Uthando LukaNkulunkulu Lubonakala Othandweni Lukamama
“Umfazi angamkhohlwa yini umntanakhe osancela angayihawukeli indodana yesisu sakhe? Ngisho nalaba besifazane bangakhohlwa, nokho mina ngeke ngikukhohlwe.”—ISAYA 49:15.
USANA olusanda kuzalwa luthokomele ezandleni zikanina njengoba eluncelisa. Lesi simo sibonisa ubumnene nothando. Umama okuthiwa uPam uthi: “Lapho ngiqala ukugona usana lwami, ngafikelwa umuzwa ojulile wothando nomthwalo wemfanelo wokunakekela lo muntu omusha.”
Kubonakala kuyinto esobala, kodwa ucwaningo luye lwafakazela ukuthi uthando lukamama lunethonya elikhulu ekukhuleni komntwana. Incwadi ye-World Health Organization Programme on Mental Health ithi: “Ucwaningo lubonise ukuthi izinsana ezinganakwa futhi ezihlukaniswe nonina azijabuli futhi ziyacindezeleka, ngezinye izikhathi zize zihlale zesaba.” Yona le ncwadi ikhuluma ngocwaningo olwabonisa ukuthi izingane ezithola uthando nezinakwayo kusukela zisencane cishe zizoba nezinga lokuhlakanipha eliphakeme kunelezingane ezinganakiwe.
Ekhuluma ngokubaluleka kothando lukamama, u-Alan Schore, uprofesa wezokusebenza kwengqondo e-UCLA School of Medicine e-United States, uthi: “Ubuhlobo ingane eqala ukuba nabo nonina bufana nephethini, njengoba buwalolonga ngendlela engenakushintsha amakhono omuntu okwakha ubuhlobo obungokomzwelo nabanye kamuva.”
Ngokudabukisayo, ukucindezeleka, ukugula, noma ezinye izingcindezi kungenza umama angamnaki umntanakhe noma aze ‘akhohlwe umntanakhe osancela.’ (Isaya 49:15) Kodwa into enjalo iyaqabukela. Empeleni, kubonakala sengathi kungokwemvelo ukuba omama bathande abantwana babo. Abacwaningi baye bathola ukuthi lapho omama bebeletha, baba namazinga aphakeme e-hormone okuthiwa i-oxytocin, ebangela ukufinyela kwesibeletho futhi esiza ekukhiqizeni ubisi kamuva. Yona le hormone, etholakala kwabesilisa nabesifazane, kukholelwa ukuthi inendima nasekushukumiseleni umuntu ukuba aphathe umntwana ngendlela enothando nengenabugovu.
Uyini Umsuka Wothando?
Labo abasakaza inkolelo yokuziphendukela kwemvelo bafundisa ukuthi uthando olungenabugovu, njengalolo oluba khona phakathi kukamama nomntanakhe, lwavela ngengozi futhi lwalondolozwa ukuzikhethela kwemvelo ngoba luzuzisa abanalo. Ngokwesibonelo, umagazini okuyi-Internet i-Mothering Magazine uthi: “Ingxenye yokuqala yobuchopho bethu eyavela ngaphandle kwaleyo esayithola kokhokho bethu abayizilwane ezihuquzelayo kwakuyisimiso semizwelo. Yile ngxenye yobuchopho eyenza omama nezinsana bakhe ubuhlobo obuseduze.”
Kuyavunywa ukuthi ucwaningo luye lwembula ukuthi isimiso semizwelo sinendima ekusebenzeni kwemizwelo yethu. Kodwa, ingabe kuzwakala kunengqondo kuwe ukuthi indlela umama amthanda ngayo umntanakhe iwumkhiqizo wento eyavela ngengozi isuka ebuchosheni besilwane esihuquzelayo?
Cabangela incazelo ehlukile. IBhayibheli lithi abantu badalwa ngomfanekiso kaNkulunkulu, okuwukuthi, benekhono lokubonakalisa izimfanelo zikaNkulunkulu. (Genesise 1:27) Imfanelo kaNkulunkulu evelele uthando. Umphostoli uJohane wabhala: “Lowo ongenalo uthando akamazi uNkulunkulu.” Ngani? “Ngoba uNkulunkulu uluthando.” (1 Johane 4:8) Siza uphawule ukuthi leli vesi leBhayibheli alisho ukuthi uNkulunkulu unothando. Kunalokho, lithi uNkulunkulu uluthando. UnguMthombo wothando.
IBhayibheli lichaza uthando ngale ndlela: “Uthando luyabekezela futhi lunomusa. Uthando alunamhawu, aluzigabisi, aluzikhukhumezi, aluziphathi ngokuhlazisayo, aluzifuneli izinzuzo zalo siqu, alucasuki. Alunamagqubu. Alujabuli ngokungalungi, kodwa lujabulela iqiniso. Lubekezelela zonke izinto, lukholelwa yizo zonke izinto, luthemba zonke izinto, lukhuthazelela zonke izinto. Uthando alusoze lwaphela nanini.” (1 Korinte 13:4-8) Ingabe kuzwakala kunengqondo ukukholelwa ukuthi le mfanelo enhle kangaka yavela ngengozi?
Wena Uthinteka Kanjani?
Njengoba ubufunda incazelo yothando esigabeni esandulele, ingabe inhliziyo yakho ibilangazelela ukuba othile akubonise lolo hlobo lothando? Kungokwemvelo ukuba ube naleso sifiso. Ngani? Ngoba “siyinzalo kaNkulunkulu.” (IzEnzo 17:29) Sadalwa ngendlela yokuba samukele futhi sibonise lolo thando. Futhi singaqiniseka ngokuthi uNkulunkulu usithanda ngokujulile. (Johane 3:16; 1 Petru 5:6, 7) UmBhalo ocashunwe ekuqaleni kwalesi sihloko ubonisa ukuthi uthando lukaNkulunkulu ngathi lunamandla nakakhulu, luhlala njalo kunothando lukamama ngomntanakhe!
Kodwa ungase uzibuze, ‘Uma uNkulunkulu ehlakaniphile, enamandla, futhi enothando, kungani engakuqedi ukuhlupheka? Kungani evumela izingane ukuba zife, ukucindezeleka kuqhubeke, nomhlaba wonakaliswe ngokuphathwa kabi nangokuhaha?’ Lena yimibuzo emihle edinga izimpendulo ezinengqondo.
Kungakhathaliseki ukuthi abakholelwa ukuthi uNkulunkulu akaziwa bathini, kunendlela yokuthola izimpendulo ezanelisayo kule mibuzo. Izigidi zabantu emazweni amaningi ziye zathola lezi zimpendulo ngokutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Abashicileli balo magazini bakumema ukuba wenze okufanayo. Njengoba ulwazi lwakho ngoNkulunkulu lukhula ngokutadisha iZwi lakhe nendalo yakhe, uyoqonda ukuthi akakude futhi akukhona ukuthi akanakwaziwa. Kunalokho, cishe uyoqiniseka ngokuthi uNkulunkulu ‘akakude kulowo nalowo kithi.’—IzEnzo 17:27.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 8]
Uthando luka-Nkulunkulu ngathi luhlala njalo kunothando lukamama ngomntanakhe