Isahluko Seshumi Nanye
“Ningabeki Ithemba Lenu Ezicukuthwaneni”
1, 2. (a) Yisiphi iseluleko esiphefumulelwe amaJuda angasilaleli, futhi kuba namuphi umphumela? (b) Kungani uJehova ebuza ukuthi: ‘Iphi incwadi yokuhlukanisa?’
“NINGABEKI ithemba lenu ezicukuthwaneni, noma endodaneni yomuntu wasemhlabeni, okungekhona okwayo ukusindisa. . . . Uyajabula lowo usizo lwakhe lunguNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuJehova uNkulunkulu wakhe, uMenzi wezulu nomhlaba.” (IHubo 146:3-6) Ukube nje amaJuda angosuku luka-Isaya abengenza njengoba kweluleka umhubi! Ukube abengabeka ithemba lawo ‘kuNkulunkulu kaJakobe’ hhayi eGibithe noma kwesinye isizwe samaqaba! Bekungathi lapho izitha zikaJuda zifika zimhlasela, uJehova athathe isinyathelo sokumvikela. Kodwa uJuda unqabile ukuya kuJehova ukuze athole usizo. Ngenxa yalokho, uJehova uzoliyeka iJerusalema libhujiswe, nezakhamuzi zakwaJuda zithunjelwe eBabiloni.
2 UJuda akumelwe asole muntu, kumelwe azisole yena. Ngeke neze kufaneleke ukuba athi ubhujiswe ngenxa yokuthi uJehova umkhohlisile noma akasasinakile isivumelwano sakhe asenza nalesi sizwe. UMdali akazephuli izivumelwano. (Jeremiya 31:32; Daniyeli 9:27; IsAmbulo 15:4) Egcizelela leli phuzu, uJehova ubuza amaJuda: “Pho-ke, iphi incwadi kanyoko yokuhlukanisa, engimmukisile?” (Isaya 50:1a) EMthethweni KaMose, indoda ehlukanisa nomkayo kumelwe imnike incwadi yesahlukaniso. Ngemva kwalokho usengaba owenye indoda. (Duteronomi 24:1, 2) Ngomqondo ongokomfanekiso, uJehova ukhiphe leyo ncwadi wayinika u-Israyeli, umbuso ozalana noJuda, akayinikezanga uJuda.a ‘Usengumnikazi wakhe angumyeni wakhe.’ (Jeremiya 3:8, 14) UJuda akakhululekile nakancane ukuba abe owezizwe ezingamaqaba. Ubuhlobo bakhe noJehova buyoqhubeka “kuze kufike uShilo [uMesiya].”—Genesise 49:10.
3. Kungasiphi isizathu uJehova ‘ethengisa’ abantu bakhe?
3 UJehova ubuye abuze uJuda: “Yimuphi kwengibakweletayo enginithengise kuye?” (Isaya 50:1b) AmaJuda ngeke athunjelwe eBabiloni ukuba ayokhokha isikweletu esithile okungathiwa uJehova usenzile. UJehova akafani nomIsrayeli ompofu okumelwe athengise ngezingane zakhe kulowo amkweletayo ukuze akhokhe izikweletu. (Eksodusi 21:7) Kunalokho, uJehova usho okuyisona sizathu esiyokwenza abantu bakhe bagqilazwe: “Bhekani! Nithengiswe ngenxa yeziphambeko zenu nonyoko umukiswe ngenxa yezeqo zenu.” (Isaya 50:1c) AmaJuda yiwona amshiyile uJehova; akuyena owashiyile.
4, 5. UJehova ulubonisa kanjani uthando analo ngabantu bakhe, kodwa uJuda usabela kanjani?
4 Umbuzo kaJehova olandelayo uluveza ngokucacile uthando analo ngabantu bakhe: “Kungani bekungekho muntu lapho ngifika? Kungani bekungekho muntu ophendulayo lapho nginibiza?” (Isaya 50:2a) Ngezinceku zakhe abaprofethi, kunjengokungathi uJehova ufike emzini wabantu bakhe ezobancenga ukuba babuyele kuye ngezinhliziyo zabo zonke. Kodwa abaphenduli. AmaJuda aqoma ukufuna usizo kumuntu wasemhlabeni, ngezinye izikhathi aphendukela ngisho naseGibithe.—Isaya 30:2; 31:1-3; Jeremiya 37:5-7.
5 Ingabe iGibithe lingumsindisi okungathenjelwa kuye ukwedlula uJehova? Sengathi la maJuda angathembekile asezikhohliwe izigigaba ezaholela ekuzalweni kwesizwe sawo emakhulwini eminyaka ngaphambili. UJehova uyawabuza: “Ingabe eqinisweni isandla sami sesifinyele kangangokuba asikwazi ukukhulula, noma ingabe awekho yini amandla kimi okukhulula? Bheka! Ngokukhuza kwami ngomisa ulwandle; ngenza imifula ibe ihlane. Izinhlanzi zawo ziyanuka ngenxa yokungabikho kwamanzi, futhi ziyafa ngenxa yokoma. Ngembathisa amazulu ngokusitheka, ngenza indwangu yesaka ibe yisembatho sawo.”—Isaya 50:2b, 3.
6, 7. UJehova wawabonisa kanjani amandla akhe okusindisa ngesikhathi sosongo lwabaseGibithe?
6 Ngo-1513 B.C.E., iGibithe lalingumcindezeli wabantu bakaNkulunkulu—hhayi umkhululi ababemlindele. Ama-Israyeli ayeyizigqila kulelo zwe lamaqaba. Kodwa uJehova wawakhulula, futhi akuve kwaba ukukhululwa okuvusa amadlingozi! Waqale waletha iziNhlupho Eziyishumi ezweni. Ngemva kwenhlupho yeshumi eyalalisa uyaca, uFaro waseGibithe wathi ama-Israyeli awaphume kulelo zwe. (Eksodusi 7:14–12:31) Kodwa kwathi angahamba nje, yashintsha inhliziyo kaFaro. Waqoqa amabutho akhe waphuma eyolanda ama-Israyeli ukuba abuyele eGibithe ngenkani. (Eksodusi 14:5-9) Njengoba kwakunequlu lamasosha aseGibithe ngemva kwawo, kunoLwandle Olubomvu ngaphambi kwawo, ama-Israyeli ayesenkingeni! Kodwa uJehova wayekhona ezowalwela.
7 UJehova wavimba abaseGibithe ngokubeka insika yefu phakathi kwabo nama-Israyeli. Ohlangothini lwabaseGibithe lwefu, kwakumnyama; kolwama-Israyeli kwakukhanya. (Eksodusi 14:20) Njengoba-ke amabutho aseGibithe ayevinjiwe, uJehova “waqala ukuhlehlisa ulwandle ngomoya wasempumalanga onamandla ubusuku bonke waguqula ulwandle lwaba umhlabathi owomile.” (Eksodusi 14:21) Kwathi angahlukaniswa nje amanzi, bonke abantu—amadoda, abesifazane nezingane—bakwazi ukunqamula uLwandle Olubomvu bephephile. Lapho abantu bakhe sebezofika osebeni olungaphesheya, uJehova walisusa ifu. Bebajaha, abaseGibithe baphulukundlela bangena olwandle. Lapho nje abantu bakhe sebephumele ngaphesheya bephephile, uJehova wawadedela amanzi, aminzisa uFaro namabutho akhe. UJehova wabalwela kanjalo-ke abantu bakhe. Yeka isikhuthazo okuyiso lokhu kumaKristu namuhla!—Eksodusi 14:23-28.
8. Izakhamuzi zakwaJuda zigcina zithunjiwe ngenxa yokunganaki ziphi izixwayiso?
8 Ngesikhathi sika-Isaya, sekudlule iminyaka engu-700 kwenzeka lokho kunqoba kwaphezulu. UJuda manje uyisizwe esizimele. Ngezinye izikhathi uba nezingxoxo zokubonisana nohulumeni bezinye izizwe, njenge-Asiriya neGibithe. Kodwa abaholi balezi zizwe ezingamaqaba abanakuthenjwa. Bayohlale bebeka izithakazelo zabo kuqala ngaphambi kwanoma yiziphi izivumelwano abazenza noJuda. Bekhuluma egameni likaJehova, abaprofethi baxwayisa abantu ukuba bangabeki ithemba labo kulabo bantu, kodwa bakushaya indiva okushiwo abaprofethi. Ekugcineni, amaJuda azothunjelwa eBabiloni achithe iminyaka engu-70 eyizigqila. (Jeremiya 25:11) Nokho, uJehova ngeke abakhohlwe abantu bakhe, engeke futhi abalahle unomphela. Ngesikhathi asimisile, uyobakhumbula, abavulele indlela yokubuyela ezweni labo ukuze babuyisele ukukhulekela okumsulwa. Ngayiphi injongo? Ukuze balungiselele ukuza kukaShilo, lowo bonke abantu abayomlalela!
UShilo Uyafika
9. Ubani uShilo, futhi uluhlobo luni lomfundisi?
9 Kudlula amakhulu eminyaka. “Ukuphelela kwaleso sikhathi” kuyafika, futhi lowo obizwa ngokuthi uShilo, iNkosi uJesu Kristu, uyafika emhlabeni. (Galathiya 4:4; Heberu 1:1, 2) Ukuthi uJehova umise umuntu asondelene naye kunabo bonke ukuba abe uMkhulumeli wakhe kumaJuda kubonisa ukuthi uJehova ubathanda kangakanani abantu bakhe. UJesu uba luhlobo luni lomkhulumeli? Uhlobo olusezingeni eliphezulu! UJesu akayena nje kuphela umkhulumeli, ungumfundisi futhi—uMfundisi Oyingcweti. Akumangalisi lokho ngoba naye unoMfundisi omangalisayo—uJehova uNkulunkulu uqobo lwakhe. (Johane 5:30; 6:45; 7:15, 16, 46; 8:26) Lokhu kugcizelelwa yilokho uJesu akushoyo ngokwesiprofetho ngo-Isaya: “INkosi EnguMbusi uJehova inginike ulimi lwabafundisiweyo, ukuze ngikwazi ukuphendula okhathele ngezwi. Ingivusa njalo ekuseni; ivusa indlebe yami ukuba izwe njengabafundisiweyo.”—Isaya 50:4.b
10. UJesu ulubonisa kanjani uthando lukaJehova ngabantu baKhe, futhi uJesu uthola ukusabela okunjani?
10 Ngaphambi kokuba eze emhlabeni, uJesu wayesebenza eceleni kukaYise ezulwini. Ubuhlobo obufudumele obuphakathi kukaBaba neNdodana buchazwe sankondlo kuzAga 8:30: “Ngangiseceleni kwakhe [uJehova] ngiyisisebenzi esiyingcweti, . . . ngithokoza phambi kwakhe ngaso sonke isikhathi.” Kwamnikeza intokozo enkulu uJesu ukulalela uYise. Wayewathanda njengoYise ‘amadodana abantu.’ (IzAga 8:31) Lapho efika emhlabeni, uJesu uphendula “okhathele ngezwi.” Uqala inkonzo yakhe ngokufunda indima eduduzayo esiprofethweni sika-Isaya: “Umoya kaJehova uphezu kwami, ngoba ungigcobile ukuba ngimemezele izindaba ezinhle kwabampofu, . . . ukuba ngimukise abachotshoziwe bekhululiwe.” (Luka 4:18; Isaya 61:1) Izindaba ezinhle kwabampofu! Ukuqabuleka kwabakhatheleyo! Yeka injabulo okufanele leso simemezelo siyilethele abantu! Bakhona abajabulayo—kodwa hhayi bonke. Ekugcineni, abaningi bayenqaba ukwamukela ukufaneleka kukaJesu njengofundiswe uJehova.
11. Obani abangena ngaphansi kwejoka kanye noJesu, futhi batholani?
11 Nokho, abanye bafuna ukuzwa okwengeziwe. Bayasijabulela isimemo sikaJesu esithinta inhliziyo: “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke. Bekani ijoka lami phezu kwenu nifunde kimi, ngoba nginomoya omnene futhi ngithobekile ngenhliziyo, nizotholela imiphefumulo yenu ukuqabuleka.” (Mathewu 11:28, 29) Phakathi kwalabo abasondela kuJesu kunamadoda aba abaphostoli bakhe. Ayazi ukuthi ukungena ngaphansi kwejoka noJesu kusho ukuthi azosebenza kanzima. Phakathi kwezinye izinto, lo msebenzi uhilela nokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kuze kube semaphethelweni omhlaba. (Mathewu 24:14) Njengoba abaphostoli nabanye abafundi bewenza lo msebenzi, bathola ukuthi ngempela ulethela imiphefumulo yabo ukuqabuleka. AmaKristu athembekile namuhla enza wona lo msebenzi, futhi ukuwenza kuwalethela injabulo efanayo.
Akadlubulundi
12. UJesu ukubonisa ngaziphi izindlela ukuthi uyamlalela uYise wasezulwini?
12 UJesu akayikhohlwa nanini injongo yokuza kwakhe emhlabeni—ukwenza intando kaNkulunkulu. Umbono wakhe ngezinto uyabikezelwa: “INkosi EnguMbusi uJehova ivule indlebe yami, futhi mina, angizange ngibe odlubulundayo. Angizange ngiphendukele kolunye uhlangothi.” (Isaya 50:5) UJesu umlalela njalo uNkulunkulu. Yebo, uze asho nokusho: “INdodana ayikwazi ukwenza ngisho nento eyodwa ngokusuka kuyo siqu, kodwa kuphela lokho ebona uYise ekwenza.” (Johane 5:19) Ekuphileni kwakhe ngaphambi kokuba abe umuntu, cishe uJesu wasebenza eceleni kukaYise izigidi zeminyaka, ngisho nezinkulungwane zezigidi zeminyaka. Esefikile emhlabeni, uyaqhubeka elandela iziyalezo zikaJehova. Thina-ke balandeli bakaKristu abangaphelele, kufanele siqikelele nakakhulu ukwenza njengoba uJehova esho!
13. UJesu ulindelwe yini, nokho ubonisa kanjani ukuthi unesibindi?
13 Abanye kulabo abenqaba iNdodana kaJehova ezelwe yodwa bayayishushisa, futhi nakho lokhu kuyabikezelwa: “Umhlane wami ngawunika abashayayo, nezihlathi zami labo abahluthula izinwele. Ubuso bami angizange ngibufihlele izinto ezihlazisayo namathe.” (Isaya 50:6) Ngokusho kwesiprofetho, abaphikisi bayomzwisa ubuhlungu uMesiya futhi bamhlazise. UJesu uyakwazi lokhu. Uyazi nokuthi lolu shushiso luyogcinaphi. Nokho, njengoba isikhathi sakhe emhlabeni sisondela ekupheleni, akabonisi kwesaba. Eqine njengetshe lomlilo (insengetsha), ulibangisa eJerusalema, lapho ukuphila kwakhe kobuntu kuzoqedwa khona. Esesendleleni, uJesu utshela abafundi bakhe: “Bhekani, sinyukela eJerusalema, futhi iNdodana yomuntu izonikelwa kubapristi abakhulu nakubabhali, futhi bazoyilahlela ekufeni bayinikele kubantu bezizwe, futhi bazohlekisa ngayo bayikhafulele, bayibhaxabule futhi bayibulale, kodwa ezinsukwini ezintathu kamuva izovuka.” (Marku 10:33, 34) Yonke le mpatho embi iyobe ibhebhezelwa abantu okufanele ngabe bazi kangcono—abapristi abakhulu nababhali.
14, 15. Agcwaliseka kanjani amazwi ka-Isaya athi uJesu uyoshaywa futhi ahlaziswe?
14 Ngobusuku buka-Nisan 14, 33 C.E., uJesu usensimini yaseGetsemane nabalandeli bakhe abathile. Uyakhuleka. Kungazelelwe, kuthí memfu isixuku bese simthatha siyomvalela. Kodwa akesabi. Uyazi ukuthi uJehova uyamsekela. Uqinisekisa abaphostoli bakhe abethukile ukuthi ukube ubethanda, ubenganxusa uYise ukuba athumele amalegiyona ezingelosi angaphezu kwayishumi nambili azomophula, kodwa uyenezela: “Uma kuba njalo, imiBhalo ibiyogcwaliseka kanjani?”—Mathewu 26:36, 47, 53, 54.
15 Konke okwakubikezelwe ngokulingwa kukaMesiya nokufa kwakhe kuyagcwaliseka. Ngemva kokuthethwa kwecala lobuqili phambi kweSanhedrini, uJesu uphenywa uPontiyu Pilatu, abese ethi uJesu makabhaxabulwe ngesiswebhu. Amasosha angamaRoma ‘amshaya ekhanda ngomhlanga futhi amkhafulele.’ Agcwaliseka kanjalo amazwi ka-Isaya. (Marku 14:65; 15:19; Mathewu 26:67, 68) Nakuba iBhayibheli lingasho ukuthi intshebe kaJesu iyancodulwa ngempela—okuwuphawu lokwedelela okukhulu—akungabazeki ukuthi kuyenzeka lokhu, njengoba nje u-Isaya abikezela.c—Nehemiya 13:25.
16. Lapho ebhekene nokucindezeleka okukhulu kakhulu, siba njani isimo sikaJesu, futhi kungani engabi namahloni?
16 Njengoba uJesu emi phambi kukaPilatu, akaceli ukuba ukuphila kwakhe kusindiswe kodwa wehlisa umoya, azi ukuthi kumelwe afe ukuze imiBhalo igcwaliseke. Lapho umbusi waseRoma ethi yena unamandla okugweba uJesu ukuba afe noma okumkhulula, ngesibindi uJesu uyaphendula: “Ubungeke ube negunya nhlobo ngokumelene nami ngaphandle kokuba ulinikezwé livela phezulu.” (Johane 19:11) Amasosha kaPilatu aphatha uJesu ngesihluku esiyinqaba, kodwa ayehluleka ukumenza abe namahloni. Kungani kufanele abe namahloni? Akajeziselwa ukweqa umthetho othile. Kunalokho, ushushiswa ngenxa yokulunga. Kulokhu, kugcwaliseka amanye amazwi ka-Isaya ayisiprofetho: “INkosi enguMbusi uJehova iyongisiza. Yingakho kungeke kudingeke ukuba ngizizwe ngihlazekile. Yingakho ngimise ubuso bami baba njengensengetsha, futhi ngiyazi ukuthi ngeke ngibe namahloni.”—Isaya 50:7.
17. UJehova uye wamsekela ngaziphi izindlela uJesu phakathi nenkonzo yakhe?
17 Isibindi sikaJesu sisekelwe ekuthembeleni kwakhe kuJehova ngokuphelele. Isimo sakhe sibonisa ukuthi uvumelana ngokugcwele nala mazwi ka-Isaya: “Lowo othi ngilungile useduze. Ngubani ongalwa nami? Masime ndawonye. Ngubani omelene nami ekwahluleleni? Makasondele kimi. Bheka! INkosi EnguMbusi uJehova iyongisiza. Ngubani ongasho ukuthi ngimubi? Bheka! Bonke ngothi lwabo, njengengubo, bayoguga. Bayodliwa yinundu nje.” (Isaya 50:8, 9) Ngosuku abhapathizwa ngalo uJesu, uJehova uthi ulungile njengendodana kaNkulunkulu engumoya. Empeleni, kuleso senzakalo kuzwakala izwi likaNkulunkulu ngokwakhe, lithi: “Lena iNdodana yami, ethandekayo, engiyamukele.” (Mathewu 3:17) Ngasekupheleni kokuphila kwakhe emhlabeni, njengoba uJesu eguqa ekhuleka ensimini yaseGetsemane, ‘ingelosi evela ezulwini ibonakala kuye futhi iyamqinisa.’ (Luka 22:41-43) Ngakho uJesu uyazi ukuthi uYise uyayamukela inkambo yokuphila kwakhe. Le Ndodana kaNkulunkulu ephelele ayenzanga sono. (1 Petru 2:22) Izitha zayo ziyimangalela ngamanga zithi yephula iSabatha, iyisidakwa futhi ikhwelwe amademoni, kodwa amanga azo awamtheli ngehlazo uJesu. UNkulunkulu uyamsekela, pho ubani ongamelana naye?—Luka 7:34; Johane 5:18; 7:20; Roma 8:31; Heberu 12:3.
