-
“Ungcwele, Ungcwele, Ungcwele UJehova”INqabayokulinda—2011 | Disemba 1
-
-
UMA ubungakhetha igama elilodwa ongachaza ngalo uJehova uNkulunkulu—ubuntu bakhe—ubungakhetha liphi? Ekhulwini lesi-8 B.C.E., umprofethi u-Isaya wanikezwa umbono lapho ezwa khona izidalwa zomoya zidumisa uJehova, zisebenzisa isici esiyinhloko esichaza ubuntu baKhe—ubungcwele. Lokho u-Isaya akubona nakuzwa kufanele kusishiye sibambe ongezansi futhi kusisondeze kuJehova. Njengoba sihlola amazwi aku-Isaya 6:1-3, zibone ngeso lengqondo ulapho.
-
-
“Ungcwele, Ungcwele, Ungcwele UJehova”INqabayokulinda—2011 | Disemba 1
-
-
U-Isaya akazange nje akhexiswe yilokho akubona kodwa nalokho akuzwa. Amaserafi njengoba akha iqembu labahlabeleli basezulwini, ayakhamuluka. U-Isaya uyabhala: “Elinye lamemeza elinye lathi: ‘Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova wamabutho.’” (Ivesi 3) Igama lesiHebheru elinyushwe ngokuthi “ungcwele” lidlulisela umqondo wokuhlanzeka nobumsulwa. Leli gama libuye lihlanganise “umqondo wokukhululwa ngokuphelele esonweni nokuhlukaniswa kulokho okuyisono.” Kulokho okungenzeka ukuthi kuyingoma eqhubekayo nehlangene, ukuphindaphinda kwamaserafi igama elithi “ungcwele” izikhathi ezintathu, kugcizelela ukuthi uJehova ungcwele ngezinga eliphakeme kakhulu. (IsAmbulo 4:8) Ngakho-ke, ubungcwele, buyisici esiphawulekayo sobuntu bakhe. Selokhu kwathi nhlo, uJehova umsulwa, uhlanzekile futhi akanaphutha.
-