Uthando Olunamandla Kunolukamama
EZITESHINI zemizila engaphansi komhlaba, ezindaweni zangasese zomphakathi, noma emigwaqweni ephithizelayo, omama balahla izinsana zabo. Ngezinye izikhathi, abaqoqi bemfucumfucu bazithola ngisho nasemigqonyeni kadoti izingane ezincane esezikhale zaze zakhathala, zikhalela onina. Ngokwe-O Estado de S. Paulo, “kuyanda ukulahlwa kwezingane emigwaqweni.” Yiqiniso, lowo mama osemusha angase azisole kamuva ngesinqumo asenzile. Nokho uyaqhubeka, nakuba lokho kungase kuyibulale ingane yakhe.
Ungase uzibuze, ‘Kungenzeka kanjani ukuba umama akucabange ngisho nokukucabanga nje ukwenza ingane yakhe ibe nekusasa elingaqinisekile ngokuyilahla?’ IBhayibheli lisebenzisa lesi simo esidabukisayo njengesingathekiso ukuze libonise indlela lokhu okuphambene ngayo kakhulu nendlela uMdali wethu azizwa ngayo ngalabo abangabakhe: “Owesifazane angakhohlwa umntwana wakhe oncelayo ukuba angabi-namusa kuyo indodana yesizalo sakhe na? Yebo, bona bangakhohlwa, kodwa mina anginakukukhohlwa wena.”—Isaya 49:15.
Ngempela, ngaphezu kwanoma yimuphi umama ongumuntu, uNkulunkulu unothando olujulile ngathi futhi uyathinteka ngezidingo zethu. Kungakhathaliseki ukuthi umusha noma umdala, noma iyiphi inkinga ongase ubhekane nayo, awuwedwa. UMdali wakho ufuna ukukusiza futhi unesithakazelo enhlalakahleni yakho. Ngokwamazwi omhubi, “[uma] ubaba nomame [bengishiya], . . . uJehova uzakungamukela.”—IHubo 27:10, qhathanisa ne-NW.
Emhlabeni wonke, omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! banyatheliselwa ukunikeza ulwazi ‘ngowukuphela kukaNkulunkulu weqiniso,’ uJehova nangeNdodana yakhe, uJesu Kristu, olungasho ukuphila okumi phakade kulabo abalungenisa ngokwazisa.—Johane 17:3.