18, 19. AmaKristu agcotshiwe aye abhekana naziphi izimo ezifuze lezo uJesu abhekana nazo?
18 UJesu uxwayisa abafundi bakhe: “Uma beye bangishushisa mina, bayonishushisa nani.” (Johane 15:20) Ngokushesha izigigaba ziyakufakazela lokhu. NgePhentekoste lika-33 C.E., umoya ongcwele wehlela phezu kwabafundi bakaJesu abathembekile, futhi ibandla lobuKristu liyazalwa. Zibekwa nje, abaholi benkolo bazama ukuvimbela umsebenzi wokushumayela wala madoda nabesifazane abathembekile, manje abakanye noJesu njengengxenye ‘yenzalo ka-Abrahama’ futhi abamukelwa njengamadodana kaNkulunkulu angokomoya. (Galathiya 3:26, 29; 4:5, 6) Kusukela ekhulwini lokuqala kuze kube manje, amaKristu agcotshiwe, nakuba ekumelela ngokuqinile ukulunga, kuye kwadingeka alwisane nenkulumo-ze engamanga nokushushiswa okubuhlungu okuvela ezitheni zikaJesu.
19 Noma kunjalo, akhumbula amazwi kaJesu ayisikhuthazo: “Niyajabula lapho abantu benihlambalaza, benishushisa futhi ngokuqamba amanga besho yonke inhlobo yento embi ngani ngenxa yami. Jabulani nigxumagxume ngenjabulo, njengoba umvuzo wenu umkhulu emazulwini.” (Mathewu 5:11, 12) Ngakho, ngisho nangaphansi kokuhlaselwa okunzima kunakho konke, amaKristu agcotshiwe ama aqine. Noma yini abaphikisi bawo abangayisho, ayazi ukuthi uNkulunkulu uthé alungile. Phambi kwakhe ‘awanasici futhi awanacala.’—Kolose 1:21, 22.
20. (a) Obani abasekela amaKristu agcotshiwe, futhi yini abaye babhekana nayo? (b) AmaKristu agcotshiwe ‘nezinye izimvu’ baluthola kanjani ulimi lwabafundisiweyo?
20 Namuhla amaKristu agcotshiwe asekelwa “isixuku esikhulu” ‘sezinye izimvu.’ Naso simelela ukulunga. Ngenxa yalokho, siye sahlupheka kanye nabafowabo abagcotshiwe futhi siye ‘sageza izivatho zaso sazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.’ UJehova uthé lesi sixuku silungile ngenjongo yokuba sisinde “osizini olukhulu.” (IsAmbulo 7:9, 14, 15; Johane 10:16; Jakobe 2:23) Ngisho noma abaphikisi baso bengabonakala benamandla okwamanje, isiprofetho sika-Isaya sithi ngesikhathi sikaNkulunkulu esifanele, labo baphikisi bayoba njengengubo edliwe inundu, bayobe befanelwe ukutshingwa. Kungakenzeki lokho, amaKristu agcotshiwe ‘nezinye izimvu’ bazigcina beqinile ngokukhuleka njalo, ngokutadisha iZwi likaNkulunkulu nangokuya emihlanganweni yokukhulekela. Ngaleyo ndlela bafundiswa uJehova futhi bafunda ukukhuluma ngolimi lwabafundisiweyo.
Thembela Egameni LikaJehova
21. (a) Obani abahamba ekukhanyeni, futhi uba yini umphumela kubo? (b) Kwenzekani kulabo abahamba ebumnyameni?
21 Manje phawula umehluko ocacile: “Ubani phakathi kwenu omesabayo uJehova, olalela izwi lenceku yakhe, oye wahamba ebumnyameni obuqhubekayo futhi okungazange kube khona ukukhanya kuye? Makathembele egameni likaJehova futhi ancike kuNkulunkulu wakhe.” (Isaya 50:10) Labo abalalela izwi leNceku kaNkulunkulu, uJesu Kristu, bahamba ekukhanyeni. (Johane 3:21) Abasebenzisi nje kuphela igama laphezulu elithi Jehova, kodwa bayamethemba nalowo obizwa ngalelo gama. Ngisho noma bake bahamba ebumnyameni ngaphambili, manje abasabesabi abantu. Bancike kuNkulunkulu. Kodwa labo abaphikelela nokuhamba ebumnyameni babanjwe ukwesaba abantu. Kunjalo ngoPontiyu Pilatu. Nakuba azi ukuthi uJesu umsulwa kula macala amanga amangalelwe ngawo, ukwesaba kuvimbela lesi sikhulu esingumRoma ukuba sikhulule uJesu. Amasosha angamaRoma ayayibulala iNdodana kaNkulunkulu, kodwa uJehova uyayivusa futhi ayithwese umqhele wenkazimulo nodumo. Kwenzekani kuPilatu? Ngokusho kwesazi-mlando esingumJuda uFlavius Josephus, ngemva kweminyaka emine nje uJesu efile, uPilatu wakhishwa esikhundleni sokuba umbusi waseRoma, kwathiwa akaphindele eRoma ayophendula kabanzi ngamacala amabi kakhulu ayemangalelwe ngawo. Kuthiwani ngamaJuda ábangela ukuba uJesu afe? Ngemva kweminyaka engaphansi kwengu-40, amabutho aseRoma alibhubhisa iJerusalema, abulala izakhamuzi zakhona noma aziyisa ebugqilini. Akubahambeli kahle abantu abakhetha ubumnyama!—Johane 3:19.
22. Kungani kuwubuwula obukhulu ukulindela ukuthola insindiso kubantu?
22 Ayikho into ewubuwula obukhulu njengokulindela ukuthola insindiso kubantu. Isiprofetho sika-Isaya siyachaza ukuthi kungani: “Bhekani! Nina nonke enokhela umlilo, enenza kukhanye izinhlansi, hambani ekukhanyeni komlilo wenu, naphakathi kwezinhlansi enizenze zavutha. Ngokuqinisekile niyothola lokhu kuvela esandleni sami: Niyolala phansi ngobuhlungu bodwa.” (Isaya 50:11) Abaholi abangabantu bayafika badlule. Umuntu onekhono lokukholisa angase ahehe abantu okwesikhashana. Kodwa ngisho nomuntu oqotho kunabo bonke akukungakanani angakufeza. Esikhundleni sokubasa imbuthuma, njengoba abalandeli bakhe belindele, angase akwazi ukubasa ‘izinhlansi’ ezimbalwa nje kuphela, ezikhipha ukukhanya nokushisa okungatheni bese ziyacima. Ngakolunye uhlangothi, labo abathembela kuShilo, uMesiya kaNkulunkulu othenjisiwe, abasoze badumala.
[Imibhalo yaphansi]
a Emavesini okuqala amathathu ka-Isaya isahluko 50, uJehova uchaza isizwe sakwaJuda sisonke ngokuthi singumkakhe, umuntu ngamunye oyisakhamuzi umbiza ngokuthi umntwana.
b Kusukela evesini 4 kuze kube sekugcineni kwesahluko, kubonakala sengathi umlobi ukhuluma ngaye. Kungenzeka ukuthi u-Isaya wahlangabezana nezinye zezilingo akhuluma ngazo kula mavesi. Kodwa ngomqondo ophelele, lesi siprofetho sigcwaliseka kuJesu Kristu.
c Kuyathakazelisa ukuthi kuyi-Septuagint, u-Isaya 50:6 ufundeka kanje: “Nganikela umhlane wami ukuba ubhaxabulwe, nezihlathi zami ukuba zimmukulwe.”
[Isithombe ekhasini 155]
AmaJuda athembele kubabusi abangabantu kunokuba athembele kuJehova
[Isithombe ekhasini 156, 157]
OLwandle Olubomvu, uJehova wavikela abantu bakhe ngokubeka insika yefu phakathi kwabo nabaseGibithe