Sondela KuNkulunkulu
“Mina Ngeke Ngikukhohlwe”
INGABE uJehova ubakhathalela ngempela abantu bakhe? Uma kunjalo, ubakhathalela kakhulu kangakanani? Iyodwa indlela esingathola ngayo izimpendulo zale mibuzo—ukuba uNkulunkulu asitshele yena. EBhayibhelini, uJehova uyiveza ngokucacile indlela azizwa ngayo. Cabanga ngamazwi atholakala ku-Isaya 49:15.
Ukuze abonise imizwa ejulile anayo ngabantu bakhe, ngo-Isaya, uJehova usebenzisa esinye sezibonelo esithinta kakhulu kwesingazicabanga. Uqala ngokubuza lo mbuzo oshukumisa ingqondo: “Umfazi angamkhohlwa yini umntanakhe osancela angayihawukeli indodana yesisu sakhe?” Uma uqala ukuwuzwa lo mbuzo impendulo ivele ibe sobala. Umdlezane angalukhohlwa kanjani usana lwakhe oluncelayo? Usana lwakhe luthembele kuye ngokuphelele ebusuku nasemini—futhi luyambonisa uma ludinga ukunakwa! Kodwa kunokwengeziwe kulo mbuzo kaJehova.
Kungani umama enakekela ingane yakhe futhi enakekela zonke izidingo zayo? Ingabe kungenxa nje yokuthi ufuna ukuyithulisa ngoba ikhala? Cha. Ngokwemvelo umama ‘uyayihawukela indodana yesisu sakhe.’ Isenzo sesiHebheru lapha esihunyushwe ngokuthi “isihawu” sibuye sisho ‘ukubonisa isihe.’ (Eksodusi 33:19; Isaya 54:10) Leli gama lesiHebheru lingadlulisela umqondo wobubele obuboniswa labo abangenakuzisiza noma abangavikelekile. Ububele umdlezane anabo ngosana lwakhe oluncelayo luwumuzwa ojule kakhulu kwesingase sicabange ngayo.
Nokho, kuyadabukisa ukuthi akubona bonke omama abanobubele kubantwana babo abafuna ukuncela. UJehova uthi: “Ngisho nalaba besifazane bangakhohlwa.” Siphila ezweni lapho amadoda nabesifazane abaningi bengabantu “abangathembeki, abangenalo uthando.” (2 Thimothewu 3:1-5) Ngezinye izikhathi sizwa ngomama abanganaki, abahlukumeza noma balahle izinsana zabo. Lapho ikhuluma ngo-Isaya 49:15, enye incwadi yeBhayibheli ithi: “Omama banesono futhi ngezinye izikhathi ukuxegelwa isimilo kubenza bangabi nalo uthando. Ngisho noma umuntu engaba nothando olukhulu kangakanani lungaphela.”
UJehova uyasiqinisekisa, “nokho mina ngeke ngikukhohlwe.” Manje sesingaqala ukubona ukuthi kungani uJehova abuza lo mbuzo oku-Isaya 49:15. Nakuba eqhathanisa kodwa empeleni wenza umehluko. Ngokungafani nomama ongaphelele, ongase angakwazi ukuba nobubele osaneni lwakhe olungenakuzisiza, uJehova akasoze ehluleka noma akhohlwe ukubonisa uzwela kubakhulekeli bakhe abahluphekile. Kuyafaneleka ukuba incwadi okukhulunywe ngayo ngenhla ithi ngo-Isaya 49:15: “Le nkulumo iphakathi kwezinkulumo ezinamandla kakhulu, uma kungeyona enamandla kunazo zonke, ebonisa uthando lukaNkulunkulu eTestamenteni Elidala.”
Akududuzi yini ukufunda ‘ngobubele bukaNkulunkulu wethu’? (Luka 1:78) Kunganjani ufunde ukuthi ungasondela kanjani kuJehova? Lo Nkulunkulu onothando uqinisekisa abakhulekeli bakhe: “Angisoze ngakushiya noma ngikulahle nganoma iyiphi indlela.”—Hebheru 13:5.
Izahluko zeBhayibheli ongazifunda ngo-February: