Umuntu empeleni uyogqolozela izwe, futhi, bheka! kukhona ubumnyama obucindezelayo; ngisho nokukhanya kuye kwaba mnyama ngenxa yamaconsi ehlela phezu kwalo.”—Isaya 5:30b.
31. AmaKristu eqiniso angakugwema kanjani ukuthola isijeziso esatholwa isivini sikaJehova esingama-Israyeli?
31 Yebo, isivini uNkulunkulu asitshala ngothando kangaka sizibonakalisa singatheli—sifanelwe ukubhujiswa nje kuphela. Yeka isifundo esinamandla amazwi ka-Isaya asiphathele bonke abakhonza uJehova namuhla! Kwangathi bangalwela ukuveza izithelo ezilungileyo kuphela, kube udumo kuJehova nensindiso kubona!
[Imibhalo yaphansi]
a Ezinye izazi zikholelwa ukuthi izakhiwo zesikhashana ezingaqinile, njengamadokodo noma amadlangala, zazivame kakhulu kunemibhoshongo yamatshe. (Isaya 1:8) Ukuba khona kombhoshongo kungabonisa imizamo engavamile eyenziwe umnini-sivini enzela “isivini” sakhe.
b Kwezinye iziprofetho, u-Isaya uthi iBabiloni liyisizwe esikhipha isahlulelo sikaJehova esibhubhisayo kuJuda.
[Isithombe ekhasini 83]
Isoni sinamathela esonweni kuhle kwesilwane esidonsa inqola
[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 85]