Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Ingabe insali yabagcotshiweyo beNkosi abasemhlabeni iyingxenye yenhlangano kaJehova engokwasezulwini enjengomfazi, “iJerusalema eliphezulu”?
Abagcotshiweyo abasemhlabeni kungase kuthiwe bayingxenye yenhlangano ebonakalayo kaNkulunkulu, umkhaya wakhe wendawo yonke wezidalwa ezihlakaniphile.
Njengabantu “abazelwe ngokusha,” baba amadodana angokomoya kaJehova. (Johane 3:3, 5; Roma 8:15-17) UJehova unguYise. Futhi-ke ‘banomama,’ ngoba umphostoli uPawulu waloba ukuthi “iJerusalema eliphezulu . . . lingumame wethu.” Lokhu kumelwe ukuba kubhekisele enhlanganweni engokwasezulwini yezidalwa zomoya ezithembekile uJehova azibheka ‘njengomfazi’ ongokomfanekiso. (Galathiya 4:26) Lapho amaKristu agcotshiwe emukela umvuzo wawo wasezulwini, eqinisweni athatha indawo yawo kuleyonhlangano yasezulwini.—IsAmbulo 4:4; 14:1-5
Insali egcotshiwe esemhlabeni ayikabi ngokoqobo ingxenye ‘yeJerusalema eliphezulu.’ Kodwa ngenxa yesikhundla sayo esingajwayelekile njengamadodana angokomoya anethemba lokuphila ezulwini, nangenxa yokuthi imelela “umfazi” kaNkulunkulu ongokwasezulwini, ngezinye izikhathi uJehova uyihlanganisa ngendlela engokomfanekiso eziyalweni, eziprofethweni, ezithembisweni, nasemazwini enduduzo abhekiselwe enhlanganweni yakhe engumfazi ezulwini.
Singakufanisa lokhu namazwi ahilela uIsrayeli wasendulo. NgoIsaya, uJehova wachaza owesifazane oboshiwe, osothulini, odinga ukuvuka futhi akhanye. (Isaya 51:9, 14; 52:1, 2; 60:1) Lezozimo azizange zibe khona phakathi kwamadodana kaJehova athembekile angokomoya enza “umfazi” wakhe ongokwasezulwini. Nokho, zazikhona esizweni sakwaIsrayeli. Ngesikhathi amaIsrayeli ekhululwa ebugqilini baseBabiloni ngo-537 B.C.E., avuka, azithuntutha uthuli, futhi aqala ukubonisa ukukhanya kukaJehova. IJerusalema elalakhiwe kabusha (elalimelele isizwe) lalifana nomfazi owayelahliwe kodwa manje owayesemukelwe kabusha futhi wayesezala abantwana, amaJuda ayeseyisizwe esivusiwe. (Isaya 54:1-8; 60:1-22; 66:7-14) Ngakho amazwi akuIsaya achaza isimo ‘sowesifazane’ (lowo “umyeni” wakhe onguJehova) esenzeka esizweni sasemhlabeni esimelela yena.
Manje ake silethe ukunakekela kwethu esizweni esingokomoya leso uNkulunkulu ayosemukela uma yena (‘nomfazi’ wakhe ongokwasezulwini) eyeka ukusebenzisa uIsrayeli ongokwenyama. (Galathiya 6:16) Ngemva kokuba “inyumba” emakhulwini amaningi eminyaka, “iJerusalema laphezulu” laqala ukuzala amadodana angokomoya. UJesu wayengowokuqala owazalwa, ngo-29 C.E., walandelwa ngabanye abayizi-144 000, kuqala ngabaphostoli futhi kwehlele njalo esikhathini sethu. (Galathiya 4:21-31) Ngesikhathi esifushane engxenyeni yokuqala yalelikhulu, insali yamaIsrayeli angokomoya yangena ekucindezelekeni futhi yaphuma, ngomqondo ongokomfanekiso, ebugqilini. Khona-ke, ngo-1919, yakhishwa ebugqilini baseBabiloni njengesizwe esizelwe kabusha ezweni elingokomoya. Ngakho-ke, singabona ukuthi amazwi kaIsaya angokwesiprofetho ngokuqondene neJerusalema lasendulo anokufana okuthile kuIsrayeli ongokomoya.
Futhi, cabangela isAmbulo 12:1-17. Ekupheleni kweZikhathi zabeZizwe ngo-1914, “owesifazane” ongokwasezulwini kaNkulunkulu wazala uhulumeni onguMbuso ‘njengomntwana wesilisa.’ USathane owehlisiwe “wamthukuthelela owesifazane.” Kodwa ukuhlasela kwakhe kwakungabhekiselwe ngokuqondile enhlanganweni kaNkulunkulu engumfazi ezulwini, leyo ayengasakwazi neze ukusondela kuyo. Kunalokho, uSathane walwa “nabaseleyo benzalo yakhe” abamelele owesifazane lapha emhlabeni.
Khona-ke, njengoba kwakunjalo esikhathini esidlule ngoIsrayeli ongokwasemhlabeni, kunjalo nangoisrayeli ongokomoya. Isimo “eJerusalema laphezulu” sibonakala kubantwana bakhe emhlabeni. Ngokunengqondo, iziyalo, ukuqondiswa, induduzo, nezithembiso ezibhekiswa kowesifazane kaJehova ongokwasezulwini, zithinta ngokuyinhloko labo abasemhlabeni abamelela owesifazane labo futhi abanethemba lokuba yingxenye yenhlangano kaNkulunkulu engokwasezulwini.
◼ Ingabe labo ‘besixuku esikhulu’ baba yingxenye yenhlangano kaJehova yendawo yonke?
Manje, ngaphambi ‘kosizi olukhulu,’ bonke oFakazi BakaJehova ngenjabulo bakhonza uNkulunkulu ngobunye. (Mathewu 24:21) Akukho kwehlukana okubangelwa ukuthi inani elincane ligcotshwe ngomoya futhi libheke phambili ekuyeni ezulwini, kuyilapho iningi linethemba lokuphila okuphakade epharadesi lasemhlabeni. Njengoba uJesu abonisa, kokubili “izimvu” kanye “nezinye izimvu” kuyahlangana “kube-mhlambi munye.” (Johane 10:11, 16) Khona-ke, inhlangano ekhona yezinceku zikaJehova yenziwe ilabo abavela kuwo omabili amaqembu, anenjongo efanayo.
UJehova wabona kusengaphambili ukuthi owesifazane wakhe wayeyojabulela ukuchuma okunjalo. Wabonisa ukuthi abantu abavela kuzo zonke izizwe, labo abangeyena uIsrayeli ongokomoya, babeyohlanganiswa ndawonye ngamanani amakhulu. (Isaya 60:1-22; 61:5-9) Incwadi yesAmbulo ichaza “isixuku esikhulu ebesingenakubalwa-muntu, sivela kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu.” Laba yilabo abanamathemba asemhlabeni, akubona labo besizwe esingokomoya sabagcotshiweyo abamelela ngokuqondile inhlangano kaJehova yendawo yonke namuhla. Futhi, “isixuku esikhulu” simi ngaphambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu sembethe izingubo ezenziwe zaba-mhlophe egazini leWundlu. Yeka ukuma okuhle esinakho ngisho kwamanje!—IsAmbulo 7:9-17.
Laba ‘besixuku esikhulu’ nabo ubuqotho babo buyavivinywa. Ukuqhubeka kwabo bethembekile manje kuqhubeke kuze kube ngalé kokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane nasovivinyweni lokugcina kuyophumela ekuphawulweni kwabo uJehova njengabalungile njengabantu abaphelele, kanye nabavusiwe abayoba yingxenye ‘yezinye izimvu’ zikaJesu. Khona-ke ‘bekhululiwe ebugqilini bokubhubha,’ bayojabulela ‘ukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu.’ (Roma 8:21) Ngalesosikhathi bayoba, njengoba kwakunjalo ekuqaleni ngoAdamu noEva, yingxenye ebonakalayo yenhlangano kaJehova yendawo yonke. Bayoba yinzalo ephelele, ehlakaniphile kaJehova nenhlangano yakhe engumfazi ezulwini.