-
UJehova Wenza Abantu Bakhe Babe Bahle NgokukhanyaINqabayokulinda—2002 | Julayi 1
-
-
4, 5. (a) UJehova uthi makenzeni owesifazane, futhi uthembisani? (b) Isahluko 60 sika-Isaya sinakuphi ukwaziswa okujabulisayo?
4 Amazwi okuqala ka-Isaya 60 abhekiswe kowesifazane osesimweni esidabukisa kakhulu—usebumnyameni, ulele já phansi. Kungazelelwe, ukukhanya kuhlaba ebumnyameni, uJehova abese ememeza: “Vuka ukhanye [“wena wesifazane,” NW], ngokuba ukukhanya kwakho kuyeza; inkazimulo kaJehova iphumela phezu kwakho.” (Isaya 60:1) Sesifikile isikhathi sokuba lona wesifazane asukume abonakalise ukukhanya kukaNkulunkulu, inkazimulo yaKhe. Ngani? Impendulo siyithola evesini elilandelayo: “Bheka, ubumnyama buyasibekela umhlaba, nesigayegaye abantu; kepha uJehova uyaphuma phezu kwakho, nenkazimulo yakhe iyakubonakala phezu kwakho.” (Isaya 60:2) Lapho lona wesifazane ewulalela umyalo kaJehova, uyaqinisekiswa ukuthi kuyoba nomphumela omuhle. UJehova uthi: “Izizwe ziyakuhamba ekukhanyeni kwakho, namakhosi ekukhazimuleni kokuphuma kwakho.”—Isaya 60:3.
5 La mazwi ajabulisayo akula mavesi amathathu ethula futhi afingqe konke okuqukethwe u-Isaya isahluko 60. Abikezela lokho okuzokwenzeka kowesifazane ongokwesiprofetho, achaze nokuthi singahlala kanjani ekukhanyeni kukaJehova naphezu kobumnyama obukhungethe isintu. Kodwa isho ukuthini imifuziselo ekula mavesi amathathu okuqala?
6. Ubani owesifazane okukhulunywa ngaye ku-Isaya isahluko 60, futhi umelelwa ubani emhlabeni?
6 Owesifazane okukhulunywa ngaye ku-Isaya 60:1-3 yiSiyoni, inhlangano kaJehova yasezulwini yezidalwa zomoya. Namuhla, iSiyoni limelelwa insali ‘ka-Israyeli kaNkulunkulu’ emhlabeni, ibandla lomhlaba wonke lamaKristu agcotshwe ngomoya, anethemba lokubusa noKristu ezulwini. (Galathiya 6:16) Lesi sizwe esingokomoya sigcina sinamalungu angu-144 000, futhi ukugcwaliseka kwanamuhla kuka-Isaya isahluko 60 kugxile kulabo abaphila emhlabeni phakathi ‘nezinsuku zokugcina.’ (2 Thimothewu 3:1; IsAmbulo 14:1) Kuningi esikushoyo lesi siprofetho nangabangane bala maKristu agcotshiwe, “isixuku esikhulu” ‘sezinye izimvu.’—IsAmbulo 7:9; Johane 10:16.
-
-
UJehova Wenza Abantu Bakhe Babe Bahle NgokukhanyaINqabayokulinda—2002 | Julayi 1
-
-
8. Yiluphi ushintsho olukhulu olwenzeka ngo-1919, futhi kwaba namuphi umphumela?
8 Kodwa ngonyaka ka-1919 kwenzeka ushintsho olukhulu. UJehova walikhanyisela iSiyoni! Abaseleyo baka-Israyeli kaNkulunkulu basukuma babonakalisa ukukhanya kukaNkulunkulu, baphinde baqala ukumemezela izindaba ezinhle ngesibindi. (Mathewu 5:14-16) Ngenxa yentshiseko entsha yala maKristu, nabanye badonselwa ekukhanyeni kukaJehova. Laba ababesanda kufika bagcotshwa njengamalungu okwenezela ku-Israyeli kaNkulunkulu. Ku-Isaya 60:3 babizwa ngamakhosi, ngoba bazoba izindlalifa kanye noKristu eMbusweni kaNkulunkulu wasezulwini. (IsAmbulo 20:6) Kamuva, isixuku esikhulu sezinye izimvu saqala ukudonselwa ekukhanyeni kukaJehova. Lezi “izizwe” okukhulunywe ngazo esiprofethweni.
-